Umqondisi Owusizo Wentsha
Ubusha Bakho—Ukuthola Okungcono Kakhulu Kubo
Incwadi Ubusha Bakho—Ukuthola Okungcono Kakhulu Kubo iye yahanjiswa ngokumangalisayo ngeziboniselo ezingaphezu kwezigidi eziyishumi nesishiyagalombili phakathi neminyaka eyisithupha edlule. Ngani? Ukukhulumela komunye umfundi wayo kunikeza umqondo. Waloba:
“Kusobala eningini lethu ukuthi intsha inezilingo eziningi nezinqumo ezinzima okumelwe ibhekane nazo. Ngokuvamile abazali nabo badideke kakhulu maqondana nendima yabo futhi bantula umthombo wokwazisa nokubaqondisa. Ngisanda kufunda nje incwadi Ubusha Bakho, Ukuthola Okungcono Kakhulu Kubo, ekhishwa oFakazi BakaJehova eneseluleko esihle kakhulu kubantu bazo zonke izinkolo. . . . ‘Angivumelani’ naleyonkolo ngokuphelele, kodwa lapho inokuthile okuhle kokukunikela, ngikholwa ukuthi kuwukuhlakanipha ukuzuza kukho.”
Ungazitholela lomqondisi owusizo, Ubusha Bakho—Ukuthola Okungcono Kakhulu Kubo, ngokugcwalisa futhi uthumele ikhuphoni elingezansi.
Sizani ningithumelele, incwadi enamakhasi ayi-192 enoqwembe oluqinile, Ubusha Bakho—Ukuthola Okungcono Kakhulu Kubo. Ngithumela u-90c.