Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w83 2/1 k. 30
  • Ingabe Uyakhumbula?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Uyakhumbula?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukubolekana Kwabangane
    I-Phaphama!—1999
  • Ukubolekisana Ngemali Nothando LobuKristu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
  • Ingabe Kufanele Ngiboleke Imali?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2014
  • Ingabe Uyakhumbula?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
w83 2/1 k. 30

Ingabe Uyakhumbula?

Ingabe uye wabacabangela ngokunakekela omagazini bamuva be“Nqabayokulinda?” Uma kunjalo, khona-ke uzowakhumbula amaphuzu alandelayo athakazelisayo:

□ Kungani uMthandazo kaJesu oyisibonelo ufana netshe eliyigugu?

Ukubaluleka kwawo kuphakeme kakhulu. Isici sawo ngasinye sicwazimula ngobuhle bawo. Ukubaluleka kwawo akuphuphanga.—10/1, k. 3

□ Uma inceku ezinikezele kaJehova ihlehlela emuva ebandleni, ingabe kunokwenzeka ngayo ukuba ibuye yamukele umusa kaNkulunkulu?

Yebo, lokho kunokwenzeka. Uma umuntu oye wayeka ukuhlanganyela nebandla enomuzwa wokuba necala nokuphazamiseka enhliziyweni, lokho kufakazela ukuthi akayanga kude kakhulu ukuba uNkulunkulu amthethelele izono zakhe. Imifanekiso kaJesu etholakala kuLuka isahluko 15 ibonisa isithakazelo uNkulunkulu, iNdodana yakhe, izingelosi nabafowabo abangokomoya bonke abanaso ekuzuzeni umuntu onjalo.—10/15, kk. 26-30.

□ Luyoba njani uSuku Lokwahlulela?

USuku Lokwahlulela luyothatha iminyaka eyinkulungwane. Umahluleli, uKristu Jesu, uyokwahlulela ngokulunga nangokufaneleyo. (Isaya 11:3-5) Okokuqala, abantu bayosebenza ndawonye ekwenzeni lomhlaba ipharadesi elilungele ukwamukela abafileyo abayovuswa. Okulandelayo, labo abayovuswa bayokwahlulelwa ngokwalokho abakwenzayo phakathi noSuku Lokwahlulelwa—hhayi ngokwalokho abakwenze esikhathini esidlule. Labo abakhetha ukukhonza uJehova bayozuza ukuphlla okuphakade. Lokhu kwenza uSuku Lokwahlulela lube olujabulisayo.—11/1, kk. 22-23.

□ Kukanjani incwadi yezEnzo iyinzuzo evelele kumaKristu namuhla?

Incwadi yezEnzo iqokomisa ithemba elihle lombuso futhi ibonisa indlela amaKristu akuqala ashukunyiswa ngayo ukuba ofakazi abanesibindi bakaJehova neNdodana yakhe, uJesu Kristu. Lokhu kumelwe kushukumise amaKristu namuhla ukuba enze ngendlela efanayo futhi angesabi lapho efakaza ngokholo lwawo embusweni kaNkulunkulu.—12/1, kk. 18-21.

□ Yini engase ibangele ukuphila komkhaya okujabulisayo namuhla?

Injabulo yomkhaya ingatholwa uma ilungu ngalinye lomkhaya lifunda futhi lisebenzisa iseluleko sikaNkulunkulu esitholakala encwadini yakhe yomshado, iBhayibheli.—1/1, kk. 3-8.

□ Yini ehileleke ekubeni umakhelwane omuhle?

Umakhelwane omuhle udinga ukuba ocabangelayo, onokuqonda futhi abonise ukukhathalela kobungane kubo bonke, ikakhulukazl lapho ebona othile osweleyo. (Luka 10:29-37) Ngakolunye uhlangothi, ukuhlakanipha nokulinganisela kuyadingeka ukuze sigweme ukuvakasha okweqile, okungase kuholele ekuhlebeni. (1 Thim. 5:13)—9/1, kk. 5-7.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela