Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w83 2/15 k. 29
  • Ngoba U“yebo” Waba Uyebo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ngoba U“yebo” Waba Uyebo
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
  • Indaba Ethi Ayifane
  • “Emlonyeni Wezingane”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
w83 2/15 k. 29

Ngoba U“yebo” Waba Uyebo

Enxusa ukuba neqiniso, uJesu Kristu wake wathi, “Izwi lenu malibe-ngelokuthi: Yebo, yebo.” (Mathewu 5:37) Ngokulandela lesiseluleko, nangokuqaphela amathuba okuhlanganyela isigiji mi seBhayibheli nabanye, amaKristu angase abe nokuhlangenwe nakho okuvuzayo. Lokhu kuboniswa yilombiko olandelayo ovela ezweni elisempumalanga-Yurophu:

Lapho ependa amakamelo ambalwa owesifazane othile, omunye woFakazi BakaJehova wakhuluma ngoJehova uNkulunkulu, injongo yaKhe emangalisayo yesikhathi esizayo ngesintu nezinye izindaba ezingokomBhalo. Kodwa uFakazi akakwazanga ukulungiselela impindelo futhi wamangala ukuthi yini eyayivimbela lowesifazane, njengoba ayemazi ukuthi ungumuntu onomusa futhi othobekile.

UFakazi uyabika: “Lapho ngiqeda umsebenzi wami, wangikhokhela futhi wangicela ukuba ngimsize abuyisele ifenisha emakamelweni, njengoba wayengenamuntu owayengamsiza. Ngathembisa ukubuya ngawo-9 ebusuku ngizomsiza.” Wabuya ngalobo busuku, eza nomsizi, enye indoda eyayingomunye woFakazi BakaJehova. Lamadoda amabili kwawathatha imizuzu eyishumi kuphela ukubuyisela ifenisha. Khona-ke axoxa kafushane nowesifazane ngombuso kaNkulunkulu nezibusiso zawo, base behamba.

Eminyakeni emibili kamuva, lowesifazane wacela futhi uFakazi ukuba ampendele amakamelo akhe. Ebhala igama lakhe nekheli, wabuza ukuthi wayeke wacabanga yini ngezinto zeBhayibheli ayemtshele zona. Waphendula: “Yebo, futhi sengibhapathiziwe.” Ebuzwa ukuthi kwenzeka kanjani lokho, waphendula:

“Ngempela wangitshela izinto eziningi ezinhle ezivela eBhayibhelini futhi ngakuthanda owangitshela khona. Nokho, angikuthathanga ngokungathi sína. Kodwa lapho uthembisa ukubuyisela ifenisha, ngacabanga: Uma lendoda iligcina izwi layo, khona-ke ngokuqinisekile iyinceku kaNkulunkulu. Lapho usubuya ngisho nomsizi, futhi ungathathi-mali ngalokho, nganquma ukuzigcina ngimatasatasa ngokungathi sína ngeBhayibheli. Ngemva kwezinsuku ezimbili noma ezintathu ngaya emakethe. Lapho ngahlangana nofakazi kaJehova owayeseke wakhuluma nami ngeBhayibheli izikhathi eziningana. . . . Isikhashana kamuva lowesifazane waqala isifundo seBhayibheli nami, futhi ezinyangeni eziyisishiyagalombili ngemva kwalokho ngabhapathizwa.”

Ngakho-ke kwenzeka kanjalo ukuba lowesifazane abhapathizwe ekubonakaliseni ukuzinikezela kwakhe kuNkulunkulu. Manje naye, wayesengomunye woFakazi BakaJehova. Lokhu kwenzeka ngoba umKristu wayegcine izwi lakhe. U“Yebo” wakhe waba uYebo.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela