Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • lff isif. 27
  • Ukufa KukaJesu Kungasisindisa Kanjani?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukufa KukaJesu Kungasisindisa Kanjani?
  • Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • FUNDA OKWENGEZIWE
  • UKUBUYEKEZA
  • HLOLA OKWENGEZIWE
  • Isihlengo​—⁠Yisipho SikaNkulunkulu Esikhulu Kunazo Zonke
    Lingasifundisani IBhayibheli?
  • Isihlengo—Isipho SikaNkulunkulu Esikhulu Kunazo Zonke
    Lifundisani Ngempela IBhayibheli?
  • Isihlengo SikaKristu—Indlela KaNkulunkulu Yokusindisa
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1999
  • Kusho Ukuthini Ukufa KukaJesu Kithi?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
Bheka Okunye
Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
lff isif. 27
ISifundo 27. Isidumbu sikaJesu sehliswa esigxotsheni.

ISIFUNDO 27

Ukufa KukaJesu Kungasisindisa Kanjani?

Uhlelo Oluprintiwe
Uhlelo Oluprintiwe
Uhlelo Oluprintiwe

Siyona, siyahlupheka futhi siyafa ngoba abantu bokuqala u-Adamu no-Eva abamlalelanga uNkulunkulu.a Kodwa lisekhona ithemba. UJehova usenzele indlela yokusisindisa esonweni nasekufeni ngeNdodana yakhe uJesu Kristu. IBhayibheli lisifundisa ukuthi uJesu wafa ukuze abe yisihlengo. Isihlengo yinto ekhokhwayo ukuze kukhululwe othile. UJesu wakhokha ngokuphila kwakhe okungenaso isono. (Funda uMathewu 20:28.) Lapho ngokuzithandela uJesu edela ilungelo lakhe lokuphila phakade emhlabeni, wasivulela ithuba lokuphinde sithole konke lokho u-Adamu no-Eva abakulahla. UJesu watshengisa nokuthi yena noJehova basithanda kangakanani. Lesi sifundo sizokusiza ubonise ukuthi ubonga kakhulu ngokufa kukaJesu.

1. Ukufa kukaJesu kusizuzisa kanjani namuhla?

Ngenxa yokuthi sinesono, senza izinto eziningi ezingamjabulisi uJehova. Nokho, uma sizisola ngempela ngezono esizenzile, bese sicela uJehova ngoJesu Kristu ukuba asithethelele, futhi uma senza konke esingakwenza ukuze singaziphindi lezo zono, singaba abangane abakhulu bakaNkulunkulu. (1 Johane 2:1) IBhayibheli lithi: ‘UKristu wafela izono kwaba kanye kuphela, umuntu olungile ngenxa yabangalungile, ukuze aniholele kuNkulunkulu.’​—1 Petru 3:18.

2. Ukufa kukaJesu kuyosizuzisa kanjani esikhathini esizayo?

UJehova wathumela uJesu ukuba anikele ngokuphila kwakhe okungenasono “ukuze wonke umuntu obonisa ukholo [kuJesu] angabhubhi kodwa athole ukuphila okuphakade.” (Johane 3:16) Ngenxa yalokho uJesu akwenza, maduze uJehova uzolungisa zonke izinto ezimbi ezabangelwa ukungalaleli kuka-Adamu. Lokhu kusho ukuthi uma sibonisa ukholo emhlatshelweni kaJesu, siyoba nethuba lokuphila phakade emhlabeni oyipharadesi!​—Isaya 65:21-23.

FUNDA OKWENGEZIWE

Funda okwengeziwe ngokuthi kungani uJesu anikela ngokuphila kwakhe nokuthi wena uzuza kanjani.

3. Ukufa kukaJesu kusikhulula esonweni nasekufeni

Dlalani IVIDIYO, bese nixoxa ngalo mbuzo olandelayo.

IVIDIYO: Kungani UJesu Afa?​—Ingxenye 1 (2:01)

  • U-Adamu walahlekelwa ithuba lani lapho engamlaleli uNkulunkulu?

Fundani eyabaseRoma 5:12, bese nixoxa ngalo mbuzo:

  • Ukona kuka-Adamu kube namuphi umphumela ekuphileni kwakho?

Fundani uJohane 3:16, bese nixoxa ngalo mbuzo:

  • Kungani uJehova athumela iNdodana yakhe emhlabeni?

A. Izithombe ezihlanganisiwe: 1. U-Adamu ngemva kokungamlaleli uNkulunkulu. 2. Abantu bathwele ibhokisi emngcwabeni.  Izithombe ezihlanganisiwe: A. U-Adamu ngemva kokungamlaleli uNkulunkulu. B. UJesu Kristu. B. Izithombe ezihlanganisiwe: 1. UJesu Kristu. 2. Abantu abaningi bobudala obungefani, izinhlanga ezingefani, amasiko angefani, abavela ezindaweni ezingefani.
  1. U-Adamu wayengenasono kodwa akamlalelanga uNkulunkulu, ngenxa yalokho abantu bayona futhi bafe

  2. UJesu wayengenasono, yena wamlalela uNkulunkulu, ngenxa yalokho abantu sebenethuba lokuphila phakade bengenasono

4. Ukufa kukaJesu kungazuzisa wonke umuntu

Dlalani IVIDIYO, bese nixoxa ngalo mbuzo olandelayo.

IVIDIYO: Kungani UJesu Afa?​—Ingxenye 2 (2:00)

  • Kungenzeka kanjani ukuba ukufa komuntu oyedwa kuzuzise bonke abantu?

Fundani eyoku-1 Thimothewu 2:5, 6, bese nixoxa ngalo mbuzo:

  • U-Adamu wayengenaso isono kodwa ngenxa yokuthi wona, bonke abantu bayona futhi bafe. UJesu naye wayengenaso isono. Kungayiphi indlela aba “yisihlengo sabo bonke”?

5. Isihlengo yisipho uJehova akuphe sona

Abangane bakaJehova bayazi ukuthi isihlengo siyisipho abaphe sona. Ngokwesibonelo, fundani eyabaseGalathiya 2:20, bese nixoxa ngalo mbuzo:

  • Umphostoli uPawulu wabonisa kanjani ukuthi ubheka isihlengo njengesiyisipho esivela kuJehova?

Lapho u-Adamu ona, yena nayo yonke inzalo yakhe, bathola isigwebo sokufa. Kodwa uJehova wathumela iNdodana yakhe ukuba izosifela ukuze ube nethuba lokujabulela ukuphila okuphakade.

Njengoba ufunda la mavesi alandelayo, cabanga indlela uJehova ayezizwa ngayo ngesikhathi iNdodana yakhe izwa ubuhlungu. Fundani uJohane 19:1-7, 16-18, bese nixoxa ngalo mbuzo:

  • Uzizwa kanjani ngalokho uJehova noJesu abakwenzele kona?

OMUNYE ANGASE AKUBUZE: “Umuntu oyedwa angabafela kanjani bonke abantu?”

  • Ungaphendula uthini?

UKUBUYEKEZA

Ukufa kukaJesu kwenza uJehova akwazi ukuxolela izono zethu, kusinika nethuba lokuphila phakade.

Ufundeni?

  • Kungani uJesu afa?

  • Kungayiphi indlela ukuphila kukaJesu okungenasono kwaba isihlengo sabo bonke?

  • Ukufa kukaJesu kukuzuzisa kanjani?

Umgomo

HLOLA OKWENGEZIWE

Funda ngokuthi kungani ukuphila kukaJesu okungenaso isono kubizwa ngokuthi isihlengo.

“Umhlatshelo KaJesu ‘Uyisihlengo Sabaningi’ Ngayiphi Indlela?” (isihloko esikuyi-Inthanethi)

Hlola ukuthi yini okudingeka siyenze ukuze sisindiswe.

“UJesu UnguMsindisi​—Kanjani?” (isihloko esikuyi-Inthanethi)

Ingabe uJehova angazithethelela ngisho nezono ezinkulu?

“Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli” (INqabayokulinda, Meyi 1, 2013)

Thola ukuthi ukufunda ngomhlatshelo kaKristu kwayisiza kanjani indoda ethile ukuba ishintshe ubuntu bayo.

“Angiseyena Uphuma-silwe” (isihloko esikuyi-Inthanethi)

a Igama elithi “isono” alisho nje kuphela ukwenza okungalungile. Lisho nesono esizalwe naso.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela