Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • hf ingxenye 6 izingxenye 1-3
  • Indlela Abantwana Abawushintsha Ngayo Umshado

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Indlela Abantwana Abawushintsha Ngayo Umshado
  • Umndeni Wakho Ungajabula
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • 1 QONDA INDLELA UMNTWANA AKUSHINTSHA NGAYO UKUPHILA KWENU
  • 2 QINISANI UBUHLOBO BENU
  • 3 UKUQEQESHA UMNTWANA WENU
  • Indlela Ukuzalwa Kwengane Okuwuthinta Ngayo Umshado
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • Lokho Izinsana Ezikudingayo Nezikufunayo
    I-Phaphama!—2004
  • Isicelo Esivela Enhliziyweni
    I-Phaphama!—1997
  • Izinto Eziyisisekelo Ngokuncelisa Ibele
    I-Phaphama!—1994
Bheka Okunye
Umndeni Wakho Ungajabula
hf ingxenye 6 izingxenye 1-3
Umhlengikazi ulethela abazali usana lwabo olusanda kuzalwa

INGXENYE 6

Indlela Abantwana Abawushintsha Ngayo Umshado

“Abantwana bayifa elivela kuJehova.”—IHubo 127:3

Ukuzalwa komntwana kungajabulisa kakhulu kuphinde kuqede amandla endodeni nakumkayo. Njengoba nisanda kuba abazali, kunganimangaza ukuthola ukuthi isikhathi senu esiningi namandla enu nizokuchitha ninakekela umntwana wenu. Ukuqwasha kanye nokuguquguquka kwemizwelo kungaphazamisa ubuhlobo benu. Nobabili kufanele nenze izinguquko ukuze ninakekele umntwana futhi nilondoloze umshado wenu. Izeluleko zeBhayibheli zinganisiza kanjani ukuba nibhekane nalezi zinselele?

1 QONDA INDLELA UMNTWANA AKUSHINTSHA NGAYO UKUPHILA KWENU

OKUSHIWO YIBHAYIBHELI: “Uthando luyabekezela futhi lunomusa.” Ngaphezu kwalokho, “aluzifuneli izinzuzo zalo siqu, alucasuki.” (1 Korinte 13:4, 5) Njengoba usanda kuba umama, kungokwemvelo ukuba unake kakhulu umntwana wakho. Kepha umyeni wakho angase aqale ukuzizwa enganakiwe, ngakho ungakhohlwa ukuthi kusadingeka umnake naye. Ngesineke nangomusa, ungamsiza azizwe ebalulekile futhi enesandla ekunakekeleni umntwana wenu.

Ubaba ufunza umntwana ukudla, amnakekele nasebusuku

“Nina madoda, qhubekani nihlala nabo ngendlela efanayo ngokolwazi.” (1 Petru 3:7) Qonda ukuthi umkakho usezosebenzisa amandla akhe amaningi enakekela ingane. Usenemithwalo emisha futhi kungenzeka ucindezelekile, ukhathele noma ukhandlekile. Ngesinye isikhathi kungenzeka nawe akucasukele, kodwa zama ukubeka umoya phansi, ngoba “owephuza ukuthukuthela ungcono kunendoda enamandla.” (IzAga 16:32) Bonisa ukuqonda futhi umnike usizo aludingayo.—IzAga 14:29.

ENINGAKWENZA:

  • Bobaba: Sizani omkenu ekunakekeleni umntwana, ngisho nasebusuku. Linganiselani isikhathi enisichitha kwezinye izinto ukuze nikwazi ukusichitha nomkenu nengane yenu

  • Bomama: Lapho abayeni benu becela ukunisiza ngomntwana, lwamukeleni usizo lwabo. Uma usizo lwabo lunganigculisi, ningabagxeki, kodwa baboniseni ngomusa ukuthi benze kanjani

2 QINISANI UBUHLOBO BENU

OKUSHIWO YIBHAYIBHELI: ‘Bayoba nyamanye.’ (Genesise 2:24) Nakuba seninelungu elisha emndenini wenu, khumbula ukuthi wena noshade naye ‘nisenyamanye.’ Yenzani konke eningakwenza ukuze nigcine ubuhlobo benu buqinile.

Makhosikazi, lwaziseni usizo lwabayeni benu nokusekela kwabo. Amazwi enu okwazisa angaba “ngukuphulukisa.” (IzAga 12:18) Madoda, tshelani omkenu ukuthi nibathanda futhi nibazisa kangakanani. Bancomeni ngendlela abanakekela ngayo umndeni.—IzAga 31:10, 28.

“Yilowo nalowo makangazifuneli inzuzo yakhe siqu, kodwa eyomunye umuntu.” (1 Korinte 10:24) Ngaso sonke isikhathi menzele okuhle kakhulu oshade naye. Njengendoda nomfazi, yibani nesikhathi sokuxoxa, sokuncomana nesokulalelana. Ningabi nobugovu uma kuziwa ezindabeni zocansi. Cabangela izidingo zoshade naye. IBhayibheli lithi: “Ningagodlelani kona, ngaphandle kokuba kungokuvumelana.” (1 Korinte 7:3-5) Ngakho-ke xoxani ngale ndaba ngobuqotho ninobabili. Isineke nokuqonda kwenu kuyobuqinisa ubuhlobo benu.

Indoda nomkayo bachitha isikhathi ndawonye ngesikhathi ingane ilele

ENINGAKWENZA:

  • Ningakukhohlwa ukubeka eceleni isikhathi sokuba nobabili kuphela

  • Menzele izinto ezincane oshade naye ezizomenza azizwe ethandwa, njengokumbhalela umyalezo omfushane noma umuphe isipho esincane

3 UKUQEQESHA UMNTWANA WENU

Umama ufundela umntwanakhe

OKUSHIWO YIBHAYIBHELI: “Kusukela usewusana uye wazi imibhalo engcwele, ekwazi ukukuhlakaniphisela insindiso.” (2 Thimothewu 3:15) Hlelani ukuthi niyomfundisa kanjani umntwana wenu. Unekhono elimangalisayo lokufunda, ngisho nangaphambi kokuba azalwe. Ngesikhathi esesibelethweni, umntwana angawaqaphela amazwi enu futhi asabele emizweleni yenu. Mfundeleni ngesikhathi esewusana. Nakuba engase angakuqondi enikufundayo, kungamsiza akujabulele ukufunda lapho esekhulile.

Ningasho ukuthi umntwana usemncane kakhulu ukuba anganizwa nikhuluma ngoNkulunkulu. Makanizwe nithandaza kuJehova. (Duteronomi 11:19) Ngisho nalapho nidlala ndawonye, khulumani ngezinto uNkulunkulu azenzile. (IHubo 78:3, 4) Njengoba ingane yenu ikhula, iyolubona uthando eninalo ngoJehova, nayo ifunde ukumthanda.

ENINGAKWENZA:

  • Thandazelani ngokuqondile ukuhlakanipha kokuqeqesha umntwana

  • Phindaphindani amazwi nemiqondo eyisisekelo kumntwana wenu ukuze asheshe aqale ukufunda

UMNTWANA ANGABA NETHONYA ELIHLE EMSHADWENI

Ngokuhamba kwesikhathi, wena noshade naye niyojabula futhi ukuqiniseka kwenu kukhule njengabazali. Ukukhulisa ingane kungalwenza lukhule uthando lwenu, isineke kanye nomusa. Uma nibambisene futhi nisekelana, ukuba nomntwana kuyobuqinisa ubuhlobo benu. Amazwi eHubo 127:3 angaba yiqiniso kini: “Isithelo sesisu singumvuzo.”

ZIBUZE . . .

  • Phakathi nesonto eledlule, yini engiyenzile ebonisa ukuthi ngiyakwazisa lokho umyeni wami noma umkami akwenzela umndeni?

  • Ngigcine nini ukukhuluma nengishade naye ngathi esikhundleni sokukhuluma ngengane yethu nje kuphela?

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela