ISIFUNDO 53
Khetha Izinto Zokuzijabulisa Ezithokozisa UJehova
UJehova ‘unguNkulunkulu ojabulayo.’ (1 Thimothewu 1:11) Ufuna sijabule futhi sibe nezikhathi ezimnandi. Uyajabula lapho sizibekela isikhathi sokuphumula. Kulesi sifundo, sizobona ukuthi singasisebenzisa kanjani isikhathi sokuphumula ngezindlela ezisenza sijabule futhi saneliseke—kodwa sibe sithokozisa noJehova.
1. Yini okufanele siyikhumbule lapho sikhetha izinto zokuzijabulisa?
Yini othanda ukuyenza lapho uziphumulele? Abanye bakhetha ukuchitha isikhathi sokuphumula bezihlalele ekhaya—bafunde incwadi ethile, balalele umculo, babukele amamuvi noma bangene kuyi-Inthanethi. Kanti abanye bathanda ukwenza izinto ezinyakazisa umzimba benabangane babo—njengokujima, ukubhukuda noma ukudlala ibhola. Noma ngabe yini esiyikhethayo, kudingeka siqiniseke ukuthi lokho esikhetha ukuzijabulisa ngako ‘kuyamukeleka eNkosini.’ (Efesu 5:10) Kubalulekile ukuba sikuqonde lokhu ngoba izinto eziningi zokuzijabulisa zinezinto uJehova azizondayo, njengobudlova, ukuziphatha kabi ngokocansi noma ukusebenzelana nemimoya. (Funda iHubo 11:5.) Yini ezosisiza sizikhethe ngokuhlakanipha izinto esizijabulisa ngazo?
Uma sikhetha ukuba nabangane abathanda uJehova, bangaba nethonya elihle kithi nasezintweni esikhetha ukuzijabulisa ngazo. Njengoba sitholile esifundweni esidlule, “ohamba nabahlakaniphile uyohlakanipha.” Ngakolunye uhlangothi, uma sizihlanganisa njalo nabantu abangayithandi imithetho kaNkulunkulu, ‘kuyosihambela kabi.’—IzAga 13:20.
2. Kungani kubalulekile ukulawula isikhathi esisichitha sizijabulisa?
Ngisho noma izinto esizijabulisa ngazo zingezimbi, kudingeka siqaphe ukuba singachithi isikhathi esiningi kakhulu kuzo. Uma singaqaphile, singazithola sesingenaso isikhathi esanele sokwenza izinto ezibaluleke kakhulu. IBhayibheli lisikhuthaza ukuba ‘sisisebenzise kahle isikhathi [sethu].’—Funda eyabase-Efesu 5:15, 16.
FUNDA OKWENGEZIWE
Funda ukwenza izinqumo ezinhle endabeni yokuzijabulisa.
3. Gwema ukuzijabulisa ngezinto ezimbi
Kungani kufanele sizikhethe ngokucophelela izinto esizijabulisa ngazo? Dlalani IVIDIYO, bese nixoxa ngemibuzo elandelayo.
Imidlalo yaseRoma lasendulo ifana kanjani nezinye izinto zokuzijabulisa zanamuhla?
Kule vidiyo, yini uDanny ayifunda ngezokuzijabulisa?
Fundani eyabaseRoma 12:9, bese nixoxa ngalo mbuzo:
Leli vesi kufanele likusize kanjani lapho ukhetha izinto zokuzijabulisa?
Yiziphi ezinye zezinto uJehova azizondayo? Fundani izAga 6:16, 17 neyabaseGalathiya 5:19-21. Ngemva kokufunda umBhalo ngamunye, xoxani ngalo mbuzo:
Yiziphi izinto ezibalwe kula mavesi ezikhona kwezokuzijabulisa zanamuhla?
Indlela yokuzikhetha ngokuhlakanipha izinto zokuzijabulisa
Zibuze le mibuzo:
Yini engizijabulisa ngayo? Ingabe inezinto uJehova azizondayo?
Ngizijabulisa nini? Ingabe zidla isikhathi sezinto ezibaluleke kakhulu?
Ngizijabulisa nobani? Ingabe zingisondeza njalo nabantu abangamthandi uJehova?
Kungcono ukudlalela kude nezinto eziyingozi. Yingakho kufanele singazijabulisi ngezinto esisola ukuthi zingasilimaza
4. Sisebenzise kahle isikhathi sakho
Dlalani IVIDIYO, bese nixoxa ngombuzo olandelayo.
Kule vidiyo, nakuba umzalwane ayengabukeli izinto ezimbi, indlela ayesebenzisa ngayo isikhathi sakhe sokuphumula yamthinta kanjani?
Fundani eyabaseFilipi 1:10, bese nixoxa ngalo mbuzo:
Leli vesi lingasisiza kanjani sinqume ukuthi singakanani isikhathi esisichitha sizijabulisa?
5. Khetha ukuzijabulisa ngezinto ezihlanzekile
Nakuba ezinye izinto zokuzijabulisa zimdumaza uJehova, ziningi izinto ezimnandi ezingamdumazi. Fundani umShumayeli 8:15 neyabaseFilipi 4:8, bese nixoxa ngalo mbuzo:
Yini ehlanzekile othanda ukuzijabulisa ngayo?
Ungakwazi ukuzijabulisa ngezinto ezihlanzekile
ABANYE ABANTU BATHI: “Akusho lutho ukuthi izinto engizijabulisa ngazo zinodlame, ukuziphatha kabi ngokocansi noma ukusebenzelana nemimoya, uma nje ngingazenzi mina lezo zinto.”
Wena ungathini?
UKUBUYEKEZA
UJehova ufuna sikhethe ukuzijabulisa ngezinto ezihlanzekile.
Ufundeni?
Ukuzijabulisa okunjani amaKristu okufanele akugweme?
Kungani kufanele sibheke ukuthi yisikhathi esingakanani esisichitha sizijabulisa?
Kungani ufuna ukukhetha izinto zokuzijabulisa ezithokozisa uJehova?
HLOLA OKWENGEZIWE
Thola ukuthi ubani okufanele akukhethele izinto ozozijabulisa ngazo.
Funda ukuthi ungazenza kanjani izinqumo ezinhle mayelana nezinto zokuzijabulisa nokuzilibazisa.
“Ingabe Ukuzijabulisa Kwakho Kuyakuzuzisa?” (INqabayokulinda, Okthoba 15, 2011)
Endabeni ethi “Nganqoba Nobandlululo Enganginalo Ngabelungu,” thola isizathu esenza owesilisa washintsha ayezijabulisa ngako.
“IBhayibheli Lishintsha Ukuphila” (INqabayokulinda, Febhuwari 1, 2010)
Bukela indlela umama enza ngayo isinqumo esihlakaniphile ngokuzijabulisa okuhilela imimoya.
Gwema Ezokuzijabulisa Eziveza Ukusebenzelana Nemimoya (2:02)