Imfundo—Lokho Ekufunayo, Nalokho Ekunikelayo
UNGATHANDA yini ukuba abantwana bakho bathole imfundo enhle? ‘Yebo,’ uyasho. ‘Imfundo enhle ihlomisela umuntu ukuphila okungcono. Umuntu ofundile unamathuba amaningi kunalowo ofunde kancane.’ Lokhu kuyiqiniso. Abazali abangamaKristu, kanye nabanye, bafuna ukuba abantwana babo bathole imfundo engcono kakhulu engatholakala.
Kodwa ingabe “imfundo engcono kakhulu engatholakala” ihilelani? UmKristu uyazi ukuthi ihilela kokubili imfundo yezwe nengokomoya. Imfundo engokomoya iyaqhubeka kukho konke ukuphila kwethu, kodwa kumelwe iqhubeke kangakanani imfundo yezwe? Ingabe kumelwe umKristu osemusha aneliswe nje imfundo yezwe eyisisekelo? Noma ingabe kumelwe aye ekholiji noma eyunivesithi? Lona akuwona umbuzo olula ukuwuphendula ngoba, nakuba yonke imfundo inikeza izinzuzo, futhi iyizindleko ezithile. Ngayiphi indlela?
Imfundo Eyisisekelo
Imfundo iqala ngaphambi kokuba umntwana aye esikoleni. Umzali ohlakaniphile owumKristu uqeqesha umntwana kusukela ebuntwaneni. Kumelwe aqeqeshwe ngani? Umphostoli uPawulu wakhumbuza uThimothewu ngokuthi wayeqeqeshwe “kusukela ebuntwaneni” ukuba azi “imibhalo engcwele,” ingxenye yeBhayibheli eyayikhona ngalesosikhathi. (2 Thimothewu 3:15) Ngakho-ke, abazali bangaqeqesha abantwana babo ngoJehova uNkulunkulu, uJesu Kristu, ukubaluleka kombuso kaNkulunkulu, nangamanye amaqiniso angokomBhalo, lapho abantwana besebancane.
Uma umntwana omncane ekwazi ukufunda lezizinto, khona-ke ngokusobala angaqala ukufunda nokubhala, futhi abazali abahlakaniphile bazinikeza isikhathi sokufundisa ngalokhu. Ngakho-ke, imfundo yomntwana kumelwe iqale esemncane.
Ingabe lokhu kubiza okuthile? Kubiza imali encane kakhulu, kodwa kufuna isikhathi esengeziwe namandla. Nokho, kuwufanele umzamo. Ngenjalo imfundo yokuqala, umntwana angathuthukisa uthando oluvela enhliziyweni ngoJehova futhi ngokushesha athuthukise amakhono ayisisekelo okufunda.
Emazweni amaningi umbuso ulungiselela imfundo yezwe eyisisekelo ngabantwana lapho beba neminyaka eyisithupha ubudala. Ngisho nakuba lemfundo ikhokhelwa kakhulukazi ngemali yentela, kungase kube khona okunye ukulahlekelwa okuhilelekile. Amathonya abazali abangakwazi ukuwaqondisa aqala ukushintsha ukucabanga komntwana. Ngokokuqala ekuphileni kwakhe, umntwana uyehlukaniswa nabazali bakhe amahora athile ngosuku. Angase ahlangane nabantwana abangazange bafundiswe ngokuqinisekile ngezindlela zobuKristu, ngakho-ke, abazali bakhe kumelwe baqiniseke ukuba angakukhohlwa ukuqeqeshwa kwasekuqaleni.
Ingabe kufanelekile lokho ngenxa yemfundo? Abazali abaningi bacabanga kanjalo. Ezikoleni, abantwana bathola imfundo ebanzi nolwazi oluhlukahlukene. Bangase futhi baqale ukufunda amakhono ayoba usizo kukho konke ukuphila. Futhi nakuba behlala ekhaya, banethuba lokubonisa uthando lwabo ngoJehova bengekho emehlweni abazali babo abababhekile.
Nokho, kukhona inani abazali abangamaKristu abahlakaniphile abangafuni ukulikhokha. Ababacindezeli abantwana babo ukuba batadishe kanzima kangangokuba babe nesikhathi esincane noma bangabi namandla noma isikhathi esisalele ukutadisha “imibhalo engcwele” noma sokukhonza uNkulunkulu. Kungani? Ngoba, nakuba imfundo yezwe inokubaluleka okuthile, imfundo esekelwe ‘emibhalweni engcwele’ kuphela engenza umuntu ‘ahlakaniphele ukusindiswa.’ (2 Thimothewu 3:15) Ikuphi okubaluleke kakhulu: imfundo yezwe ehlomisela umuntu iminyaka embalwa yokuphila? noma imfundo elungiselela umuntu ukuphila okuphakade?
Amakholiji Namayunivesithi
Emazweni amaningi, ngemva kwemfundo yasesikoleni sabaqalayo intsha ngokuvamile iqhubekela emfundweni ephakeme. Kuleliqophelo abazali abaningi abangamaKristu, bekhumbula indlela uJesu aqeqeshwa ngayo ukuba abe umbazi, bakhuthaza abantwana babo ukuba bathole uhlobo oluthile lokuqeqeshelwa umsebenzi. (Marku 6:3) Bayazi ukuthi lapho intsha ikhula, iyoba nemithwalo yemfanelo, futhi manje kuyisikhathi esihle sokuqala ukuyihlomisela yona.—1 Thimothewu 5:4, 8.
Abanye abazi noma kumelwe bathumele abantwana babo emfundweni yaseyunivesithi noma cha. Ngani? Ezweni elimpofu, imfundo yaseyunivesithi ingase ibonakale iyindlela engcono yokuqhubekela phambili. Ingase ibonakale inikeza ukulondeka okungokwezimali ngisho nokungaphezulu. Umfundisi waseNigeria wathi: “Obaba . . . bafuna ukuba abantwana babo babe odokotela abelaphayo, onjiniyela, abaklami, ababali bama-akhawundi ukuze bakhuphule isimo sezenhlalo semikhaya yabo.”
Nokho, ingabe lezi ziyizinto umzali ongumKristu okumelwe azibeke kuqala lapho ehlela imfundo yomntanakhe? Abazali abaningi abacabangi kanjalo. Bakhetha ukuhlola ezinye izindlela ukuze balungiselele abantwana babo ukuphila. Ngani? Ngoba izinzuzo zemfundo yaseyunivesithi ngokuvamile azilifanele inani.
Inani
INigeria Daily Times yabhekisela enanini elingokwezimali: “Imiphakathi iye yakhokha . . . kanzima; abazali baye badela ukunethezeka futhi ngezinye izikhathi izinto ezidingeka kakhulu, kulapho intsha ethola imali enhle iye yanikela ngengxenye enkulu yemali eyitholayo ukuze bonke baqiniseke ngokuthi abantwana babo, labo ababanakekelayo nabo ngokwabo bathola izithelo ezinhle emfundweni ephakeme.”
Ingabe kungaba ukuhlakanipha ngabazali abangamaKristu ukwenza ukuzidela okunjalo kokuthumela abantwana babo eyunivesithi? Mhlawumbe ungakwazi ukukhokha. Likhona yini elinye inani okumelwe licatshangelwe? Ngokuvamile, kunjalo. Ngokwesibonelo, abazali bensizwa ethile bayivumela ukuba iye eYurophu eyunivesithi. Ingabe ukuya kwayo lapho kwaholela ekulondekeni okungokwezimali, noma kwaphakamisa isimo somkhaya wakubo emuva ekhaya? Cha. Ngenxa yokukhuthazwa “abangane” bayo abasha eyunivesithi, yasebenzisa imilaliso futhi yabulawa ukuyisebenzisa ngokweqile. Omunye omusha waseAfrika waya eyunivesithi eUnited States. Wabuyiswa ekhaya kucatshangelwa ukuthi ulimele ubuchopho, ngenxa yemilaliso notshwala. Yeka inani elakhokhwa abazali balezizinsizwa!
Abanye abazali abangamaKristu nabo baye bakhokha kanzima. Enye insizwa yangena eyunivesithi ezweni lakubo, kodwa eqhele kakhulu ekhaya. Yayeka ukuhlanganyela namaKristu futhi yayeka ukukhonza uJehova. Zonke izinto eyayizifunde ‘kusukela ebuntwaneni’ yazikhohlwa, futhi manje ize ngisho ingabaze izimfundiso zeBhayibheli.
Ngeshwa, lensizwa ayiyodwa. Kukhona abanye abakhuliswa ngendlela yokukhonza uNkulunkulu kodwa manje abakholelwa ekuziphendukeleni kwemvelo, abangakholelwa ebukhoneni bukaNkulunkulu nabagxeka iqiniso leBhayibheli. Ingabe lokho kungenxa yokuthi iBhayibheli lisephutheni futhi ulwazi lwanamuhla luqinisile? Akunjalo neze. Kungenxa yokuthi babeyizigqila zokuhlasela okuqhubekayo kwemibono yokungamesabi uNkulunkulu ekholiji ngenkathi behlukene namanye amaKristu. Ngenxa yalokho ukholo lwabo lwenziwa buthakathaka futhi ekugcineni lwafa. Into edabukisayo iwukuthi, ngokuvamile abazali babo ababafaka esimweni esinjalo.
“Ukujwayelana nababi konakalisa ukuziphatha okuhle,” kwasho umphostoli uPawulu. (1 Korinte 15:33) Okunye ukujwayelana okuye kwaba kubi kakhulu kumKristu—ngokomoya nangokomzwelo—kuye kwaba sezinkundleni zasemayunivesithi. Okuhlangenwe nakho okungenhla kubonisa lokho okungase kwenzeke lapho abantu abasha abangenakho okuhlangenwe nakho, bekude nemikhaya yakubo, befakwa emphakathini wokuziphatha okubi, osebenzisa kabi imilaliso notshwala, ophendukezelwe, nonemibono yezombangazwe yokuhlubuka. Ingabe ukuphakamisa igama lomkhaya noma ngokunokwenzeka ukuthola umsebenzi okhokhela kangcono kulifanele inani elingase likhokhwe?
Umbono Olinganiselwe
Kodwa kungase kuphikwe, akuyena wonke umuntu oya eyunivesithi olahlekelwa ukholo lwakhe lobuKristu noma obulawa ukusebenzisa kabi imilaliso. Lokhu kuyiqiniso. Abanye abafundi baye baba amalungu awusizo nasebenza kanzima ebandleni lobuKristu. Kodwa cabangela lokhu, kuyiqiniso futhi ukuthi akubona bonke abantwana abadlala emgwaqweni omatasa abayobulawa yizimoto ezidlulayo. Abanye bayosinda baze bakhule. Kodwa ingabe ungavumela abantwana bakho badlale emgwaqweni onezimoto ngenxa yalokho?
Ingabe lokho kusho ukuthi kubi ukuya eyunivesithi? Lokhu okuthile okumelwe kunqunywe umzali ngamunye ngomntanakhe. Nokho, ekwenzeni njalo, kumelwe awacabangele namaqiniso angenhla. Kusenokwenzeka nokuba umfundi afunde ekholiji kodwa ehlala ekhaya. Noma mhlawumbe angahlala nezihlobo eziyoqaphela abangane bakhe futhi zimkhuthaze ngamandla ukuba azigcine eshiseka emithwalweni yakhe yemfanelo yobuKristu. Kodwa uma sicabangela zonke izimo, ingabe kusifanele isikhathi nomzamo? Ingabe kuyomhlomisa kangcono yini umuntu ukuba akhonze uNkulunkulu wakhe?
Abazali abaningi banomuzwa wokuthi izinzuzo ezingase zitholakale ngemfundo yaseyunivesithi azikufanele ukulahlekelwa okwesabekayo okungaba khona, ikakhulukazi lapho abantwana kumelwe baye kwelinye idolobha noma umuzi bengekho ngaphansi kokwaluswa. Kunalokho, baqondisa abantwana babo emsebenzini othile. Ngokwesibonelo, lapho besesikoleni esiphakeme, zikhona yini izifundo zemisebenzi ehlukahlukene ezingasiza omusha ukuba afunde amakhono angamenza akwazi ukuziphilisa ngemva kokuqeda esikoleni? Kwamanye amazwe kukhona izikole ezikhethekile zemisebenzi ezithatha unyaka lapho amakhono engafundwa khona, noma lawo aqala esikoleni esiphakeme angathuthukiswa kakhulu khona.
Abazali abanjalo baye bacabangela futhi ngokungathi sína lokho abafuna abantwana babo bakwenze ekuphileni kwabo. Ingabe bafuna ukuba balethe udumo emkhayeni? ukuba bacebe? noma ukuba banakekele abazali babo lapho sebegugile? Emkhayeni ongenalo ukholo lobuKristu, imigomo enjalo iyaqondakala. Kodwa ngokuqinisekile umKristu unemigomo ephakeme kunaleyo.
Umphostoli uPawulu waxwayisa: “Kepha abafuna ukuceba bayela ekulingweni, nasesihibeni, nasezinkanukweni eziningi zobuwula ezilimazayo, ezishonisa abantu ekufeni nasekubhujisweni.” (1 Thimothewu 6:9) Futhi uJesu waxwayisa: “Ningekhonze uNkulunkulu noMamona.” (Mathewu 6:24) Awuvumi yini ukuthi esinye isizathu sokuba abafundi abaningi baseyunivesithi balahle ukholo lwabo siwukuthi abaningi babo ‘bakhonza iNgcebo,’ noma ‘bafuna ukuceba’? Ngenxa yokwehluleka ukufaka enhliziyweni iseluleko seBhayibheli ngesimo sabo ezintweni ezibonakalayo, bazenza izisulu zokuhlaselwa eminye imiqondo yokuziphatha okubulala ukholo.
Umphostoli uJohane wathi: “Izwe liyadlula kanye nenkanuko yalo; kepha owenza intando kaNkulunkulu uhlala kuze kube-phakade.” (1 Johane 2:17) Uma ukholelwa yilokho, khona-ke uyonikeza umntanakho imfundo eyomhlomisela ngokuyinhloko ukwenza intando kaNkulunkulu. Kodwa, abanye bangase bathi, ‘ukuphila namuhla kunzima, futhi umuntu omusha—ikakhulukazi uma evela emkhayeni ompofu—udinga lonke usizo angaluthola.’ Lokho kuyiqiniso. Kodwa uNkulunkulu uye wasithembisa ukuthi uma sibeka umbuso wakhe kuqala ekuphileni kwethu, zonke izinto esizidingayo ziyokwenezelwa kithi. (Mathewu 6:33) Singalucela yini usizo olungcono kunalolo?
INkosi uDavide, ngaphambi kokuba yinkosi, yaphoqeleleka ukuba iphile njengesibaleki ehlane. Ngakho-ke, wayekwazi ukuthi kusho ukuthini ukuswela. Nokho wathi: “Kade ngimusha, manje sengimdala; angizange ngibone olungileyo eshiyiwe nenzalo yakhe iphanza ukudla.” (IHubo 37:25) UNkulunkulu uyakwazi ukusisiza manje njengoba ayekwazi osukwini lukaDavide uma sibeka umbuso wakhe kuqala ekuphileni kwethu.
Ngokuqinisekile-ke, imfundo engcono kakhulu esingayinikeza abantwana bethu iyolinganisela imfundo engokomoya neyezwe. Imfundo yezwe ibalulekile. Kodwa uma ukuyifuna kusho ukudela izinto ezingokomoya, khona-ke ayilifanele inani. Maqondana nokufundisa abantwana bethu, kuhle ukulandela iseluleko somphostoli uPawulu: “Isikhathi sesinciphile; ngakho emva kwalokhu . . . nabasebenzisa lelizwe babe-njengabangalisebenzisi, ngokuba isimo salelizwe siyadlula.”—1 Korinte 7:29-31.
Imiphumela yemfundo elinganiselwe yenza bonke abazali abangamaKristu bajabule. Abantwana bakhula beqinile okholweni, bedumisa uNkulunkulu futhi bazisa abazali babo. AmaKristu amaningi amasha, akhuliswe ngalendlela, manje akhonza njengabashumayeli besikhathi esigcwele noma izithunywa zevangeli, futhi ukuphila kwawo kuyanelisa ngempela. Yeka indlela abaqhoshe ngayo abazali bawo ngawo! Ngempela ‘akhumbula uMdali wawo Omuhle ezinsukwini zobusha bawo,’ kanjalo-ke abonisa ukholo lwawo kuYe, kunakulelizwe.—UmShumayeli 12:1.
Lapho lesisimiso ekugcineni siphela, intsha eye yamukela futhi yasabela emfundweni elinganiselwe yokwesaba uNkulunkulu iyosinda, kanye nabazali bayo abesaba uNkulunkulu, ukuze imkhonze phakade. Ingabe yilokho okufunela umntanakho? Khona-ke msize ukuba athole imfundo eyomzuzisa phakade.—Johane 17:3.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 11]
Ingabe izinzuzo ezingatholakala zemfundo yaseyunivesithi zilifanele inani elingase likhokhwe?
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 12]
Bazali, yini enithemba ukuthi abantwana benu bayoyenza ngokuphila kwabo?
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 13]
Uma ukulandelela imfundo yezwe kusho ukudela izinto ezingokomoya, akufanelekile