‘Indoda Ezinikezele Ngempela’
UWilliam Kirk Jackson wazalwa ngoSeptember 16, 1901, eGalveston, eTexas. Ngemva kokuphila kokuzinikezela ekukhonzeni uJehova uNkulunkulu, uye wafeza inkonzo yakhe yasemhlabeni ngoDecember 13, 1981.
Kusukela ezinsukwini zakhe zasebuncaneni, uWilliam wabonisa isithakazelo esikhulu eqinisweni leBhayibheli. Ngo-1915, enobudala beminyaka engu-14, wazinikezela kuJehova ngoKristu. Ngaso sonke isikhathi wayekubheka njengokuyigugu ukubizwa kwakhe njengomunye wabagcotshiwe beNkosi kanye noKristu. NgoJune 1, 1933, wangenela inkonzo yesikhathi esigcwele ekhonza uJehova njengephayona. Ngemva kokufeza izabelo zakhe ezikhethekile eWashington, D.C., naseChicago, eIllinois, uMfowethu uJackson waba ilungu lesikhathi esigcwele lomkhaya waseBethel yaseBrooklyn ngoNovember 13, 1937. Esebenzisana nommeli uHayden C. Covington kusukela ngo-1941, wayehileleke kakhulu ekulweleni ukholo kwaholela ekunqobeni okuphawulekayo ngakoFakazi BakaJehova eNkantolo eNkulu yaseU. S. Wamiswa njengelungu leNdikimba EBusayo yoFakazi BakaJehova ngo-October 15, 1971, futhi ngesikhathi esifanele wabelwa ukuba anakekele izindaba emakomitini eNkonzo neyokuNyathelisa.
UMfowethu uJackson wayethobekile, engazigqamisi neze futhi akakaze alokothe abe nesimo sokuzicabangela njengobalulekile. Kwabaningi emhlabeni wayaziwa ngokuthi u“Bill,” wayethobekile, engeneka nganoma isiphi isikhathi, futhi kujabulisa kakhulu ukuba naye; ngaso sonke isikhathi wayebangela abantu bazizwe bekhululekile. Enkulumweni yakhe yokumkhumbula eyanikezwa eBethel yaseBrooklyn, uF. W. Franz wathi: ‘Siyambonga uJehova uNkulunkulu ngokuba noFakazi okahle kangaka. Uqede inkonzo yakhe ngokwethembeka, futhi ngokuqinisekile uzowuthola umvuzo wakhe. UBill Jackson ubeyindoda ezinikele ngempela.’