Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • jy isahl. 22 k. 58-k. 59 isig. 6
  • Abafundi Abane Bazoba Abadobi Babantu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Abafundi Abane Bazoba Abadobi Babantu
  • UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukubizwa Kwabafundi Abane
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • Abafundi Abane Bayabizwa
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
  • Ukukhonza Njengabadobi Babantu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
  • Walwa Nokwesaba Nokungabaza
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
Bheka Okunye
UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
jy isahl. 22 k. 58-k. 59 isig. 6
UJesu ukhuluma noPetru, u-⁠Andreya, uJakobe noJohane ogwini loLwandle LwaseGalile

ISAHLUKO 22

Abafundi Abane Bazoba Abadobi Babantu

MATHEWU 4:13-22 MARKU 1:16-20 LUKA 5:1-11

  • UJESU UMEMA ABAFUNDI UKUBA BABE ABALANDELI BAKHE BESIKHATHI ESIGCWELE

  • ABADOBI BEZINHLANZI BABA ABADOBI BABANTU

Ngemva kokuba abantu baseNazaretha bezame ukubulala uJesu, uyahamba aye edolobheni laseKapernawume, eduze koLwandle LwaseGalile, elibizwa nangokuthi ‘ichibi laseGenesaretha.’ (Luka 5:1) Lokhu kugcwalisa isiprofetho esisencwadini ka-Isaya, esithi abantu baseGalile abahlala ngasolwandle babeyobona ukukhanya okukhulu.—Isaya 9:1, 2.

Lapha eGalile, uJesu uyaqhubeka ememezela ukuthi “uMbuso wamazulu ususondele.” (Mathewu 4:17) UJesu uthola abafundi bakhe abane. Babekade behamba noJesu ngaphambili, kodwa lapho bebuyela naye eJudiya, baqhubeka nomsebenzi wabo wokudoba. (Johane 1:35-42) Kodwa manje, sekufanele bahlale benoJesu ukuze abaqeqeshe ukuze bakwazi ukuqhubeka nenkonzo lapho engasekho.

Njengoba uJesu ehamba ogwini lolwandle ubona uSimoni Petru, umfowabo u-Andreya nabanye ababesebenza nabo, belungisa amanethi abo. UJesu uya kubo, agibele esikebheni sikaPetru, bese emcela ukuba aqhele ibangana ogwini. Lapho sebeqhele ibangana, uJesu uhlala phansi bese eqala ukufundisa izixuku ezase zibuthene ogwini amaqiniso ngoMbuso.

Ngemva kwalokho, uJesu uthi kuPetru: “Masiye lapho kujule khona, nehlise amanethi enu ukuze nibambe.” UPetru uphendula athi: “Mfundisi, sikhandleke ubusuku bonke kodwa asibambanga lutho, kodwa ngoba usho kanjalo ngizowehlisa amanethi.”—Luka 5:4, 5.

U-Andreya, uJakobe noJohane bazama kanzima ukufaka amanetha esikebheni; uPetru uguqa phambi kukaJesu

Behlisa amanethi babambe izinhlanzi eziningi kakhulu, kangangokuba amanethi abo aqala ukudabuka! Ngokushesha baqhweba labo abasebenza nabo abasesikebheni esiseduze ukuba beze bazobasiza. Ngokushesha, zombili izikebhe zigcwala izinhlanzi kangangokuba ziqala ukucwila. Ebona lokhu, uPetru uguqa phambi kukaJesu athi: “Suka kimi Nkosi ngoba ngiyisoni.” UJesu uphendula athi: “Yeka ukwesaba. Kusukela manje kuqhubeke uzobe udoba abantu bephila.”—Luka 5:8, 10.

UJesu utshela uPetru no-Andreya: “Ngilandeleni, ngizonenza abadobi babantu.” (Mathewu 4:19) Ubiza nabanye abadobi ababili, uJakobe noJohane, amadodana kaZebedewu. Nabo bavuma ngaphandle kokungabaza. Ngakho laba bobane, bashiya umsebenzi wabo wokudoba, babe abafundi bakaJesu bokuqala besikhathi esigcwele.

  • Enza msebenzi muni amadoda amenywa uJesu ukuba abe abalandeli bakhe besikhathi esigcwele, futhi angobani?

  • Yisiphi isimangaliso esethusa uPetru?

  • Abafundi abane sebezokwenza muphi umsebenzi wokudoba?

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela