Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • yp1 isahl. 22 kk. 156-162
  • Ngingenzenjani Lapho Ngizithola Ngiphakathi Kwamasiko Amabili?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ngingenzenjani Lapho Ngizithola Ngiphakathi Kwamasiko Amabili?
  • Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, Umqulu 1
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Yini Ongayenza?
  • Ibhuloho Hhayi Isithiyo
  • Ngingenzenjani Lapho Ngizithola Ngisendaweni Enamasiko Angefani?
    I-Phaphama!—2007
  • Ukukhulisa Izingane Kwelinye Izwe—Izinselele Nemivuzo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
  • Ukusiza Izingane Zababaleki
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2017 (Efundwayo)
  • Yini Okufanele Ngiyenze Uma Abazali Bami Bexabana?
    Intsha Iyabuza Izimpendulo Ezisebenzayo—Umqulu 2
Bheka Okunye
Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, Umqulu 1
yp1 isahl. 22 kk. 156-162

ISAHLUKO 22

Ngingenzenjani Lapho Ngizithola Ngiphakathi Kwamasiko Amabili?

Ingabe ubaba noma umama wakho uvela kwelinye izwe?

□ Yebo □ Cha

Ingabe ulimi noma isiko lezingane ofunda nazo lihlukile kwelasekhaya?

□ Yebo □ Cha

“Ekhaya singamaNtaliyane futhi abanawo amahloni okubonisana uthando obala. Manje sesihlala eBrithani. Abantu balapha baqoqekile futhi banesizotha. Ngizizwa ngingamukelekile kuwo womabili amasiko—angiyena umNtaliyane ngokugcwele, angilona iNgisi ngokugcwele.”—UGiosuè, eNgilandi.

“Esikoleni uthisha wathi angibombuka emehlweni lapho ekhuluma. Kodwa lapho ngibuka ubaba emehlweni lapho ekhuluma, wathi ngiyadelela. Avele angidida la masiko womabili.”—UPatrick, owazalelwa eFrance abazali base-Algeria.

NGESIKHATHI abazali bakho besuka ezweni lakubo, babhekana nezinselele ezinkulu. Bazithola sebephila nabantu abalulimi lwabo, isiko nezingubo zokugqoka kuhlukile kokwabo. Manje base bephuma eceleni kuhle kukajosaka. Ngenxa yalokho, kungenzeka badelelwa futhi babandlululwa.

Ingabe kwenzekile nakuwe lokho? Ngezansi kunezinye zezinselele enye intsha ekulesi simo eye yabhekana nazo. Faka u-✔ eduze kwaleyo okuthola kunzima kakhulu ukubhekana nayo.

□ Ukuhlekwa. UNoor wayeyintombazanyana ngesikhathi yena nabakubo besuka eJordan beyohlala eNyakatho Melika. Uthi: “Izingubo zethu zazihlukile, ngakho abantu babehlekisa ngathi. Kanti nathi sasingawatholi ehlekisa amahlaya amaMelika.”

□ Ukungazazi ukuthi ungubani. Intombi okuthiwa uNadia ithi: “Ngazalelwa eJalimane. Njengoba abazali bami bengamaNtaliyane, ngangikhuluma isiJalimane ngendlela ehlukile, bese izingane esikoleni zingibiza ngokuthi ‘ngiyisifika namthwalo.’ Kodwa lapho ngivakashela eNtaliyane, ngangikhuluma isiNtaliyane njengabantu baseJalimane. Ngenxa yalokho, kuba sengathi angizazi ukuthi ngiyiliphi. Nomaphi lapho ngikhona, ngiyisifiki.”

□ Igebe elibangwa isiko ekhaya. U-Ana wayeneminyaka engu-8 lapho ethuthela eNgilandi nabakubo. Uthi: “Kwakulula ukuba mina nomfowethu sijwayele eLondon. Kodwa kwakunzima kubazali bami abase benesikhathi eside behlala esiqhingini esincane sasePortugal iMadeira.”

UVoeun wayeneminyaka emithathu lapho yena nabazali bakhe baseCambodia bethuthela e-Australia. Uthi: “Abazali bami abakayijwayeli indawo. Empeleni, ubaba wayeye akhathazeke futhi athukuthele ngoba ngangingasiqondi isimo sakhe sengqondo nendlela ayecabanga ngayo.”

□ Isithiyo esibangwa ulimi ekhaya. U-Ian wayeneminyaka engu-8 lapho yena nabakubo bethuthela eNew York besuka e-Ecuador. Ngemva kweminyaka eyisithupha bese-United States, uthi: “Manje sengikhuluma isiNgisi kakhulu kuneSpanishi. Othisha bami esikoleni bakhuluma isiNgisi, abangane bami bakhuluma isiNgisi futhi mina nomfowethu sikhuluma isiNgisi. Ikhanda lami seligcwele isiNgisi, sesisikhiphile iSpanishi.”

ULee, owazalelwa e-Australia abazali baseCambodia, uthi: “Lapho ngixoxa nabazali bami ngifuna ukuchaza kabanzi ngendlela engizizwa ngayo ngodaba oluthile, ngithola ukuthi ngiyehluleka ukukhuluma kahle ulimi lwabo.”

UNoor ocashunwe ngenhla, uthi: “Ubaba wazama kakhulu ukugcizelela ukuba sikhulume ulimi lwakhe ekhaya, kodwa sasingafuni ukukhuluma isi-Arabhu. Sasibona sengathi kuwumthwalo ongadingekile ukufunda isi-Arabhu. Abangane bethu babekhuluma isiNgisi. Izinhlelo ze-TV esasizibukela zazingesiNgisi. Sasizosenzani isi-Arabhu?”

Yini Ongayenza?

Njengoba okushiwo ngenhla kubonisa, akuwena wedwa obhekene nalezi zinselele ezinzima. Kunokuba uphile nazo, ungase uzame ukucima konke okuphathelene nesiko lakho langaphambili bese wamukela isiko elisha lendawo osuhlala kuyo. Kepha ukwenza kanjalo kungabaphatha kabi abazali bakho, bese nawe uyadideka. Kunokuba wenze kanjalo, kunganjani ufunde ukuphila nazo lezi zinselele futhi uzame ukuzuza esimweni okuso? Cabanga ngalokhu kusikisela okulandelayo:

Indlela yokubhekana nokuhlekwa. Kungakhathaliseki ukuthi wenzani, akubona bonke abantu abayokuthanda. Abantu abajabulela ukuhlekisa ngabanye bayosithola njalo nje isizathu sokuhlekisa ngabo. (IzAga 18:24) Ngakho ungazichitheli isikhathi uzama ukulungisa imibono yabo enobandlululo. Inkosi ehlakaniphile uSolomoni yathi: “Abantu abaklolodela abanye abathandi ukukhuzwa.” (IzAga 15:12, Contemporary English Version) Amazwi abandlululayo amane embule ukungazi komuntu okhulumayo, hhayi amaphutha okuthiwa unawo umuntu okukhulunywa naye.

Indlela yokubhekana nokungazazi ukuthi ungubani. Kungokwemvelo ukufuna ukwamukeleka eqenjini elithile, njengasekhaya noma esikweni elithile. Kodwa kuyiphutha ukucabanga ukuthi ukubaluleka kwakho kunqunywa isiko noma umkhaya wakini. Abantu bangase bakwahlulele ngaloko, kepha uNkulunkulu akenzi kanjalo. Umphostoli uPetru wathi: “UNkulunkulu akakhethi, kodwa ezizweni zonke umuntu omesabayo futhi enze ukulunga uyamukeleka kuye.” (IzEnzo 10:34, 35) Uma wenza okusemandleni akho ukuba ujabulise uJehova uNkulunkulu, uyokubheka njengelungu lomkhaya wakhe. (Isaya 43:10; Marku 10:29, 30) Akukho okudlula lokho.

Indlela yokuvala igebe elibangwa isiko ekhaya. Abazali nabantwana cishe kuyo yonke imikhaya kuyenzeka babe nemibono engefani. Endabeni yakho, lokho kwehluka kwemibono kungase kube kukhulu—abazali bakho bafuna uphile ngamasiko ezwe ababehlala kulo, wena ufuna ukuphila ngamasiko ezwe esenihlala kulo manje. Noma kunjalo, uma ufisa izinto zikuhambele kahle, kumelwe ‘uhloniphe uyihlo nonyoko.’—Efesu 6:2, 3.

Kunokuba ubukele phansi amasiko abazali bakho ngoba engavumelani nawe, zama ukuqonda isizathu esibenza bawahloniphe lawo masiko. (IzAga 2:10, 11) Zibuze le mibuzo elandelayo: ‘Ingabe la masiko ayangqubuzana nezimiso zeBhayibheli? Uma engangqubuzani, yini ngempela ngempela engingayithandi ngawo? Ngingabachazela kanjani ngenhlonipho indlela engizizwa ngayo abazali bami?’ (IzEnzo 5:29) Kodwa-ke kuyoba lula kakhulu ukuhlonipha abazali bakho—ukuqonda indlela abacabanga ngayo futhi ubachazele imizwa yakho—uma ukwazi ukukhuluma kahle ulimi lwabo.

Indlela yokunqoba isithiyo esibangwa ulimi ekhaya. Eminye imikhaya ithole ukuthi uma ima kwelokuthi akukhulunywe ulimi lwasekhaya kuphela, izingane ziyoba sethubeni lokufunda kahle izilimi ezimbili. Kunganjani nikuzame lokho ekhaya? Ungase ucele nabazali bakho bakusize ufunde ukubhala ulimi lwabo. UStelios owakhulela eJalimane kodwa okhuluma isiGreki, uthi: “Abazali bami babeye baxoxe nami njalo ngevesi elithile leBhayibheli. Babelifunda ngokuzwakalayo, mina ngilibhale phansi. Manje ngiyakwazi ukufunda nokubhala isiGreki nesiJalimane.”

Iziphi ezinye izinzuzo zokufunda ulimi lwabo? UGiosuè ocashunwe ngaphambili uthi: “Ngafunda ulimi lwabazali bami ngoba ngangifuna ukusondelana nabo ngokomzwelo nangokomoya. Ukulufunda kungenze ngaqonda indlela abazizwa ngayo. Futhi kubasizile nabo bangiqonda.”

Ibhuloho Hhayi Isithiyo

Ingabe isiko lakini uzolibheka njengesithiyo esikuhlukanisa nabanye noma njengebhuloho elikuxhumanisa nabo? Intsha eningi engamaKristu iye yaqaphela ukuthi inesizathu esikhulu sokuvala igebe phakathi kwamasiko. Ifuna ukuxoxela ezinye izifiki izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. (Mathewu 24:14; 28:19, 20) USalomão, owathuthela eLondon eneminyaka emihlanu, uthi: “Kuwusizo kakhulu ukukwazi ukuchaza imiBhalo ngezilimi ezimbili! Ngase ngicishe ngalukhohlwa ulimi engaluncela ebeleni, kodwa manje njengoba sengisebandleni laso isiPutukezi, ngikwazi ukukhuluma kokubili isiNgisi nesiPutukezi ngokushelelayo.”

UNoor ocashunwe ngaphambili wabona isidingo sabashumayeli abakhuluma isi-Arabhu. Uthi: “Manje sengiyasifunda ukuze ngikhumbule esengakukhohlwa. Isimo sami sengqondo sesishintshile. Sengiyafuna ukulungiswa uma ngikhuluma. Ngiyafuna ukufunda.”

Uma wazi amasiko amabili futhi ukwazi ukukhuluma izilimi ezimbili noma ngaphezulu, usenhlanhleni. Ukwazi kwakho amasiko amabili kuthuthukisa ikhono lakho lokuqonda imizwa yabantu nokuphendula imibuzo yabo ngoNkulunkulu. (IzAga 15:23) UPreeti onabazali abangamaNdiya kodwa owazalelwa eNgilandi uthi: “Ngenxa yokuthi ngazi amasiko amabili, angibi nankinga ensimini. Ngiyabaqonda abantu bawo womabili la masiko—izinto abazikholelwayo nendlela ababheka ngayo izinto.”

Ingabe nawe ungasibheka isimo okuso njengesikubeka ethubeni elihle kunokuba sibe inkinga? Khumbula, uJehova ukuthanda njengoba unjalo, hhayi ngenxa yezwe ohlala kulo noma ngenxa yomkhaya wakini. Njengentsha ecashunwe lapha, ungalusebenzisa yini ulwazi lwakho nokuhlangenwe nakho kwakho ukuze usize abanye besizwe sakini ukuba bafunde ngoNkulunkulu wethu ongakhethi nonothando, uJehova? Ukwenza kanjalo kungakujabulisa ngempela!—IzEnzo 20:35.

UMBHALO OYINHLOKO

“UNkulunkulu akakhethi.”—IzEnzo 10:34.

ICEBISO

Uma ontanga yakho behlekisa ngobuzwe bakho, kwamukele ukubhuqa kwabo, ngesikhathi esifanayo ulondoloze isimo sokwenama. Uma wenza kanjalo, bangaphelelwa umdlandla wokukugcona.

UBUWAZI . . . ?

Uma wazi kahle izilimi ezimbili, ungandisa amathuba okuthola umsebenzi.

ENGIZOKWENZA!

Ukuze ngiluqonde kahle ulimi lwabazali bami, ngizo- ․․․․․

Engingathanda ukukubuza umzali wami (abazali) ngale ndaba ․․․․․

UCABANGANI?

● Ukwazi isiko labazali bakho kuyokusiza kanjani ukuba uzazi kangcono?

● Uma uziqhathanisa nentsha engakhulelanga phakathi kwamasiko amabili, ungcono ngani wena?

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 160]

“Kuyangijabulisa ukusiza abanye. Ngikwazi ukuchaza iBhayibheli kubantu abakhuluma isiRa-shiya, isiFulentshi nesiMoldovia.”—U-Oleg

[Isithombe ekhasini 161]

Ungakhetha ukubheka isiko lakini njengeliyibhuloho elikuxhumanisa nabanye

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela