Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • lff isif. 56
  • Gcina Ubunye Ebandleni

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Gcina Ubunye Ebandleni
  • Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • FUNDA OKWENGEZIWE
  • UKUBUYEKEZA
  • HLOLA OKWENGEZIWE
  • Ukusondelana Nesikholwa Nabo Kuhle Kithi!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2025
  • Ningabakhubi “Laba Abancane”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka (Efundwayo)—2021
  • ‘Qhubekani Nithethelelana Ngokukhululekile’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
  • Londolozani Ubunye Kulezi Zinsuku Zokugcina
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
Bheka Okunye
Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
lff isif. 56
ISifundo 56. Odade ababili bezinhlanga ezingefani babingelelana ngenjabulo.

ISIFUNDO 56

Gcina Ubunye Ebandleni

Uhlelo Oluprintiwe
Uhlelo Oluprintiwe
Uhlelo Oluprintiwe

Lapho sinabantu esikholwa nabo, sizizwa njengeNkosi uDavide, eyathi: “Yeka ukuthi kuhle futhi kumnandi kanjani ukuba abazalwane bahlale ndawonye ngobunye!” (IHubo 133:1) Ubunye bethu abuzenzakaleli. Ngamunye wethu unendima ayifezayo ekugcineni ubunye.

1. Yini emangalisayo ngabantu bakaNkulunkulu?

Uma uya emhlanganweni webandla kwelinye izwe, ungase ungaluzwa ulimi olukhulunywayo, noma kunjalo ungazizwa usekhaya. Kungani? Kungenxa yokuthi sitadisha iBhayibheli sisebenzisa izincwadi ezifanayo yonke indawo. Sizama nokubonisana uthando. Kungakhathaliseki ukuthi sihlalaphi, sonke ‘sibiza igama likaJehova, ukuze simkhonze ngobunye.’​—Zefaniya 3:9.

2. Yini ongayenza ukuze wenze kube nobunye?

“Thandanani kakhulu ngokusuka enhliziyweni.” (1 Petru 1:22) Ungasisebenzisa kanjani leso seluleko? Kunokuba ugxile emaphutheni abanye, bheka izimfanelo zabo ezinhle. Kunokuba uzihlanganise kuphela nabantu abathanda izinto ozithandayo, zama ukwazi abafowethu nodadewethu bezizinda ezihlukahlukene. Ngaphezu kwalokho, kufanele sisebenze kanzima ukuze sisiphule imizwa yobandlululo okungenzeka sinayo.​—Funda eyoku-1 Petru 2:17.a

3. Yini ozoyenza lapho ningaboni ngaso linye nomunye umKristu?

Sinobunye kodwa futhi sinesono. Ngezinye izikhathi siyadumazana size sizwisane nobuhlungu. Ngenxa yalokho, iZwi likaNkulunkulu lithi ‘asiqhubeke sithethelelana,’ bese liyanezela: “Njengoba nje uJehova anithethelela ngokukhululekile, nani kumelwe nenze kanjalo.” (Funda eyabaseKolose 3:13.) UJehova simzwise ubuhlungu kaningi, kodwa wasithethelela. Ulindele ukuba nathi sibathethelele abafowethu. Uma ubona ukuthi kunomuntu omphathe kabi, thatha isinyathelo kuqala ukuze ulungise leyo ndaba.​—Funda uMathewu 5:23, 24.b

FUNDA OKWENGEZIWE

Cabanga ngokuthi yini ongayenza ukuze kube nokuthula nobunye ebandleni.

Izithombe ezihlanganisiwe: Umzalwane wenza ukuthula. 1. Omunye umzalwane akakhulumi kahle naye. 2. Ucabanga ngokushiwo yilo mzalwane ongakhulumanga kahle naye. 3. Ucabanga ngeseluleko seBhayibheli esithi yini okufanele ayenze uma engaphathwanga kahle. 4. Uhlangana nalowaya mzalwane baphuze ikhofi benze ukuthula.

Yini ozoyenza ukuze wenze ukuthula?

4. Nqoba ubandlululo

Sifuna ukubathanda bonke abafowethu. Kodwa kungase kube nzima ukwamukela umuntu obonakala ehlukile kithi. Yini engasiza? Fundani izEnzo 10:34, 35, bese nixoxa ngale mibuzo:

  • UJehova wamukela zonke izinhlobo zabantu ukuba zibe oFakazi bakhe. Lokho kufanele kukwenze ubabheke kanjani abantu bezizinda ezihlukahlukene?

  • Yiluphi ubandlululo ofisa ukulugwema olwandile lapho uhlala khona?

Fundani eyesi-2 Korinte 6:11-13, bese nixoxa ngalo mbuzo:

  • Ucabanga ukuthi ungasondelana kanjani nabafowethu nodadewethu bezinye izizinda?

5. Thethelela ngokukhululekile futhi wenze ukuthula

UJehova usithethelela ngokukhululekile nakuba kungasoze kwadingeka ukuba thina simthethelele. Fundani iHubo 86:5, bese nixoxa ngale mibuzo:

  • UJehova uthethelela kakhulu kangakanani?

  • Kungani ubonga ngokuthi uyathethelela?

  • Yiziphi izimo ezingenza kube nzima ukuzwana nabanye?

Singamlingisa kanjani uJehova sihlale sinobunye nabafowethu nodadewethu? Fundani izAga 19:11, bese nixoxa ngalo mbuzo:

  • Lapho umuntu ekucasula noma ekuphatha kabi, yini ongayenza ukuze wenze isimo sibe ngcono?

Ngezinye izikhathi sibaphatha kabi abanye. Uma kwenzekile lokho, yini okufanele siyenze? Dlalani IVIDIYO, bese nixoxa ngombuzo olandelayo.

IVIDIYO: Ukubuyisana Kuletha Izibusiso (6:01)

  • Kule vidiyo, yini udade ayenzile ukuze enze ukuthula?

6. Bheka okuhle kubafowenu nodadewenu

Lapho sisondelana nabafowethu nodadewethu, sibona izimfanelo zabo ezinhle kanye namaphutha abo. Yini esingayenza ukuze sigxile ezimfanelweni zabo ezinhle? Dlalani IVIDIYO, bese nixoxa ngombuzo olandelayo.

IVIDIYO: Yiba Muhle Nakakhulu! (5:10)

  • Yini engakusiza ubone izimfanelo ezinhle zabafowenu nodadewenu?

UJehova ugxila ezimfanelweni zethu ezinhle. Fundani eyesi-2 IziKronike 16:9a, bese nixoxa ngalo mbuzo:

  • Kukwenza uzizwe kanjani ukwazi ukuthi uJehova ugxila ezimfanelweni zakho ezinhle?

Indandatho yedayimane.

Ngisho nedayimane elihle linazo izindawo ezingasheleli, kodwa liseyigugu. Ngokufanayo, bonke abafowethu nodadewethu banesono kodwa bayigugu kuJehova

ABANYE ABANTU BATHI: “Ngeke ngimxolele engaxolisile.”

  • Kungani kufanele sizimisele ukuxolela abanye?

UKUBUYEKEZA

Ungasiza ekugcineni ubunye ebandleni ngokuba othethelelayo nangokubonisa uthando kubo bonke abafowenu nodadewenu.

Ufundeni?

  • Ungalunqoba kanjani ubandlululo?

  • Yini ozoyenza uma ungaboni ngaso linye nomunye umKristu?

  • Kungani ufuna ukulingisa isibonelo sikaJehova sokuthethelela?

Umgomo

HLOLA OKWENGEZIWE

Funda ukuthi umfanekiso kaJesu ungasisiza kanjani sigweme ukwahlulela abanye.

Susa Ugongolo (6:56)

Kuyadingeka yini sixolise uma sibona sengathi ayikho into embi esiyenzile?

“Ukuxolisa​—Isihluthulelo Sokudala Ukuthula” (INqabayokulinda, Novemba 1, 2002)

Bukela ukuthi abanye bafunde kanjani ukuphatha abanye ngokungakhethi.

Ungahluleli Abanye Ngendlela Ababukeka Ngayo (5:06)

Funda izindlela ongaxazulula ngazo ukungezwani ngaphambi kokuba kuphazamise ukuthula kwebandla.

“Lungisani Ukungaboni Ngaso Linye Ngothando” (INqabayokulinda, Meyi 2016)

a UMbhalo Osekugcineni 6 ukhuluma ngendlela uthando olungenza ngayo amaKristu agweme ukuthelelana ngezifo.

b UMbhalo Osekugcineni 7 ukhuluma ngendlela yokulungisa izindaba zamabhizinisi nezomthetho.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela