Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • lfb isif. 17 k. 46-k. 47 isig. 2
  • UMose Wakhetha Ukukhonza UJehova

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • UMose Wakhetha Ukukhonza UJehova
  • Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Into Enkulu Kunengcebo YaseGibithe
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
  • Ukusinda Komntwana UMose
    INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
  • Ukholo Lwabazali Lwavuzwa
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
  • UMose—Umuntu Ongokoqobo Noma Oyinganekwane?
    I-Phaphama!—2004
Bheka Okunye
Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
lfb isif. 17 k. 46-k. 47 isig. 2
Indodakazi kaFaro ibona uMose osewusana kuyilapho uMiriyamu ebuka

ISIFUNDO 17

UMose Wakhetha Ukukhonza UJehova

EGibhithe, umndeni kaJakobe wagcina waziwa ngokuthi ama-Israyeli. Ngemva kokushona kukaJakobe noJosefa, indodana kaFaro yaqala ukubusa, nayo yabizwa ngokuthi uFaro. Yayesaba ukuthi ama-Israyeli ayesemaningi futhi eba namandla kunabaseGibhithe. Ngakho uFaro wawenza izigqila ama-Israyeli. Wawaphoqa ukuba enze izitini futhi afukuze emasimini. Kodwa lapho abaseGibhithe bewagqilaza kakhulu, ama-Israyeli ayeba maningi nakakhulu. Ngenxa yokuthi uFaro akakuthandanga lokho, wakhipha umyalo wokuba kubulawe zonke izingane zama-Israyeli ezingabafana lapho zizalwa. Awucabange nje ukuthi ama-Israyeli ayesaba kanjani.

Owesifazane ongumIsrayeli, uJokebedi waba nomntwana omuhle womfana. Ukuze amvikele, wamfaka kubhasikidi wabe esemfihla emhlangeni woMfula iNayile. Udadewabo womfana, uMiriyamu, wayecuthe eduze komfula ukuze abone ukuthi kuzokwenzekani.

Indodakazi kaFaro yahamba yayogeza emfuleni yabe isibona ubhasikidi. Phakathi kukabhasikidi yabona umntwana okhalayo yabe isimzwela. UMiriyamu wabuza: ‘Ngikubizele owesifazane ozokuncelisela umntwana?’ Lapho indodakazi kaFaro ivuma, uMiriyamu wabuya nomama wakhe, uJokebedi. Indodakazi kaFaro yathi: ‘Ngicela uthathe lo mntwana, umnakekele, ngizokukhokhela.’

UMose uyabaleka

Lapho umntwana esekhulile, uJokebedi wamletha endodakazini kaFaro, eyaqamba umntwana ngokuthi uMose yabe isimkhulisa njengendodana yayo. UMose wakhula eyinkosana yasebukhosini futhi wayengathola noma yini ayifunayo. Kodwa uMose akamkhohlwanga uJehova. Wayazi ukuthi ungumIsrayeli hhayi umGibhithe. Ngakho, wakhetha ukukhonza uJehova.

Lapho eneminyaka engu-40, uMose wakhetha ukusiza abantu bakubo. Ngesikhathi ebona umGibhithe eshaya umIsrayeli, uMose wamshaya lowo mGibhithe wafa. UMose wabe esefihla isidumbu somGibhithe esihlabathini. Lapho uFaro ezwa lokho, wazama ukumbulala uMose. Kodwa uMose wabalekela ezweni lakwaMidiyani. UJehova wamnakekela.

“Ngokholo uMose . . . wenqaba ukubizwa ngokuthi uyindodana yendodakazi kaFaro, ekhetha ukuphathwa kabi nabantu bakaNkulunkulu.”—Hebheru 11:24, 25

Imibuzo: Ayephathwa kanjani ama-Israyeli eGibhithe? Wabalekelani uMose eGibhithe?

Genesise 49:33; Eksodusi 1:1-14, 22; 2:1-15; IzEnzo 7:17-29; Hebheru 11:23-27

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela