Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w83 2/1 k. 27
  • Ukholo Lwakhe Lwalungenakunyakaziswa

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukholo Lwakhe Lwalungenakunyakaziswa
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
  • Indaba Ethi Ayifane
  • 1 Cela Usizo
    I-Phaphama!—2012
  • Ababona Abenzi Bemilingo Noma Onkulunkulu
    I-Phaphama!—1994
  • “Ngigcinile Ukukholwa”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
  • Intsha ‘Enamandla Angaphezu Kwavamile’
    I-Phaphama!—1994
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
w83 2/1 k. 27

Ukholo Lwakhe Lwalungenakunyakaziswa

Eminyakeni emibili uRenata oneminyaka eyi-14 ubudala waseBrazil wayephethwe ikhensa yamathambo edolweni lakhe langakwesobunxele. Ukunqunywa nokwelashwa ngecobalt kwamane nje kwahlehlisa ukufa kwakhe. Unembeza kaRenata wobuKristu wawungenakumvumela ukuba ampontshelwe igazi, naphezu kokunxusa kukadokotela ukuba limpontshelwe. Ngaphambi kokungena kwakhe kokugcina esibhedlela, udokotela nonesi baya kubo kaRenata beyombona.

“Ngiyavuma ukubuyela esibhedlela uma uDr. —— engithembisa ukungayithinti indaba yokufaka igazi futhi. Ngikhathele ukuhlangabezana naleyompikiswano,” kusho uRenata.

Udokotela wavuma futhi wanezela ukuthi, ngisho nakuba uRenata ayephila emizuzwini yakhe yokugcina, ukholo lwakhe lwalungenakunyakaziswa.

Phakathi nezinyanga eziyisishiyagalombili zokugcina uRenata wayengakwazi ukulala ngenxa yobuhlungu obukhulu. Lapho kufika isikhathi somhlangano woFakazi BakaJehova, wakhala futhi wathi: “Ukuba bengingakwazi ukukhuluma nawo wonke umuntu bengingathi, ‘Sebenzisani imilenze yenu ngangokunokwenzeka. Mhlawumbe kusasa niyobe ningakwazi ukuhamba nisebenzele uJehova. Ningalahlekelwa yimihlangano yenu!’”

Imithandazo kaRenata yayiqinile. Ngolunye usuku unina kwenzeka wamuzwa ethandaza: “Jehova, ngiyazi ukuthi ngeke ngibe ngcono futhi. Odokotela bahlulekile ukungelapha, kodwa Wena ungangelapha. Kodwa ngiyazi ukuthi akukakabi yisikhathi sakho; kuphela oHlelweni Olusha. Kodwa ngicela ukuba ungavumeli ukuba ngivuvukale; ngaphandle kwalokho, umama ngeke akwazi ukungiyisa ekamelweni lokugezela.”

Uma abanye, kuhlanganisa nonina, bekhala phambi kwakhe, uRenata wayebakhuthaza ukuba baqine okholweni. Unina uyabhala: “Kodwa ngiyakhumbula ukuthi ngolunye usuku ngemva kokunqunywa umlenze, unesi wathi kuRenata, ‘Kungani wena uqine kanje etafuleni lokuhlinza? Kuyinto enhle ukuthi uzothola umlenze wokwenziwa, akunjalo’? URenata waphendula, ‘Cha, ngilindele ukuba nowenyama negazi, uJehova uNkulunkulu ayonginikeza wona oHlelweni Olusha.’”

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 27]

Ngesikhathi esesibhedlela, uRenata wakhuthaza: “Ningalahlekelwa yimihlangano yenu!”

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela