Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w82 7/15 kk. 27-32
  • Indlela Yabalungileyo Iyaqhubeka Ikhanya Kakhudlwana

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Indlela Yabalungileyo Iyaqhubeka Ikhanya Kakhudlwana
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • ISIHLENGO NEGAMA LIKAJEHOVA
  • UKUZIPHATHA NOKUSHUMAYELA
  • UKUZITHOBA ‘EMANDLENI OMBUSO’
  • OBANI ABANGAMA“MINISTER”?
  • Ukwanda Kokukhanya Ezikhathini Zanamuhla
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
  • UNkulunkulu NoKesari
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
  • Ukukhula Olwazini Oluqondile Lweqiniso
    OFakazi BakaJehova—Abamemezeli BoMbuso KaNkulunkulu
  • UKubaneka Kokukhanya—Okukhulu Nokuncane (Ingxenye 2)
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
w82 7/15 kk. 27-32

Indlela Yabalungileyo Iyaqhubeka Ikhanya Kakhudlwana

“Obusa abantu ngokulunga, . . . unjengokukhanya kwasekuseni ekuphumeni kwelanga.”—2 Samuweli 23:3, 4.

1. Yini u-2 Samuweli 23:3, 4 asiholela ukuba siyilindele, futhi ingabe lokhu sekuye kwenzeka?

UKUKHANYA endleleni yezinceku zikaJehova kusukela ezikhathini zakuqala kakhulu kuze kube manje kuye kwaqhubeka kwanda. Lokhu kuye kwaba kukhulu kanjalo kusukela kulowonyaka ophawulekayo ka-1914 lapho, njengoba izehlakalo lapha emhlabeni zabonisa, ‘umbuso wezwe waba ngoweNkosi yethu [uJehova] nokaKristu wayo.’ (IsAmbulo 11:15) Ukukhanya okuvela eZwini likaNkulunkulu kuye kwakhazimula, njengokukhanya kwelanga ‘ekuseni okungenafu’ ukuba likhanyise ngokukhanyayo kakhulu indlela izinceku zikaJehova okumelwe ziyihambe.—2 Samuweli 23:3, 4.

2. Kumelwe sikubheke kanjani ukulungiswa kwemiqondo ngezikhathi ezithile?

2 Nokho, kungenzeka ukuthi kuye kwabonakala kwabanye njengokungathi leyondlela ngaso sonke isikhathi ayizange ihambe iqonde phambili. Ngezinye izikhathi izincazelo ezanikezwa inhlangano kaJehova ebonakalayo ziye zabonisa ukulungisa, lokho okubonakala sengathi bekungamaphuzu ayecatshangelwa ngaphambili. Kodwa lokhu bekungenjalo ngempela. Lokhu kungase kufaniswe nalokho okwaziwa ekuqondisweni komkhumbi njengoku“gwinciza.” Ngokuqondisa ngesu oseyili amatilosi angabangela ukuba umkhumbi uye ngakwesokudla nangakwesokunxele, emuva naphambili, kodwa ngaso sonke isikhathi ube uqhubekela endaweni oya kuyo naphezu kwemimoya ephambana nawo. Futhi lowomgomo ngokombono wezinceku zikaJehova unga“mazulu amasha nomhlaba omusha” wesithembiso sikaNkulunkulu.—2 Petru 3:13.

3. Yibuphi ubufakazi obukhona bokuthi uJehova uyaqhubeka nokubusisa ofakazi bakhe?

3 Akungabazeki ukuthi uJehova uNkulunkulu uyaqhubeka nokubusisa umsebenzi wembulunga wofakazi bakhe, njengoba uqondiswa “inceku ethembekileyo neqondayo.” Lokhu kungase kubonwe ngezithelo. Khumbula, uJesu wathi: “Kanjalo yilowo nalowo muthi omuhle uthela izithelo ezinhle.” Futhi lezozithelo ezilungileyo kanjalo zizobonwa emhlabeni wonke namuhla eqenjini elilodwa kuphela labantu—kwenobunye inhlangano yembulunga yoFakazi BakaJehova.—Mathewu 7:17.

4, 5. Ukwenezela eZwini lakhe eliphefumulelwe, yimaphi amanye amathuluzi uJehova uNkulunkulu awasebenzisile ekuqondiseni abantu bakhe?

4 Kungakhathaliseki ukuthi singase sihlale kuphi emhlabeni, iZwi likaNkulunkulu liyaqhubeka lisebenza njengokukhanya emkhondweni wethu nanjengesibani endleleni yethu ngokuphathelene nokuziphatha nezinkolelo zethu. (IHubo 119:105) Kodwa uJehova uNkulunkulu uye futhi walungiselela inhlangano yakhe ebonakalayo, ‘inceku yakhe ethembekileyo neqondayo,’ eyakhiwe abagcotshwe ngomoya, ukuba isize amaKristu kuzo zonke izizwe ukuba aqonde futhi asebenzise ngokufanele iBhayibheli ekuphileni kwawo. Ngaphandle kokuba sisebenzelane nalelilungiselelo lokuxhumana uNkulunkulu alisebenzisayo, asinakuqhubeka endleleni yokuphila, kungakhathaliseki ukuthi silifunda kangakanani iBhayibheli.—Qhathanisa nezEnzo 8:30-40.

5 Ngokuqondene nelungiselelo likaNkulunkulu lokuxhumana, uJesu wathi “inceku ethembekileyo neqondayo” yayiyokwaba ukudla okungokomoya ngesikhathi esifanele kubo bonke abalandeli bakhe nokuthi wayeyobeka le“nceku” phezu kwakho konke anakho. (Mathewu 24:45-47) Kuyaphawuleka futhi ukuthi umphostoli uPawulu, kwabase-Efesu 4:11-16, wabonisa ukuthi ibandla lobuKristu alidinganga nje kuphela lezisebenzi eziphefumlelwe njengabaphostoli nabaprofethi kodwa futhi nabavangeli, abelusi nabafundisi ukuba basize amaKristu ukuba afinyelele ubunye okholweni nolwazi oluqondile lweNdodana kaNkulunkulu, nokuthola ukuvuthwa okugcwele ngokomoya.—Bheka futhi aboku-1 Korinte 1:10; Filipi 1:9-11.

6. Kungenxa yamaphi amaqiniso kuye kwadingeka ngezinye izikhathi ukuba kubuye kulungiswe imibono ethile?

6 Le“nceku ethembekileyo neqondayo,” ehlangene noFakazi BakaJehova, ngempela iye yasetshenziswa uJehova uNkulunkulu ukuba ihole, iqinise futhi iqondise abantu bakhe. Ngempela, njengoba ukukhanya kukhanya ngokuqhubekayo, futhi ngenxa yokuthi bekunamaphutha ngenxa yokungapheleli kobuntu nobuthakathaka, lamaKristu kwadingeka, ngezinye izikhathi, ukuba abuye alungise imibono nezimfundiso. Kodwa ingabe lokhu akuphumelanga ekuqondisweni okuwalethele inzuzo? Cabanga ngezinye izibonelo.

ISIHLENGO NEGAMA LIKAJEHOVA

7. Kungani futhi kungasiphi isisekelo imfundiso yesihlengo yenziwa yavelela kakhulu ngabaFundi BeBhayibheli?

7 Ngo-1878, uCharles T. Russell, kamuva owaba umongameli wokuqala weWatch Tower Society, wanqamula ubuhlobo bakhe nowayebambisene nomhleli wephephandaba iThe Herald of the Morning, uN. H. Barbour, ngempikiswano yesihlengo. UMnu. Barbour wakwenqaba ukukholelwa emandleni okususa izono omhlatshelo kaJesu. Eminyakeni eminingi emva kwalokho abaFundi BeBhayibheli, njengoba laboFakazi bakaJehova babezibiza kanjalo ngalesosikhathi, bacabangela isihlengo njengesiyimfundiso eyinhloko yeBhayibheli. Futhi akukho kungabaza ngokuthi usindiso ngokukholelwa esihlengweni sikaKristu luyagcizelelwa eZwini likaNkulunkulu. (Johane 3:16; IzEnzo 4:12; Heberu 5:9; IsAmbulo 7:10) Umhlatshelo wesihlengo kaJesu wafanekiselwa ngaphambili ngokwesiprofetho ukunikela kuka-Abrahama ngoIsaka nayimihlatshelo ngaphansi komthetho kaMose. Wabikezelwa futhi nangabaprofethi. Ngakho abaFundi BeBhayibheli bagcizelela kakhulu lokho uJesu Kristu akwenzela isintu.—Luka 24:25-27, 44.

8. (a) Yini ngalesosikhathi eyaba nokubaluleka okukhulu? (b) Lokhu kwaholela kuphi, kodwa ikuphi ukulungisa okwenziwa emashumini eminyaka kamuva?

8 Nokho, iBhayibheli libonisa ukuthi kunokuthile okubaluleke kakhulu kunosindiso lwethu siqu. Kuyimpikiswano enkulu ehilela ukubuswa kwendawo yonke uJehova, lokho uSathane akungabaza ngesikhathi sokuhlubuka e-Edeni. (Genesise 3:15; 1 Korinte 15:24, 25; IsAmbulo 11:15; 12:10) Kubizela ukulwelwa kwegama likaJehova. Ngempela, isihloko salo lonke iBhayibheli, kusukela kuGenesise kuya kusAmbulo, siwumbuso wobuMesiya, leliGama elikhazimulayo eliye lalwelwa ngawo, laphakanyiselwa ingunaphakade! Izikhathi ezingama-75 eBhayibhelini sifunda ngamazwi kaNkulunkulu siqu athi: ‘Bayokwazi ukuthi nginguJehova.’a Ofakazi bakhe baqala ukuqaphela ngokuhamba kwesikhathi ukuthi izidalwa zingase zizincengele kuJehova uNkulunkulu ngokwesisekelo sokuthi igama lakhe lihilelekile nokuthi ‘bonke abayakukhuleka egameni likaJehova bayakusindiswa.’ (Roma 10:13, NW; Joweli 2:32; Zefaniya 3:9) Ngakho eminyakeni ethile igama likaJehova nokulwelwa kwalo kwenziwa kwasemqoka kakhulu kangangokuba abagxeki boFakazi bababeka icala lokungakholelwa kuJesu Kristu. Nokho, ngokulinganiselwe, lokhu kwakuyindaba yokugcizelela okwengeziwe. Njengoba abafunda ngokuvamile INqabayokulinda eminyakeni engamashumi yamuva beye bakuqaphela kahle, amaKristu angoFakazi BakaJehova ngokuqinisekile aye aletha udumo olufanele endimeni kaJesu ekufezweni kwezinjongo zikaNkulunkulu. Ngempela, iZwi likaJehova elingokwesiprofetho ligxila kuJesu njengongekaNkulunkulu ‘iNkosi eyiNhloko Yosindiso’.—Heberu 2:10; 12:2; IsAmbulo 19:10.

9. Isiphi isimiso esibusa intuthuko engokwesayensi esibonakala sisebenza lapha?

9 Ukulungisa okunjalo kungase kuthiwe kulandela isimiso okuye kwathiwa sibusa intuthuko yeqiniso lesayensi. Kafushane, yenza into efana nalena: Okokuqala kuphakama umbono okumelwe kuphikiswane ngawo. Uveza okukhulu ukuba nokwenzeka kokukhanyiselwa noma ukusebenza okunenzuzo. Kodwa kamuva ngokuhamba kwesikhathi ubonakala unamaphutha athile noma ubuthakathaka. Ngakho-ke, ukuthambekela kuwukuwela embonweni omelene ngokwedlulele. Kamuva kutholakala ukuthi nalesosimo asilimeleli lonke iqiniso, futhi ngalokho kuba khona ukuhlangana kwamaphuzu ayiqiniso ezimweni zombili. Ezikhathini eziningi lesisimiso siye sasebenza endleleni izAga 4:18 eziye zagcwaliseka ngayo.b

UKUZIPHATHA NOKUSHUMAYELA

10, 11. Ngokulandelana kwazo, iziphi izimo ezimbili ezagcizelelwa, kodwa kwaba namuphi umphumela wokugcina?

10 Cabanga ngesinye isibonelo sokuqonda okuthuthukayo: Eminyakeni engama-40 eyedlule abaFundi BeBhayibheli bagcizelela ukubaluleka kokuhlakulela ubuntu obuhle bobuKristu, lokho kuhlakulela abakubiza ngokuthi “intuthuko yesimilo.” Kwagcizelelwa kakhulu ngenxa yokunganakwa kwakho kweLobukholwa. Kuyiqiniso, amaKristu kwakufanele afakaze ngokukhuluma kwabanye ngezinjongo zikaNkulunkulu, kodwa lokhu cishe kwakulandela. Kamuva, lapho abantu bakaNkulunkulu beqaphela ukubaluleka kwegama likaJehova nokuthi kwakufanele bafakaze egameni lakhe nangombuso, lokhu kwagcizelelwa, kwaba nomphumela wokuthi ukunakekela okuncane kwanikezwa ukuhlakulela ubuntu obunjengobukaKristu. Kwaqiniswa ukuthi ngaphezu kwakho konke okunye uJesu weza ukuze anikeze ubufakazi, nokuthi ukushumayela yikhona ngempela okubalulekile. Kwadingeka ukuba kutholwe ukulinganisela phakathi kwalezizimo ezimbili.—Roma 10:10; Galathiya 5:22, 23.

11 Ngesikhathi esifanele, lokho kulinganisela okujabulisayo kwafinyelelwa. AmaKristu adinga kokubili ukuhlakulela isithelo somoya kaNkulunkulu nokufakaza ngokungesabi nangokwethembeka ngoJehova. Zozimbili lezizimfuneko zibalulekile. Asinakwazi ukungayinaki enye ngoba senza enye. Umphostoli uPawulu wathi: “Maye kimi uma ngingalishumayeli ivangeli!” Kodwa futhi wathi: “Kodwa ngiyawutuba umzimba wami, ngiwenza isigqila, ukuba mina engishumayeza abanye ngingaliwa mina uqobo.”—1 Korinte 9:16, 27.

UKUZITHOBA ‘EMANDLENI OMBUSO’

12, 13. (a) Imuphi umbono owathathwa kuqala ngokuqondene na“mandla aphakeme” amaRoma 13:1? (b) Lokhu kwaholela kuluphi uhlangothi oluphambene, kodwa kwaba nayiphi inzuzo esobala?

12 Ukufinyelela ekuqondweni okufanelekile kwamaRoma 13:1-7 kwafeza esinye isibonelo soku“qondiswa njengomkhumbi” emqondweni oqondile. AbaFundi BeBhayibheli bokuqala bakuqonda ngokuqondile ukuthi “amandla aphakeme” noma “amandla ombuso,” ayengababusi bakahulumeni walelizwe. (Qhathanisa neAuthorised Version neNew World Translation.) Ngokwesisekelo salokhukuqonda baphetha ngokuthi uma umKristu wayeviviswa ngesikhathi sempi kwakumelwe aye empini, afake inyunifomu abese eya empini. Kodwa kwakuvunyelwe ukuthi, uma sekuziwa ekubulaleni ngempela omunye umuntu, esikhundleni salokho wayengadubula emoyeni.

13 Nokho, kwaba sobala ngokupheleleyo ukuthi umphostoli uPawulu wayengakhulumeli inkambo enjalo. Umbuzo waphakama: Ingabe “amandla aphakeme,” khona-ke, abhekisela kuJehova uNkulunkulu noJesu Kristu? Okwesikhashana, abantu bakaNkulunkulu babambelela kulowomqondo. Futhi phakathi neminyaka enzima yeMpi Yezwe II lokhu okungenani kwabaqinisa ‘ekulaleleni uNkulunkulu njengombusi kunabantu,’ njengoba bakha umbiko omangalisayo wokungathathi hlangothi kobuKristu ngokungesabi kuwo wonke umhlaba. (IzEnzo 5:28, 29) Akuzange kube khona nokuncane ukungabaza ngokuthi amaKristu kumelwe anikele inkonzo eyinhloko kuMbusi oyiNkosi uJehova nenkosi yakhe yobuMesiya, uJesu Kristu. Kodwa ingabe laba ngesikhathi esifanayo banga“mandla ombuso” okumelwe siwanike ‘intela, nodumo’?—Roma 13:7.

14. Indaba yokuzithoba eziphathimandleni zikahulumeni wezwe yabonwa kanjani ekugcineni ngokuqondile?

14 Ngokujabulisayo, ngonyaka ka-1962, uJehova waholela abantu bakhe ekuqondeni isimiso sokuzithoba okulinganiselwe. Kwabonwa ukuthi amaKristu azinikezele kumelwe alalele ababusi bomhlaba njenga“mandla ombuso,” ngenjabulo bebheka laba njenge“sikhonzi sikaNkulunkulu,” noma inceku, ezuzisa bona. (Roma 13:4) Nokho, uma lawa “mandla” efuna ukuba baphule umthetho kaNkulunkulu, kwakuyokwenziwa njani? Kuze kube kulelozinga amaKristu ayelalele iseluleko samaRoma 13:1: “Akube yilowo nalowo azithobe phansi kwamandla ombuso.” Kodwa lokhu kucaciswa amazwi kaJesu, njengoba elotshwe kuMathewu 22:21: “Nikani uKesari okukaKesari noNkulunkulu okukaNkulunkulu.” Ngakho lapho “uKesari” efuna amaKristu ukuba enze izinto eziphambene nentando kaNkulunkulu, kumelwe abeke umthetho kaJehova ngaphambi koka“Kesari.” Lokhu kuphambene nokwenziwa kweLobukholwa ngokuvamile. Abaningi ababizwa ngokuthi amaKristu baba manqikanqika kancane ngokuqondene nokwephula imithetho kaNkulunkulu uma kuyale uKesari ukuba kwenziwe kanjalo. Omunye umshisekeli wezwe waze wakubeka ngalendlela: “Izwe lakithi! . . . sengathi ngaso sonke isikhathi lingaba ngelilungile; kodwa izwe lakithi, noma lilungile noma lisephutheni.” Kodwa amaKristu angofakazi bakaJehova awanjalo! Uma eyalwa ukuba aphambane nentando kaNkulunkulu, aphinda amazwi abaphostoli bakaJesu, athi: “Simelwe ukulalela uNkulunkulu kunabantu.”—IzEnzo 5:29.

OBANI ABANGAMA“MINISTER”?

15, 16. (a) Bekuqondwani isikhathi eside ngokuqondene nokuthi obani ama“ministers” kaNkulunkulu? (b) Ikuphi ukulungisa okwenziwa, futhi ngani? (c) Kodwa imaphi amaphutha lokhu kulungisa okwaba nawo?

15 Ukuveza esinye isibonelo esengeziwe sokukhanyiselwa okuthuthukayo, kunombuzo ngokuqondene nokuthi onke amaKristu aqotho azinikezele ayiwo yini ama“ministers,” kungakhathaliseki ubudala noma ubulili. Eminyakeni eminingi oFakazi BakaJehova babecabanga ukuthi bonke abaphendukile, abaguqukile, abakholwa kuNkulunkulu nakuKristu, bazinikezela ngokwabo kuJehova ukuba benze intando yakhe njengoba yembulwa uKristu, futhi babhapathizwa, ngempela babengama“ministers.” Kodwa kamuva abanye bamelana nalokho. Izikhulu zikahulumeni ngokuvamile azizange zisiqaphele lesisikhundla. Kwaphikiswana futhi ngokuthi izilimi eziningi azinalo igama elifana nelithi “minister” futhi ngalokho akumelwe lisetshenziswe ngomqondo wenkolo yilabo bezilimi ezinalo. Futhi, kwaphikiswana ngokuthi ubhapathizo alubonakali lufana nomkhosi ofanelekile wokugcotshwa. Kodwa, ingabe lezi kwakuyizizathu ezibalulekile zokwenqabela ukusetshenziswa kwegama elithi “minister” kulabo abamisiwe esikhundleni ebandleni, kubadala nama“diyakoni,” noma izinceku ezikhonzayo?

16 Iqiniso liwukuthi umthetho wezwe ngokuvamile unikela inhlangano ngayinye yenkolo ilungelo lokunquma ukuthi yini eyenza umuntu ukuba abe ngomunye wama“ministers” ayo. Uma abanye bengasazisi isikhundla sabo noma bavumelane naso, lokhu akunalutho. Akunandaba futhi ukuthi izilimi eziningi njengesiZulu azinalo igama elifana nelithi “minister.” Lokhu akumelwe kuvimbele labo abanezilimi ezinegama elinjalo—isiNgisi, isiNtaliyane, isiPanishi nezinye—ekulisebenziseni uma lifeza injongo ebalulekile.

17, 18. Obani ngempela abangabizwa ngokuthi ama“ministers,” futhi kumelwe bayibheka kanjani “inkonzo” yabo engcwele?

17 Igama elithi “minister” liwusizo, ngoba libhekisela ohlotsheni olukhethekile lwe“nceku,” leyo enesabelo senkonzo esiphakeme nesikhethekile. Noma ubani, kungakhathaliseki ubudala noma ubulili, okwaziyo ukuzibonisa ukuthi unokuqonda okuhle ngentando kaNkulunkulu nezinjongo zesintu, futhi oye waletha ukuphila kwakhe ekuvumelaneni nezimiso zeBhayibheli, futhi wazinikezela wabhapathizwa ekuvumelaneni nomyalo kaJesu okuMathewu 28:19, 20, ngokuqinisekile ungomunye wama“ministers” kaNkulunkulu. Eqinisweni, kungase kushiwo ukuthi umuntu onjalo ufaneleka kakhulu ukukhulumela uNkulunkulu kunanoma ibaphi abangena izikole zezenkolo kodwa abangaziqondi izinjongo zikaNkulunkulu futhi okungenzeka ukuthi abazange balethe ukuphila kwabo ekuvumelaneni nezimfuneko zokulunga zikaNkulunkulu. Labo abakhonza uNkulunkulu ngeqiniso bangasho nomphostoli uPawulu: “Ngidumisa ukukhonza kwami.”—Roma 11:13.

18 Kumelwe kugcizelelwe ukuthi igama elithi “minister” alilona ibizo kodwa liyincazo. (Qhathanisa noMathewu 20:28.) Akwanele ngomuntu ukuba athathe izinyathelo ezimenza afaneleke ukuba abhapathizwe njengenceku kaJehova uNkulunkulu. Umuntu kumelwe enze inkonzo yakhe, ‘inkonzo yakhe engcwele’ kuJehova uNkulunkulu ibe umgomo oyinhloko ekuphileni kwakhe. Ngaphandle kwalokho, kungakhathaliseki ukuthi singakanani isikhathi angase akwazi ukusinikela enkonzweni yakhe ngenxa yezimo ezingaphezu kwamandla akhe, akanakuzibiza ngokufanelekile ngokuthi uyi“minister” noma abhekwe ngabanye njengomunye wama“ministers” kaNkulunkulu.—Roma 12:1; 2 Thimothewu 4:5.

19. (a) Intuthuko enjalo yokuqonda iye yaphumela kukuphi, kodwa abathembekileyo babusiswa kanjani? (b) Liyini ilungiselelo likaJehova lokwaba ukudla okungokomoya, futhi kungani kumelwe silikhethe njalo?

19 Ngempela, ukuthuthuka okunjalo kokuqonda, okuhilela “ukugcwinciza okunjengokungathi komkhumbi,” kuye kwasebenza njengovivinyo lokuthembeka kulabo abahlangene ne“nceku ethembekileyo neqondayo.” Nokho, intuthuko iyenziwa ngokuqhubekayo ngokuqondene nokuqaphela ngokugcwele “izindaba ezinhle” nakho konke ezikushoyo. Kuye kwaba okuhlangenwe nakho kwabahlala besondelene nenhlangano kaNkulunkulu ukuthi imibuzo nezinto okunzima ukuziqonda ngaso sonke isikhathi ziyakhanyiswa ngokuhamba kwesikhathi. Futhi njengoba ukukhanya kukhanya ngokwengeziwe, yeka ukuthi indlela ifudumeza inhliziyo futhi yanelisa kanjani! Kunjengoba uPetru asho lapho abanye babafundi bekhubeka ngemfundiso kaJesu: “Nkosi, siyakuya kubani na? Amazwi okuphila okuphakade akuwe.” (Johane 6:68) INkosi uJesu Kristu isenawo lawo “mazwi,” futhi iyawaba ngenhlangano eyodwa “inceku ethembekileyo neqondayo” eyisebenzisayo namuhla emhlabeni. Injengo“muthi omuhle” ochazwa uJesu njengothela “izithelo ezinhle.” (Mathewu 7:17) Ngaphandle kwalokhu, ukuphela kokukhetha kuwukuhlangana nesikaSathane “isilo” sezombangazwe ne“Babiloni Elikhulu,” umbuso wezwe wenkolo yamanga. (IsAmbulo 13:1; 17:5) Akekho umKristu ozinikezele oyofuna ukubuyela kulokho!—2 Petru 2:22; Johane 14:6.

20. (a) Kungani manje singaba nokuqiniseka okwengeziwe kunanini ngo‘kukhanya okukhanyiselayo’? (b) Isiphi isikhathi esizayo esijabulisayo esilithemba labo bonke abakhetha indlela yokukhanya okwandayo?

20 Ngempela, “ukukhanya kumkhanyisele olungileyo.” (IHubo 97:11, NW) IzAga 4:18 ziyagcwaliseka, ngokuthi “umkhondo wabalungileyo” unjengokukhanya okuqhubeka ngokukhanya kuze kukhanyisise. Uma ngezikhathi ezithile kunokulungisa okuthile, ngokungenakugwenywa isimo esenziwe ngcono siba umphumela. Ukulungisa akwehlulekanga. Njengoba uKristu ebusa manje, ukukhanyiselwa okujatshulelwa abantu bakaJehova ku“njengokukhanya kwasekuseni ekuphumeni kwelanga.” (2 Samuweli 23:3, 4; Mathewu 25:31) Bathole umusa ngempela bonke abakhonza ngokwethembeka nenhlangano ye“nceku ethembekileyo neqondayo,” inxusa lokuxhumana elibonakalayo elisetshenziswa uJehova! Okwabo ukukhetha kuhlakaniphile, ngoba indlela yabo iholela emgomweni oyigugu wokuphila okuphakade ohlelweni olusha uJehova aludalayo.—Isaya 65:17, 18; 66:22.

[Imibhalo yaphansi]

a Izikhathi ezingama-60 encwadini kaHezekeli kuphela; futhi nakuEksodusi 6:7; Duteromoni 29:6; Isaya 49:23; Joweli 3:17, nakweminye imibhalo.

b Lokhu kuye kwabizwa ngokuthi thesis (umbono), antithesis (umbono omelene) nelithi synthesis (ukuhlangana kwemibono emibili).

[Ibhokisi ekhasini 31]

Ngokutadisha nangokuhlangenwe nakho izinceku zikaJehova manje zibona ukulinganisela okufanelekile:

Ukuthi ukulwelwa kwegama likaJehova kubaluleke kakhulu kunosindiso lwezidalwa.

Ukuthi ukubonisa intshiseko ekufakazeni nasekuhlakuleleni izithelo zomoya kungokubalulekile ngokufanayo.

Ukuthi ukuzithoba komKristu kubabusi basemhlabeni kuwukuzithoba okulinganiselwe.

Isikhundla sazo esiphakeme njengama“ministers,” ngokuqinisekile amelela uJehova, kungakhathaliseki indlela abanye abawabheka ngayo.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela