Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w82 8/1 kk. 6-8
  • Baphumelela—Ngokwethembeka

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Baphumelela—Ngokwethembeka
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe Uzokhohlisa Ngoba Kusho Ubasi?
  • Isigebengu Esinesibhamu Siyashintsha
  • Akaselona Isela Nomqambi-manga
  • Ukuphila Okunesikhathi Esizayo
  • Thembeka Ezintweni Zonke
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
  • Ingabe Ukwethembeka Kuyabuyisela?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
  • Thembeka Ezintweni Zonke
    “Zigcineni Othandweni LukaNkulunkulu”
  • Okwenza Ukwethembeka Kuzuzise
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2016
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
w82 8/1 kk. 6-8

Baphumelela—Ngokwethembeka

YEKA INDLELA okungaba kuhle ngayo ukushiya iminyango yakho ivulekile ungesabi ukuthi ungebelwa! Yeka ukuthi kungaba isibusiso nenjabulo kanjani ekuphileni ukuba sikwazi ukwethemba wonke umuntu nokuba sethenjwe!

Kodwa konke lokhu kuqala ngomuntu ngokwakhe, akunjalo? Umzamo wethu siqu uza kuqala.

Cabangela izibonelo ezimbalwa zabantu abanqoba izejwayezi ezimbi futhi bagqashula ngoba befuna ukwenza njalo.

Ingabe Uzokhohlisa Ngoba Kusho Ubasi?

ERio de Janeiro, eBrazil, indoda yayibhekene nokulahlekelwa umsebenzi wayo ngaphandle kokuthi iqhubeke ikhohlisa abathengi. Kungani yazithola ikulesimo? Ngemva kokwenza lokho umqashi ayiyala ukuba ikwenze ngaphandle kokwenqena, yaqala ukufunda izindinganiso zikaNkulunkulu eBhayibhelini. Yayizokwenzani? Ngokushesha nje yenza okushiwo iBhayibheli? Cha nakancane. Yafuna indlela elula yokuphunyula; yayeka ukufunda iBhayibheli. Okwesikhashana yakwazi ukulondoloza umsebenzi wayo. Kodwa indaba yayingapheleli lapho.

Unembeza wayo wawungayivumeli neze ukuba ihlaliseke futhi yafaka isaziso sokuyeka umsebenzi. (Roma 2:14, 15) Imithandazo yayo kuNkulunkulu yokucela unembeza omuhle kufanele ukuba yezwiwa, ngoba yafuna omunye woFakazi BakaJehova, ohlala eduze ukuze iqhubeke ifunde iZwi likaNkulunkulu. Ngokuthakazelisayo, akubanga isikhathi eside ngaphambi kokuba ubasi wayo ayishayele ucingo. Wayeyifuna futhi. Umuntu owayeqashwe esikhundleni sayo wayengathembeki, hhayi kubathengi kuphela kodwa nakubasi ngokwakhe! Ngalesosikhathi, njengoba eseqinile ekuzimiseleni kwakhe kokuhlala ethembekile, umfundi weBhayibheli wathi uzocabangela ukubuyela, kodwa uma kuwukuthi—uyohlala ethembekile kuzo zonke izimo. Kwavunyelwana ngalokhu. Ukwethembeka kwanqoba, futhi manje lendoda ingumKristu obhapathiziwe.

Isigebengu Esinesibhamu Siyashintsha

Ingabe isigebengu esihlomile singayishintsha indlela yaso yokuphila? Ngaseningizimu yeBrazil umfana oneminyaka eyi-19 wayeyilungu leqembu elaligqekeza amakhaya. Ngenkathi esejele wabona incwadi yeBhayibheli enyatheliswe iWatch Tower Society. Akufunda kwammangalisa. Izimfuneko zikaJehova ngomKristu zazehluke kakhulu endleleni yakhe yokuphila nakuba ezishaya umRoma Katolika.

Kancane kancane wathuthuka. Ukwazisa kwakhe kwanda njengoba ukungabaza kuncipha. Namuhla uzifundela ngokwakhe iBhayibheli nezinye iziboshwa, futhi abaphathi basejele abameli nabahluleli bamazi kakhulu ngenguquko yakhe emangalisayo. Izikhulu ziye zahlatshwa kakhulu umxhwele ukuziphatha kwakhe okushintshile kangangokuba zavumela ukuba isifundo seBhayibheli seqembu siqhutshwe masonto onke, nabangama-40.

Akaselona Isela Nomqambi-manga

ELandani, eNgilandi umfana wazizwa ecasuke kakhulu ngesimiso esimzungezile kangangokuba wadlubulunda ngokusobala. Njengoba wayengenamsebenzi omiyo futhi wayengafuni ukusebenza, wathola ukuthi kuyathakazelisa ukweba. Njengoba engumfana oyisa izimpahla ezitolo wayentshontsha amanye amapakethe futhi entshontsha amaswidi. Ngokushesha wahileleka eqenjini labagqekezi, kodwa wabanjwa, laqulwa icala futhi waboshwa. Njengoba wayeneminyaka eyi-16 kuphela, wathunyelwa enhlanganweni yokwenza-ngcono iziboshwa yaseNgilandi ebizwa ngokuthi iBorstal. Ngemva kweminyaka emibili wakhululwa, futhi okwesikhashana wahlala engakhathazi, esaba ukuphind’ aboshwe.

Ingabe lenhlangano yamguqula? Hhayi ngempela. Ngemva konyaka waphindela futhi ebugebengwini. Njengomthengisi wamathikithi okugibela ebhasini, ngesikhathi sokuphuthuma ebhasini wazibambela ithuba lokufaka imali ekhukhwini lakhe kunokuba ashaye umshini wamathikithi. Wabuye walahlekelwa umsebenzi. Phakathi nalesosikhathi, washada, kodwa zisuka nje izinkinga ezingathi sína zaba-khona ngenxa yokuphuza kwakhe kakhulu nokuba namashende.

Kulelizinga, ezinyangeni ezimbili ngemva komshado, umbhangqwana waqalisa ukufunda iBhayibheli. Wavuma ukuba nesifundo seBhayibheli. Ingabe senza inguquko esheshayo? Ngokunengqondo hhayi. Umkhutshana wokungethembeki wawugxile kakhulu. Lendoda ayibange isaqhubeka nokufunda. Nakuba kunjalo, imbewu yayihlwanyeliwe.

Lapho ibheka emuva, iyavuma ukuthi ngaphakathi enhliziyweni yayazi ukuthi lokho eyayikufunde esifundweni seBhayibheli samasonto ambalwa kwakuyiqiniso futhi kwakuwukuphela kwendlela yokuyilungisa. Inhliziyo yayo yayifuna kodwa, yayingenawo amandla. Ngolunye usuku yalwa namaphoyisa. Yaboshelwa ukushayela idakiwe imoto engathelelwanga. Ngosuku olulandelayo ekuseni lapho izibuka esibukweni futhi ibona ihembe layo elimhlophe ligcwele igazi, yacabanga ngokujulile ngesimo sayo.

“Izindlela ezimbili kuphela ezazingivulekele,” iyasho. “Ukufa noma ukuzihlanza; ngenze isinqumo. Ngathandaza kuJehova ukuba athumele omunye uFakazi oseduze. Ngokuqinisekile, ngokushesha weza futhi ngamncenga ukuba afunde iBhayibheli nami. Ngalesosikhathi kwakunguNovember 1973. NgoMarch 1974 ngabhapathizwa.”

Ingabe kwakulula yini ngalomuntu owayeyisigebengu nomqambimanga? “Cha,” uyaphendula. “Bekulokhu kukhona ukuphazamiseka, ngezinye izikhathi ukubuyela okuncane esimweni sakuqala. Ngaphandle kosizo lukaJehova bengingasoze ngikwazi ukuphuma kulobudlwangudlwangu engangikubo.”

Uyazi ukuthi injabulo ixhomeke ekusebenziseni umthetho kaNkulunkulu wothando. “Umkhaya wami ubumbene eHholo LoMbuso. Futhi ngizama ukukhulisa abantwana bami ngendlela kaNkulunkulu. Ngiyadabuka ngokuthi abazali bami babengakwazi engikwaziyo futhi abakwazanga ukungisiza.”

Ukuphila Okunesikhathi Esizayo

Kulelizwe elinezinkinga, abanye bangase bacabange ukuthi “ithuba lenza kube nesela.” Kodwa ngisho nababengamasela ngaphambili bayabona ukuthi ukuphila ngokwethembeka kunikeza okungaphezulu.

Ngani? Ngoba kuphumela ebuqothweni, unembeza omuhle, ukwethembana futhi ngaphezu kwakho konke, ukuthokozisa uNkulunkulu. Yimfuneko engokwesisekelo yokuphila ohlelweni olusha oluseduze manje, lapho ukweba nokungathembeki kungasoze kube-khona.

Uthando luyoba isici esibusayo sokuphila okwenelisa kunakho konke nokunethezekile emhlabeni oyipharadesi ngaphansi kokubusa kukaKristu Jesu kweminyaka eyinkulungwane. Ukwethembeka kuyobusa yonke indawo. Kungani ungatholi okwengeziwe ngalelithemba elifanelekile manje? OFakazi BakaJehova endaweni yakini bayojabulela ukukusiza.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela