Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • jl isif. 10 k. 13
  • Kuyini UkuKhulekela Komkhaya?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kuyini UkuKhulekela Komkhaya?
  • Obani Abenza Intando KaJehova Namuhla?
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Usizo Lwemikhaya
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2011
  • Yini Engenza Umndeni Wakho Ujabule?—INgxenye 2
    Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
  • Khulekelani uJehova Njengomndeni
    Umndeni Wakho Ungajabula
  • Ukukhulekela Komkhaya​—Ningakwenza Yini Kujabulise Ngokwengeziwe?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2014
Bheka Okunye
Obani Abenza Intando KaJehova Namuhla?
jl isif. 10 k. 13

Isifundo 10

Kuyini UkuKhulekela Komkhaya?

Kusukela mandulo, uJehova ubefuna ukuba umkhaya ngamunye uchithe isikhathi ndawonye ukuze uqinise ingokomoya lawo futhi usondelane. (Duteronomi 6:6, 7) Yingakho oFakazi BakaJehova bebekela eceleni isikhathi isonto ngalinye ukuze babe nokukhulekela komkhaya​​—baxoxe ngezinto ezingokomoya eziqondene nezidingo zomkhaya, beziphumulele nje. Ngisho noma uhlala wedwa, ungasebenzisa leli thuba ukuze uchithe isikhathi noNkulunkulu ngesifundo seBhayibheli, ufunda nganoma yini oyithandayo.

Yithuba lokusondela kuJehova. “Sondelani kuNkulunkulu, naye uyosondela kini.” (Jakobe 4:8) Simazi kangcono uJehova lapho sifunda ngobuntu bakhe nezenzo zakhe eZwini lakhe elilotshiwe. Indlela elula yokwenza ukukhulekela komkhaya iwukuchitha isikhathi nifunda iBhayibheli ngokuzwakalayo ndawonye, mhlawumbe nilandela isimiso seSikole Senkonzo Esingokwasezulwini samasonto onke. Umuntu ngamunye ekhaya angabelwa amavesi athile ukuba awafunde, bese nonke nixoxa ngenikufundile kuwo.

Yisikhathi sokuba usondelane namalungu omkhaya. Amadoda namakhosikazi kanye nabazali nezingane, baqinisa ubuhlobo babo lapho befunda iBhayibheli njengomkhaya. Kufanele kube isikhathi esimnandi, esinokuthula nesivelele kulelo sonto. Kuye ngobudala bezingane zabo, abazali bangakhetha ukuxoxa ngezihloko ezizoba usizo, mhlawumbe besebenzisa izihloko ze-Nqabayokulinda ne-Phaphama! Ningaxoxa ngezinkinga izingane ezibe nazo esikoleni nokuthi zingazixazulula kanjani. Ningaprakthiza izingoma ezizoculwa emihlanganweni, futhi nibe neziphuzo noma ukudlana okulula enizokudla ngemva kokukhulekela komkhaya.

Lesi sikhathi esikhethekile esichithwa masonto onke kukhulekelwa uJehova ndawonye siyosiza bonke ekhaya ukuba bathole injabulo ekufundeni iZwi likaNkulunkulu, futhi uyoyibusisa ngokucebile imizamo yenu.—IHubo 1:1-3.

  • Kungani sibekela eceleni isikhathi sokukhulekela komkhaya?

  • Abazali bangasenza kanjani lesi sikhathi sibe mnandi kubo bonke ekhaya?

THOLA OKWENGEZIWE

Thola kwabanye ebandleni ukuthi bakwenza kanjani okwabo ukukhulekela komkhaya. Thola nokuthi iziphi izincwadi ezikhona eHholo LoMbuso ongafundisa ngazo izingane zakho ngoJehova.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela