Indodana Eneminyaka Eyisishiyagalolunye Ivikela Umshado
INGABE isenzo esisodwa sendoda sokuphinga sidinga ukuba umfazi ayidivose, ngisho nalapho iphenduka ngempela? Omunye umfazi wacabanga kanjalo, kodwa indodana yakhe eneminyaka eyisishiyagalolunye ubudala yacabanga ngenye indlela.
Indoda ethile ebhapathiziwe enomfazi ozinikezele nabantwana abancane abathathu muva nje yaphinga. Kwakuyisono esisodwa futhi ngokushesha yazisa abadala bebandla abamisiwe. Yanxuswa abadala ukuba ifune intethelelo yomkayo ngokuvuma nakuye. Umkayo wayekhathazeke kakhulu futhi wayezimisele ukuwuqeda umshado wabo. Washo kwabadala ababesingethe icala ukuthi useye wanquma futhi kakade usebonene nommeli. Abadala bakhuluma naye, bephawula nokuthi abantwana basebancane kakhulu, omdala uneminyaka eyisishiyagalolunye. Kodwa naphezu kwalokhu, akashintshanga. Ngenxa yalokho, indoda yadabuka kakhulu futhi yadla kanzima. Yakhala isikhathi esiningi.
Ngokuhamba kwesikhathi, abantwana baze bazi ngokwakwenzeka, futhi umfana omdala wanquma ukwenza okuthile ngakho. Wahlala phansi ukuze alungiselele inkulumo noma ayengakusho kunina. Ngokuba khona emihlanganweni eHholo Lombuso, wakhumbula eminye imibhalo nokunye ukwaziswa okusencwadini ethi “Ukwenza Ukuphila Komkhaya Wakho Kujabulise.” Manje wayesekulungele kahle ukuba amsukele unina. Wambizela ekamelweni lokulala wahlala phansi naye. Inkulumo yakhe yokuqala yayigcizelela ukuthi wayedabuke kakhulu futhi engafisi ukuba umkhaya wakubo uhlukane. Khona-ke wathi: “Bheka, Ma, iBhayibheli elikushoyo kuNehemiya 9:17.” Emva kokuba unina esewufundile, lombhalo, wathi: “Uyabona indlela uJehova uNkulunkulu enza ngayo ngendlela yokuthethelela.” “Ma, awucabangi ukuthi nawe futhi ungamthethelela uBaba?” “Mhlawumbe,” kuphendula unina. Ngempela wayezimisele ukusiza unina ukuba abone ukubaluleka kokuba ngothethelelayo.
Umfanyana wacaphuna futhi kwabase-Efesu 5:22, 33, futhi wafakazela ukuthi njengoba uyise eyinhloko yomuzi, unina kumelwe amlalele. Ngokulandelayo, umfana wabhekisela kuMathewu 6:11, 12. Ngemva kokufunda lamavesi amabili, wabuza unina ukuthi igama elithi “amacala” lisho ukuthini. Unina wamphendula futhi umfana wamnxusa ukuba athethelele “amacala kayise.” Wasebenzisa neminye imibhalo eminingi, futhi ekugcineni, wabuza unina: “Awucabangi ukuthi kumelwe umthethelele uBaba?” Ngokujabulisayo, impendulo yathi, “Yebo, ngizomthethelela.”
Manje umkhaya uhlangene ngobunye futhi. Owesifazane wathi kamuva wajabula ngendlela izinto ezahamba ngayo futhi wathi wabona ukuthi indoda yakhe yayiphenduke ngempela futhi izama kanzima ukubuyisela ubunye bomkhaya. Ngakho, lokho ukukhulumela kwabanye okungakwenzanga, okomfana oneminyaka eyisishiyagalolunye kwakwenza, ngokusetshenziswa kweZwi likaNkulunkulu. Iqiniso, “ngomlomo wezingane . . . wagxilisa amandla [Jehova].”—IHubo 8:2.