Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w82 2/1 k. 31
  • Ukubonga Ngosizo Lokwelashwa

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukubonga Ngosizo Lokwelashwa
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe Ukulungele Ukubhekana Nesimo Sezokwelapha Esibekela Ukholo Inselele?
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1992
  • Izibhedlela—Lapho Uyisiguli
    I-Phaphama!—1991
  • Ukuvikela Izingane Zakho Ekusetshenzisweni Kabi Kwegazi
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
  • Ukuvala Igebe Phakathi Kodokotela Neziguli EzingoFakazi
    I-Phaphama!—1990
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
w82 2/1 k. 31

Ukubonga Ngosizo Lokwelashwa

UJesu Kristu, iNdodana kaNkulunkulu, yenza izimangaliso eziningi zokwelapha. Yake yaphulukisa ababenochoko abayishumi. Kodwa basabela kanjani?

Inyanga uLuka iyalandisa: “Enye yawo [ayishumi,] isibona ukuthi iphulukisiwe, yabuya imdumisa uNkulunkulu ngezwi elikhulu, yawa ngobuso ngasezinyaweni zakhe imbonga.” Khona-ke waphakamisa umbuzo obangela ukucabanga: “Akuhlanjululwanga abayishumi na? Baphi, pho abayishiyagalolunye na?”—Luka 17:11-18.

Nakuba uNkulunkulu engabanikezi abantu namuhla amandla okuphulukisa ngokuyisimangaliso, kuyini ukusabela kwethu uma sithola usizo lokwelashwa okuphumelelayo kuvela kudokotela oyingcweti? Ingabe sifana nababenochoko abayisishiyagalolunye, noma sifana noyedwa? Kungokufanelekile kakhulu ngomuntu ukubonisa ukwazisa kwakhe uma, ngenxa yokwenqaba kwakhe okusekelwe eBhayibhelini ukwamukela ukufakwa igazi, udokotela emhlinza ngaphandle kokusebenzisa igazi.—IzE. 15:28, 29.a

Muva nje indoda esikhulile yathola ukuhlinzwa okungathi sína eBrooklyn, eNew York. Kamuva, yaloba incwadi yokwazisa yayithumela kudokotela, enye yayithumela esibhedlela. Ingxenye yencwadi eyayithumela esibhedlela yayithi:

‘Banumzane:

‘Sekwedlule amasonto amaningi kusukela ngabuya esibhedlela senu. Ngifuna ukunibonga futhi ngidlulisele ukwazisa kwami ngokubuyisela kwenu okuphumelelayo ijoyinti yenqulu yami.

‘Ngineminyaka engama-83. Ngiye ngaba omunye woFakazi BakaJehova iminyaka eminingi. Ngangiliqaphela iqiniso lokuthi ubudala bami nezinkolelo maqondana nokwenqabela kweBhayibheli ukwamukela igazi kwenza indaba yami yaba nzima kakhulu. Yebo, asilindeli isimangaliso kodokotela nasezibhedlela, kodwa siyakwazisa ukuqondisisa kwabo, ukubambisana nozwela. Isibhedlela senu, izisebenzi zaso nodokotela banginikeze lokhu.

‘Nginezinto ezinhle kuphela engingazisho ngabahlengikazi benu. Bengiwumpheki iminyaka eminingi futhi njengonjalo ngiyazincoma izisebenzi zenu zasekhishini. Kumelwe nginezele ngokuthi ukubona iqembu labahlanzi behlanza isibhedlela ngokuphumelelayo kunezela isibindi esigulini, njengoba siyazi ukuthi izisebenzi ziyanakekela futhi nabaphathi benza kanjalo.

‘Umnyango wenu wokwelapha ungibangele ukuba ngikwazi ukuma ngezinyawo, ngihambahambe, futhi kunzima ukukholelwa indlela izinto ezaqhubeka kahle ngayo. Odokotela engangisebenzelana nabo, okungukuthi udokotela Scalafani noVitali ngibahlonipha kakhulu.

‘Isithakazelo senu emkhayeni wesintu ngokunikeza loluhlobo lwenkonzo siyancomeka. Nakuba ngingenakuyenza inkonzo efana neyenu, ngizama kanzima ukusiza abantu ngokomoya. Futhi manje sengikuhlomele kangcono kakhulu ukuqhubeka ngibonisa uthando ngomakhelwane bami. Umgomo wami uwukubakhumbuza ngokuthi uJehova uNkulunkulu uwuMdali Omuhle kangakanani.

‘Owenu, G. P.’

Ukwazisa okunjalo okuqotho kwehluke ngokuvelele ekungabongini okwandile namuhla. Kubonisa ukuthi umuntu okubonisayo uyabacabangela abanye. Futhi lapho umKristu ebonisa ukubonga ngenxa yosizo lokwelashwa, kungadala umoya omuhle lapho odokotela noma izisebenzi zokwelapha zicelwa esikhathini esizayo ukuba zisebenzise amakhono azo lapho zihlonipha isimiso seBhayibheli ngegazi.

[Umbhalo waphansi]

a Bheka incwajana ethi Jehovah’s Witnesses and the Question of Blood, eyanyatheliswa iWatchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela