Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • fg isif. 13 imibuzo 1-4
  • Zithini Izindaba Ezinhle Ngenkolo?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Zithini Izindaba Ezinhle Ngenkolo?
  • Izindaba Ezinhle Ezivela KuNkulunkulu!
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Kuyokwenzekani Ezinkolweni?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
  • Izinkolo Zamanga Zimmelela Kabi UNkulunkulu
    Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
  • Ukugqashula Enkolweni Yamanga
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • Kuzokwenzekani Ngenkolo?—Okwembulwa IBhayibheli
    Izihloko Ezengeziwe
Bheka Okunye
Izindaba Ezinhle Ezivela KuNkulunkulu!
fg isif. 13 imibuzo 1-4

ISIFUNDO 13

Zithini Izindaba Ezinhle Ngenkolo?

1. Ingabe zonke izinkolo zilungile?

Owesilisa ufunda iBhayibheli

Bakhona abantu abaqotho kuzo zonke izinkolo. Kuyizindaba ezinhle ukwazi ukuthi uNkulunkulu uyababona labo bantu futhi uyabakhathalela. Kodwa ngokudabukisayo, ziningi izinto ezimbi eziye zenziwa egameni lenkolo. (2 Korinte 4:3, 4; 11:13-​15) Ngokwemibiko yabezindaba, ezinye izinkolo zize zihileleke kwezobuphekula, ukuqothulwa kohlanga, izimpi nokuhlukunyezwa kwezingane. Yeka ukuthi lokhu kubadabukisa kanjani abakhulekeli bakaNkulunkulu abaqotho!—Funda uMathewu 24:3-5, 11, 12.

Njengoba inkolo yeqiniso ikhazimulisa uNkulunkulu, eyamanga iyamcasula. Ifundisa izinto ezingekho eBhayibhelini, kuhlanganise nezimfundiso ezingamanga ngoNkulunkulu nabafileyo. Kodwa uJehova ufuna abantu bazi iqiniso ngaye.—Funda uHezekeli 18:4; 1 Thimothewu 2:3-5.

2. Zithini izindaba ezinhle ngenkolo?

Ngokujabulisayo, uNkulunkulu akakhohliswa izinkolo ezithi ziyamthanda kodwa zibe zithanda izwe likaSathane. (Jakobe 4:4) IZwi likaNkulunkulu libiza zonke izinkolo zamanga ngokuthi “iBhabhiloni Elikhulu.” IBhabhiloni laliwumuzi wasendulo okwaqala kuwo inkolo yamanga ngemva kukaZamcolo wosuku lukaNowa. Maduzane, uNkulunkulu uzoyiqeda kungalindelekile inkolo ekhohlisa futhi icindezele isintu.—Funda isAmbulo 17:1, 2, 5, 16, 17; 18:8.

Kusekhona ezinye izindaba ezinhle. UJehova akabakhohliwe abaqotho abagcwele ezinkolweni zamanga emhlabeni wonke. Uyabaqoqa ngokubafundisa iqiniso.—Funda uMika 4:2, 5.

3. Yini okufanele yenziwe abaqotho?

Abantu bayakhuluma ngemva komhlangano wobuKristu

Inkolo yeqiniso yenza abantu babe nobunye

UJehova uyabakhathalela abantu abathanda okuyiqiniso nokuhle. Ubanxusa ukuba baphume enkolweni yamanga. Abantu abathanda uNkulunkulu bazimisele ukwenza izinguquko ukuze bamthokozise.—Funda isAmbulo 18:4.

Ngekhulu lokuqala, lapho abaqotho bezwa izindaba ezinhle kubaphostoli, bajabula. UJehova wabafundisa indlela entsha yokuphila, indlela ejabulisayo, enenjongo nethemba. Bayisibonelo esihle kithi ngoba bazamukela izindaba ezinhle babeka uJehova kuqala ekuphileni kwabo.—Funda eyoku-1 Thesalonika 1:8, 9; 2:13.

UJehova uyabamukela emkhayeni wabakhulekeli bakhe abantu abashiya inkolo yamanga. Uma usamukela isimemo esifudumele esivela kuJehova, uyoba umngane wakhe, uthole umkhaya omusha nonothando wabantu abakhonza uJehova, uthole nokuphila okuphakade.—Funda uMarku 10:29, 30; 2 Korinte 6:17, 18.

4. UNkulunkulu uyoyiletha kanjani injabulo emhlabeni wonke?

Kuyizindaba ezinhle ukwazi ukuthi inkolo yamanga izokwahlulelwa. Lokho kuyoqeda ukuphathwa kabi kwabantu emhlabeni. Inkolo yamanga ngeke iphinde idukise futhi ihlukanise abantu. Bonke abaphilayo bayokhonza uNkulunkulu weqiniso ngobunye.—Funda isAmbulo 18:20, 21; 21:3, 4.

Ukuze uthole amaphuzu engeziwe, bheka izahluko 15 no-16 zencwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli?

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela