Amanga Okuqala—Indlela Aye Akuthinta Ngayo
ENDIYA, ngo-1981, isitimela sasisondela ebhulohweni lapho umshayeli ngokushesha ebona inkomazi ikujantshi. Wabopha ngokushesha. Isitimela saphuma kujantshi futhi amakamelo ayisikhombisa ayegcwele acwila emfuleni ongaphansi. Abantu abangaphezu kwama-800 bafa. Kanjalo lesisehlakalo esincane—ukubakhona kwenkomazi emzileni wesitimela—saholela enhlekeleleni esabekayo. Into efanayo yenzeka ensimini yase-Edeni, ingadi kaNkulunkulu.
IEdeni kumelwe ukuba kwakuyindawo ejabulisayo. Yayinezihlahla, izimbali, izilwane nezinyoni ngezinhlobonhlobo. Kwakunokuzwana nokuthula. Kwakuyipharadesi loqobo. UAdamu noEva kumelwe ukuba bajatshuliswa yilomsebenzi wezandla zikaNkulunkulu. Futhi babenekusasa elijabulisayo. UNkulunkulu wabatshela: “Zalani, nande, nigcwalise umhlaba, niwunqobe, nibuse phezu kwezinhlanzi zolwandle, nezinyoni zezulu, nezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni.” (Genesise 1:28) Ngokungaphezulu, babenenkolo elula kakhulu: ukwenza intando kaNkulunkulu.
Ngisho nezingelosi zaba nesithakazelo esijulile kulesisiqalo esihle sesintu. Kodwa enye ingelosi yayihlukile. Isithakazelo sayo sasingesobugovu. Yafisa ukuba ukukhulekela kwabantu kuze kuyo futhi yaceba ukuba ibe “unkulunkulu,” noma umbusi, wezwe. Kanjalo yaba uSathane, okuyigama elisho “isitha.”—Bheka uLuka 4:5-8; 2 Korinte 4:4.
UJehova uNkulunkulu watshela uAdamu ukuba angadli esithelweni somuthi othile. Lolu kwakuwuvivinyo olulula. Ngokuhlangabezana nalo, uAdamu nomkakhe babengabonisa ukuthi ngempela babefuna ukukhonza uNkulunkulu. Futhi, uJehova waxwayisa: “Mhla udla kuwo [esithelweni esinqatshelwe] uyakufa nokufa.” (Genesise 2:17) Isipho sokuphila okuphakade sasingeyikuba esezihlubuki ezingalaleli.
USathane wabona ithuba lakhe lapha. Ngokusebenzisa inyoka walinga uEva ukuba adle isithelo esinqatshelwe, ngokuthi: “Aniyikufa nokufa.” Wabuye wathi ngokuqondene nomuthi: “Kepha uNkulunkulu uyazi ukuthi mhla nizidla, kuyakuvuleka amehlo enu, nibenjengoNkulunkulu, nikwazi okuhle nokubi.” (Genesise 3:4, 5) Yeka isipho esikhangayo—ukuba njengoNkulunkulu? Kodwa uSathane waqamba amanga. UEva, nokho, wakukholelwa lokho akusho futhi ngokungalaleli wadla isithelo esinqatshelwe. Kamuva, wasinika uAdamu, owahlanganyela naye ekoneni. Waba yini umphumela?
Lesosenzo esibuhlungu “sakhipha ojantshini” isintu sonke futhi saholela engozini enkulu. Umbhangqwana wokuqala ngokushesha walahlekelwa ipharadesi. Ngokuhamba kwesikhathi, walahlekelwa futhi ukuphila kwawo futhi wabuyela othulini owawenziwe ngalo. (Genesise 3:19) Ngokudabukisayo, bonke abantwana bawo—isintu—kanjalo sazalwa ngaphandle kwepharadesi, futhi esonweni nasekufeni.—Roma 5:12.
Kwabonakala sengathi, uSathane wayenqobile. Manje wayesengu“nkulunkulu,” futhi isintu sasilandela yena esikhundleni soMdali. Kodwa eqinisweni wayenganqobile. Wayemane egalele nje okokuqala odweshwini oluqhubekayo ngisho nanamuhla. UJehova ngokushesha washukunyiselwa ukuba amelane nemiphumela yamanga kaSathane. Wathi kuSathane: “Ngizakubeka ubutha phakathi kwakho nowesifazane, naphakathi kwenzalo yakho nenzalo yakhe. Yona iyakuchoboza ikhanda lakho, wena uyakulimaza isithende sayo.”—Genesise 3:15.
Kulokhu, isiprofetho sokuqala eBhayibhelini, sibikezela ukunqotshwa kokugcina kukaSathane, okuza nge“nzalo” ethile. Ingubani leyonzalo? Lokho kwahlala kuyimfihlakalo isikhathi eside.
Unkulunkulu Walelizwe
Ngaphandle kwabambalwa abahluka, izizukulwane zika-Adamu noEva zakhetha ukulingisa abazali bazo futhi zangamlalela uNkulunkulu. Zakhetha ukuzibusa okwakunikezwa uSathane. Ekugcineni, ukuphikisa uNkulunkulu kwaqala ukugxila endaweni eyaziwa ngokuthi iMesopotamiya, ephakathi kweMifula iTigris ne-Euphrates.
Umholi ongumuntu walokhokuphikisa kwakuyindoda egama layo uNimrodi. EBhayibhelini uchazwa njengenkosi yokuqala nomakhi wemibuso emikhulu. Yonke imisebenzi yakhe yayimelene noNkulunkulu; ngakho-ke, iBhayibheli lithi: “Wazibonakalisa eyiphisi elinamandla ngokumelene noJehova.” Isiqalo sombuso wakhe sasiyiBabele, kamuva waba umuzi wakhe oyinhloko iBabiloni.—Genesise 10:9, 10, NW.
Ngakhoke ukusakazeka kokucindezela okungokwezombangazwe nonya kwasakazeka kusuka eBabele. Nemibono emisha engokwenkolo yaqalwa lapho. Amanga okuqala—okuthi uEva onesono wayengenakufa ngempela—ayedaluliwe, njengoba uEva wafa. Manje ukuhlotshiswa kwalawomanga kwafundiswa. Ingxenye yomuntu engafiyo kwathiwa iyasinda ekufeni futhi iphile ezweni lomoya elingabonakali. Lemfundiso yaholela enkolelweni yesihogo somlilo, ukukhonza imimoya, ukukhulekelwa kwamadlozi neziningi ezinye izimfundiso ezingamanga.
Imibono engokwenkolo eyaqala eBabele lasendulo, noma eBabiloni, yasakazeka kulo lonke izwe. Esinye isiphathimandla, siphawula ukufana okusakazekile phakathi kwezinkolo zezwe, sathi “kumelwe ukuba zonke zasusela imiqondo yazo yenkolo emthonjeni ofanayo.” (The Worship of the Dead, ngu-Colonel J. Garnier) Lowomthombo wawuyiBabiloni lasendulo. Lesisimiso sezwe lonke sezenkolo esaqala eBabiloni kubhekiselwa kuso eBhayibhelini njenge“BABILONI ELIKHULU, UNINA WEZIFEBE NOWAMANYALA OMHLABA.”—IsAmbulo 17:5.
Ngakho-ke, amanga okuqala kaSathane aholela ekucindezeleni okusakazekile kwezombangazwe nenkolo yamanga. Kodwa yini eyayikhula ngokuqondene ne“nzalo” uNkulunkulu aprofetha ngayo ukuthi yayiyoqeda uSathane namacebo akhe?
[Isithombe ekhasini 5]
LNjengalesitimela, sonke isintu siye sa“phuma kujantshi.” Uyazi ukuthi kanjani?