ISIFUNDO 31
Uyini UMbuso KaNkulunkulu?
Into ebaluleke kakhulu iBhayibheli elikhuluma ngayo uMbuso kaNkulunkulu. UJehova uzosebenzisa uMbuso wakhe ukuze afeze lokho ayekuhlosile ngomhlaba. Uyini uMbuso kaNkulunkulu? Sazi kanjani ukuthi usuyabusa? Yini osuyenzile kakade? Yini ozoyenza esikhathini esizayo? Lesi sifundo nezilandelayo ezimbili zizoyiphendula le mibuzo.
1. Uyini uMbuso kaNkulunkulu futhi ubani iNkosi yawo?
UMbuso uwuhulumeni obekwe uJehova uNkulunkulu. Inkosi yawo, uJesu Kristu, ubusa esezulwini. (Mathewu 4:17; Johane 18:36) IBhayibheli lithi ngoJesu: ‘Uyobusa njengeNkosi kuze kube phakade.’ (Luka 1:32, 33) Njengoba eyiNkosi yoMbuso kaNkulunkulu, uzobusa wonke umuntu emhlabeni.
2. Obani ababusa noJesu?
UJesu akabusi yedwa. Abantu abavela “kuzo zonke izinhlanga nezilimi nabantu nezizwe . . . bayobusa njengamakhosi phezu komhlaba.” (IsAmbulo 5:9, 10) Bangaki abayobusa noKristu? Kusukela ngesikhathi uJesu eza ngaso emhlabeni, izigidi zamaKristu ziye zaba abalandeli bakhe. Kodwa bangu-144 000 kuphela abazoya ezulwini bayobusa noJesu. (Funda isAmbulo 14:1-4.) Wonke amanye amaKristu asemhlabeni ayobuswa yilo Mbuso.—IHubo 37:29.
3. Kungani ukubusa koMbuso kaNkulunkulu kungcono kunokubusa kohulumeni babantu?
Ngisho noma ababusi abangabantu bezama ukwenza izinto ezinhle, abanawo amandla okwenza konke abakufunayo. Ekugcineni izikhundla zabo zithathwa abanye ababusi abazicabangela bona futhi abangase bangafuni ukusiza abantu. Kodwa, akekho oyoke asuse uJesu esikhundleni sokuba uMbusi woMbuso kaNkulunkulu. UNkulunkulu ‘umise umbuso ongeke neze ubhujiswe.’ (Daniyeli 2:44) UJesu uzobusa wonke umhlaba, futhi uzophatha abantu ngokulinganayo. Unothando, unomusa futhi akakhethi. Uzofundisa abantu ukuba baphathane ngendlela efanayo—ngothando, ngomusa futhi bangakhethi.—Funda u-Isaya 11:9.
FUNDA OKWENGEZIWE
Funda ukuthi kungani uMbuso kaNkulunkulu ungcono kunohulumeni babantu.
4. Uhulumeni onamandla uzobusa wonke umhlaba
UJesu Kristu unamandla amakhulu okubusa kunanoma imuphi umbusi owake waphila. Fundani uMathewu 28:18, bese nixoxa ngalo mbuzo:
Igunya likaJesu lokubusa lingcono ngayiphi indlela kunelombusi ongumuntu?
Ohulumeni babantu bashintsha njalo, futhi ngamunye wabo ubusa ingxenye ethile kuphela yomhlaba. Kuthiwani ngoMbuso kaNkulunkulu? Fundani uDaniyeli 7:14, bese nixoxa ngale mibuzo:
Kungani kuyinto enhle ukuthi uMbuso kaNkulunkulu “awusoze wachithwa”?
Kungani kuyinto enhle ukuthi uyobusa wonke umhlaba?
5. Ohulumeni babantu kumelwe baqedwe
Kungani kumelwe kubuse uMbuso kaNkulunkulu esikhundleni sohulumeni babantu? Dlalani IVIDIYO, bese nixoxa ngombuzo olandelayo.
Ukubusa kwabantu kube nayiphi imiphumela?
Fundani umShumayeli 8:9, bese nixoxa ngale mibuzo:
Ucabanga ukuthi kuyafaneleka ukuba uMbuso kaNkulunkulu ubuse esikhundleni sohulumeni babantu? Kungani usho kanjalo?
6. UMbuso kaNkulunkulu unababusi abasiqonda kahle
Ngenxa yokuthi uJesu, iNkosi yethu, wake waba umuntu uyakwazi ‘ukuzwelana nobuthakathaka bethu.’ (Hebheru 4:15) Amadoda nabesifazane abathembekile abangu-144 000 abayobusa noJesu, bakhethwe uJehova “kuzo zonke izinhlanga nezilimi nabantu nezizwe.”—IsAmbulo 5:9.
Kuyakududuza yini ukwazi ukuthi uJesu nabo bonke azobusa nabo bayazi ukuthi kunjani ukuba umuntu? Kungani usho kanjalo?
UJehova ukhethe amadoda nabesifazane abavela kuzo zonke izizwe ukuba babuse noJesu
7. UMbuso kaNkulunkulu unemithetho emihle kakhulu kuneyohulumeni babantu
Ohulumeni babantu banemithetho ebekelwe ukusiza nokuvikela abantu. UMbuso kaNkulunkulu nawo unemithetho okumelwe abantu bayilalele. Fundani eyoku-1 Korinte 6:9-11, bese nixoxa ngale mibuzo:
Ucabanga ukuthi kuyoba njani emhlabeni lapho bonke abantu sebelalela imithetho kaNkulunkulu?a
Ucabanga ukuthi uJehova unalo yini ilungelo lokulindela abantu ababuswa uMbuso wakhe ukuba balalele leyo mithetho? Kungani usho kanjalo?
Yini ebonisa ukuthi abantu abangayilaleli le mithetho bangashintsha?—Bheka ivesi 11.
Ohulumeni babeka imithetho ezozuzisa futhi ivikele abantu. UMbuso kaNkulunkulu unemithetho emihle nakakhulu evikela futhi izuzise abantu.
OMUNYE ANGASE AKUBUZE: “Uyini uMbuso kaNkulunkulu?”
Ungaphendula uthini?
UKUBUYEKEZA
UMbuso kaNkulunkulu uwuhulumeni wasezulwini oyobusa wonke umhlaba.
Ufundeni?
Obani abayobusa eMbusweni kaNkulunkulu?
Kungani uMbuso kaNkulunkulu ungcono kunohulumeni babantu?
Yiziphi ezinye zezinto uJehova azilindele kubantu ababuswa uMbuso wakhe?
HLOLA OKWENGEZIWE
Thola ukuthi uJesu wafundisa ukuthi uMbuso ukuphi.
“Ingabe UMbuso KaNkulunkulu Usenhliziyweni Yakho?” (isihloko esikuyi-Inthanethi)
Kungani oFakazi BakaJehova bekhetha ukuba qotho eMbusweni kaNkulunkulu kunokuba qotho emibusweni yabantu?
Funda ngalokho iBhayibheli elikushoyo ngabangu-144 000 abakhethwe uJehova ukuba babuse noJesu.
Yini eyaqinisekisa owesifazane owayesejele ukuthi nguNkulunkulu kuphela ongenza kube nobulungisa emhlabeni?
“Indlela Engathola Ngayo Ikhambi Lokungabi Nabulungisa” (Phaphama!, Novemba 2011)
a Eminye yaleyo mithetho kuzoxoxwa ngayo eNgxenyeni 3.