Ukuvumela Ukukhanya Kukhanye Maphakathi NeAfrika
NJENGOBA igxamalaze phezu kwenkabazwe njengomdondoshiya womgibeli, iRepublic yaseZaire ihlanganisa ingxenye ephakathi naphakathi neAfrika. Kuqala yayaziwa ngokuthi iCongo. Izindawo zakhona eziyizimfunda zotshani nezinkalo zomeno ziyikhaya lamabhubesi, amagorilla, izingwe, izinkawu, izindlovu, nohlobo lwezindlulamithi nezinye eziningi izilwane zasendle. Icebile ezintweni ezimbiwa phansi, isikhathi eside ibiyindawo ethandwa izwe lonke futhi ngokuvamile ibiyindawo yokuhlasela noma yezimpi zesizwe esilwa sodwa. Kunokuba bathande impi, nokho, abantu abaningi abakhileyo lapha abayizi-26 000 000 bathobekile, banenhliziyo enhle, bangabantu abathanda ukuthula, nakuba bethonywe kakhulu amasiko amadlozi, banenhlonipho ngeBhayibheli.
Ukuphila okungokwenkolo esikhathini esidlule kwakuphawuleka ikakhulukazi ngenkolelo eyize nenkolelo yemimoya yabafileyo. Abantu babephila ngokwesaba abangakwaziyo futhi babefuna usizo ngokusebenzisa izintelezi, izigqizo nemithi yezinhlanhla. Lezinkolelo ziye zagcina labantu besebumnyameni obukhulu.
Izinkinga Zasekuqaleni
Kwakungasekupheleni kwawo-1940 lapho izincwadi zoFakazi BakaJehova ziqala ukusakazwa eCongo, kodwa babengekho oFakazi boqobo ababezoqondisa ukusetshenziswa kwazo. Amaqembu omdabu azibiza ngokuthi angamalungu e“Watchtower,” kodwa asonta izimfundiso zeBhayibheli futhi azixubanisa nezinkolelo zawo eziyize zamasiko nendlela engeqotho yokuphila. Ngokuvamile benqaba ukukhokha izintela futhi ngaphandle kwalokho alwa nohulumeni. Akumangalisi ukuthi uhulumeni waseBelgium wakhipha ngaphansi kokuvikelwa umthetho izinhlangano ze“Kitawala,” njengoba zazibizwa kanjalo. Kodwa badidiyela ngokungafanele oFakazi BakaJehova nalamalungu amanga “enhlangano ye Watchtower” futhi benqaba ukwamukela noma iziphi izithunywa zevangeli eziqotho zoFakazi BakaJehova ezaziyosiza ekucaciseni indaba.
Nokho, kwakuneqembu elincane, nakuba lalikhishwe ekuvikelweni umthetho, ngentshiseko elahlanganyela amaqiniso eBhayibheli nabanye. Isimo salo esiqondile, esiqotho, saliphawula njengelehluke ngokuphelele kumaKitawala ayedala uthuthuva.
Ngokuzikhulumela kuMazibuse weCongolose ngo-1960, kwaba lula ngabo ukwenza iqiniso laziwe. Yebo, ukuhlala ngokungathathi hlangothi ezindabeni zezombangazwe kwakufuna ukuqondisisa okubukhali nokholo oluqinile kubo. UMazibuse waletha ukuvunyelwa kwabanye okukhulu futhi ngasekupheleni kuka-1960 inani lalabo abavumela ukukhanya kukhanye lakhula cishe laba inkulungwane.
Intuthuko Yenhlangano Eyenziwe Ngcono
Okokugcina, ngo-1961, ezokuqala izithunywa zevangeli zoFakazi BakaJehova zakwazi ukungena ezweni. Ihhovisi legatsha lamiswa enhlokodolobha, iLeopoldville, manje ethiwa iKinshasa, kwaphumela ekuqondisweni okungcono. Izinto zaqalisa ukuqhubeka ngokushesha. Kodwa kwakusenezinto eziningi okwakusamelwe zinqotshwe, njengezinkinga zokuhlukana kwezilimi, isithembu, ukuzazisa kobuzwe, nezinkolelo eziyize nezinkolelo zemimoya. Ukungakwazi ukuxhumana kahle kwenza kwaba nzima ukuthintana namaqembu abantu abathakazelayo kulo lonke lelizwe. Ababonisi bezifunda kwakumelwe bahlukanise labo ababenesithakazelo ngempela ekulandeleni amaqiniso eBhayibheli kulabo ababengamalungu enhlangano yamanga iKitawala. Lomsebenzi wawungelula.
Iqiniso LeBhayibheli Lishintsha Ukuphila
Abantu abanhliziyo ziqotho benza izinguquko ezinkulu ekuphileni kwabo. Enye indoda yabhala:
“Ngaphambi kokufunda indlela yokuphila yobuKristu, ngempela ngangiwumshisekeli wezemidlalo, ngidlala ukudumelana okungokomdabu nesibhakela. Kimi ukulwa kwakuyindlela yokuphila, futhi ukulwa ngokubambana kwakuyinjabulo enkulu. Ukuphakamisa izinsimbi ngangikuthanda nakho. Ngo-1963 ngadla ubhedu kwezokudumelana kwaseCongo futhi ngawo lowonyaka ngaphuma phambili ekuphakamiseni izinsimbi, ngaphakamisa ezingama-85 kg ngesandla esisodwa neziyi-150 ngezandla zombili. Ngaso sonke isikhathi ngangibheke ezintelezini ukuze ngithole amandla nokuqina. Lokhu kwakunjalo kakhulu lapho befuna ukungithumela eJaphane ukuba ngiyomelela izwe lami.
“Ngabuye ngamxosha umkami ukuze ngigxile emisebenzini yami yezemidlalo. Wahlala nomholi weqembu lezempi. Ngangilokhu ngimbona izikhathi eziningana, futhi ngolunye usuku ngathola incwadi ethi ‘Ukusuka EPharadesi EliLahlekile Ukuya EPharadesi ELizuziwe,’ lomholi wezempi ayeyithengele yena. Yangihlaba umxhwele lencwadi futhi ngayiboleka okwamasonto amabili. Ikakhulukazi ngathintwa isihloko esisekhasini 203, ‘Lelizwe Lifika Kanjani Esiphelweni Salo.’ Ngayifunda lencwadi ngokunakekela futhi lapho ngicabanga ngakho, kwangishayisa ngovalo. Nganquma ukubhalela abanyathelisi ukuze ngithole ezinye izincwadi, futhi ngesikhathi esifanayo ngakhipha izintelezi zami endlini yami ngaziyisa kwekababa. Umkhaya wami washaqeka kakhulu ngalokhu.
“Ngosuku engabhala ngalo incwadi yami, kwangqongqoza abanye endlini. KwakungoFakazi BakaJehova ababili ababefuna ukuhlanganyela nami izindaba ezinhle zeBhayibheli. Ngaqala ngacabanga ukuthi babezobona ubaba owayengumfundisi obambele. Ngathi ubaba wayengekho, kodwa ngokuhlakanipha bangibonisa ukuthi isigijimi sabo sasithinta nami futhi. Lapho ngibona enye incwadi iPharadesi esikhwameni sabo esivulekile ngelula isandla sami ngasifaka esikhwameni ngayihlwitha. Ngababonisa incwadi iPharadesi enganginayo nencwadi engangisanda kuyibhala. Ngahlatshwa umxhwele kakhulu izimpendulo laboFakazi abazinikeza futhi, ekugcineni, ngathatha iziboniselo zazo zonke izincwadi ezazisesikhwameni sabo. Banginikeza ikheli leHholo LoMbuso elincane abahlanganyela kulo.
“Naphezu kokuphikisa nokusongela kukababa, ngaqhubeka nokwamukela usizo koFakazi futhi angiphuthwanga mhlangano. Ngachitha zonke izintelezi zami ezazisasele futhi ngoNovember 8, 1964, ngashada ngokomthetho nomkami engase ngihlala naye futhi. Ngase nginikezela ukuphila kwami kuJehova futhi ngabonakalisa ukuzinikezela kwami ngobhapathizo lwamanzi.”
Manje loFakazi uyiphayona elikhethekile (isikhonzi sesikhathi esigcwele) futhi ungumdala ebandleni elingasenyakatho yeZaire. Ungomunye wabayisibonelo abayizinkulungwane abaye baphuma ebumnyameni futhi manje bavumela ukukhanya kwabo okungokomoya kukhanye.
Inkululeko Engokwenkolo—Yatholakala Yabuye Yavinjelwa
Ngo-1966 inani loFakazi BakaJehova eZaire lase likhule laba cishe izi-4 000. NgoJune 9 kulowonyaka inhlangano yabhaliswa ngokomthetho uhulumeni. Kusukela kulesosikhathi oFakazi BakaJehova babengashumayela obala, bahlanganyele ndawonye ngokukhululeka futhi bahlele imihlangano yobudlelwano nokuyalwa kobuKristu. Izithunywa zazingangena ezweni futhi zisize erasebenzini. Izincwadi ezilusizo ekutadisheni iBhayibheli zahunyushwa ngezilimi eziyinhloko eziyisithupha ezisetshenziswa kulelizwe.
Kodwa lenkululeko eyandisiwe yaba eyesikhashana. NgoDecember 31, 1971, umthetho wakhishwa owawufuna ukuba kuwo wonke amahlelo enkolo kodwa amathathu amakhulu avuselele izicelo zawo ukuze abe semthethweni. Noma iyiphi eyayingaqashelwa umthetho phakathi nezinyanga ezintathu yayizovalwa. Noma imuphi umuntu wenkolo engagunyaziwe umthetho wayeyohlawuliswa kakhulu futhi afakwe ejele iminyaka emihlanu kuya kweyishumi. OFakazi BakaJehova bavuselela isicelo sabo kodwa usuku lokugcina uMarch 31 lwafika futhi akukho mpendulo yokuqashelwa abayemukela.
Lokhu kuvinjelwa kwenkululeko engokwenkolo kwaletha ubunzima obukhulu. Kwakungasenakubakhona imihlangano emikhulu yeningi. Izithunywa zevangeli ezintsha zazingasenakungena ngokukhululeka ezweni. Futhi kwezinye izindawo lapho iziphathimandla zendawo zitshelwe amanga ngabaholi benkolo, oFakazi bezwa okukhulu ukushushiswa.
KwelaseMoba, eShaba, oFakazi abangaphezu kwama-200 baboshwa ngo-1973. Baphoqelelwa ukuba benze umsebenzi onzima ngokweqile wokuba bacabe amasimu, batshale izilimo, bavuselele amabhuloho bakhe nezindlu, konke lokhu ngezandla futhi benikwa ukudla okuncane. Kodwa oFakazi BakaJehova baqhubeka nendlela yabo yobuKristu yokuphila ngokuthula, belindela amandla nokuqondiswa okuvela kuJehova, futhi ukukhanya kweqiniso leBhayibheli kwaqhubeka kukhanya kakhudlwana.
Izinkinga Okwadingeka Zinqotshwe
Ububanzi obukhulu bensimu nokuswelakala kwemigwaqo ekahle kwenza ukusakazwa kwe“zindaba ezinhle” kube nzima kakhulu. Ngezinye izikhathi umuntu kudingeka alinde amasonto ukuze athole isikebhe senye yezindlela zamanzi eziningi ezikulo lonke lelizwe. Noma umuntu angase ahambe izinsuku engemuva elolini eligcwele amasaka ombila noma umdumbulu. Futhi labo abangenakukwazi ukukhokha izindleko eziphakeme, into abangayenza ukuhamba ngezinyawo.
Omunye uFakazi ongudade waseBandleni laseBulungu wezwa ukuthi umhlangano wesifunda wawuzoba seKikwit, okungamakhilomitha ayi-108 ukusuka ekhaya lakhe. Wayevamise ukuzwa ngalemihlangano kodwa engakaze akwazi ukuba khona nakowodwa futhi wafuna ukwazi indlela eyayihlelwa ngayo. Ngoba wayengenamali yokugibela, wanquma ukuba ahambe yonke lendawo nomntwana wakhe oneminyaka eyi-13 ubudala. Bachitha izinsuku ezimbili besendleleni, bafika eKikwit ngosuku lwesithathu, bekhathele futhi belambile. Lapho udade watshela abazalwane: “Naphezu kobude bebanga engilihambe nendodana yami.alibonakalanga lilide kangako. UJehova ungisizile.”
Ababonisi abajikelezayo kumelwe babonise ikakhulukazi isibindi esikhulu nokholo ukuze bahambele abafowabo ngokubakhuthaza ngokomoya. Amabanga ngokuvamile made phakathi kwamabandla futhi ngokuvamile izindawo abazidabulayo zigcwele izibawu, amahlathi anezilwane zasendle, noma imifula egcwala igole izintethe. Kukude ukusuka eKinshasa ukuya emzini ongowesibili ngobukhulu, iLubumbashi, kunokusuka eLandani uya eRoma.
Omunye umbonisi wesifunda muva nje wabhalela igatsha okulandelayo exolisa ngokufika kombiko wakhe sekwephuzile:
“Ukubambeka kungenxa yezimo engiziphawulile ngezansi. UApril 12 kwakuwusuku isitimela esasiyosuka ngalo eKisangani siya eUbundu. Isitimela siphuma ngo-8 ekuseni, kodwa, njengoba izihlalo zllinganiselwe, abantu kudingeka bafike ngo-3 ekuseni ukuze bathole izihlalo. Besihlala ngaphesheya komfula futhi nganquma ukuthi kungcono kakhulu mina nomkami nendodana yethu encane, uMoza, siwele umfula ngobusuku obungaphambili futhi silale lapho.
“Kuphakathi nesikhathi sonyaka esinemvula futhi umfula wawudla izindwani. Ngo-7:30 ntambama sagibela ithekisi eliya emfuleni sihlose ukugibela isikebhe sokusiwelisa emfuleni esinemoto esiqhubayo. Lapho sigibela esikebheni sabona ukuthi kwakunabantu abaningi kakhulu. Sanxusa umshayeli ukuba akhiphe abanye esikebheni noma akhiphe thina. Kodwa ngoba wayefuna imali, waphendula, ‘Likambo te!’—‘Akulutho, ungakhathazeki,’ futhi wayeseyisusa imoto encane yesikebhe. Ngokushesha singakangeni namamitha angaba yi-15 ukusuka ogwini isikebhe sashayisa kwelikhulu idwala elingaphansi kwamanzi, lasidlukumeza kabi impela kangangokuba sacishe sagumbuqeka. Kwacwila abantu abangama-30, bekhala, bedazuluka, beshwibeka.
“Ningacabanga nje, bafowethu abathandekayo, into eyabonakala yenzeka eMfuleni iZaire. Kwangena emanzini yonke imithwalo yethu, kuhlanganise namafayela ami, amafomu ami, ne‘projector’ nawo wonke ama‘slides.’ Ngamemeza ukuba umkami angabangi umsindo, futhi abambe aqinise umntwana ngize ngifike kubo. Ngokujabulisayo umkami nomntwana kwakuwukuphela kwabo ababengawanga esikebheni, manje esasingenisa amanzi ngokushesha futhi esasesishone ingxenye. Ngenhlanhla, ekugcineni wonke umuntu wakhishwa emanzini elondekile futhi ephilile, ngaphandle kokuthi imithwalo yethu yalahleka, kuhlanganise ne‘projector.’”
Ithemba Elihle Lesikhathi Esizayo
NgoApril 30, 1980, umongameli weRepublic yaseZaire wasayina emthethweni Isimemezelo No. 124 ngokuqashelwa futhi okungokomthetho kweNhlangano yoFakazi BakaJehova. Kusukela lapho inkululeko enkulu yomsebenzi iye yaphumela ekwandeni okukhulu emsebenzini woMbuso kunanoma bekunjalo ngaphambili.
Kwakunedlazana nje kuphela labamemezeli boMbuso elalivumela ngenkuthalo ukukhanya kwalo kukhanye eCongo ngasekuqaleni kwawo-1940. Kodwa inani labamemezeli abakhuthele bezindaba ezinhle zombuso kaNkulunkulu eZaire liye lafinyelela inani eliphakeme labayizi-25 753 ngo-1981. Kukhona izikhonzi zesikhathi esigcwele ezingamaphayona ezingaphezu kwezi-2 200, kuhlanganise namanye amaphayona akhethekile ayi-450 agxila ekuvuleni amasimu amasha. Inyanga ngayinye abantu ngabanye nemikhaya abangaphezu kwezi-36 000 batadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova. Uma sibheka abantu ababekhona esikhumbuzweni sokufa kukaKristu abayi-107 766 emabandleni ayi-838 kulo lonke elaseZaire ngoApril 19, 1981, kusekhona abantu abaningi ngokwengeziwe abangathanda ukuzuza ekukhanyeni kweqiniso manje elikhanya kulelizwe. Izizwe ezingaphezu kwama-200 ezikhuluma izilimi ezingama-300 noma izilimi zezigodi zamukela ubufakazi ngokuphathelene noMbuso.
Kusenezinkinga eziningi okusamelwe zinqotshwe, njengezinkinga zolimi, ukuzazisa kobuzwe, isithembu, izinkolelo eziyize, izinkolelo zokuba khona kwemimoya nokuntuleka kwezinto zokuhamba nezokuxhumana, uma sibala nje ezimbalwa. Futhi izinkinga ezingokomnotho zezwe lonke kanye nokukhula kwamanani ngokushesha okuzumayo kuye kwayithinta neZaire. Kodwa lokhu kubangela abantu abaningi ukuba bafune ithemba eliqinile lesikhathi esizayo. OFakazi BakaJehova babanikeza lelothemba—uhlelo olusha lukaNkulunkulu ngaphansi kombuso wakhe ngoKristu Jesu!
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 31]
Kusukela edlanzaneni labamemezeli boMbuso eCongo ngasekuqaleni kwawo-1940, inani labashumayeli abakhuthele be“zindaba ezinhle” eZaire lafinyelela inani eliphakeme labayizi-25 649 ngoApril 1981
[Ibalazwe elisekhasini 28]
(Ukuze ubone ukuthi kumi kanjani, bheka encwadini)
Zaire