Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • kr isahl. 12 kk. 118-131
  • Sihlelelwe Ukukhonza “UNkulunkulu Wokuthula”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Sihlelelwe Ukukhonza “UNkulunkulu Wokuthula”
  • UMbuso KaNkulunkulu Uyabusa!
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • “Ngiyomisa Ukuthula Kube Ababonisi Bakho”
  • Indlela UKristu Ahola Ngayo Ibandla
  • “Ukuba Yizibonelo Emhlambini”
  • Izindlela Abadala Abelusa Ngazo Umhlambi KaNkulunkulu Namuhla
  • Ukuthuthukiswa Kwendlela Yokwengamela Kuqinisa Ubunye Babantu BakaNkulunkulu
  • Ukuthuthuka Kwesimo SeNhlangano
    OFakazi BakaJehova—Abamemezeli BoMbuso KaNkulunkulu
  • Ababonisi Abelusa Umhlambi
    Ukuhlelelwa Ukwenza Intando KaJehova
  • Lalelani Abaholayo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
  • Belusi, Lingisani ABelusi Abakhulu Kunabo Bonke
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
Bheka Okunye
UMbuso KaNkulunkulu Uyabusa!
kr isahl. 12 kk. 118-131

ISAHLUKO 12

Sihlelelwe Ukukhonza “UNkulunkulu Wokuthula”

OKUZOXOXWA NGAKHO KULESI SAHLUKO

UJehova wenza abantu bakhe bahleleke kancane kancane

1, 2. Yashintsha kanjani i-Zion’s Watch Tower ngo-January 1895, futhi abazalwane basabela kanjani?

LAPHO umFundi WeBhayibheli oshisekayo uJohn A. Bohnet ethola ikhophi ye-Zion’s Watch Tower ka-January 1895, kwamjabulisa akubona. Lo magazini wawunesembozo esisha esigqamile—kunomfanekiso we-lighthouse ephakeme olwandle olugubhayo, ikhanyise isibhakabhaka esimnyama. Isimemezelo esiphathelene nalesi sembozo esisha sasinesihloko esithi “Isembozo Sethu Esisha.”

2 Ehlabeke umxhwele, uMfoweth’ uBohnet wathumela incwadi kuMfoweth’ uRussell. Wabhala: “Ngiyajabula ukubona INQABAYOKULINDA iyinhle kangaka.” Omunye futhi umFundi WeBhayibheli othembekile, uJohn H. Brown, wabhala ngalesi sembozo: “Asive sikhanga. Yeka indlela esiqine ngayo isisekelo senqaba, kuyilapho sishaywa amagagasi neziphepho.” Leso sembozo esisha sasiwushintsho lokuqala abafowethu abalubona ngalowo nyaka​—kodwa kwakungelona olokugcina. Ngo-November bezwa ngolunye futhi ushintsho olukhulu. Okuthakazelisayo ukuthi nalolu lwaluhilela ulwandle olugubhayo.

3, 4. Iyiphi inkinga okwakhulunywa ngayo kuyi-Nqabayokulinda ka-November 15, 1895, futhi yiluphi ushintsho olukhulu olwamenyezelwa?

3 Isihloko esasikhuluma ngamaphuzu amaningi kuyi-Nqabayokulinda ka-November 15, 1895 sayiveza obala inkinga: Izinkinga ezifana namagagasi esiphepho zaziphazamisa ukuthula enhlanganweni yabaFundi BeBhayibheli. Abazalwane babeqhubeka bebanga ukuthi ubani okufanele abe umholi ebandleni lendawo. Ukuze kusizwe abazalwane babone okwakudingeka ukuze kulungiswe lowo moya wokubanga ohlukanisayo, lesi sihloko safanisa inhlangano nomkhumbi. Sabe sesivuma ukuthi ababehola babehlulekile ukwenza inhlangano enjengomkhumbi ikwazi ukumelana neziphepho. Yini okwakudingeka yenziwe?

4 Lesi sihloko saphawula ukuthi ukaputeni okhuthele uyaqikelela ukuthi izinto zokusindisa ukuphila zikhona emkhunjini, nokuthi amatilosi akulungele ukubhekana nesimo esiyingozi lapho kuqhamuka isiphepho. Ngokufanayo, labo ababehola enhlanganweni kwakudingeka baqiniseke ukuthi wonke amabandla akulungele ukusingatha izimo ezifana nesiphepho. Ukuze akwenze lokhu, lesi sihloko samemezela ushintsho olukhulu. Sathi kusukela ngaleso sikhathi, “kuwo wonke amabandla kumelwe kukhethwe abadala ‘babe ababonisi’ bomhlambi.”​—IzE. 20:28.

5. (a) Kungani ilungiselelo labadala lokuqala laliyisinyathelo esifike ngesikhathi? (b) Iyiphi imibuzo esizoyicabangela?

5 Lelo lungiselelo labadala lokuqala laba yisinyathelo esifike ngesikhathi ekwakheni amabandla aqinile. Lasiza abafowethu bakwazi ukuhamba emagagasini anolaka ayequbuke ngeMpi Yezwe I. Emashumini eminyaka alandela, okunye ukuthuthukiswa kwezinto eziphathelene nenhlangano kwasiza abantu bakaNkulunkulu ukuba bakuhlomele kangcono ukukhonza uJehova. Yisiphi isiprofetho seBhayibheli esabikezela lokhu? Yiziphi izinguquko eziphathelene nenhlangano ozibonile? Zikuzuzise kanjani?

“Ngiyomisa Ukuthula Kube Ababonisi Bakho”

6, 7. (a) Usho ukuthini u-Isaya 60:17? (b) Kubonisani ukubalulwa ‘kwababonisi nababi bemisebenzi’?

6 Njengoba sifundile eSahlukweni 9 u-Isaya wabikezela ukuthi uJehova wayezobusisa abantu bakhe ngokwanda. (Isaya 60:22) Nokho, uJehova wathembisa ukwenza nokwengeziwe. Kuso lesi siprofetho, wathi: “Esikhundleni sethusi ngiyoletha igolide, esikhundleni sensimbi ngiyoletha isiliva, esikhundleni sokhuni, ithusi, futhi esikhundleni samatshe, insimbi; ngiyomisa ukuthula kube ababonisi bakho nokulunga kube ngababi bemisebenzi yakho.” (Isaya 60:17) Sisho ukuthini leso siprofetho? Sisebenza kanjani kithi namuhla?

Ushintsho alusuki entweni embi luye kwenhle, kodwa lusuka kwenhle luye kwenhle kakhulu

7 Isiprofetho sika-Isaya sithi esikhundleni sento ethile kwakuyofakwa enye. Kodwa phawula ukuthi lolu shintsho alusuki entweni embi luye kwenhle, kodwa lusuka kwenhle luye kwenhle kakhulu. Ukufaka igolide esikhundleni sethusi kubonisa intuthuko, kungokufanayo nangezinye izinto ezibalwe lapha. Ngakho, ngalo mfanekiso uJehova wabikezela ukuthi isimo sabantu bakhe sasiyothuthuka kancane kancane. Iyiphi le ntuthuko esikhuluma ngayo lesi siprofetho? Ngokubalula ‘ababonisi nababi bemisebenzi,’ uJehova wayebonisa ukuthi indlela abantu bakhe abanakekelwa futhi bahlelwe ngayo yayiyothuthuka kancane kancane.

8. (a) Ubani obangela intuthuko echazwe esiprofethweni sika-Isaya? (b) Sizuza kanjani kule ntuthuko? (Bheka nebhokisi elithi “Wakwamukela Ngokuthobeka Ukulungiswa.”)

8 Ubani obangela le ntuthuko? UJehova uthi: “Ngiyoletha igolide, . . . ngiyoletha isiliva, . . . ngiyomisa ukuthula.” Ngempela, intuthuko ekuhlelekeni kwamabandla ayilethwanga imizamo yabantu kodwa uJehova uqobo lwakhe. Futhi kusukela uJesu amiswa njengeNkosi, uJehova uye wenza lezi zinguquko esebenzisa iNdodana yakhe. Sizuza kanjani kulezi zinguquko? Wona lo mBhalo uthi umphumela walezi zinguquko uyoba ‘ukuthula nokulunga.’ Lapho samukela isiqondiso sikaNkulunkulu futhi senza izinguquko, ukuthula kuyavama phakathi kwethu, uthando nokulunga kusishukumisela ukuba sikhonze uJehova, lowo umphostoli uPawulu amchaza ngokuthi “uNkulunkulu wokuthula.”​—Fil. 4:9.

9. Yisiphi isisekelo esifanelekile sokuhleleka nobunye ebandleni, futhi ngani?

9 Ngokuqondene noJehova, uPawulu wabuye wabhala: “UNkulunkulu unguNkulunkulu wokuthula akayena owesiyaluyalu.” (1 Kor. 14:33) Phawula ukuthi uPawulu akaqhathanisanga isiyaluyalu nokuhleleka, kodwa wasiqhathanisa nokuthula. Kungani? Cabanga ngalokhu: Ukuhleleka kukodwa akusho ukuthi nakanjani kuyozala izimo ezinokuthula. Ngokwesibonelo, iqembu lamasosha lingase limashe ngokuhleleka libheke ekhaleni lempi, kodwa lokho kumasha kwalo ngokuhleleka kuzala impi, hhayi ukuthula. Ngakho, njengamaKristu, nali iphuzu eliyisihluthulelo esifuna ukulikhumbula: Noma yiliphi iqembu elihlelekile kodwa lingenaso isisekelo esiwukuthula, liyoqumbeka phansi. Ngokuphambene nalokho, ukuthula kukaNkulunkulu kwenza kube khona uhlobo lokuhleleka okuhlala njalo. Asive sibonga ngokuthi inhlangano yethu iqondiswa futhi ilungiswe “uNkulunkulu onika ukuthula!” (Roma 15:33) Ukuthula okuvela kuNkulunkulu kwakha isisekelo sokuhleleka okuzuzisayo nobunye obuqotho esibujabulelayo nesikwazisa kakhulu kangaka emabandleni ethu emhlabeni wonke.​—IHu. 29:11.

10. (a) Iyiphi intuthuko eyenzeka enhlanganweni yethu eminyakeni yokuqala? (Bheka ibhokisi elithi “Indlela Ethuthukiswe Ngayo Indlela Yokwengamela.”) (b) Yimiphi imibuzo esizoyicabangela manje?

10 Ibhokisi elithi “Indlela Ethuthukiswe Ngayo Indlela Yokwengamela” lisichazela ngezinguquko eziwusizo nezibonisa ukuhleleka ezenzeka enhlanganweni yethu eminyakeni yokuqala. Kodwa yiluphi ushintsho olusuka ‘ethusini luya egolideni’ uJehova alwenzile muva nje ngeNkosi yethu? Lezo zinguquko endleleni yokwengamela zikuqinise kanjani ukuthula nobunye emabandleni emhlabeni wonke? Zikusiza kanjani wena ukuba ukhonze “uNkulunkulu wokuthula”?

Indlela UKristu Ahola Ngayo Ibandla

11. (a) Yikuphi ukuqonda okwashintsha ngenxa yokutadisha imiBhalo? (b) Abazalwane bendikimba ebusayo babezimisele ukwenzani?

11 Kusukela ngo-1964 kuya ku-1971, indikimba ebusayo yaqondisa umsebenzi omkhulu wokutadisha iBhayibheli ngenjongo yokuhlola, phakathi kwezinye izinto, indlela ibandla lobuKristu lekhulu lokuqala elalisebenza ngayo.a Ngokwendlela izinto ezazihlelwe ngayo, kwatholakala ukuthi amabandla ekhulu lokuqala ayenganyelwa indikimba yabadala esikhundleni sokuba kube umdala noma umbonisi oyedwa. (Funda eyabaseFilipi 1:1; 1 Thimothewu 4:14.) Lapho seliqondwa kahle lelo phuzu, indikimba ebusayo yaqaphela ukuthi iNkosi yayo, uJesu, yayibaqondisa ekuthuthukiseni indlela inhlangano yabantu bakaNkulunkulu eyayenza ngayo izinto​—futhi abazalwane bendikimba ebusayo babezimisele ukulandela isiqondiso seNkosi. Benza izinguquko ngokushesha ukuze inhlangano ihambisane ngokugcwele nelungiselelo labadala elichazwe emiBhalweni. Yiziphi ezinye zezinguquko ezenziwa ekuqaleni kwawo-1970?

WAKWAMUKELA NGOKUTHOBEKA UKULUNGISWA

INQABAYOKULINDA yesiFinnish ka-April 1, 1916, yayinencwadi evela kuMfoweth’ uRussell ayeyibhalele abazalwane abambalwa baseScandinavia, kuhlanganise noMfoweth’ uKaarlo Harteva. UMfoweth’ uRussell wababhalela: “Sinikhuthaza nonke bafowethu abathandekayo abasokholweni ukuba nibuyele eqinisweni nasemsebenzini okumelwe wenziwe manje.” Kungani uMfoweth’ uRussell enza lesi sicelo?

UKaarlo Harteva

UKaarlo Harteva

UMfoweth’ uHarteva, owazalwa ngo-1882, wayengomunye wabaFundi BeBhayibheli bokuqala eFinland. Wabhapathizwa ngo-April 1910, kwathi ehlobo lika-1912, uMfoweth’ uRussell wagunyaza ukuba anyathelise INqabayokulinda yesiFinnish. Konke kwahamba kahle kwaze kwaba yilapho kuqala iMpi Yezwe I. Kuyi-Nqabayokulinda ka-December 1, 1914, uMfoweth’ uHarteva wabhala: “Ngenxa yezimo zomnotho ezinzima, . . . ngeke sikwazi ukuthembisa ukuthi INqabayokulinda izoba nenani elifanayo lamakhasi nokuthi izonyatheliswa njalo yini kulo nyaka.” Kodwa ukuze benze imali, ngo-1915 uMfoweth’ uHarteva nabanye basungula inhlangano ebizwa ngokuthi i-Ararat, eyaqala ukunyathelisa umagazini obizwa ngalelo gama.

Njengoba uMfoweth’ uHarteva ayegxile kakhulu kule nhlangano entsha nomagazini omusha, omunye umzalwane waba umhleli we-Nqabayokulinda yesiFinnish. Umagazini i-Ararat wakhipha izihloko zeBhayibheli kanye nezihloko ezikhuluma ngamakhambi emvelo nolimi olusha lwesi-Esperanto. Kungakabiphi, lo magazini omusha waphazamisa abafowethu ezimfundisweni ezicacile zeqiniso. Ngaleso sikhathi, uMfoweth’ uRussell, ngenxa yokukhathalela ingokomoya labo, wanxusa uMfoweth’ uHarteva nabanye ukuba ‘babuyele eqinisweni.’

Wasabela kanjani uMfoweth’ uHarteva? Wanyathelisa incwadi kaMfoweth’ uRussell kumagazini i-Ararat kanye nempendulo yakhe. UMfoweth’ uHarteva waxolisa ngezenzo zakhe, wayesethi: “Uma ngingathola ithuba lokulungisa lesi simo, ngifuna ukwenza konke engingakwenza ukuze ngisilungise.” Ngokushesha ngemva kwalokho, kumagazini wokugcina i-Ararat, uMfoweth’ uHarteva waphinde waxolisa ngokudideka ayekubangele, wayesenezela: “Ngizozama ukuba ngiqaphele ngokwengeziwe ngokuphathelene nazo zonke izici zeqiniso lamanje.” Ngokungefani nabanye babadala abazazisayo bangaleso sikhathi, uKaarlo Harteva wakwamukela ngokuthobeka ukulungiswa.

Kamuva, uMfoweth’ uHarteva waphinde wamiswa njengomhleli we-Nqabayokulinda yesiFinnish nanjengombonisi wegatsha. Waqhubeka enza leyo mithwalo yemfanelo kwaze kwaba ngu-1950. Waqeda inkambo yakhe yasemhlabeni ngo-1957, ethembekile kuJehova naseqinisweni. Ngempela, labo abakwamukela ngokuthobeka ukulungiswa yiNkosi uJesu, bayacwengisiswa futhi bathole isibusiso sikaJehova.

12. (a) Yiluphi ushintsho olwenziwa endikimbeni ebusayo? (b) Chaza indlela ehlelwe ngayo manje iNdikimba Ebusayo. (Bheka ibhokisi elithi “Indlela INdikimba Ebusayo Enakekela Ngayo Izithakazelo ZoMbuso” ekhasini 130.)

12 Inguquko yokuqala yasebenza kuyo kanye indikimba ebusayo. Kuze kube yileso sikhathi, lelo qembu labafowethu abagcotshiwe lalakhiwa amalungu angu-7 ebhodi labaqondisi be-Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania. Kodwa ngo-1971 amalungu endikimba ebusayo andiswa asuka kwangu-7 aya kwangu-11 futhi ayengasabhekwa njengebhodi labaqondisi. La malungu ayezibheka njengalinganayo futhi kwaqala ukuba osihlalo bayo bashintshane njalo ngonyaka kuye ngokulandelana kwezinhlamvu zamagama abo.

13. (a) Yiliphi ilungiselelo elasebenza iminyaka engu-40? (b) Yini iNdikimba Ebusayo eyayenza ngo-1972?

13 Inguquko eyalandela yathinta ibandla ngalinye. Ngayiphi indlela? Kusukela ngo-1932 kuya ku-1972, ibandla lalenganyelwa ngokuyinhloko umzalwane oyedwa. Lowo mzalwane omisiwe wayebizwa ngokuthi umqondisi wenkonzo kwaze kwaba ngu-1936. Ngemva kwalokho leli gama lashintshwa, wabizwa ngokuthi i-company servant, wabuye waba inceku yebandla, ekugcineni kwathiwa umbonisi webandla. Labo bazalwane ababemisiwe bayinakekela ngentshiseko inhlalakahle engokomoya yomhlambi. Umbonisi webandla wayevame ukwenza izinqumo ezithinta ibandla ngaphandle kokuthinta ezinye izinceku ebandleni. Kodwa ngonyaka ka-1972, iNdikimba Ebusayo yavula indlela yokuba kwenziwe ushintsho olwaqopha umlando. Lwaluhilelani lolo shintsho?

14. (a) Yiliphi ilungiselelo elisha elaqala ukusebenza ngo-October 1, 1972? (b) Umxhumanisi wendikimba yabadala usisebenzisa kanjani iseluleko esikweyabaseFilipi 2:3?

14 Esikhundleni sokuba kube umzalwane oyedwa okhonza njengombonisi ebandleni ngalinye, nabanye abazalwane ababefaneleka ngokomBhalo manje base bezomiswa ngokwasezulwini ukuba bakhonze njengabadala abangamaKristu. Bebonke babezokwakha indikimba yabadala eyayizokwengamela ibandla lendawo. Lelo lungiselelo labadala laqala ukusebenza ngo-October 1, 1972. Namuhla umxhumanisi wendikimba yabadala akazibheki njengobalulekile kunabanye, kodwa uzibheka “njengomncane.” (Luka 9:48) Yeka isibusiso abayiso laba bazalwane abathobekile ebuzalwaneni bomhlaba wonke!​—Fil. 2:3.

Ngokusobala, ngokuhlakanipha iNkosi yethu inike abalandeli bayo abelusi abadingekayo ngesikhathi esifanele

15. (a) Ilungiselelo lokuba amabandla abe nendikimba yabadala libe naziphi izinzuzo? (b) Yini ebonisa ukuthi iNkosi yethu yenza ngokuhlakanipha?

15 Ilungiselelo lokuba amalungu ezindikimba zabadala abambisane ekunakekeleni imithwalo yemfanelo yebandla liye laba intuthuko enkulu. Cabanga ngalezi zinzuzo ezintathu: Eyokuqala, leli lungiselelo lisiza bonke abadala​—kungakhathaliseki ukuthi isinda kangakanani imithwalo yabo yemfanelo​—ukuba baqaphele ukuthi uJesu uyiNhloko yebandla. (Efe. 5:23) Eyesibili, njengoba izAga 11:14 zisho: “Ngobuningi babeluleki kukhona insindiso.” Njengoba abadala befakana imilomo mayelana nezindaba ezithinta inhlalakahle engokomoya yebandla futhi becabangela ukusikisela komunye nomunye, bayasizakala bakwazi ukufinyelela izinqumo ezivumelana nezimiso zeBhayibheli. (IzAga 27:17) UJehova uyazibusisa izinqumo ezinjalo futhi ziholela empumelelweni. Eyesithathu, ngokuba nabazalwane abengeziwe abafanelekayo abakhonza njengabadala, inhlangano iye yakwazi ukuhlangabezana nesidingo esikhulayo sokwengamela nokwalusa amabandla. (Isaya 60:​3-5) Cabanga nje​—inani lamabandla emhlabeni wonke landa lisuka kwangaphezu kuka-27 000 ngo-1971 laya kwangaphezu kuka-113 000 ngo-2013! Ngokusobala, ngokuhlakanipha iNkosi yethu iye yanika abalandeli bayo abelusi abadingekayo ngesikhathi esifanele.​—Mika 5:5.

INDLELA ETHUTHUKISWE NGAYO INDLELA YOKWENGAMELA

  • Ngo-1881—Ukuze abaFundi BeBhayibheli abahlala endaweni eyodwa bakwazi ukuthintana, uMfoweth’ uRussell ucela labo abavame ukuqhuba imihlangano ukuba bazise igatsha le-Watch Tower ukuthi bahlangana kuphi.

  • Ngo-1895—Wonke amabandla kuthiwa awakhethe abazalwane abangakhonza njengabadala.

  • Ngo-1919—Ihhovisi legatsha limisa umqondisi wenkonzo ebandleni ngalinye kulandelwa indlela engokwasezulwini. Imithwalo yakhe yemfanelo ihlanganisa ukuhlela umsebenzi wokushumayela nokukhuthaza ukuya ensimini. Abanye babadala bebandla abalisekeli ilungiselelo lokuba kube nomqondisi wenkonzo.

  • Ngo-1932—Ukukhethwa kwabadala minyaka yonke bekhethwa yibandla kuyayekwa. Kunalokho, ibandla likhetha ikomiti yenkonzo eyakhiwa abazalwane abashisekayo emsebenzini wokushumayela nabaphila ngokuvumelana negama ababesanda kulamukela elithi oFakazi BakaJehova. Omunye kubo, owayekhethwe yibandla, umiswa iNhlangano noma ihhovisi legatsha ukuba abe umqondisi wenkonzo.

  • Ngo-1937—Abazalwane abangamalungu esixuku esikhulu base bengakhonza emakomitini enkonzo kanye nabafowabo abagcotshiwe.

  • Ngo-1938—Amabandla amukela ngezwi lesinqumo isicelo sokuba zonke izinceku zamabandla zimiswe ngendlela engokwasezulwini. Lokhu kwaphawula ukuphela kokukhethwa kwabadala ngentando yeningi emabandleni.

Ukuze ufunde okwengeziwe ngentuthuko endleleni okwakuhlelwa ngayo izinto, bheka incwadi ethi OFakazi BakaJehova​—Abamemezeli BoMbuso KaNkulunkulu, amakhasi 204-235.

Ukukhethwa kwabadala minyaka yonke bekhethwa yibandla ngawo-1920

“Sasivotela abadala ngokuphakamisa isandla sokudla. Umzalwane wayebe esehamba emaphaseji ebala amavoti.”—Udade Rose Swingle, eChicago, e-Illinois, e-U.S.A.

“Ukuba Yizibonelo Emhlambini”

16. (a) Abadala banamuphi umthwalo wemfanelo? (b) AbaFundi BeBhayibheli basibheka kanjani isiyalo sikaJesu sokuba ‘beluse izimvu’?

16 Emuva ezinsukwini zokuqala zabaFundi BeBhayibheli, abadala base beqonda ukuthi banomsebenzi wokusiza amanye amakholwa ukuba aqhubeke eyizinceku zikaNkulunkulu. (Funda eyabaseGalathiya 6:10.) Ngo-1908, isihloko se-Nqabayokulinda sakhuluma ngesiyalo sikaJesu: “Yalusa amawundlu ami.” (Joh. 21:​15-17) Lesi sihloko satshela abadala: “Kubaluleke kakhulu ukuba umsebenzi weNkosi ophathelene nomhlambi ube sendaweni yokuqala ezinhliziyweni zethu ukuze sikwazise njengokuyilungelo elikhulu ukondla nokunakekela abalandeli beNkosi.” Ngo-1925, INqabayokulinda yaphinde yagcizelela ukubaluleka kokukhonza njengabelusi ngokukhumbuza abadala: “Ibandla likaNkulunkulu ngelakhe, . . .  futhi bonke uyothi abalandise ngelungelo abanalo lokukhonza abafowabo.”

17. Ababonisi basizwe kanjani ukuba babe abelusi abakhuthele?

17 Inhlangano kaJehova ibasize kanjani abadala ukuba bashintshe amakhono abo okwalusa abe ‘yisiliva’ angabi ‘yithusi’? Ngokubaqeqesha. Ngo-1959 kwaba neSikole Senkonzo SoMbuso sokuqala sababonisi. Kwelinye ikilasi kwafundwa ngesihloko esithi “Ukunaka Abamemezeli.” Labo bazalwane abanemithwalo yemfanelo bakhuthazwa ukuba “benze isimiso sokuvakashela abamemezeli emizini yabo.” Kwanikezwa izindlela eziningi abelusi abangenza ngazo lezo zikhathi zokuvakasha zibakhe abamemezeli. Ngo-1966, kwaqala iSikole Senkonzo SoMbuso esithuthukisiwe. Kwaba nesihloko esithi “Ukubaluleka Komsebenzi Wokwalusa.” Lalithini iphuzu eliyinhloko laleso sihloko? Labo abaholayo “kufanele bahlanganyele ekunikezeni umhlambi kaNkulunkulu ukukhathalela kothando, ngesikhathi esifanayo bangayeki ukunaka eyabo imikhaya nenkonzo yasensimini.” Eminyakeni yamuva, kuye kwaqhutshwa izikole zabadala ezengeziwe. Ube yini umphumela wokuqeqesha okuqhubekayo kwenhlangano kaJehova? Namuhla ibandla lobuKristu linezinkulungwane zabazalwane abafanelekayo abakhonza njengabelusi abangokomoya.

Ikilasi leSikole Senkonzo SoMbuso ePhilippines ngo-1966

ISikole Senkonzo SoMbuso ePhilippines ngo-1966

18. (a) Yimuphi umsebenzi osindayo abadala abaphathiswe wona? (b) Kungani uJehova noJesu bebathanda abadala abakhuthele?

18 Abadala abangamaKristu bamiswe uJehova ngeNkosi yethu, uJesu, ukuba benze umsebenzi osindayo. Yimuphi lowo msebenzi? Ukuhola izimvu zikaNkulunkulu kulesi sikhathi esibucayi kunazo zonke emlandweni wabantu. (Efe. 4:​11, 12; 2 Thim. 3:1) UJehova noJesu babathanda ngokujulile abadala abakhuthele ngoba balalela isiyalo esingokomBhalo: “Yalusani umhlambi kaNkulunkulu eniwuphathisiwe . . . ngokuzithandela . . . , ngokulangazela . . . , [nibe] yizibonelo emhlambini.” (1 Pet. 5:​2, 3) Ake sifunde ngezindlela ezimbili kweziningi abelusi abangamaKristu abayizibonelo ngazo emhlambini nabanikela ngazo ekuthuleni nasenjabulweni ebandleni.

“SAMANGALA”

UMBHANGQWANA oyizithunywa zevangeli e-Asia wabelwa ebandleni okwase kuyiminyaka eminingi lingakhuli. Baphawula ukuthi abazalwane bendawo babenothando kodwa babengazilandeli iziqondiso zenhlangano. Ngemva kokuba lezi zithunywa zevangeli sezakhe ubungane nabamemezeli, kancane kancane umzalwane oyisithunywa sevangeli wasiza ibandla lenza izinto ngendlela efana neyabantu bakaJehova emhlabeni wonke. Waba yini umphumela? Kungakapheli neminyaka emibili, inani labeza emihlanganweni laphindeka kabili, ababebasha enhlanganweni baqala ukuhlanganyela emsebenzini wokushumayela, futhi kwabhapathizwa abangaphezu kuka-20. “Samangala,” kulandisa lo mbhangqwana. “UJehova wasibusisa kakhulu! Ukubona imiphumela yokusebenzisa iziqondiso zenhlangano kaNkulunkulu kunikeze wonke umuntu osebandleni injabulo.”

Izindlela Abadala Abelusa Ngazo Umhlambi KaNkulunkulu Namuhla

19. Sizizwa kanjani ngabadala abahamba nathi ensimini?

19 Eyokuqala, abadala basebenza namalungu ebandla. Umlobi weVangeli uLuka wathi ngoJesu: “Wahamba umuzi ngomuzi nomzana ngomzana, eshumayela futhi ememezela izindaba ezinhle zombuso kaNkulunkulu. Abayishumi nambili babenaye.” (Luka 8:1) Njengoba nje uJesu ashumayela nabaphostoli bakhe, nabadala abayizibonelo namuhla basebenza namanye amakholwa emsebenzini wokushumayela. Bayaqaphela ukuthi ngokwenza kanjalo, banikela kakhulu emoyeni omuhle webandla. Amalungu ebandla azizwa kanjani ngabadala abanjalo? UJeannine, udade osezohlanganisa iminyaka engu-90, uthi: “Ukusebenza nomdala ensimini kunginika ithuba elihle lokuxoxa naye nelokumazi kangcono.” USteven, umzalwane oneminyaka engaba ngu-35, uthi: “Lapho umdala esebenza nami endlini ngendlu, ngiba nomuzwa wokuthi ufuna ukungisiza. Ukuthola usizo olunjalo kungithokozisa kakhulu.”

Umalusi uthola imvu elahlekile ebusuku kunesiphepho

Njengoba nje umalusi efuna imvu elahlekile, nabadala balwela ukuthola labo abaye balahlekelana nebandla

20, 21. Abadala bangamlingisa kanjani umalusi osemfanekisweni kaJesu? Nikeza isibonelo. (Bheka nebhokisi elithi “Ukuvakasha Kwamasonto Onke Okunezithelo.”)

20 Eyesibili, inhlangano kaJehova iye yaqeqesha abadala ukuba babonise ukubakhathalela abantu abaye balahlekelana nebandla. (Heb. 12:12) Kungani abadala kufanele basize abantu ababuthaka kanjalo ngokomoya, futhi kufanele babasize kanjani? Umfanekiso kaJesu womalusi nemvu elahlekile usinikeza izimpendulo. (Funda uLuka 15:​4-7.) Lapho umalusi emfanekisweni eqaphela ukuthi kunemvu elahlekile uyayicingisisa, ungaze ufunge uthi ukuphela kwayo. Abadala abangamaKristu namuhla basilingisa kanjani isibonelo esabekwa yilowo malusi? Njengoba nje imvu elahlekile ihlale iyigugu kumalusi wayo, nalabo abalahlekelene nabantu bakaNkulunkulu bahlale beyigugu kubadala. Abadala babheka umuntu obuthaka ngokomoya njengemvu elahlekile​—hhayi njengesehluleki. Ngaphezu kwalokho, njengoba nje umalusi enquma ‘ukuhamba ayofuna imvu elahlekile aze ayithole,’ nabadala bathatha isinyathelo sokuyofuna nokusiza abantu ababuthaka.

21 Umalusi osemfanekisweni wenzani lapho eyithola imvu? Uyifukula ngomusa, ‘ayibeke emahlombe,’ ayiphindisele emhlambini. Ngokufanayo, amazwi omdala okukhathalela asuka enhliziyweni angase, ngomqondo ongokomfanekiso, amfukule ngomusa umuntu obuthaka ngokomoya futhi amsize ukuba abuyele ebandleni. Yilokho okwenzeka kuVictor, umzalwane wase-Afrika owayeka ukuhlanganyela. Uyalandisa: “Phakathi neminyaka engu-8 ngipholile, abadala babezama ukungisiza.” Yini eyamthinta kakhulu? Uyachaza: “Ngelinye ilanga uJohn, umdala esasinaye eSikoleni Senkonzo Samaphayona, wazinika isikhathi sokungivakashela, wangitshengisa izithombe zethu sisesikoleni. Zabuyisa izinkumbulo eziningi nezimnandi kangangokuba ngalangazelela ukuthola injabulo enganginayo ngisakhonza uJehova.” Ngokushesha ngemva kokuvakashelwa uJohn, uVictor wabuyela ebandleni. Useyaphayona futhi manje. Ngempela, abadala abangamaKristu abakhathalelayo baneqhaza elikhulu enjabulweni yethu.​—2 Kor. 1:24.b

Abazalwane ababili abangamaKristu bavakashele umzalwane okhulile osepholile

UKUVAKASHA KWAMASONTO ONKE OKUNEZITHELO

BESHUKUNYISWA yisifiso sokusiza imvu elahlekile, abadala ebandleni lase-United States bacabanga ngalokho abangase bakwenze ukuze basize labo abalahlekelene nomhlambi. Bathola ukuthi abantu abangaba ngu-30 ababeyekile ukukhonza uJehova eminyakeni eminingi ngaphambili babesahlala ensimini yebandla. Iningi labo lase likhulile.

U-Alfredo, omunye wabadala, wathola uhlu lwamagama abo waqala ukubavakashela. Uyalandisa: “Njalo ngoLwesihlanu ekuseni ngingqongqoza emzini womuntu osepholile.” Lapho umuntu osepholile evula umnyango, u-Alfredo uzama ukuxoxa naye ngendlela ekhululekile, aveze imizwa yakhe ejulile yokukhathalela. Utshela umzalwane noma udade osepholile ukuthi ibandla alikawukhohlwa umsebenzi omuhle awenza ngenxa yoMbuso kaJehova. U-Alfredo uthi: “Lapho ngitshela omunye umzalwane osekhulile futhi opholile ukuthi mangaki amahora ayewashumayelile kanye nomagazini ayebahambisile phakathi nenyanga agcina ngayo ukubika inkonzo yasensimini ngo-1976, amehlo akhe avele agcwala izinyembezi.” U-Alfredo ubuye abafundele umBhalo kaLuka 15:​4-7, 10 labo asuke ebavakashele, abese ebabuza, “Kwenzekani lapho imvu elahlekile ibuyela ebandleni? UJehova, uJesu nezingelosi bayajabula—cabanga nje ngalokho!”

Eminyakeni emibili edlule, u-Alfredo ubelokhu ezama ukufinyelela abapholile. Ibe yini imiphumela yokuzama kwakhe ngesineke? Uye wathola injabulo yokusiza abazalwane ababili ukuba baphinde baqale ukuzihlanganisa nebandla. Manje baba khona njalo emhlanganweni wangeSonto. “Lapho bengena eHholo LoMbuso, kwase kuyithuba lami lokukhala,” kusho u-Alfred emoyizela. Wanezela: “Nakuba laba bantu abapholile sebeqalile ukuza emihlanganweni, ngisaqhubeka nokuxhumana nabo ngoLwezihlanu ngoba bathi basuke bebheke phambili ekubavakasheleni kwami masonto onke—futhi nami ngizizwa ngendlela efanayo!”

Ukuthuthukiswa Kwendlela Yokwengamela Kuqinisa Ubunye Babantu BakaNkulunkulu

22. Ukulunga nokuthula kubuqinisa kanjani ubunye bebandla lobuKristu? (Bheka nebhokisi elithi “Samangala.”)

22 Njengoba kuphawuliwe ngaphambili, uJehova wabikezela ukuthi ukulunga nokuthula kwakuyokwanda kancane kancane phakathi kwabantu bakhe. (Isaya 60:17) Zombili lezi zimfanelo ziqinisa ubunye bamabandla. Ngaziphi izindlela? Ngokuqondene nokulunga, “uNkulunkulu wethu unguJehova oyedwa.” (Dut. 6:4) Izindinganiso zakhe zokulunga ziyefana kuwo wonke amabandla, akuyi ngokuthi akuliphi izwe. Izindinganiso zakhe zokulungile nokungalungile zizodwa, futhi ziyefana “kuwo wonke amabandla abangcwele.” (1 Kor. 14:33) Ngenxa yalokho, ibandla liyochuma kuphela uma lisebenzisa izindinganiso zikaNkulunkulu. Ngokuqondene nokuthula, iNkosi yethu ifuna singagcini nje ngokuba nokuthula ebandleni kodwa futhi sibe abenzi bokuthula. Ngakho-ke, ‘siphishekela izinto ezibangela ukuthula.’ Sithatha isinyathelo sokuxazulula ukungezwani okungase kuqubuke phakathi kwethu ngezinye izikhathi. (Roma 14:19) Ngaleyo ndlela siba nesandla ekuthuleni nasebunyeni bebandla lakithi.​—Isaya 60:18.

23. Njengezinceku zikaJehova, yini esiyijabulelayo namuhla?

23 Ngo-November 1895, ngesikhathi INqabayokulinda imemezela ilungiselelo lokuqala labadala, abazalwane abanemithwalo yemfanelo nabo basho isifiso sabo esisuka enhliziyweni. Sasiyini? Babefisa futhi bethandazela ukuba leli lungiselelo elisha lenhlangano lisize abantu bakaNkulunkulu ukuba “masinyane bafinyelele ubunye bokholo.” Uma sibheka emuva emashumini eminyaka edlule, kuyasithokozisa ukubona ukuthi ukulungiswa kancane kancane kwendlela yokwengamela amabandla okwenziwa uJehova ngeNkosi yethu, ngempela kuye kwabuqinisa ubunye bethu ekukhulekeleni. (IHu. 99:4) Ngenxa yalokho, bonke abantu bakaJehova emhlabeni wonke namuhla bayajabula njengoba sihamba “ngomoya ofanayo,” silandela “ezinyathelweni ezifanayo,” futhi sikhonza “uNkulunkulu wokuthula” “silinganisene ihlombe nehlombe.”—2 Kor. 12:18; funda uZefaniya 3:9.

a Umphumela walolo cwaningo wanyatheliswa encwadini eyisikhombo ethi Aid to Bible Understanding.

b Bheka isihloko esithi “Abadala AbangamaKristu​—‘Izisebenzi Ezikanye Nathi Ukuze Sijabule,’” kuyi-Nqabayokulinda ka-January 15, 2013, amakhasi 27-31.

Ungokoqobo Kangakanani UMbuso Kuwe?

  • Iyiphi intuthuko eyalethwa uMbuso mayelana nendlela izinto ezazihlelwa ngayo?

  • Ukulungiswa kwendlela yokwengamela ibandla kuye kwakusiza kanjani ukuba ukhonze “uNkulunkulu wokuthula”?

  • Yimaphi amazwi nezenzo zomdala eziye zenezela enjabulweni yakho?

  • Unganikela kanjani ekuthuleni nasebunyeni bebandla?

Umhlangano weNdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova

Kusukela kwesobunxele kuya kwesokudla: UGerrit Lösch, uGeoffrey Jackson, uSamuel Herd, uGuy Pierce, uMark Sanderson, uDavid Splane, u-Anthony Morris III noStephen Lett

INDLELA INDIKIMBA EBUSAYO ENAKEKELA NGAYO IZITHAKAZELO ZOMBUSO

INDIKIMBA Ebusayo YoFakazi BakaJehova yakhiwa abazalwane abagcotshiwe abayizinceku zikaJehova uNkulunkulu. Njengeqembu, bakha “inceku ethembekileyo neqondayo.” Banomthwalo wemfanelo wokwaba ukudla okungokomoya nokunikeza isiqondiso esisheshayo emsebenzini wokushumayela ngoMbuso emhlabeni wonke.​—Math. 24:​14, 45-47.

Imihlangano yeNdikimba Ebusayo iqhutshwa masonto onke, ngokuvamile ngoLwesithathu. Lokhu kusiza laba bazalwane basebenze ndawonye ngobunye. (IHu. 133:1) Amalungu eNdikimba Ebusayo abuye akhonze nasemakomitini ahlukahlukene. Ukuze inakekele izithakazelo zoMbuso, ikomiti ngayinye inemisebenzi eyengamelayo. Nansi imisebenzi yabo.

  • Abazalwane abangamaKristu benza imizamo yokunakekela abazalwane

    Ikomiti Yabaxhumanisi

    Abazalwane abakhonza kule komiti bengamela izindaba zomthetho kanye nokusetshenziswa kwabezindaba lapho kudingeka kudluliselwe umbono onembile ngezinkolelo zethu. Basabela nalapho kube khona izinhlekelele, ushushiso nezinye izimo eziphuthumayo ezithinta abafowethu nomaphi emhlabeni.

  • Amalungu omkhaya waseBethel enza izabelo ezihlukahlukene

    Ikomiti Yezisebenzi

    Le komiti iphathiswe ukuba yengamele amalungiselelo okusiza nokunakekela inhlalakahle engokwenyama nengokomoya yamalungu emikhaya yaseBethel emhlabeni kabanzi. Iqondisa ukukhethwa nokubizwa kwamalungu amasha emikhaya yaseBethel futhi iphendule imibuzo ephathelene nenkonzo yawo yaseBethel.

  • Isikhonzi saseBethel sisiza ngokunyathelisa nokupakisha izincwadi

    Ikomiti Yokunyathelisa

    Labo abakhonza kule komiti baqondisa ukunyatheliswa nokuthunyelwa kwezincwadi zeBhayibheli emhlabeni jikelele. Bengamela izindawo zokunyathelisa nezakhiwo zezinhlangano ezihlukahlukene ezisetshenziswa oFakazi BakaJehova kanye nomsebenzi wokwakha emhlabeni jikelele, ohlanganisa nowokwakha amaHholo OMbuso. Bahlela ukuba izimali ezinikelelwe umsebenzi woMbuso zisetshenziswe kahle.

  • Umzalwane ongumKristu uyalungiselela futhi uyacwaninga edeskini

    Ikomiti Yenkonzo

    Abazalwane abakha le komiti bengamela zonke izici zomsebenzi wobuvangeli kanye nezindaba ezithinta amabandla, abamemezeli, amaphayona, abadala, ababonisi abajikelezayo nezithunywa zevangeli. Phakathi kwezinye izinto eziningi, baqondisa nemisebenzi yamaKomiti Okubonisana Nezibhedlela. Baphinde bengamele nokulungiselelwa kwe-Nkonzo Yethu YoMbuso.

  • Umzalwane ongumKristu unikeza inkulumo esiteji

    Ikomiti Yokufundisa

    Le komiti yengamela imfundo esiyithola emihlanganweni emincane nemikhulu neyebandla. Iqondisa neSikole SaseGileyadi, iSikole Sabashumayeli Bevangeli LoMbuso, iSikole Senkonzo Samaphayona, kanye nezinye izikole. Ngaphezu kwalokho, le komiti yengamela ukwenziwa kwe Ncwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKistu Nenkonzo Yethu nezinto ezilalelwayo nezibukelwayo.

  • Izinhlobonhlobo zezincwadi, kuhlanganise nengosi ethi jw.org

    Ikomiti Yokubhala

    Abazalwane abakhonza kule komiti baqondisa ukulungiselelwa kokudla okungokomoya okubhalwe ephepheni nasezintweni zobuchwepheshe okuzosetshenziswa amanye amakholwa nomphakathi. Inakekela ingosi yenhlangano futhi yengamele umsebenzi wokuhumusha owenziwa emhlabeni wonke. Ngaphezu kwalokho, le komiti iphendula imibuzo ngencazelo yemiBhalo ethile namaphuzu asezincwadini.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela