Amaketango Okukholelwa Ezeni
INGABE ukholelwa ezeni? Uma kunjalo, awuwedwa. Omunye umcwaningi wathola izinkolelo eziningi eziyize ezihlukene ezingaphezu kwezinkulungwane ezingamakhulu amane kuzo zonke izingxenye zezwe. Iqiniso lokuthi amahhotela amaningi awanaso isitezi se-13, noma ukuthi abantu bazama ukugwema ukuhamba ngaphansi kweladi noma ukuvumela amakati amnyama anqamule phambi kwabo, libonisa ukuba khona kokukholelwa ezeni ezweni laseNtshonalanga. Ithonya elifanayo elibulalayo lokukholelwa ezeni lisobala eAfrika, njengoba okuhlangenwe nakho okulandelayo kubonisa.
Cishe eminyakeni engama-20 edlule umyeni kaWawa wafa ngemva kokugula isikhathi eside. Ezinsukwini ezintathu ngemva kokufa kwakhe, uWawa walala phansi emhlabathini eduze nocansi ayefele kulo ekhala futhi elila, kanti abantu abaningi ababekhala, belila, besina futhi bephuza babenomlindelo kamufi eceleni kwakhe. Abaningi abalilayo babelibaziseke kangangokuba baphuthelwa ukulala nomsebenzi. Ngani? Babefuna ukubonisa umoya wendoda efile nomkhaya wayo ukuthi bebengabangane bayo.
Ukuphila Ngokwesaba Abafileyo
Ngosuku lwesithathu isidumbu sayiswa emathuneni, futhi wonke umuntu wahamba naso. Ibhokisi lehliselwa emgodini kwase kuphonswa amatshe amancane namagabade. Ngani? “Ukuze kuvaleliswe umoya womyeni wami,” kusho uWawa. Khona-ke, ngaphambi kokuba ithuna ligqitshwe, uWawa wafunga phambi kwawo wonke umuntu ukuthi ubengothembeke ngaso sonke isikhathi endodeni yakhe. “Uma kungenjalo,” washo, “umoya wakhe mawungishaye ngife.” Kusukela manje kuye phambili ukuphila kukaWawa kwakuzobuswa ukwesaba kwakhe umoya wendoda yakhe efile.
Umkhaya wendoda yakhe wawulokhu umtshela ukuthi: “Uma wenza noma yini ekirikiri [“ebhedayo,” ngolimi lwesiSango] umoya wakhe uyobuya ukubulale.” Ukuze abonise ukuthi wayeyithanda ngempela indoda yakhe, akazange awugeze umzimba ngokugcwele izinyanga ezintathu, wayefaka ingubo elulana futhi elala ocansini lwelala endaweni engcolile. UWawa wakholelwa ukuthi umyeni wakhe ofile wayebheke noma yini ayeyenza. Indoda ayeyithanda yabonakala isiyisitha sakhe esibi kakhulu.
Ezinye izizwe zifuna ukuba umfelokazi ozilile aphathe ummese ukuze ahebeze ukuhlasela komoya wendoda efile. Akumelwe abheke umlilo uma okhela ngoba wesaba ukuthi angase ayibone. Uvuka ngehora lesithathu noma lesine ekuseni akhale futhi alile ukubonisa ukuthi usayithanda. Uphakela yona kuqala kukho konke ukudla ngokuphonsa okunye emhlabathini.
Ekupheleni kwezinyanga ezintathu umkhaya wendoda wayisa uWawa ezingwini zomfula oseduzane futhi waphonswa emanzini. Lokhu kwakuwuphawu lokuthi, njengoba ayelile ngokwanelisayo, wayehlanzekile kunoma imiphi imimoya emibi. Abanye bathi lokhu kubonisa futhi ukuthi wayengenacala ngokufa kwendoda yakhe.
Kodwa Kungani Afa?
Ezingqondweni zabantu abaningi kulezizingxenye zezwe, akekho ozifelayo nje. Indoda efile kumelwe ukuba ife ngenxa yenzondo yomuntu noma ngokuthile okungesikho okwemvelo. Ngakho-ke, abasemzini kaWawa abazange bamsize kukho konke ukuhlupheka kwakhe. Ngokushesha ngemva kokufa kwendoda yakhe, umfowabo kamufi omncane wambhokela ngolaka: “Umnikeze umuthi wentando, kodwa uwuthele kakhulu wase umbulala!” Abanye bambeka icala: “Umthakathile yikho efile.”
Ngemva kwe“hlambo” ngenyanga yesithathu, ukukhathaza kwabo kwanda. Wayephoqelelwa njalo ukubanikeza imali, ukudla noma utshwala. UWawa okhathazekile wazikhalela: “Yimina engisweleyo. Kungani kumelwe ngilokhu nginikeza umkhaya wendoda yami lezizinto?” Nokho, akabanga nasibindi sokwenqaba, ngokwesaba umoya wendoda yakhe.
Ekugcineni, ngemva kweminyaka emibili egcwele ukwesaba, isikhathi sokuzila sikaWawa saphela. Wanikezwa ithuba lokungenwa umfowabo omdala wendoda yakhe, futhi bese kuba abafowabo bomufi abancane. Lapho enqaba konke lokho, wakhululeka ukuba abuyele kubo. Kodwa, ngisho nalapho, uWawa wakholelwa ukuthi indoda yakhe efile yayifuna amathuba okuba imlimaze.
Into edabukisayo ukuthi konke ukwesaba kukaWawa kwakungenasisekelo sangempela. Ayikho “imimoya yabafileyo” ebuya izolimaza abathandekayo bayo. IBhayibheli lisitshela ukuthi abafileyo ‘behlela ekuthuleni.’ Eqinisweni, abafileyo “abazi-lutho, . . . uthando lwabo, nokuzonda kwabo, nomhawu wabo sekuphelile.”—IHubo 115:17; UmShumayeli 9:5, 6.
Ngenhlanhla, uWawa uye wakufunda lokhu. Uyazi manje ukuthi ukwesaba kwakhe kwakungenangqondo, kuwukukholelwa ezeni futhi kwakungenaso noma yisiphi isisekelo. Kodwa izigidi eziningi zisenalokhu kwesaba. Kungani? Yini lena ebophela abantu emaketangweni okukholelwa ezeni? Ingabe lawomaketango anganqanyulwa?
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 4]
Ngemva kokufa komyeni kaWawa, umfowabo kamufi omncane wambhokela ngolaka: “Umnikeze umuthi wentando, kodwa uwuthele kakhulu wase umbulala!”