Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • jl isif. 9 k. 12
  • Iyiphi Indlela Engcono Kakhulu Yokulungiselela Imihlangano?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Iyiphi Indlela Engcono Kakhulu Yokulungiselela Imihlangano?
  • Obani Abenza Intando KaJehova Namuhla?
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Dumisa UJehova Ebandleni
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2019 (Efundwayo)
  • Khuthazanani Emihlanganweni Yebandla
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2023
  • Yilungiselele Futhi Uyijabulele Imihlangano Yebandla
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1995
  • Indlela Yokulungiselela UMhlangano Wenkonzo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2009
Bheka Okunye
Obani Abenza Intando KaJehova Namuhla?
jl isif. 9 k. 12

Isifundo 9

Iyiphi Indlela Engcono Kakhulu Yokulungiselela Imihlangano?

Uma ufunda iBhayibheli nomunye woFakazi BakaJehova, cishe uye uzame ukuhlola isihloko enizosifunda kusengaphambili. Ukuze uzuze ngokugcwele, kuhle ukuba wenze okufanayo ngaphambi kokuba uye esifundweni. Imiphumela emihle siyithola lapho silandela isimiso esihle.

Thola ukuthi ungalungiselela kuphi futhi nini. Kunini lapho ukwazi khona ukugxilisa ingqondo kulokho okwenzayo? Ingabe kusekuseni ngovivi, ngaphambi kokuba uqale umsebenzi noma kusihlwa lapho izingane sezilele? Ngisho noma ungakwazi ukufunda isikhathi eside, nquma ukuthi singakanani isikhathi ongasibekela eceleni futhi ungavumeli lutho lukuphazamise. Funa indawo ethule, ususe zonke iziphazamiso ngokuvala umsakazo, ithelevishini nomakhalekhukhwini. Ukuthandaza ngaphambi kokulungiselela kuyosiza kususe izinkathazo zosuku ukuze ugxile eZwini likaNkulunkulu.—Filipi 4:6, 7.

Dwebela futhi ulungiselele ukuphendula. Qala ngokuthola ukuthi isihloko sikhuluma ngani. Cabanga ngesihloko saleso sahluko, ubheke indlela isihlokwana ngasinye esihlobana ngayo nendaba, uhlole izithombe nemibuzo yokubuyekeza eqokomisa amaphuzu ayinhloko. Ngemva kwalokho, funda isigaba ngasinye bese ubheka impendulo yombuzo obhaliwe. Funda imiBhalo ekhonjiwe, ucabange ngendlela esekela ngayo indaba. (IzEnzo 17:11) Lapho uyithola impendulo yombuzo, dwebela amagama ambalwa ayinhloko azokukhumbuza impendulo. Lapho ususemihlanganweni, ungaphakamisa isandla uma uthanda futhi uphendule kafushane ngamazwi akho.

Ngokuhlola izihloko ezihlukahlukene okuxoxwa ngazo masonto onke emihlanganweni, uzokwenezela ulwazi olusha ‘emtatsheni wakho wengcebo’ yolwazi lweBhayibheli.—Mathewu 13:51, 52.

  • Yisiphi isimiso ongasisebenzisa ukuze ulungiselele imihlangano?

  • Ungazilungiselela kanjani ukuba uphendule emihlanganweni?

THOLA OKWENGEZIWE

Ulandela indlela echazwe ngenhla, lungiselela iSifundo Se-Nqabayokulinda noma iSifundo SeBhayibheli Sebandla. Usizwa umuntu okufundelayo, lungiselela impendulo ozoyinikeza emhlanganweni olandelayo.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela