Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w82 4/15 kk. 26-27
  • Ingabe Uyosilalela Iseluleko?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Uyosilalela Iseluleko?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
  • Indaba Ethi Ayifane
  • “Lalelisisa Amazwi Abahlakaniphile”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka (Efundwayo)—2022
  • Ingabe Uhlala Ulithola Iphuzu?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
  • Ingabe Iseluleko Sakho ‘Senza Inhliziyo Ijabule’?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka (Efundwayo)—2022
  • Abeluleki Abanekhono—Bayisibusiso Kubazalwane Babo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
w82 4/15 kk. 26-27

IZwi LikaNkulunkulu Liphilile

Ingabe Uyosilalela Iseluleko?

WAKE wasithola iseluleko, njengoba ubona lensizwa isithola? Mhlawumbe watshelwa ukuthi abangani abathile babi, noma ukuthi inkambo ethile ingase iholele enkathazweni futhi ingase ikwenze ungajabulisi kuNkulunkulu. Walalela? Okuthile okwenzeka kubantu bakaNkulunkulu ezikhathini zasendulo kuyabonisa ukuthi kungaba okubaluleke kangakanani ukulalela izeluleko.

Ngemva kokukhulula amaIsrayeli eGibithe, uNkulunkulu wawayala ukuba agweme ukuzihlanganisa nabakhulekeli babanye onkulunkulu. Wathi: “Awuyikwenza-sivumelwano nabo nawonkulunkulu babo.” Labakhulekeli bonkulunkulu bamanga kwakungadingekile nokuba bavunyelwe bahlale ezweni. Isizathu uNkulunkulu asinikeza kwakungesokuthi “funa bakwenze ukuba wone kimi.” (Eksodusi 23:32, 33) Nokho, ngaphambi nje kokungena eZweni leSithembiso, amaningi amaIsrayeli awasinakanga lesoseluleko. Kwenzekani?

Umprofethi wamanga uBalamu wenza abesifazane bakwaMowabi nabakwaMidiyani, enibabona lapha, bamemele amaIsrayeli edilini lokudla okuhle newayini. Ngempela, kwakungekhona ukuhlakanipha ngawo ukwamukela isimemo esinjalo kubakhulekeli bamanga. Mhlawumbe amaningi awo alulekwa ukuba angahambi. Kodwa awasilalelanga lesoseluleko. Ahamba.

Edilini amaIsrayeli aba anganakekeli ngenxa yokudla nokuphuza. Futhi, cishe kwakukhona ukudansa okwakukhuthaza ubulili kwabesifazane bakwaMowabi nabakwaMidiyani, okwavusa inkanuko yabesilisa. Baphelelwa ukuzilinda, okwenza ukuba laba abesifazane babahuhele ekubeni bahlangane nabo ngokobulili. Baze baholela amaIsrayeli nasekubeni akhulekele onkulunkulu bamanga. Waba yini umphumela?

Intukuthelo kaJehova yabavuthela abantu bakhe, wathumela isishayo kubo. Omunye wamaIsrayeli waletha uKozibi indodakazi yesikhulu sakwaMidiyani ekamu lamaIsrayeli. Wamngenisa etendeni lakhe ukuba alale naye. Kodwa uFinehasi, indodana yompristi omkhulu wakwaIsrayeli, wagijimela khona wabagwaza bobabili ngomkhonto. Ngalokho uJehova wasinqamula isifo. Nokho, amaIsrayeli ayizi-24 000 afa ngenxa yokuthi awasilalelanga iseluleko.—Numeri 25:1-15; 31:16.

Ingabe uyasibona isimo esifanayo namuhla? Sikhona. (1 Korinte 10:11) Manje sesiseduze kakhulu nohlelo olusha lukaNkulunkulu oluthenjisiwe, sesilungele ukungena kulo njengoba amaIsrayeli ayeseseduze nokungena eZweni leSithembiso. Ngokucabangela izibonelo ezedlule, yini ocabanga ukuthi uSathane angayizama? Yebo, ukubeka abantu bakaNkulunkulu ezimweni lapho bengahileleka khona ekuziphatheni okubi kobulili, ukuze uJehova abahlulele njengabangakufanelekele ukuya ohlelweni lwakhe olusha lokulunga.

Ngakho-ke uma wamukela iseluleko sokugwema izimo ezingase zikuholele ekuhlobongeni, yini oyoyenza? Hlakanipha. Lalela iseluleko!

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela