Inikeza Amandla Okuziphatha Okuhle
Omusha waseBrazil wachaza indlela incwadi “Ubusha Bakho—Ukuthola Okungcono Kakhulu Kubo” ekwenza ngayo nje lokho. Wabhala:
“Emasontweni ambalwa edlule ngangimenywe umngane ukuba ngifunde incwadi engcolile futhi ngenqaba. Omunye umngane wasesikoleni owayekhona wamangala ekunqabeni kwami futhi wangibuza ngezizathu zami zokungayifundi. Ngamchazela okushiwo yiBhayibheli ngaloluhlobo lokufunda futhi, ngokuphawula isithakazelo sakhe, ngaqhubeka nokuchaza iBhayibheli elikushoyo ngobungqingili nokushaya indlwabu.
“‘Ukufundephi konke lokhu?’ wabuza.
“Ngambonisa incwadi ‘Ubusha Bakho’, ayemukela, futhi isifundo seBhayibheli saqaliswa naye phakathi nekhefu lethu lasemini. Lomngane wami oneminyaka eyi-14 ubudala useyekile nokubhema, ngemva nje kwamasonto ambalwa okufunda.”
Ungazitholela lencwadi enhle esiye yafinyelela ukusakazwa kwamakhophi angaphezu kwezigidi eziyi-18. Ngokuba nje ugcwalise futhi uthumele lelikhuphoni elingezansi.
Ngicela ningithumelele, incwadi enoqwembe oluqinile enamakhasi ayi-192, Ubusha Bakho—Ukuthola Okungcono Kakhulu Kubo. Ngifaka u-70c.