Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • bhs kk. 3-7
  • Yini UNkulunkulu Ayihlosile Ngathi?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Yini UNkulunkulu Ayihlosile Ngathi?
  • Lingasifundisani IBhayibheli?
  • Funda Kuleli Bhayibheli: Okufundiswa IBhayibheli
  • Izihlokwana
  • IBHAYIBHELI LIFUNDISA UKUTHI UNKULUNKULU UZOKWENZA IZINTO EZINHLE EMHLABENI.
  • ZUZA KULOKHO IBHAYIBHELI ELIKUFUNDISAYO
Lingasifundisani IBhayibheli?
bhs kk. 3-7

Yini UNkulunkulu Ayihlosile Ngathi?

UMA ufunda iphepha, ubukela ithelevishini noma ulalela umsakazo, ubona futhi uzwe izindaba eziningi zobugebengu, izimpi kanye nokuhlaselwa kwabantu ngamabhomu. Kungenzeka ukuthi nawe uyagula noma ufelwe umuntu omthandayo.

Umndeni ulalele izindaba emsakazweni

Zibuze:

  • Ingabe yilokhu uNkulunkulu akuhlosile ngami nomndeni wami?

  • Yini engangisiza ezinkingeni enginazo?

  • Kuyoke kube khona yini ukuthula kwangempela?

IBhayibheli linezimpendulo ezigculisayo zale mibuzo.

IBHAYIBHELI LIFUNDISA UKUTHI UNKULUNKULU UZOKWENZA IZINTO EZINHLE EMHLABENI.

  • Ubuhlungu, ukuguga nokufa kuyoqedwa.—IsAmbulo 21:4

  • “Olunyonga [okhubazekile] uyoqombola njengendluzele.”—Isaya 35:6

  • “Amehlo ezimpumputhe ayovulwa.”—Isaya 35:5

  • Abafile bayovuswa.—Johane 5:28, 29

  • Akekho oyophinde agule.—Isaya 33:24

  • Kuyoba nokudla okuningi emhlabeni.—IHubo 72:16

    Umuntu ogugile uba musha, okhubazekile useyagijima, abafile bayavuswa, abagulayo nabangaboni bayelashwa

ZUZA KULOKHO IBHAYIBHELI ELIKUFUNDISAYO

UFakazi KaJehova ufunda nowesilisa iBhayibheli

Kulula ukusheshe ucabange ukuthi okufunde ekuqaleni kwale ncwadi kuyiphupho. UNkulunkulu uthembisa ukuzenza ngokushesha lezi zinguquko emhlabeni, futhi iBhayibheli liyachaza ukuthi uzozenza kanjani.

IBhayibheli lenza nokungaphezu kwalokho. Lisitshela lokho esingakwenza ukuze sikujabulele ukuphila. Cabanga ngezinto ezikukhathazayo. Kungaba imali, izinkinga zomndeni, ukugula noma ukufelwa umuntu omthandayo. IBhayibheli lingakusiza ezinkingeni zakho, futhi likunikeze induduzo ngokuphendula le mibuzo elandelayo:

  • Kungani sihlupheka?

  • Singabhekana kanjani nezinkinga zethu?

  • Singakwazi yini ukuba nomndeni ojabulayo?

  • Kwenzekani kithi uma sesifile?

  • Singaphinde sibabone yini abantu esibathandayo asebafa?

  • Kungani singamethemba uNkulunkulu ukuthi uzokwenza konke akuthembisile?

Ukufunda kwakho le ncwadi kubonisa ukuthi uyafuna ukwazi ukuthi iBhayibheli lifundisani. Le ncwadi izokusiza. Izigaba zinemibuzo ezokusiza uliqonde kangcono iBhayibheli. Abantu abaningi bakujabulele ukufunda iBhayibheli noFakazi BakaJehova. Sethemba ukuthi nawe uzokujabulela. Kwangathi uNkulunkulu angakubusisa njengoba uzama ukuthola lokho iBhayibheli elingafundisa kona!

LAZI IBHAYIBHELI LAKHO

IBHAYIBHELI linezincwadi ezingu-66. Ngayinye ihlukaniswe ngezahluko namavesi. Lokhu kwenza kube lula ukuthola ivesi olifunayo. Uma kuvela umBhalo kule ncwadi, inombolo yokuqala ngemva kwegama lencwadi isho isahluko, inombolo elandelayo ibonisa ivesi. Ngokwesibonelo, uma ubona umBhalo othi “2 Thimothewu 3:16,” lokho kusho ukuthi incwadi yesibili kuThimothewu, isahluko 3, ivesi 16.

Uma uyivula imiBhalo esencwadini, kuyokusiza usheshe ujwayelane neBhayibheli. Ungaqala nokulifunda nsuku zonke. Uma ufunda izahluko ezintathu noma ezine ngosuku, ungaliqeda lonke iBhayibheli ngonyaka.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela