ISAHLUKO 7
Imihlangano ‘Evuselela Uthando Nemisebenzi Emihle’
PHAKATHI nawo wonke la makhulu eminyaka, abantu bakaJehova bebehlangana ndawonye ngendlela ehlelekile. Kwa-Israyeli wasendulo, bonke abesilisa babeya emikhosini eJerusalema kathathu ngonyaka. (Dut. 16:16) Ekhulwini lokuqala, amaKristu ayebuthana njalo, ngokuvamile kwakuba semzini wothile. (Filem. 1, 2) Namuhla, siba nemihlangano yebandla nemihlangano emincane nemikhulu. Kungani izinceku zikaNkulunkulu zihlangana ndawonye? Isizathu esiyinhloko siwukuthi kuyingxenye ebalulekile yokukhulekela kwethu.—IHu. 95:6; Kol. 3:16.
2 Imihlangano izuzisa nalabo abeza kuyo. Ngokuphathelene nayo yonke iMikhosi Yamadokodo yesikhombisa, ama-Israyeli atshelwa: ‘Buthani abantu, amadoda nabesifazane nabancane nomfokazi okini ongaphakathi kwamasango akho, ukuze balalele futhi bafunde, njengoba kumelwe bamesabe uJehova uNkulunkulu wenu baqaphele ukuwafeza wonke amazwi alo mthetho.’ (Dut. 31:12) Ngokusobala, isizathu esibalulekile sokubuthana ndawonye ‘siwukufundiswa uJehova.’ (Isaya 54:13) Imihlangano isinika nethuba lokwazana, lokuthola isikhuthazo nelokuthola amandla ngokuhlangana ndawonye.
IMIHLANGANO YEBANDLA
3 Abafundi ababehlangene ndawonye ngemva kwePhentekoste lika-33 C.E. bazinikela ekufundiseni kwabaphostoli futhi “usuku nosuku babeba khona njalo ethempelini nganhliziyonye.” (IzE. 2:42, 46) Kamuva, lapho amaKristu ehlangana ndawonye ukuze akhulekele, ayefunda imibhalo ephefumulelwe, eyayihlanganisa nezincwadi ezazibhalwe abaphostoli nabanye abafundi abangamaKristu. (1 Kor. 1:1, 2; Kol. 4:16; 1 Thes. 1:1; Jak. 1:1) Ibandla lalibuye lithandaze. (IzE. 4:24-29; 20:36) Ngezinye izikhathi kwakulandiswa lokho izithunywa zevangeli ezazibhekane nakho ensimini. (IzE. 11:5-18; 14:27, 28) Kwakuhlolwa izimfundiso zeBhayibheli nokugcwaliseka kweziprofetho eziphefumulelwe. Kwakunikezwa iziqondiso eziphathelene nokuziphatha okwamukelekayo kobuKristu nokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu. Bonke babekhuthazwa ukuba babe abamemezeli abashisekayo bezindaba ezinhle.—Roma 10:9, 10; 1 Kor. 11:23-26; 15:58; Efe. 5:1-33.
Phakathi nalezi zinsuku zokugcina ezinzima, sidinga isikhuthazo esisithola ngokuhlangana njalo
4 Osukwini lwethu, imihlangano yobuKristu ilandela emkhondweni wangezikhathi zabaphostoli. Silalela umyalo ophefumulelwe okweyamaHebheru 10:24, 25, othi: “Masicabangelane . . . , singakuyeki ukuhlangana kwethu ndawonye, njengoba kungumkhuba wabanye, kodwa sikhuthazane, futhi ikakhulu njengoba nibona usuku lusondela.” Phakathi nalezi zinsuku zokugcina ezinzima, sidinga isikhuthazo esengeziwe esisithola ngokuhlangana njalo ukuze silondoloze ingokomoya nobuqotho bobuKristu. (Roma 1:11, 12) NjengamaKristu, sihlala phakathi kwesizukulwane esigwegwile nesisontekile. Sikwenqabile ukungamhloniphi uNkulunkulu nezifiso zezwe. (Fil. 2:15, 16; Thithu 2:12-14) Ngempela, besingancamela ukuba kuphi nje ngaphandle kokuba nabantu bakaJehova? (IHu. 84:10) Yikuphi futhi okungasizuzisa kakhulu kunokutadisha nokuxoxa ngeZwi likaNkulunkulu? Cabanga ngale mihlangano ehlukahlukene elungiselelwe ukusizuzisa.
UMHLANGANO WANGEMPELASONTO
5 Ingxenye yokuqala yomhlangano wangempelasonto iba inkulumo yeBhayibheli yamasonto onke elungiselelwe abantu abasemphakathini ngokukhethekile, okungenzeka abanye babo bayaqala ngqa ukuba khona. Inkulumo yeningi ifeza indima ebaluleke kakhulu ekugcwaliseni isidingo esingokomoya sabasaqala ukuhlanganyela nesabamemezeli ebandleni.—IzE. 18:4; 19:9, 10.
6 UKristu Jesu, abaphostoli bakhe kanye nalabo ababezihlanganisa nabo babeqhuba imihlangano yeningi efana nale eba khona emabandleni abantu bakaJehova namuhla. Ngokungangabazeki uJesu wayeyisikhulumi esihle kunazo zonke ezake zaba khona. Kwashiwo lokhu ngaye: “Akekho omunye umuntu owake wakhuluma kanje.” (Joh. 7:46) UJesu wayekhuluma ngegunya, ezishiya zikhexile izilaleli zakhe. (Math. 7:28, 29) Abantu abalalela isigijimi sakhe bathola izinzuzo eziningi. (Math. 13:16, 17) Abaphostoli balandela isibonelo sakhe. Encwadini yezEnzo 2:14-36, sifunda ngenkulumo kaPetru enamandla ayinikeza ngosuku lwePhentekoste lika-33 C.E. Abaningi bashukumiseleka esenzweni ngenxa yalokho ababekuzwile. Kamuva, abantu baba amakholwa ngemva kokulalela inkulumo kaPawulu e-Athene.—IzE. 17:22-34.
7 Ngokufanayo, osukwini lwethu izigidi ziye zazuza ezinkulumweni zeningi eziba semabandleni masonto onke nasezinkulumweni zeningi ezethulwa emihlanganweni emincane nemikhulu. Izinkulumo ezinjalo zisisiza ukuba sihlale siphaphamele izimfundiso zobuKristu futhi sigxile enkonzweni yoMbuso. Ngokumema abafisa ukwazi iqiniso nomphakathi uwonke, kuningi esingakufeza ekwenzeni abantu bathole izimfundiso zeBhayibheli eziyisisekelo.
8 Izinkulumo zeningi zinezihloko ezihlukahlukene. Izinkulumo zisuke zikhuluma ngeziprofetho nezimfundiso zeBhayibheli, izimiso nezeluleko ezingokomBhalo mayelana nokuphila komkhaya, izindaba zomshado, izimo intsha ebhekana nazo nokuziphatha kobuKristu. Ezinye zigxila emisebenzini kaJehova emangalisayo yokudala. Ezinye ziqokomisa izibonelo zabantu baseBhayibhelini ababenokholo, isibindi nobuqotho, zigxile ezifundweni esizifundayo namuhla.
9 Ukuze sizuze ngokugcwele ezinkulumweni zeningi, kubalulekile ukulalelisisa, ukuvula imiBhalo eshiwo isikhulumi bese sihambisana naso njengoba siyifunda futhi siyichaza. (Luka 8:18) Njengoba ngokwenza kanjalo sizobe siziqinisekisa ngalokho okuxoxwa ngakho, sizozimisela ukubambelela kulokho esikufundayo futhi sikusebenzise.—1 Thes. 5:21.
10 Uma izikhulumi zitholakala, akungabazeki ukuthi ibandla liyoba nenkulumo yeningi masonto onke. Ukuze kube njalo, kuvame ukumenywa izikhulumi emabandleni aseduze. Uma izikhulumi zintuleka, kwenziwa imizamo yokuba zinikezwe kaningi ngangokunokwenzeka lezi zinkulumo.
11 Ingxenye yesibili yomhlangano wangempelasonto iSifundo Se-Nqabayokulinda, lapho kuxoxwa khona ngesihloko esinemibuzo nezimpendulo esikuyi-Nqabayokulinda efundwayo. Nge-Nqabayokulinda uJehova usinika ukudla okungokomoya okufika ngesikhathi.
12 Izihloko ezifundwayo zivame ukukhuluma ngokusebenzisa izimiso zeBhayibheli ekuphileni kwansuku zonke. Ziqinisa amaKristu ukuze akwazi ukumelana ‘nomoya wezwe’ nokuziphatha okungcolile. (1 Kor. 2:12) Izihloko ze-Nqabayokulinda zisinika ukukhanya okwengeziwe ngeziprofetho nezimfundiso zeBhayibheli, zisisize sihambisane neqiniso futhi sihlale endleleni yabalungileyo. (IHu. 97:11; IzAga 4:18) Ukuba khona eSifundweni Se-Nqabayokulinda nokuphendula kungasisiza sijabule ethembeni lomhlaba omusha kaJehova onokulunga. (Roma 12:12; 2 Pet. 3:13) Ubudlelwane bethu bobuKristu busisiza sihlakulele izithelo zomoya futhi buqinisa isifiso sethu sokukhonza uJehova ngentshiseko. (Gal. 5:22, 23) Siqiniselwa ukukhuthazelela uvivinyo nokwakha “isisekelo esihle sesikhathi esizayo” ukuze ‘sibambisise ukuphila kwangempela.’—1 Thim. 6:19; 1 Pet. 1:6, 7.
13 Singazuza kanjani ngokugcwele kuleli lungiselelo lokondliwa ngokomoya? Kufanele sisilungiselele kusengaphambili isifundo njengomkhaya noma njengabantu ngabanye, sifunde imiBhalo ekhonjiwe bese siphendula ngamazwi ethu phakathi nalo mhlangano. Lokhu kuyongenisa iqiniso lijule ezinhliziyweni zethu futhi nabanye bayozuza njengoba bezwa izimpendulo zethu ezibonisa ukholo. Ngokulalelisisa izimpendulo zabanye, siyozuza esifundweni sesonto ngalinye.
UMHLANGANO WAPHAKATHI NESONTO
14 Ibandla liyahlangana isonto ngalinye eHholo LoMbuso esimisweni esibizwa ngokuthi uMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu. Lo mhlangano unezingxenye ezintathu ezihloselwe ukusisiza ‘sikufanelekele ngokwanele’ ukuba izikhonzi zikaNkulunkulu. (2 Kor. 3:5, 6) Isimiso salo mhlangano nokuzofundwa kuwo sizotholakala e-Ncwajaneni YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu ezophuma njalo ngenyanga. Le Ncwajana YoMhlangano Wokuphila Nenkonzo inanezintshumayelo eziyisibonelo esingazisebenzisa ensimini.
15 Ingxenye yokuqala yalo mhlangano ebizwa ngokuthi Amagugu AseZwini LikaNkulunkulu isisiza ukuba sijwayelane nesizinda nomongo wezindaba eziseBhayibhelini sifunde nokuthi singazisebenzisa kanjani. Lo mhlangano uhlanganisa inkulumo, ukufunda kanye nengxoxo esekelwe ekufundweni kweBhayibheli kwamasonto onke. INcwajana YoMhlangano Wokuphila Nenkonzo inezithombe namashadi okusisiza sifunde ngalezi zindaba eziseBhayibhelini. Le ndlela ejulile yokufunda iBhayibheli iyasizuzisa ekuphileni kwethu nasekufundiseni kwethu ukuze ‘sifaneleke ngokugcwele, siyihlomele ngokuphelele yonke imisebenzi emihle.’—2 Thim. 3:16, 17.
16 Ingxenye yesibili yalo mhlangano ethi Yiba Umshumayeli Nomfundisi Ongcono Ensimini ihlelelwe ukunikeza bonke ithuba lokuqeqeshelwa inkonzo nokuthuthukisa ikhono lokushumayela nokufundisa. Ngaphezu kwalezi zabelo zabafundi, kuba namavidiyo ezingxoxo eziyisibonelo. Le ngxenye yalo mhlangano isisiza ukuba sithole “ulimi lwabafundisiweyo” ukuze ‘sikwazi ukuphendula okhathele ngezwi.’—Isaya 50:4.
17 Ingxenye yesithathu ethi Ukuphila NjengamaKristu, isifundisa ukusebenzisa izimiso zeBhayibheli ekuphileni kwethu kwansuku zonke. (IHu. 119:105) Isici esiyinhloko sale ngxenye yomhlangano yiSifundo SeBhayibheli Sebandla. NjengeSifundo Se-Nqabayokulinda, iSifundo SeBhayibheli Sebandla siyingxoxo yemibuzo nezimpendulo.
18 Inyanga ngayinye lapho sithola INcwajana YoMhlangano Wokuphila Nenkonzo, umxhumanisi wendikimba yabadala noma omunye umdala ongumsizi wakhe, uyihlola ngokucophelela bese enza isimiso. Isonto ngalinye, umdala onekhono lokufundisa futhi ogunyazwe yindikimba yabadala, uba usihlalo walo mhlangano. Imisebenzi yakhe ihlanganisa ukuqikelela ukuthi imihlangano iqala futhi iphele ngesikhathi, ukuncoma nokweluleka labo abanezabelo zabafundi.
19 Uma siwulungiselela njalo uMhlangano Wokuphila Nenkonzo, siba khona kuwo futhi sihlanganyele, sithola ulwazi lwemiBhalo, siqonde izimiso zeBhayibheli, sibe nesibindi sokushumayela izindaba ezinhle namakhono okwenza abafundi. Abantu ababa khona abangakabi oFakazi ababhapathiziwe nabo bayazuza ebudlelwaneni obufudumele nasezingxoxweni ezakhayo ngokomoya. Ukuze sithole usizo lokulungiselela lo mhlangano neminye, singasebenzisa i-Watchtower Library, i-JW Library®, I-ONLINE LIBRARY YeBhayibheli (uma itholakala ngolimi lwakho) nomtapo wezincwadi waseHholo LoMbuso. Umtapo wezincwadi waseHholo LoMbuso unezincwadi zoFakazi BakaJehova ezitholakalayo, i-Watchtower Publication Index noma INcwadi Yokucwaninga YoFakazi BakaJehova, izinguqulo eziningana zeBhayibheli, ikhonkodensi, isichazamazwi nezinye izincwadi zokucwaninga eziwusizo. Lo mtapo ungasetshenziswa yinoma ubani ngaphambi kokuba imihlangano iqale noma ngemva kwayo.
IMIHLANGANO YENKONZO YASENSIMINI
20 Ngezikhathi ezihlukahlukene phakathi nesonto nangezimpelasonto, amaqembu abamemezeli ahlangana isikhashana emihlanganweni yenkonzo yasensimini. Le mihlangano ivame ukuba semizini yabazalwane noma kwezinye izindawo ezifanelekayo. IHholo LoMbuso nalo lingasetshenziselwa lo mhlangano. Uma amaqembu amancane ehlangana ezindaweni eziningana ensimini yebandla kungase kwenze kube lula ngabamemezeli ukuya emhlanganweni wenkonzo nasensimini. Abamemezeli bangabiwa ngokushesha, baphume baye ensimini ngaphandle kokulibala. Umbonisi weqembu angase akwazi nokunaka abaseqenjini lakhe. Nakuba kuzuzisa ukuba amaqembu ahlangane ngokwehlukana, izimo zingase zibizele ukuba amaqembu amaningana ahlangane ndawonye. Ngokwesibonelo, uma bembalwa abamemezeli abaya ensimini phakathi nesonto, kungase kube yinzuzo ukuhlanganisa amaqembu noma ukuba bonke bahlangane eHholo LoMbuso noma kwenye indawo efanelekayo. Uma kwenziwa kanjalo, ummemezeli ngamunye uyoba nomuntu asebenza naye. Ibandla lingase likuthole kuwusizo nokuba lihlangane eHholo LoMbuso ngamaholidi ezwe. Noma lingase likhethe ukuba nomhlangano wenkonzo yasensimini owodwa ngemva kweSifundo Se-Nqabayokulinda.
21 Uma amaqembu ehlangana ngokwehlukana, umbonisi weqembu uyena oqhuba umhlangano wenkonzo yasensimini. Ngezikhathi ezithile angase abele umsizi wakhe noma omunye umzalwane ofanelekayo ukuba aqhube leyo mihlangano. Umqhubi kufanele kube ukuthi ukulungele ukuxoxa ngokuthile okuzosebenza ngokoqobo futhi kube usizo enkonzweni yasensimini. Kuhlelwa indlela okuzosetshenzwa ngayo ensimini, bese omunye eqenjini ethandaza. Ngemva kwalokho, iqembu liyoba selisuka ngokushesha liye ensimini. Leyo mihlangano ithatha imizuzu emihlanu kuya kweyisikhombisa kodwa kufanele ithathe isikhathi esingaphansi kwaleso uma ilandela umhlangano webandla. Kufanele inikeze isikhuthazo, imfundo ewusizo neziqondiso kulabo abaya emsebenzini wokushumayela. Abasanda kuhlanganyela noma abanye okungenzeka badinga usizo bangasebenza nabamemezeli abangomakad’ ebona ukuze baqeqesheke.
AMALUNGISELELO EMIHLANGANO EMABANDLENI AMASHA NOMA AMANCANE
22 Njengoba banda abantu ababa abafundi, inani lamabandla nalo liyanda. Isicelo sokumiswa kwebandla elisha ngokuvamile sifakwa umbonisi wesigodi. Nokho, kwezinye izimo amaqembu amancane angase akubone kunenzuzo ukuhlangana nebandla eliseduze.
23 Ngezinye izikhathi, amabandla amancane angase abe nodade bodwa. Uma kunjalo, udade othandazayo ebandleni noma oqhuba imihlangano uyathwala ekhanda, ngokuvumelana nelungiselelo elingokomBhalo. (1 Kor. 11:3-16) Ezimweni eziningi, uhlala phansi, abheke iqembu. Odade abazibeki izinkulumo njengabazalwane emihlanganweni. Kunalokho, bafunda indaba elungiselelwe yinhlangano bese beyikhulumela, noma ukuze kuhlukahluke, bangase bayenze ibe ingxoxo noma umboniso. Ihhovisi legatsha liyocela omunye wodade ukuba anakekele iposi eliphuma ehhovisi futhi anakekele imihlangano. Ngokuhamba kwesikhathi, lapho abazalwane sebekufanelekela ukwenza le misebenzi, yibona abayoyenza.
IMIHLANGANO YESIGODI
24 Unyaka ngamunye kwenziwa amalungiselelo okuba amabandla asesigodini esifanayo abuthane ndawonye emihlanganweni yesigodi emibili yosuku olulodwa. Lezi zikhathi ezijabulisayo zivulela bonke abakhona amathuba ‘okwanuleka’ ebudlelwaneni babo namanye amaKristu. (2 Kor. 6:11-13) Inhlangano kaJehova ilungiselela izihloko ezingokomBhalo nezingxenye ezihlukahlukene zale mihlangano icabanga ngesidingo esithile esikhethekile. Ukwaziswa kwethulwa ngezinkulumo, imiboniso, ukulingiswa kwezenzakalo ezingokoqobo, abantu abakhuluma bodwa nezingxoxo. Imfundo enjalo efika ngesikhathi iyabakha bonke ababa khona. Kule mihlangano, abafundi abasha baba nethuba lokubhapathizwa bebonakalisa ukuzinikezela kwabo kuJehova.
IMIHLANGANO YESIFUNDA
25 Kanye ngonyaka kuba khona imihlangano emikhulu. Ivame ukuba imihlangano yesifunda yezinsuku ezintathu, eqoqela ndawonye amabandla asezigodini eziningana. Amagatsha amancane angase akuthole kulula ukuba wonke amabandla asensimini yalelo gatsha ahlangane endaweni eyodwa. Kwamanye amazwe amalungiselelo ale mihlangano angase ahlukahluke kuye ngezimo noma ngesiqondiso senhlangano. Ngezikhathi ezithile, kuba nemihlangano yezizwe noma imihlangano ekhethekile emazweni athile futhi ingase ihanjelwe amashumi ezinkulungwane zoFakazi abaphuma emazweni amaningi. Eminyakeni edlule, baningi abaye bafunda izindaba ezinhle zoMbuso ngenxa yalokho okusuke kushiwo abezindaba ngale mihlangano emikhulu yoFakazi BakaJehova.
26 Kubantu bakaJehova abazinikezele, le mihlangano emikhulu iyizikhathi zenjabulo zokukhulekela ngobunye. Iye yaba indawo okwembulwa kuyo ukukhanya okwengeziwe ngeqiniso. Kweminye imihlangano emikhulu kukhululwa izincwadi ezintsha esizozifunda thina, esizozifunda ebandleni noma esizozisebenzisa enkonzweni yasensimini. Abantu bayabhapathizwa nakule mihlangano. Imihlangano emikhulu ibaluleke kakhulu ekukhuthazeni ukukhula ngokomoya. Inikeza ubufakazi bokuthi abantu bakaJehova ngempela bawubuzalwane bomhlaba wonke bamaKristu azinikezele anophawu lwabafundi bakaJesu Kristu.—Joh. 13:35.
27 Ngokuya emihlanganweni yebandla nasemihlanganweni emincane nemikhulu yabantu bakaJehova, siqiniselwa ukwenza intando kaJehova. Sivikelwa nasemathonyeni ezwe angase abulale ukholo lwethu lobuKristu. Imibuthano enjalo ikhazimulisa futhi idumise uJehova. (IHu. 35:18; IzAga 14:28) Siyambonga uJehova ngokuthi wenzele abantu bakhe abazinikezele lezi zikhathi zokuqabuleka ngokomoya kulesi sikhathi sokuphela.
ISIDLO SENKOSI SAKUSIHLWA
28 Kanye ngonyaka ngosuku okwafa ngalo uJesu Kristu, amabandla oFakazi BakaJehova emhlabeni wonke enza iSikhumbuzo sokufa kwakhe, noma iSidlo SeNkosi Sakusihlwa. (1 Kor. 11:20, 23, 24) Lona umhlangano obaluleke kunayo yonke onyakeni kubantu bakaJehova. Siyalwa ngokuqondile ukuba sisigcine iSikhumbuzo.—Luka 22:19.
29 Usuku lweSikhumbuzo luqondana nosuku lwePhasika laseBhayibhelini oluphawulwe emiBhalweni. (Eks. 12:2, 6; Math. 26:17, 20, 26) IPhasika laliyisikhumbuzo saminyaka yonke soFuduko lwama-Israyeli esuka eGibhithe ngonyaka ka-1513 B.C.E. Ngaleso sikhathi, uJehova wathi usuku luka-14 lwenyanga yawo yokuqala egcwele luyoba usuku lokuba adle iwundlu lePhasika nelokuphuma ekuthunjweni eGibhithe. (Eks. 12:1-51) Lolu suku lutholakala ngokubala izinsuku ezingu-13 kusuka ekuthwaseni kwenyanga okusondelene nosuku lwasentwasahlobo okulingana ngalo imini nobusuku, njengoba isuke ibonakala eJerusalema. ISikhumbuzo sivame ukuba ngosuku lokuqala lwenyanga egcwele ngemva kosuku lwasentwasahlobo okulingana ngalo imini nobusuku.
30 KuMathewu 26:26-28 kunamazwi kaJesu achaza indlela iSikhumbuzo okumelwe senziwe ngayo. Asiwona umkhosi onemicikilisho engaqondakali kodwa siyisidlo esifanekisela okuthile esidliwa yilabo ababizelwe ukuba yizindlalifa ezikanye noJesu Kristu eMbusweni wakhe wasezulwini. (Luka 22:28-30) Wonke amanye amaKristu azinikezele nabantu abafisa ukwazi iqiniso bakhuthazwa ukuba babe khona njengezibukeli eSidlweni SeNkosi Sakusihlwa. Ngokuba khona kwabo, babonisa ukuthi bayalazisa ilungiselelo uJehova uNkulunkulu alenzile ukuze kuzuze sonke isintu ngeNdodana yakhe uJesu Kristu. Ngaphambi kweSikhumbuzo, kuba nenkulumo yeningi ekhethekile enjongo yayo ukufaka ugqozi ngalesi senzakalo nokukhulisa isifiso sokutadisha iBhayibheli.
31 OFakazi BakaJehova babheka phambili ngenjabulo ekuhlanganeni ndawonye emihlanganweni, lapho ‘sicabangelana khona ukuze sivuselelane uthando nemisebenzi emihle.’ (Heb. 10:24) Inceku ethembekile neqondayo ikuphaphamele ukulungiselela imihlangano enjalo ngokwezidingo zethu ezingokomoya. Zonke izinceku zikaJehova nabantu abafisa ukwazi iqiniso bakhuthazwa ukuba bawasebenzise ngokugcwele amalungiselelo okuhlangana ndawonye njalo. Ngokubonisa ukwazisa okusuka enhliziyweni ngamalungiselelo kaJehova awenza ngenhlangano yakhe, izinceku zikaNkulunkulu ziba nobunye. Okubaluleke nakakhulu, sidumisa futhi sikhazimulise uJehova.—IHu. 111:1.