Ukwanda “Endlini KaNkulunkulu”
“KEPHA uNkulunkulu uyakuhlala impela emhlabeni na?” kwabuza iNkosi uSolomoni eminyakeni eyizi-3 000 eyedlule. “Bheka, izulu nezulu lamazulu alinakukwanela; pho, kakhulu kangakanani lendlu encane engiyakhileyo na?” (1 AmaKhosi 8:27) Ngokwalamazwi, ingabe noma iyiphi indawo emhlabeni ingabizwa ngokufanelekile ‘njengendlu kaNkulunkulu’?
Yebo! Emazweni amaningi oFakazi BakaJehova basebenzisa izindawo zokuhlala ezibizwa ngokuthi ama“Bethel,” okuyigama lesiHeberu elisho “indlu kaNkulunkulu.” Izisebenzi zokuzithandela emahhovisi amagatsha nasezindaweni zokunyathelisa zoFakazi BakaJehova zihlala kulamakhaya. Yebo, uJehova uNkulunkulu akahlali ngokoqobo kulezizindlu, kodwa abantu abakuzo bamkhonza isikhathi esigcwele. Lamakhaya aseBethel anikezelwe ngokugcwele enkonzweni kaJehova futhi liwafanele igama elithi Bethel, “indlu kaNkulunkulu.” Ikhaya laseBethel elikhulu kakhulu emhlabeni wonke litholakala eBrooklyn, eNew York, indlunkulu yezwe lonke yoFakazi BakaJehova.
Ukukhula Kudinga Ukwanda Nokusebenzisa Izindlela Zesimanje
Yini eqhubeka efektri nasemahhovisini aseBethel yaseBrooklyn? Umsebenzi omkhulu! Umagazini INqabayokulinda nomngane wayo iPhaphama! kusakazwa lapha namaBhayibneli amaningi nezincwadi zokufunda iBhayibheli ngezilimi eziningi. Konke lokhu kudinga imishini yokunyathelisa eyokuhlanganisa izincwadi, izisebenzi zasehhovisi, izisebenzi zasekhishini nezekhaya ukuze zisekele umsebenzini omkhulu wokuzithandela. Kusukela kubantu abambalwa abaqala ukusakaza umagazini iWatchtower ngo-1879, umkhaya wendlunkulu yaseBethel uye wakhula waze wacishe wafinyelela izi-2 000 ngo-1982, kuhlanganisa abafundi nezisebenzi zesikhashana.
Indawo yokunyathelisa yaseBethel isebenzisa izindlela zesimanje. Kuze kube muva nje, ukunyathelisa okuningi khona kwakwenziwa emishinini esebenzisa umthofi yerotary engama-42, kodwa manje kusetshenziswa imishini emine yesimanje okuthiwa iHarris web offset, futhi kuhlanganiswa owesihlanu. Kuzokwenziwani ngemishini emidala ebisebenzisa umthofi? Lemishini eyenziwe kahle nenokwethenjelwa iyaguqulwa yenziwa ukuba inyathelise ngendlela yeoffset. Imishini emibili yomthofi izohlanganiswa yenze owodwa umshini omusha weoffset. Uma lokhu kuguqula kuphumelela kuyonikeza inkonzo enokwethenjelwa ekunyatheliseni koFakazi ezindaweni eziningi kulo lonke izwe.
Isibusiso sikaJehova ekwandeni komnyango wokunyathelisa savela endaweni engalindelekile muva nje. (IzAga 10:22) “Samukela incwadi esasingayilindele,” kusho umbonisi wefektri, “eyayivela efemini enkulu yokunyathelisa eyayifuna ukunikela ngomshini osusetshenzisiwe kithi.” Ukuziphatha okuhle kwezisebenzi zabo ezingoFakazi ikhona okwabangela ukuba inkampani inqume ukwenza lomnikelo. (IzAga 22:1) OFakazi BakaJehova bawemukela lomnikelo womshini wokunyathelisa obizwa ngokuthi iLevey web offset press onyathelisa ngemibala emine, okwazi ukunyathelisa omagazini abayizi-50 000 INqabayokulinda nePhaphama! ngehora. Lomshini omkhulu, osesimweni esihle, manje uyehlukaniswa ukuze uyiswe epulazini leWatchtower engxenyeni esentshonalanga yeNew York lapho oFakazi bakaJehova futhi benyathelisa khona. Umshini ophakeme ngamamitha ayi-7 mkhulu kakhulu kangangokuba uphahla efektri yasepulazini luye lwaphakanyiswa kwenye ingxenye ukuze ukwazi ukungena.
Umshini wokuhlanganisa izincwadi, owahlanganisa izincwadi ezinoqwembe oluqinile ngonyaka odlule ezingaphezu kwezigidi ezingama-22, nawo ngokufanayo uyathuthukiswa. Indlela yokuhlanganisa izincwadi eyonga izisebenzi ngokusebenzisa i“glue” ithathela isikhundla indlela endala yokuthunga. Ekuhloleni kwamuva nje amadoda ayi-12 asebenzisa indlela ephumelelayo yokuhlanganisa izincwadi akwazi ukwenza ngamahora amane lokho ngokuvamile okwakungathatha amadoda angama-40 amahora ayi-8 ukukwenza!
Nokho, umshini omdala wokuhlanganisa uzosetshenziswa iminyaka eminingi esikhathini esizayo futhi awulahlwa. Kunalokho, eminye inikezwa amahhovisi okunyathelisa oFakazi kwamanye amazwe. Imishini emibili yokuhlanganisa yaseBrooklyn manje isebenza eJaphani. Eminye emibili iye yathunyelwa eBrazil lapho izisebenzi ezinolwazi ezivela eBrooklyn ziye zayihlanganisa khona. Ekuqaleni kwalonyaka, omunye umshini wokuhlanganisa wathunyelwa eItaly uvela eBrooklyn.
ITowers Hotel Ilungiswa Kabusha
Ukwanda okukhulu eBethel yaseBrooklyn kuye kwenzeka eminyakeni eyi-10 edlule, kwadingeka izindawo zokuhlala ezintsha. Ekuqaleni kuka-1975 iTowers Hotel, isakhiwo esinezitezi eziyi-15, esineminyaka engama-50 esiseduze kwenye indawo yokuhlala yaseBethel, sathengwa. Ngalesosikhathi omata baso base begugile, ubonda lunemiqhekeko, futhi upende wawusuxebuka, kodwa sasiyisakhiwo esiqinile. Ukusilungisa sifanele izindinganiso zaseBethel kwaba umsebenzi omkhulu.
ITowers Hotel ayilungiswanga ngokushwampuluza nje. Izindonga ezingaphakathi zadilizwa futhi kwakhiwa ezintsha kuso sonke isakhiwo. Amapayipi amaningi okuhambisa amanzi ashintshwa. Wonke umsebenzi wokupulasitela waxexebulwa ezindongeni futhi wenziwa kabusha. Eqinisweni, kwakhishwa imiphongolo eyizi-60 000 yemfucumfucu yesakhiwo. Leyomiphongolo yayingenza inqwaba ephakeme ngamakhilomitha angama-48!
Ukutholakala Kwezisebenzi Eziyizingcweti
Umsebenzi omningi eTowers Hotel wawudinga izingcweti—opulamba, izazi zikagesi, ababazi, omapendane nabapulasiteli. Umsebenzi wawumkhulu. Ngokwesibonelo, upende nokupulasitela, kwakumelwe kwenziwe endaweni engalingana izinkundla zebhola ezingama-60 namaphethelo azo. Zazizotholakalaphi izisebenzi eziyizingcweti?
Ngomoya wakhe, uJehova uNkulunkulu walungiselela izisebenzi zendlu yakhe. OFakazi abayizingcweti abavela kuyo yonke iUnited States bazinikela ngokuzithandela ukukhonza eBethel futhi basize esakhiweni. Umfuleli wavela eMichigan, owayefaka ama-tiles wayevela eConnecticut, ikontilaki yokupenda yavela eFlorida, nabanye abaningi. Lezizingcweti ngokubekezela zafundisa abazalwane baseBethel abasha nabazimisele, abazinikezela ngokwabo futhi bafunda ngokushesha kangangokuba lezozingcweti ezazivakashile zamangala.
Lokhu kuqeqesha okuthuthukayo kuyisici esiqhubeka njalo esakhiweni saseBethel. Muva nje, umbonisi wesakhiwo eBethel wamukela incwadi eyayivela eBhodini Yemfundo Yomuzi WaseNew York. Lendoda yayivakashele isakhiwo saseBethel phakathi nokwakhiwa kweTowers futhi naphakathi kwesakhiwo samuva nje. “Ngaba nelungelo nethuba lo kuxoxa ngokuningiliziwe ngokwethukela nabantu bakho,” wabhala. “Ngamangala ukuthola ukuthi izinsizwa ezingenalwazi noma ezinokuhlangenwe nakho okuncane kulomsebenzi, ngemva nje kwesikhashana esifushane sokusebenza nababonisi abanolwazi nabanokuqonda, zazikwazi ukwenza umsebenzi wobungcweti. Kwasheshe kwaba sobala kimi ukuthi ngamunye unomsebenzi okhethekile, isimo nomthwalo wemfanelo nokuzimisela ukwenza kahle kakhulu umsebenzi awabelwe.”
Ingabe lokhu kumelwe kumangalise? Cha, uJehova akawuthululelanga yini umoya wakhe kuBesaleli nakuOholiyabe ababesiza ekwakhiweni kwe“ndlu” yaKhe ehlane? (Eksodusi 35:30-35) Futhi kuthiwani ngalabo ababesebenza ngaphansi kwabo? IBhayibheli lithi: “UMose wababiza oBesaleli no-Oholiyabe nabo bonke abahlakaniphileyo ngenhliziyo, uJehova abeke ukuhlakanipha ezinhliyweni zabo, bonke abavuswa izinhliziyo zabo ukuza emsebenzini ukuba bawenze.” (Eksodusi 36:2) Ngokufanayo namuhla, “ukuhlakanipha” kwamavolontiya amasha asebenza endlini kaJehova kuvela kuYe.
Kusukela ekuqedweni kwayo ngo-1978, iTowers Hotel iye yalungiselela indawo yokuhlala nendawo yokudlela yabantu abayi-1 000. Indawo yokuwasha nemishini ye(dry clean) iye yafakwa, nezinto ezihlukahlukene zokulungisa nemishini, umnyango wokuthunga, owokulungisa izinwele nendlu enkulu yokunakekela abagulayo. Laba abakhonza “endlini kaNkulunkulu,” babonga kakhulu ngalezizinto ezinhle.
Kwadingeka Indawo Yamahhovisi
IWatchtower Bible and Tract Society of New York Inc., iyinhlangano engokwenkolo yoFakazi bakaJehova abayisebenzisela ukuqondisa umsebenzi wabo wenkonzo eUnited States. Eminyakeni eminingi amahhovisi ahlukahlukene alenhlangano aye asakazeka ezakhiweni eziningi zeBethel nesakhiwo esikhulu sefektri. Ngasekupheleni kwawo-1970 lamahhovisi ayebonakala emancane kakhulu ukuba kwenziwe umsebenzi owawukhona kuwo.
Ngombono wesikhathi esizayo, iNdikimba EBusayo yoFakazi BakaJehova yanquma ukushintsha indlu enkulu yokugcina izimpahla yaba isakhiwo salamahhovisi. Lokhu kwakungenakwenza nje indawo yamahhovisi ibe khona, futhi kwakuyothuthukisa indlela yokukhulumisana phakathi kwamahhovisi ahlukahlukene ukuba wonke abe sesitezi esisodwa. Futhi kwakukhona esinye isizathu esibalulekile sokuthutha.
Amacomputer aye aba nokubaluleka okukhula njalo ezicini eziningi zomsebenzi wenhlangano. Kodwa ukusebenzisa amacomputer ngendlela ebanzi kunzima ngaphandle kokuba amacomputer abe seduze kwamahhovisi awasebenzelayo. Ilungiselelo elisha lamahhovisi lenza lokhu kube nokwenzeka.
Isakhiwo esakhethelwa ukuguqulwa senziwe amahhovisi sasiyisakhiwo sikakhonkolo esinezitezi eyi-13, esathengwa enkampaneni okuthiwa iSquibb Pharmaceutical Company ngoNovember 1969. Kwakukhona izingxenye eziyisithupha ezincane ezihlangene naso, iningi lazo elalakhiwe ngamapulangwe, ezazinokuphakama okungafani. Lezizakhiwo ezindala nezingabukeki zaqaqwa ukuze kunezelwe esakhiweni esikhulu ngezitezi eyi-11.
Ukuguqula indawo yokugcina izimpahla zasefektri ibe amahhovisi esimanje nasebenza ngokuphumelelayo akuwona umsebenzi omncane. Amafasitela avuzayo akhishwa kwafakwa amafulemu amasha namagilasi. Amafasitela amasha anombala ahlehliswa angena phakathi obondeni olungaphandle lwesakhiwo. Lokhu kwenza ikepisana lamafasitela, okugcina ilanga elishisayo lasehlobo likude, kodwa angenise ilanga lasebusika. Ugesi nokokushayisa umoya emahhovisini amasha kuqondiswa ngecomputer, ukuze ugesi oshiywa ngengozi ukhanya ngemva komsebenzi uzicimele ngokwawo ngaphambi kokuba kumoseke ugesi. Labo abasebenza kuze kube sebusuku ngesinye isikhathi bazithola besebumnyameni bengalindele, kodwa, yebo, ukukhanya okudingekayo kungabuye kuvulelwe futhi.
Ukonga Amandla Nemali
“Umthetho womlilo womuzi waseNew York uqine kakhulu futhi udinga ukuba kube khona izindlela ezizisebenzelayo eziningi uma kwenzeka kuba nomlilo kangangokuba isakhiwo sadinga icomputer,” kwasho umqondisi wecomputer. “Ngokuthola uhlelo olunamandla, singaqondisa ukusebenzisa kwethu ugesi ihora ngalinye. Uma icomputer ibona ukuthi kusetshenziswa omningi, ngokuzenzakalelayo ingacisha ugesi ezindaweni ezingawudingi kangako nezinye izinto ukuze kongiwe. Ezinyangeni ezimbili nje siye songa ngaphezu kwama-R4 000 ngokusebenzisa icomputer, futhi lokho kuyisiqalo nje!”
Isitezi se-12 sesakhiwo sasinendawo emise okwesitebhisi engamamitha ama-3. Ukuze kusetshenziswe lendawo ibe amahhovisi, ubonda lwadilizwa futhi uphahla lwaphakanyiswa ngokusetshenziswa kwensimbi ethile efana nengilazi. Abanye ababukelayo babecabanga ukuthi indlu yokukhulisa izitshalo eyenziwe ngokusangilazi!
Ingaphakathi lesakhiwo esilungiswe kabusha lalihlelwe kahle nangobunono. Labo ababesebenza emahhovisi eNhlangano bajatshuliswa indawo eyandisiwe neyenza kube lula ukusenza lapho beqalisa ukuthuthela endaweni entsha entwasahlobo ka-1980.
Isibusiso SikaJehova Esenezelweni Esisha
Ngalesosikhathi, ingxenye enkulu eyayenezelwe esakhiweni samahhovisi yayikhula ngokushesha. Isibusiso sikaJehova emsebenzi sasisobala. “Yonke into yamane yaqhubeka ngohlelo,” kwasho umbonisi wesakhiwo. Enye ifemu enkulu yokwakha yezwe yavuma ukumisa uphahla lwesakhiwo futhi izisebenzi zethu zaqedela umsebenzi ngaphakathi. Lokhu kuyaphawuleka ngokwakho, ngoba eqinisweni babengakudingi ukusizwa yithi! Ngaphandle kwalokho, ngokuvamile amakontilaka athanda ukwenza wonke umsebenzi, kodwa azimisela ukwenza izinto ngendlela yethu futhi yaba usizo olukhulu.
“Esinye isici kwakuyisimo sezulu. Saqala umsebenzi wokudiliza ngo-October 1979 futhi sasebenza bonke ubusika, sathela ukhonkolo wesakhiwo ngoJanuary 1980. Sasingafuni ukulibala ngenxa yesimo esibi sezulu, futhi ngokuqinisekile, isimo sezulu sasingesihle kuyo yonke iminyaka. Izikhathi ezingaphezu kwesisodwa amakontilaki amancane kakhonkolo asitshela ukuthi ayenomuzwa wokuthi kumelwe ukuba sazana nothile owayeqondisa isimo sezulu.
“Ngisho nalapho sekuziwa ekuceleni izimvume zesakhiwo, kwaba sobala ukuthi uJehova wasenzela izinto zaba lula. Kwelinye iqophelo sasinomhlangano nekontilaki yethu enkulu futhi satshelwa ukuthi kwakuyothatha amasonto amabili ngaphambi kokuba izimvume ezithile ezibucayi zitholwe. Ake ucabangele ukumangala kwabo lapho omunye wabafowethu ekwazi ukuya eCity Hall futhi ebuya nemvume edingekayo ngaphambi kokuba umhlangano uphele!
“Njengoba isenezelo esisha siqala ukuphakama, omunye umakhelwane wasiyisa enkantolo ukuba siyeke ukwakha. Cishe ngalesosikhathi umhloli womlilo waphawula ukuthi ikontilaki encane yopulamba eyayisebenza emsebenzini yayingakunakanga ukufaka ipayipi lokuvikela umlilo. KwakungoLwesihlanu futhi umhloli wasitshela ukuthi wayezosinikeza incwadi, eyayizomisa wonke umsebenzi uma lelopayipi lingafakwanga ngoMsombuluko ekuseni.
“Ukumiswa okunjalo kwakunganikeza umakhelwane wethu ithuba ayelifuna lokumisa ngokuphelele umsebenzi! Kwadinga umzamo omangalisayo wokufaka lelopayipi ngesikhathi, kodwa abazalwane bethu abahlanu basebenza bebheke isikhathi ngaleyompelasonto ukuze basize izisebenzi zekontilaki ziqede ngesikhathi. Ekuseni ngoMsombuluko umhloli womlilo wamangaliswa ukubona ukuthi umsebenzi wawenziwe futhi wavumela ukuba isakhiwo sethu siqhubeke.
“Akudingeki ukusho ukuthi, imizamo engokomthetho kamakhelwane wethu ongenabungane yokumisa isakhiwo sethu ayiphumelelanga.”
Ukuthutha
NgoDecember 1981 izisebenzi zehhovisi zaqala ukuthuthela esenezelweni esisha. Amacomputer asetshenziswa umnyango oBhalayo, wokuDweba, nowePhotocompositon angeniswa ngalesisikhathi esuka ezindaweni zawo zesikhashana ezazisefektri, eqhele ngo-0,8 khilomitha, esenezelweni esisha. Ingqikithi yezisebenzi ezingama-93 yayithutha. Zonke izindlela zokulungiselela umagazini ngaphambi kokunyatheliswa, kuhlanganise nokokubhala, ukulungisa, ukuhlola amaphutha ukubhala izihloko, manje kwenziwa amacomputer. Ngakho-ke kuyokonga isikhathi futhi kuphumelelise ukuba naleminyango ebisakazeke yonke indawo ibe sesitezi esisodwa, eduze namacomputer ayisebenzisayo.
Kusukela ngoJanuary 1982 omagazini besiNgisi INqabayokulinda nePhaphama! sebenyatheliswa ngokuphelele ngamacomputer. “Kakade sesonga isikhathi ngendlela yecomputer,” kubika umbonisi wefektri. “Indlela yethu yokuhlola amaphutha, ngokwesibonelo, yehla ngamaphesenti angama-50!” Njengoba iningi lababhali beNhlangano beqala ukungenisa umsebenzi ngokuqondile kuyicomputer, isikhathi sokuhlola siyokongiwa. Futhi indlela yokukhipha amakhasi anyathelisiwe kucomputer iyokwenzela labo abenza umsebenzi wokuhlela kube lula kakhulu kunangaphambili. Amanye amacomputer eNhlangano enziwe ngendlela ethile, aklanywa futhi ahlanganiswa oFakazi abasebenza emapulazini eWatchtower. Eyokuqala yalemishini ehlanganiswe oFakazi yafika eBrooklyn ezinyangeni ezimbalwa ezedlule ukuze ihlolwe.
IWatchtower Society iwazisa kakhulu umnikelo wokuphana ovela koFakazi BakaJehova kulo lonke izwe oye wasiza ekuphumeleliseni lemisebenzi yokwakha. Lemali iphathwa ngokonga ngangokunokwenzeka, njengasendaweni yokwakhiwa kwamahhovisi amasha, aklanyelwe ukonga izinkulungwane zamaRandi unyaka ngamunye emalini yamandla. Imishini emisha eye yafakwa eBethel yaseBrooklyn isiza “umkhaya” omkhulu lapho ukuba wenze umsebenzi wawo obalulekile wokulungiselela ukudla okungokomoya nokukuqondisa kubantu bakaJehova ezweni lonke. Sengathi isibusiso sikaJehova singaqhubeka sisemizamweni yabo, nemizamo yabo bonke abantu bakhe, ukuze bamkhonze ngomphefumulo wonke kulezi“zinsuku zokugcina”!—Mathewu 22:36-38; 2 Thimothewu 3:1.
[Isithombe ekhasini 11]
Isakhiwo i“Towers”
[Isithombe ekhasini 14]
Isakhiwo esisha esikhulu seWatchtower namahhovisi endlunkulu