Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • jl isif. 12 k. 15
  • Uhlelwe Kanjani Umsebenzi Wethu Wokushumayela?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Uhlelwe Kanjani Umsebenzi Wethu Wokushumayela?
  • Obani Abenza Intando KaJehova Namuhla?
  • Indaba Ethi Ayifane
  • “Hambani Niyokwenza Abantu Bazo Zonke Izizwe Babe Abafundi”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2016 (Efundwayo)
  • “Izindaba Ezinhle Kumelwe Zishunyayelwe Kuqala”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
  • Kungani OFakazi BakaJehova Beshumayela Endlini Ngendlu?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
  • Zishunyayelwa Kanjani Izindaba Ezinhle?
    Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
Bheka Okunye
Obani Abenza Intando KaJehova Namuhla?
jl isif. 12 k. 15

Isifundo 12

Uhlelwe Kanjani Umsebenzi Wethu Wokushumayela?

Ngaphambi nje kokufa kwakhe, uJesu wamemezela: “Lezi zindaba ezinhle zombuso ziyoshunyayelwa emhlabeni wonke owakhiwe ngenjongo yobufakazi ezizweni zonke; khona-ke ukuphela kuyofika.” (Mathewu 24:14) Kodwa wawuzofezwa kanjani lo msebenzi wokushumayela emhlabeni wonke? Ngokulandela isibonelo uJesu asishiyela sona ngenkathi elapha emhlabeni.—Luka 8:1.

Sizama ukukhuluma nabantu emizini yabo. UJesu waqeqesha abafundi bakhe ukuba bashumayele izindaba ezinhle endlini ngendlu. (Mathewu 10:11-13; IzEnzo 5:42; 20:20) Labo bashumayeli bangekhulu lokuqala babenikwa izindawo ababezoshumayela kuzo. (Mathewu 10:5, 6; 2 Korinte 10:13) Nanamuhla, umsebenzi wethu wokushumayela uhlelekile, ibandla ngalinye labelwa indawo okumelwe lishumayele kuyo. Lokhu kusenza sikwazi ukufeza umyalo kaJesu wokuba “sishumayele kubantu, sinikeze ubufakazi obuphelele.”—IzEnzo 10:42.

Sizama ukukhuluma nabantu nomaphi lapho betholakala khona. UJesu wasibekela isibonelo nangokushumayela ezindaweni zomphakathi, njengasogwini lolwandle noma emthonjeni. (Marku 4:1; Johane 4:5-15) Nathi sixoxa nabantu ngeBhayibheli kuzo zonke izindawo—emigwaqweni, ezindaweni zamabhizinisi, emapaki nangocingo. Siphinde sishumayeze nomakhelwane, esisebenza nabo, esifunda nabo esikoleni nezihlobo zethu lapho ithuba lisivumela. Yonke le mizamo iye yasiza izigidi zabantu emhlabeni ukuba zizwe ‘izindaba ezinhle zensindiso.’—IHubo 96:2.

Ingabe ukhona umuntu omcabangayo ongathanda ukumxoxela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu nalokho lezi zindaba ezikushoyo ngekusasa lakhe? Ungazigcini kuwe lezi zindaba ezinikeza ithemba. Zixoxe nabanye ngokushesha!

  • Yiziphi “izindaba ezinhle” okumelwe zishunyayelwe?

  • OFakazi BakaJehova bayilingisa kanjani indlela kaJesu yokushumayela?

THOLA OKWENGEZIWE

Cela okufundelayo akubonise indlela ongaxoxa ngayo ngokuhlakanipha nothile omaziyo ngokufunde eBhayibhelini.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela