ISIFUNDO 80
UJesu Ukhetha Abaphostoli Abangu-12
Cishe ngemva konyaka nohhafu uJesu eshumayela, kwadingeka enze isinqumo esibalulekile. Wayezokhetha ukusebenza nobani ngokuseduze? Obani ayezobaqeqesha ukuba bahole ebandleni lobuKristu? Ukuze akhethe kahle, uJesu wafuna isiqondiso sikaJehova. Waya entabeni ukuze abe yedwa wafike wathandaza ubusuku bonke. Ngakusasa ekuseni, uJesu wabiza abanye babafundi bakhe wabe esekhetha kubo abaphostoli abangu-12. Yimaphi amanye amagama abo owakhumbulayo? Amagama abo kwakunguPetru, u-Andreya, uJakobe, uJohane, uFiliphu, uBartolomewu, uTomase, uMathewu, uJakobe indodana ka-Alfewu, uThadewu, uSimoni, noJuda Iskariyothe.
U-Andreya, uPetru, uFiliphu, uJakobe
Laba abayiShumi Nambili babezohamba naye nomaphi lapho eya khona. Ngemva kokubaqeqesha, wabathuma ukuba bahambe bayoshumayela. UJehova wabanika amandla okukhipha amademoni nawokwelapha abagulayo.
UJohane, uMathewu, uBartolomewu, uTomase
UJesu wayebethemba laba abayiShumi Nambili futhi ebabiza ngokuthi abangani bakhe. AbaFarisi babecabanga ukuthi abaphostoli babengabantu abavamile nabangafundile. Kodwa uJesu wabaqeqesha ukuze bawenze kahle umsebenzi wabo. Babezoba noJesu ezikhathini ezibaluleke kakhulu ekuphileni kwakhe, njengalapho esezobulawa nangemva kokuvuswa kwakhe. Iningi lalaba abayiShumi Nambili lalivela eGalile njengaye uJesu. Abanye babo babeshadile.
UJakobe indodana ka-Alfewu, uJuda Iskariyothe, uThadewu, uSimon
Abaphostoli babengamadoda anesono futhi babewenza amaphutha. Ngezinye izikhathi babekhuluma bengacabanganga futhi benza izinqumo ezimbi. Ngezinye izikhathi babengenasineke. Ngesinye isikhathi baze baphikisana ngokuthi ubani obaluleke kakhulu phakathi kwabo. Kodwa babengabantu abalungile abathanda uJehova. Yibo ababezoqala ibandla lobuKristu ngemva kokuba uJesu esehambile.
“Nginibize ngokuthi ningabangani, ngoba nginitshele zonke izinto engizizwe kuBaba.”—Johane 15:15