Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • lc kk. 2-3
  • Yini Oyikholelwayo?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Yini Oyikholelwayo?
  • Ingabe Izinto Eziphilayo Zadalwa?
  • Izihlokwana
  • Iyini injongo yale ncwajana?
Ingabe Izinto Eziphilayo Zadalwa?
lc kk. 2-3
Intombazane ibuka uvemvane

Yini Oyikholelwayo?

Abantu abaningi abanenkolelo yokuthi iBhayibheli kufanele lithathwe njengoba linjalo bakholelwa ukuthi umhlaba nakho konke okukuwo kwadalwa ngezinsuku eziyisithupha ezingamahora angu-24 eminyakeni eyizinkulungwane ezimbalwa eyedlule. Abanye abangakholelwa kuNkulunkulu bathi uNkulunkulu akekho, bathi iBhayibheli liyincwadi yezinganekwane, bathi futhi zonke izinto eziphilayo zaba khona ngengozi.

Iningi labantu linezinkolelo eziphakathi kwalezi ezimbili eziphikisanayo. Ukuthi wena ufunda le ncwajana cishe kubonisa ukuthi ungomunye wabo. Kungenzeka ukuthi uyakholelwa kuNkulunkulu futhi uyalihlonipha neBhayibheli. Kodwa kungenzeka nokuthi uyayithanda nemibono yososayensi abafundile nabahlonishwayo abangakholelwa ukuthi izinto eziphilayo zadalwa. Uma ungumzali, ungase uzibuze ukuthi ungabaphendula kanjani abantabakho lapho bebuza imibuzo ephathelene nokuziphendukela kwemvelo nendalo.

Iyini injongo yale ncwajana?

Injongo yale ncwajana akukona ukuhlekisa ngemibono yalabo abathi iBhayibheli kufanele lithathwe njengoba linjalo noma yalabo abakhetha ukungakholelwa kuNkulunkulu. Kunalokho, sethemba ukuthi izokugqugquzela ukuba uphinde uhlole isisekelo sezinkolelo zakho. Izokunikeza incazelo yokulandisa kweBhayibheli ngendalo okungenzeka awukaze uyizwe. Futhi izogcizelela ukuthi kungani kubaluleke ngempela ukuthi yini oyikholelwayo ngendlela izinto eziphilayo ezaba khona ngayo.

Ingabe uzobambelela kulokho okushiwo abantu abathi akekho uMdali futhi iBhayibheli alithembekile? Noma ingabe uzokuhlola okushiwo iBhayibheli? Yiziphi izimfundiso ezifanelwe ukuba uzethembe, uzikholelwe: ezeBhayibheli noma ezabantu abakholelwa ekuziphendukeleni kwemvelo? (Hebheru 11:1) Kungani ungahloli amaqiniso?

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela