Indlela UMbuso ‘Ofika’ Ngayo
1. Kungani kungamangalisi ukuthi ‘izinsuku zokugcina’ zembulunga ziye zaqhubeka kwaze kwaba u-1982?
UKUTHI inkathi yesikhathi esele ingakanani bese kushaya “usizi olukhulu,” asazi. ‘Izinsuku zokugcina’ zesimiso sezinto sobuJuda zahlanganisa iminyaka kusukela ku-29 C.E. kuya ku-70 C.E., ingqikithi yeminyaka engama-41. Kodwa manje isimiso esikhulu kakhulu sibhekene nokwehlisa kukaNkulunkulu isahlulelo. Kuyisimiso sezwe lonke likaSathane, umbuso wezwe wenkolo yamanga, futhi ikakhulukazi inkolo embuluzayo yeLobukholwa, eyingxenye yaso esoleka kakhulu. Ngakho akumangalisi ukuthi ‘izinsuku zokugcina’ zalesimiso sezwe zeluleke manje cishe iminyaka engama-68 kusukela ku-1914 kuya ku-1982. Lokhu kungenxa yenjongo ethile. Futhi iyini?
2. AmaKristu ekhulu lokuqala ayisibonelo kanjani kithi namuhla?
2 Nokho, yini amaKristu ekhulu lokuqala ayenza phakathi ne‘zinsuku zokugcina’ zesimiso sobuJuda? Ashumayela! Amemezela isixwayiso! Ngakho, emashumini eminyaka emibalwa nje, umphostoli wayengabhala: ‘Ithemba lezindaba ezinhle enalizwa . . . lashunyayelwa kukho konke okudaliweyo okungaphansi kwezulu.’—Kol. 1:23.
3, 4. Ubani umoya kaJehova omnike amandla okuba anikeze ubufakazi banamuhla, futhi kunamiphi imiphumela?
3 Manje, namuhla, insimu isibanzi. Sekuyizwe, izwe lonke! Kodwa futhi, ngaphansi kwamandla aqondisayo omoya kaNkulunkulu, amaKristu angofakazi bakaJehova aye afinyelela imingcele yomhlaba. Baye bashumayela iqiniso ngezilimi ezihlukahlukene ezingaphezu kwe-160. Baye baqoqa abanjengezimvu kuzo zonke izizwe, kwaze kwaba abangaba izi-5 980 000 ababakhona eSikhumbuzweni sokufa kukaJesu ngo-1981. Njengesigaba somlindi, “inceku ethembekileyo neqondayo” iye yahola ekumemezeleni usuku lokuphindisela kukaJehova, futhi ibe iduduza bonke abalilayo. (Isaya 21:11, 12; 61:1, 2) Ngokuqondene nomsebenzi wabo wokushumayela, ekhulwini leminyaka elidlule oFakazi BakaJehova baye bahambisa amaBhayibheli nezincwadi ezinkulu ezingaba izi-460 000 000, nomagazini INqabayokulinda nePhaphama! abangaba izi-4 767 000 000. Ingabe lokhu akubanga ubufakazi obukhulu egameni likaJehova nombuso?
4 Manje lokhukushunyayelwa kwezindaba ezinhle zoMbuso kufinyelela umvuthwandaba wakho! Ngobunye, kuwo wonke umhlaba, izithunywa zevangeli ezithembekile, amaphayona nabamemezeli bebandla baye bafeza umsebenzi omangalisayo—“kungengazikhwepha, noma amandla, kodwa ngoMoya wami” usho uJehova wemikhosi. (Zakariya 4:6, American Standard Version) Ngenxa yalokho, izigidi zesintu ziye zeza ukuba zihlangane ne‘nceku ethembekile,’ ngokuthi: “Siyakuhamba nani, ngokuba sizwile ukuthi uNkulunkulu unani.”—Zakariya 8:23.
5. UDaniyeli isahluko 2 ukufanekisa kanjani ‘ukufika’ kombuso?
5 Manje, sekusele nje ukuba umbuso kaNkulunkulu ‘ufike’! Ufike ngayiphi indlela? Phela, ngendlela echazwa umprofethi uDaniyeli esahlukweni sesibili sesiprofetho sakhe! Lapha umbuso wobuMesiya ufaniswe ‘netshe’ ‘lentaba’ engokomfanekiso yobukhosi bukaJehova obungunaphakade. Njengesikhali esicitshwayo, ‘lelitshe’ lingqubuza, yebo, ‘lifika,’ lizobhidliza isimo sohulumeni abenziwe abantu, siyicoboshise ibe impuphu. Khona-ke “itshe” loMbuso ngokwalo liba “intaba,” egcwalisa umhlaba, konke kuya ekudunyisweni kukaJehova nenkazimulo.—Daniyeli 2:34, 35, 44, 45.
Ukuchitha “Isifebe”
6. (a) Kungani kungamelwe kwethuse ukuthi uJehova uyosebenzisa izithunywa ezingabantu boqobo ekwehliseni isahlulelo? (b) Isiphi isifanekiselo seJerusalema esikhona namuhla. futhi siyingxenye yamuphi umbuso?
6 Nokho, kukhona okungaphambi kwalokhu kucoboshiswa kokugcina kokubusa komuntu emhlabeni. Incwadi engokwesiprofetho yesAmbulo ibonisa ukuthi uJehova okokuqala uyosebenzisa amandla oqobo avela phakathi kweZizwe Ezihlangene njengesando esichithayo sembubhiso. Lokhu akumelwe kwethuse, ngoba ezikhathini zasendulo uJehova wasebenzisa umbuso wezwe waseBabiloni njenge‘sando esichithayo somhlaba wonke’ ekwehliseni isahlulelo sakhe ezizweni, naseJerusalema elihlubukayo ngokukhethekile. (Jeremiya 50:23) IJerusalema lasendulo linokulifanekiselayo namuhla inkolo ehlelekile yeLobukholwa. Ithi ikhulekela uNkulunkulu weBhayibheli, kodwa, esikhundleni salokho, izenze ngokwayo ingxenye yombuso walelizwe wenkolo yamanga. Isiprofetho siveza lombuso njenge“BABILONI ELIKHULU, UNINA WEZIFEBE NOWAMANYALA OMHLABA.”—IsAmbulo 17:5.
7. (a) Ikuphi ukukhetha inkolo yamanga eye yakwenza? (b) Abakhulumeli bayo balibonisa kanjani ithemba labo? (c) Kodwa yini imiBhalo ekubonisa njengethemba lesintu?
7 Lowombuso wezwe wenkolo yamanga usuzenzele ukukhetha kwawo. Uye wawenqaba umbuso kaNkulunkulu ozayo ngoMesiya ngokusekela eyenziwe ngabantu. Namuhla, abefundisi bezinkolo zezwe basekela ngobuqotho iZizwe Ezihlangene. Ngokwamazwi omfundisi wobuJuda, iZizwe Ezihlangene “ziwukuphela kwethemba lokuthula okuhlala njalo ezweni elikusinda kwalo kuxhomeke kuzo.” Futhi uPapa John Paul II wazichaza njengenkundla “ephakeme yokuthula nokulunga.” Kodwa iZizwe Ezihlangene zikulethile yini ukuthula nokulunga emhlabeni wethu? Ingabe iZizwe Ezihlangene ngempela ziwu“kuphela kwethemba” lesintu? Noma yilelo yini ithemba lombuso kaNkulunkulu? Ngempela, lelothemba ligxiliswe ‘ekufikeni’ kombuso kaNkulunkulu ngoMesiya!—Mathewu 12:18, 21.
8. Imaphi amazwi Omthetho-sisekelo weU.N. asikhumbuza ngabo-1 Thesalonika 5:3, futhi kungani lokhu kumelwe kube okuthakazelisayo kithi?
8 Emthethwenisisekelo wazo, iZizwe Ezihlangene zithi injongo yazo yokuqala iwuku“gcina ukuthula nokulondeka kwezwe lonke.” NjengoFakazi BakaJehova, ingabe sizwa okuthile esikwejwayele kulawomazwi? Yebo! Ngoba umphostoli uPawulu wathi: “Nxa bethi: Ngukuthula nokuhlala kahle, khona ukubhujiswa kuyakubazuma njengemihelo ifikela okhulelweyo, abasoze baphunyuka.” (1 Thesalonika 5:3) Ngakho, njengoba siqhubekela ekupheleni kwale‘zinsuku zokugcina,’ singase sibheke okunye ukumenyezelwa kwangaphambili okumangalisayo ngo‘kuthula nokulondeka.’ Uma lokho kumenyezelwa yizizwe, yini elandelayo? Isiprofetho siyaphendula: ‘okusheshayo ukubhujiswa abangasoze baphunyuke kukho kuyobazuma.’
9. (a) Yikuphi ukuphela okuyinhlekelele okulindele inkolo yamanga? (b) Abaholi kwezombangazwe nakwezamabhizinisi amakhulu bayokubheka kanjani lokhu, futhi ngani?
9 ‘Isenzo’ esingemthetho senkolo yezwe neZizwe Ezihlangene siyofinyelela ukuphela okuyingozi! “Ngehora” linye kuyoba sekuphelile! “Izimpondo eziyishumi” ze“silo” seZizwe Ezihlangene ziyophendukela iBabiloni Elikhulu. Amalungu oqobo ezempi avela kulendikimba yezwe ayolinikiza, alichithe, alihlubule izingubo zalo zokunethezeka futhi alishise. Abezombangazwe abonakele abaye basebenzisa inkolo yamanga ukuba baseke isikhundla sabo nezinkinsela zamabhizinisi amakhulu eziye zayisebenzisa njengesivikelo sabo ekuhwebelaneni ngezikhali nokunye ukufuna inzuzo ngokweqile bayoyililela bekude. Bayokhala, ngokuthi: “Maye, maye kuwe muzi omkhulu waseBabiloni, muzi onamandla, ngokuba ngehora linye nje kufikile ukwahlulelwa kwakho! . . . ngokuba ngehora linye nje ingcebo engaka ichithekile.”—IsAmbulo 18:10, 17.
IArmagedoni—Nangemuva
10. Kungani iArmagedoni iyolandela ngokushesha, futhi yini eyoba umphumela?
10 Izehlakalo ziyofinyelela ngokushesha isiphetho. Zona kanye lezo“zimpondo” ezingokwezombangazwe ezichitha “isifebe” esikhulu ziyophendukela koFakazi BakaJehova ababonakala bengavikelekile. Kodwa manje ziyozithola zingalwi nje nanoma ubani kodwa noJehova “iNkosi yamakhosi noMbusi wababusi.” Ziyobe ziseArmagedoni. Kulaphoke umbuso kaNkulunkulu ngoMesiya ‘ufika’ ukuba ufeze isenzo sawo esikhulukazi sokulwela ubukhosi bukaJehova nezinceku zakhe ezithembekile. Impi iyoba enzima futhi enqumayo. Ukubusa kukaSathane okungokwezombangazwe, nokwezempi komhlaba kuyonqanyulwa, futhi uSathane ngokwakhe uyoboshwa aphonswe kwalasha iminyaka eyi-1 000, “ukuze angabe esadukisa izizwe.”—IsAmbulo 16:14; 17:14; 19:11-21; 20:2, 3.
11. (a) Khona-ke ‘ukufika’ koMbuso kuyosibusisa kanjani sonke isintu? (b) Ikuphi ukushintshwa okulandelayo njengoba iminyaka eyinkulungwane iphela, futhi iliphi ithemba elijabulisayo elilindelwe?
11 Yini eyolandela? Phela, umbuso weminyaka eyinkulungwane uyoba lapha! Yeka ukuthi abayosinda kuArmagedoni bayojabula kangakanani! Yeka uthando olumangalisayo, ukujabula, ukuthula khona-ke okuyokwanda kuwo wonke umhlaba! Yeka indlela emangalisayo uvuko oluyohlanganisa ngayo abathandekayo ezweni lonke! Yeka ukuthi sishukumisa kanjani isimiso sokuphilisa, njengoba uJesu namakhosi nabapristi abakanye naye besebenzisa izinzuzo eziduduzayo zomhlatshelo wakhe wesihlengo, bebuyisela izinkulungwane zezigidi zesintu ekupheleleni! Futhi ngabo bonke abashintshwa ekubuseni kukaKristu kombuso weminyaka eyi-1 000 beyiswa ekubuseni kobukhosi bukaJehova kwaphakade, futhi abayomelana nokuvivinya kokugcina kukaSathane, yeka ukuphakanyiswa okuyoba lapho njengoba beyoba behlanganyela ekusombululweni kwezimangaliso zaphakade!—IsAmbulo 20:7-9; 21:3, 4.
12. Yini eyenza ukuba zenzeke lezinto ezimangalisayo, ngakho simelwe sishukunyiselwe ukuba senzeni manje?
12 ‘Kuwukufika’ kombuso kaNkulunkulu ngoMesiya okwenza zonke lezinto ezimangalisayo zenzeke. Ingabe lokhu akusishukumisi, phakathi nezinsuku eziphelayo zesimiso sikaSathane, ukuba sikhulume kwabanye ‘ngezinto ezibalulekile zikaNkulunkulu,’ inkazimulo yobukhosi bakhe nombuso wakhe ongenakunyakaziswa kaMesiya? (IHubo 145:11; IzEnzo 2:11; Heberu 12:28) Ingabe asishukunyiswa ukuba sikhuleke ngentshiseko kuBaba wethu wasezu lwini, “Mawufike umbuso wakho”?—Mathewu 6:9, 10.
13. Kungani simelwe sithandaze ngobuqotho ukuthi uMbuso ‘UFIKE’?
13 Yebo, “MAWUFIKE,” umbuso kaNkulunkulu, uzobhubhisa imisebenzi nenhlangano kaSathane kulomhlaba! Yebo, “MAWUFIKE,” uzolungiselela sonke isintu uhlobo olulungile lohulumeni! Yebo, “MAWUFIKE,” ulethe ukubusa kukaKristu okukhazimulayo kweminyaka eyinkulungwane, ukuze kubuyiselwe iPharadesi, kuvuswe abafileyo kubuyiselwe izinkulungwane zezigidi zesintu ekupheleleni kwesintu! Yebo, “MAWUFIKE,” umbuso kaMesiya, uzongcwelisa phakade igama elingenakuqhathaniswa leNkosi uMninimandla onke UJEHOVA!
UMBUSO ENJONGWENI KANKULUNKULU
□ Abaprofethi bakaJehova bawubikezela
□ Wafanekiselwa umbuso kaDavide
□ Abafundi bakaJesu bawushumayela
□ Wamiswa ezulwini ngo-1914
□ Kwashunyayelwa ukuze kube ubufakazi kuzo zonke izizwe, kusukela ngo-1919
□ “Isixuku esikhulu” manje siqoqelwa insindiso
□ Ukuphela kufika no—Kumenyezelwa ‘kokuThula Nokulondeka!’ Kubhujiswa kwe‘Babiloni Elikhulu’ Mbuso uchitha ababusi bezombangazwe, izimpi, abasekeli
□ UMbuso ugcwalisa umhlaba ngokujabula, ukuthula, ukudumisa uJehova
[Isithombe ekhasini 19]
Itshe loMbuso ngokwalo liba “intaba” egcwalisa umhlaba