IZwi LikaNkulunkulu Liphilile
UKristu Ubuya Kanjani?
UJESU KRISTU kwadingeka ukuba afe ukuze anikele ukuphila kwakhe kobuntu okuphelele njengesihlengo kithi. Wake wachaza: “Futhi-ke isinkwa engizakusinikela ngenxa yokuphila kwezwe siyinyama yami.” (Johane 6:51) Ngemva kokuba esenikele inyama yakhe kithi, ingabe wayengaphinde ayithathe futhi? Ingabe uJesu uzobuya njengomuntu?
IBhayibheli lithi uKristu ubuya ngenkazimulo nazo zonke izingelosi, futhi ‘uhlala esihlalweni sakhe senkazimulo.’ (Mathewu 25:31) Uma uJesu ebengabuya ahlale njengomuntu esihlalweni sobukhosi sasemhlabeni, ubengaba phansi ngesikhundla kunezingelosi. Kodwa uza njengonamandla amakhulu nenkazimulo enkulu ngaphezu kwawo onke amadodana kaNkulunkulu angokomoya, ngakho-ke akabonakali, njengoba nje nawo engabonakali.—Filipi 2:8-11.
Nokho kukhona abaningi abakholelwa ukuthi uKristu waya ngomzimba wakhe wenyama ezulwini, nokuthi uzobuya esesimweni somzimba wenyama negazi. Bakhomba ephuzwini lokuthi ngezikhathi eziningana uJesu ovusiwe wabonakala kubafundi bakhe esenyameni ukuze ababonise ukuthi wayephila. Kanye uJesu wacela umphostoli uThomase ukuba afake isandla sakhe enxebeni elisohlangothini lwakhe ukuze uThomase akholwe ukuthi ngempela wayevusiwe. (Johane 20:24-27) Ingabe lokhu akubonisi ukuthi uJesu wavuswa ekufeni ngawo lowomzimba owabethelwa esigxotsheni?
Qha, uJesu wamane waziguqulela emzimbeni wenyama, njengoba nezingelosi zenza mandulo. Ukuze anelise uThomase ukuthi wayengubani, wasebenzisa umzimba owawunamanxeba. Wabonakala engumuntu ngokuphelele, ekwazi ukudla nokuphuza, njengoba nje kwenza izingelosi uAbrahama azingenisa wazinakekela.—Genesise 18:8.
Nakuba uJesu abonakala kuThomase esemzimbeni ofanayo nalowo abulawa ngawo, wathatha futhi imizimba ehlukene uma ebonakala kubalandeli bakhe. Kungakho uMariya Magdalena okokuqala acabanga ukuthi ungumlimi. Ngezinye izikhathi abafundi bakaJesu babengamboni zisuka nje. Kulezi zikhathi kwakungekhona ukubonakala kwakhe kobuntu okwakumenza abonakale, kodwa kwakuba izwi elithile noma isenzo sakhe ababesibona.—Johane 20:14-16; 21:6, 7; Luka 24:30, 31.
Cabanga indlela uJesu ashiya abaphostoli bakhe ngayo esenyukela ezulwini. IBhayibheli lithi: “Wakhushulwa bebuka, ifu lamsusa emehlweni abo.” (IzEnzo 1:9) Ngakho ngenkathi uJesu eqala ukunyukela ezulwini, ifu lamsitha emehlweni ayembhekile abaphostoli bakhe. Ngakho-ke, uJesu omukayo akabange esabonakala kubo. Babengasenakumbona. Kwakungumzimba womoya aya ngawo ezulwini. (1 Petru 3:18) Izingelosi ezazikhona ngaleso sikhathi zatshela abaphostoli: “UJesu lo, osuswe kini enyuselwa ezulwini, uyakuza kanjalo njengalokho nimbonile eya ezulwini.” (IzEnzo 1:11) Ngakho ukubuya kukaKristu nakho kwakuzoba okungabonakali, esemzimbeni womoya.