Intsha Ezweni Lanamuhla
Isikhathi Sokuvuthwa—Sinengozi Kakhulu!
ISIKHATHI sokuthomba—isikhathi ekuphileni esiphakathi kobuntwana nokuvuthwa—siye sachazwa njengo“kuhlangenwe nakho kokukhula komuntu okuyingozi kakhulu” namuhla. Umuntu owasho lokho wachaza: “Umntwana othombayo usengozini ngoba ubunye bezizukulwane sebunqanyuliwe. Uqala ngqá ukuzimela ngokwakhe futhi engavikelwe abadala kunaye. Ungaphansi kokucindezeleka ngenxa yokuphazanyiswa wukuphucuka, isikhathi esizayo nokunganakwa okusobala.”—URuth Aikins, encwadini ethiwa Quality of Life—The Early Years, eyagqugquzelwa iNhlangano YaseMelika Yezokwelapha.
Inguquko iye yaba ngeshesha kangaka! Ukuziphatha okuhle kuye kwawohloka. Ukungaqiniseki ngezinto kuye kwakhula.
Abantu abasha, njengoba bedinga ukuqondiswa, ngokuvamile abawatholi amandla aqinile okukholwa kwabadala, ukunamathela ezintweni ezibalulekile noma inkambo yokulunga. Abantu abasha abaningi bacabanga ukuthi isizukulwane esidala siziphathe kabi kakhulu. Kodwa abasha kumelwe bakhumbule ukuthi nakuba izizukulwane zakuqala kungenzeka ziye zangazinaka izimiso ezilungile, lezozimiso bezilokhu zikhona eBhayibhelini. Libonisa lokho abantu okwakumelwe bakwenze, nalokho uNkulunkulu azokwenza ngokushesha ukuze axazulule izinkinga zomhlaba.
Ukubaluleka Kokunamathela Ezinqumweni
Ingabe abantabakho bakubheka njengensika eqinile—umuntu othile abangalingisa indlela yakhe yokuphila?
UJoseph noLois Bird babhala kuyi-Power to the Parents!: “Umntwana uzalelwa ezweni angalizwisisi, izwe angakwazi ukusinda kulo ngaphandle kokusekelwa okukhulu kakhulu nokuvikelwa. . . . Kudingeka azi ukuthi abantu abadala abahlonipheka kakhulu ekuphileni kwakhe baye bazitholela amakhambi ekuphileni kwabo siqu, ukuthi bangenza izwe labo libe nengqondo.”
Abantwana badinga ukuthola kithina amandla okunamathela ezinkolelweni, izinto ezibalulekile nenkambo elungile abasibona siphila ngakho. Uma bethola ukuguquguquka, ukuhlehla ezinqumweni, ubuzenzisi ezenzweni zethu, bayoba nobunzima ekwakheni amandla adingekayo ukuze balondoloze izinqumo zabo siqu njengoba bekhulela ekuvuthweni.”
Yeka indlela abantabakho ababusiseke ngayo uma umkhaya wakho unamathela ezinkolelweni, ezisekelwe eqinisweni leZwi likaNkulunkulu! LeloZwi linganikeza umkhaya wakho izinto ezibalulekile, imigomo enamandla engokomoya, ukholo oluqinile kuNkulunkulu, nesifiso esishukumisayo sokudlulisela lolokholo olumangalisayo kubantabakho abathandekayo.
‘Ukucindezelelwa Ukwenza Okubi’
Ukucindezelwa wukufuna ukulingisa abangane bethu kunamandla kakhulu. Intombazane eneminyaka eyi-16 yabhala: “Ngenkathi ngisemncane, ngaso sonke isikhathi ngangicindezeleka ekwenzeni izinto ezimbi, njengokubhema ukweba nokunye okunjalo. . . . Ngangingenaso ngempela isifiso sokubhema usikeleti, kodwa ngangingafuni ukuba wonke umuntu athi: ‘Awu, usanuka ubisi, uyisiphukuphuku.’ . . . Manje sengiyaqaphela ukuthi ubuhlobo obakhelwe ekuhlehleni okholweni buyize futhi buphela kalula.” Oneminyaka eyi-12 wabhala: “Lapho othile ekucindezela, into engcono kakhulu ongayenza ukungabanaki noma wehlukane nabo, noma uye kubangane obathandayo.” (Listen to Us, amakhasi 110, 111) Yeka ukuhlakanipha okuvela kwabasha ababili—kungcono ukushintsha abangane kunokulingeka wephule lokho owaziyo ukuthi kulungile!
Esikhathini eside esedlule uJehova waxwayisa uIsrayeli ngalenkinga. Wathi ukujwayelana nabantu abangakholwa kwakuyobangela ukuba ‘bakumeme,’ futhi wawuyodla nabo eminye yemihlatshelo yabo. Khona-ke amadodakazi abo ayeyogana amadodana abo, awaholele ekukhulekeleni onkulunkulu bamanga. (Eksodusi 34:12-16) UDina osemusha wafunda ingozi yokwejwayela abantu abangamesabi uNkulunkulu, okwaphumela kuphela ekudabukeni kwakhe. Lapho ngokungahlakaniphi evakashela amantombazane amaKhanani, insizwa, echazwa njenge“nodumo kunabo bonke abendlu kayise,” yamona, yabangela okukhulu ukuchitheka kwegazi. (Genesise 34:1-31) Yeka ukuthi isixwayiso seBhayibheli siyiqiniso kanjani: “Ukujwayelana nababi konakalisa ukuziphatha okuhle”! (1 Korinte 15:33) Noma, njengoba iThe Jerusalem Bible ikubeka: “Abangane ababi bonakalisa abantu abahlonipheka kakhulu.”
Amakhasi alandelayo asinikeza imininingwane eyengeziwe, esekelwe eZwini likaNkulunkulu, ebonisa indlela imikhaya engabumbana ngayo ekunqobeni izinkinga kulelizwe lanamuhla.