Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • bt isahl. 15 kk. 117-123
  • ‘Ukuqinisa Amabandla’

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • ‘Ukuqinisa Amabandla’
  • ‘Ukunikeza Ubufakazi Obuphelele’ NgoMbuso KaNkulunkulu
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • “Masibuyele Emuva Sihambele Abafowethu” (IzEnzo 15:36)
  • “Kwaqhuma Intukuthelo Enkulu” (IzEnzo 15:37-41)
  • “Babekhuluma Kahle Ngaye” (IzEnzo 16:1-3)
  • ‘Aqiniswa Okholweni’ (IzEnzo 16:4, 5)
  • “Mntanami Othandekayo Nothembekile ENkosini”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
  • UThimothewu—Wayekulungele Futhi Ezimisele Ukukhonza
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
  • UMarku—‘Wayewusizo Ekukhonzeni’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
  • UThimothewu—“Umntwana Woqobo Okholweni”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1999
Bheka Okunye
‘Ukunikeza Ubufakazi Obuphelele’ NgoMbuso KaNkulunkulu
bt isahl. 15 kk. 117-123

ISAHLUKO 15

‘Ukuqinisa Amabandla’

Ababonisi abajikelezayo basiza ekuqiniseni amabandla okholweni

Isekelwe encwadini yezEnzo 15:36–16:5

1-3. (a) UPawulu usehamba nobani manje, futhi ungumuntu onjani? (b) Sizofundani kulesi sahluko?

NJENGOBA bedabula ezindaweni ezimazombezombe eziphakathi kwemizi, umphostoli uPawulu ucabangisisa ngale nsizwa ahamba nayo. Igama layo nguThimothewu. UThimothewu usemusha, ugcwele ubungqabavu, futhi kungenzeka ukuthi usezohlanganisa iminyaka engu-20 noma usanda kweva kuyo. Isinyathelo ngasinye salolu hambo simqhelisa kude nekhaya. Njengoba usuku luqhubeka, baya besishiya ngemuva isifunda saseListra nesase-Ikoniyu. Balindelwe yini ngaphambili? UPawulu uyazi ngoba lolu uhambo lwakhe lwesibili eyisithunywa sevangeli. Uyazi ukuthi balindelwe izingozi nezinkinga eziningi. Le nsizwa ahamba nayo izobhekana kanjani nazo?

2 UPawulu uyamethemba uThimothewu, mhlawumbe ngaphezu kwezinga le nsizwa ethobekile ezethemba ngalo. Izigigaba ezisanda kwenzeka zenze uPawulu waqiniseka kunanini ngaphambili ukuthi uyamdinga umuntu ofanelekayo azohamba naye. Uyazi ukuthi umsebenzi azowenza—ukuhambela amabandla nokuwaqinisa—uzodinga ukuzimisela okungantengi nokucabanga ngokuvumelana ezikhonzini ezijikelezayo. Yini eyayenza ukuba uPawulu azizwe ngale ndlela? Kungenzeka yingxabano eyayibangele ukuba bahlukane noBarnaba.

3 Kulesi sahluko sizofunda okuningi ngendlela engcono kakhulu yokusingatha ukungezwani. Sizofunda nokuthi kungani uPawulu akhetha ukuhamba noThimothewu futhi sizoqonda indima ebaluleke kakhulu yalabo abakhonza njengababonisi besigodi namuhla.

“Masibuyele Emuva Sihambele Abafowethu” (IzEnzo 15:36)

4. Yini uPawulu ayehlose ukuyenza ohambweni lwakhe lwesibili lwezithunywa zevangeli?

4 Esahlukweni esandulele, sibone indlela abazalwane abane—uPawulu, uBarnaba, uJuda noSila—abalakha ngayo ibandla lase-Antiyokiya ngesinqumo sendikimba ebusayo mayelana nokusoka. Wenzani uPawulu ngemva kwalokho? Wakhuluma noBarnaba ngolunye uhambo, ethi: “Masibuyele emuva sihambele abafowethu kuwo wonke amadolobha esamemezela kuwo izwi likaJehova, ukuze sibone ukuthi banjani.” (IzE. 15:36) UPawulu wayengakhulumi ngokuvakashela la maKristu amasha okungenanjongo. Incwadi yezEnzo yembula injongo yangempela yohambo lwesibili lukaPawulu lwezithunywa zevangeli. Okokuqala, wayezoqhubeka enikeza izinqumo ezazivela endikimbeni ebusayo. (IzE. 16:4) Okwesibili, njengombonisi ojikelezayo, uPawulu wayezimisele ukwakha amabandla ngokomoya, awasize aqine okholweni. (Roma 1:11, 12) Inhlangano yoFakazi BakaJehova yanamuhla isilingisa kanjani isibonelo esabekwa abaphostoli?

5. INdikimba Ebusayo yanamuhla isidlulisela kanjani isiqondiso nesikhuthazo emabandleni?

5 Namuhla, uKristu usebenzisa iNdikimba Ebusayo yoFakazi BakaJehova ekuqondiseni ibandla lakhe. Esebenzisa izincwadi ezibhalelwa amabandla, izinto ezitholakala kuyi-inthanethi nezinyathelisiwe, imihlangano nezinye izindlela okuxhunyanwa ngazo, la madoda athembekile agcotshiwe adlulisela iziqondiso nesikhuthazo kuwo wonke amabandla emhlabeni wonke. INdikimba Ebusayo ilwela nokuba ihlale isondelene nebandla ngalinye. Ngakho isebenzisa ababonisi besigodi. Imise izinkulungwane zabadala abafanelekayo emhlabeni wonke ukuba bakhonze njengababonisi besigodi.

6, 7. Yiziphi ezinye izinto ezenziwa ababonisi besigodi?

6 Ababonisi besigodi banamuhla bagxila ekunakekeleni nasekunikezeni isikhuthazo esingokomoya kuwo wonke amabandla abawahambelayo. Kanjani? Ngokulingisa isibonelo esabekwa amaKristu ekhulu lokuqala, njengoPawulu. Wanxusa umbonisi ayekanye naye: “Shumayela izwi; ukwenze unomuzwa wokuphuthuma ngenkathi evumayo nangenkathi enzima; usole, ukhuze, ukhuthaze, ngaso sonke isineke nekhono lokufundisa. . . . Wenze umsebenzi womvangeli.”—2 Thim. 4:2, 5.

7 Ngokuvumelana nalawo mazwi, umbonisi wesigodi—nomkakhe uma eshadile—uhlanganyela nabamemezeli bebandla ezicini ezihlukahlukene zenkonzo yasensimini. Laba bashumayeli abajikelezayo bayayishisekela inkonzo futhi bangabafundisi abanekhono—izimfanelo ezinethonya elihle emhlambini. (Roma 12:11; 2 Thim. 2:15) Baziwa kahle ngothando lwabo lokuzidela. Bazinikela ngokungazigodli, behamba esimweni sezulu esibi nasezindaweni eziyingozi. (Fil. 2:3, 4) Ababonisi besigodi bayakhuthaza, bafundise futhi beluleke ibandla ngalinye ngezinkulumo ezisekelwe eBhayibhelini. Bonke ebandleni bayazuza ngokucabangisisa ngokuziphatha kwalezi zikhonzi ezijikelezayo nangokulingisa ukholo lwazo.—Heb. 13:7.

“Kwaqhuma Intukuthelo Enkulu” (IzEnzo 15:37-41)

8. Wasabela kanjani uBarnaba esimemweni sikaPawulu?

8 UBarnaba wasamukela isicelo sikaPawulu ‘sokuhambela abafowethu.’ (IzE. 15:36) Babesebenze kahle ndawonye njengababonisi besigodi futhi bobabili base bezazi izifundazwe nabantu ababezobahambela. (IzE. 13:2–14:28) Ngakho umqondo wokuba basebenze ndawonye kulesi sabelo wawubonakala unengqondo futhi uhlakaniphile. Kodwa kwaphakama inkinga. IzEnzo 15:37 ziyalandisa: “UBarnaba wayezimisele ukuthatha uJohane, owayebizwa ngokuthi uMarku, ukuba bahambe naye.” UBarnaba wayengamane nje esikisela. “Wayezimisele” ukuhamba nomzala wakhe uMarku kulolu hambo lwezithunywa zevangeli.

9. Kungani uPawulu engavumelananga noBarnaba?

9 UPawulu wenqaba. Kungani? Ukulandisa kuthi: “UPawulu wayengathandi ukumthatha [uMarku] bahambe naye, ngenxa yokuthi wayebashiyile ePhamfiliya akayanga nabo emsebenzini.” (IzE. 15:38) UMarku wayehambe noPawulu noBarnaba ohambweni lwabo lokuqala lwezithunywa zevangeli kodwa wabuye wabashiya. (IzE. 12:25; 13:13) Ekuqaleni kohambo, besesePhamfiliya, uMarku wayesishiyile isabelo sakhe wabuyela ekhaya eJerusalema. IBhayibheli alisho ukuthi wahambelani, kodwa kusobala ukuthi umphostoli uPawulu wabheka ukuhamba kwakhe njengokuwubuwula. Kungenzeka ukuthi uPawulu wayengasamethembi uMarku.

10. Ukungavumelani kukaPawulu noBarnaba kwaholelaphi, futhi kwaba namuphi umphumela?

10 Noma kunjalo, uBarnaba wayezimisele ukuhamba noMarku. UPawulu yena wayengafuni nakuyizwa leyo. “Kwaqhuma intukuthelo enkulu, baze bahlukana,” kusho izEnzo 15:39. UBarnaba wahamba noMarku waya esiqhingini sakubo eKhupro. UPawulu waqhubeka ngendlela ayehlele ngayo. Ukulandisa kuthi: “UPawulu wakhetha uSila wahamba ngemva kokuba abazalwane sebemnikele kuJehova ukuze ambonise umusa omkhulu.” (IzE. 15:40) Bahamba ndawonye ‘badabula iSiriya neKhilikhiya, beqinisa amabandla.’—IzE. 15:41.

11. Yiziphi izimfanelo ezidingekayo ezingavimbela ingxabano engapheli phakathi kwethu nomuntu osonile?

11 Lokhu kulandisa kungase kusikhumbuze okwethu ukungapheleli. UPawulu noBarnaba babekade bemiswe njengabameleli abakhethekile bendikimba ebusayo. Cishe uPawulu ngokwakhe waba yilungu layo. Noma kunjalo, kulesi sehlakalo ukuba nesono kwabanqoba oPawulu noBarnaba. Ingabe basivumela lesi simo sabangela ingxabano engapheli phakathi kwabo? Nakuba babenesono, uPawulu noBarnaba babengamadoda athobekile, anomqondo kaKristu. Akungabazeki ukuthi ngemva kwesikhathi, babonisa umoya wobuzalwane bobuKristu nokuthethelela. (Efe. 4:1-3) Kamuva, uPawulu noMarku basebenza ndawonye kwezinye izabelo zenkonzo.a—Kol. 4:10.

12. NjengoPawulu noBarnaba, yiziphi izimfanelo abadala namuhla okufanele bazibonise?

12 Lokhu kuqhuma kwentukuthelo kwakuphambene nobuntu bukaPawulu noBarnaba. UBarnaba wayaziwa njengomuntu onemfudumalo nonomusa—kangangokuthi kunokuba bambize ngegama lakhe elithi Josefa, abaphostoli bamnikeza isibongo esithi Barnaba, okusho ukuthi “iNdodana Yenduduzo.” (IzE. 4:36) UPawulu naye wayaziwa ngokuphatha abanye ngobubele nesisa. (1 Thes. 2:7, 8) NjengoPawulu noBarnaba, bonke ababonisi abangamaKristu namuhla, kuhlanganise nabesigodi, ngaso sonke isikhathi kufanele balwele ukubonisa ukuthobeka, baphathe abanye abadala nawo wonke umhlambi ngobubele.—1 Pet. 5:2, 3.

“Babekhuluma Kahle Ngaye” (IzEnzo 16:1-3)

13, 14. (a) Wayengubani uThimothewu, futhi kungenzeka ukuthi uPawulu wahlangana kanjani naye? (b) Yini eyenza uPawulu waqaphela uThimothewu? (c) Yisiphi isabelo esanikezwa uThimothewu?

13 Ohambweni lwakhe lwesibili njengesithunywa sevangeli, uPawulu waya esifundazweni saseRoma, iGalathiya, lapho kwase kukhona khona amabandla ambalwa. Ekugcineni “wafika eDerbe naseListra.” Ukulandisa kuthi: “Kwakukhona umfundi ogama lakhe linguThimothewu, indodana yowesifazane okholwayo ongumJuda kodwa uyise engumGreki.”—IzE. 16:1.b

14 Kubonakala sengathi uPawulu wayebonene nomndeni wakubo kaThimothewu lapho eqala ukuhambela le ndawo cishe ngonyaka ka-47 C.E. Manje ohambweni lwakhe lwesibili eminyakeni emibili noma emithathu kamuva, uPawulu wayiqaphela ngokukhethekile insizwa enguThimothewu. Kungani? Kungenxa yokuthi “abazalwane. . . babekhuluma kahle ngaye.” Wayengathandwa abazalwane basendaweni akhulela kuyo kuphela kodwa idumela lakhe lalaziwa nakwamanye amabandla. Ukulandisa kubonisa ukuthi abazalwane eListra nase-Ikoniyu, eqhele ngamakhilomitha angaba ngu-30, babesho izinto ezinhle ngaye. (IzE. 16:2) Beholwa umoya ongcwele, abadala banikeza uThimothewu osemusha isabelo esibalulekile —ukusiza uPawulu noSila njengombonisi ojikelezayo.—IzE. 16:3.

15, 16. Yini eyenza uThimothewu waba nedumela elihle kangaka?

15 Yini eyenza uThimothewu waba nedumela elihle kangaka esemusha? Ingabe kwakuwukuhlakanipha, ukubukeka noma amakhono akhe emvelo? Ngokuvamile abantu bakhangwa ubuntu obunjalo. Ngisho nomprofethi uSamuweli wake wathonywa kakhulu ukubukeka komuntu. Kodwa uJehova wamkhumbuza: “Indlela umuntu abona ngayo akuyona indlela uNkulunkulu abona ngayo, ngoba umuntu ubona okubonakala emehlweni, kodwa uJehova ubona okusenhliziyweni.” (1 Sam. 16:7) Abazalwane babemthanda uThimothewu ngenxa yobuntu bakhe obuhle hhayi ngenxa yamakhono emvelo ayenawo.

16 Ngemva kweminyaka ethile, umphostoli uPawulu wakhuluma ngezinto eziningi ezinhle ezazenziwa uThimothewu. UPawulu wachaza isimo sikaThimothewu esihle, uthando lokuzidela nenkuthalo ayibonisa ekufezeni izabelo zenkonzo. (Fil. 2:20-22) UThimothewu wayaziwa nangokuba nokholo “olungenabo ubuzenzisi.”—2 Thim. 1:5.

17. Intsha namuhla ingamlingisa kanjani uThimothewu?

17 Namuhla, intsha eningi ilingisa uThimothewu ngokulwela ukwenza izinto ezithandwa uNkulunkulu. Ngokwenza kanjalo izakhela igama elihle noJehova nabantu bakhe ngisho isencane. (IzAga 22:1; 1 Thim. 4:15) Ibonisa ukholo olungenabo ubuzenzisi, yenqabe ukuphila okumbaxa-mbili. (IHu. 26:4) Ngenxa yalokho, njengoThimothewu, ifeza indima ebalulekile ebandleni. Yeka indlela eyisikhuthazo ngayo kubo bonke abathanda uJehova emabandleni lapho iba abamemezeli bezindaba ezinhle, futhi ngesikhathi esifanele, izinikezela kuJehova futhi ibhapathizwe!

‘Aqiniswa Okholweni’ (IzEnzo 16:4, 5)

18. (a) UPawulu noThimothewu bathola ziphi izabelo njengababonisi abajikelezayo? (b) Abusiswa kanjani amabandla?

18 UPawulu noThimothewu basebenza iminyaka ndawonye. Njengababonisi abajikelezayo, bafeza izabelo eziningi ezivela endikimbeni ebusayo. IBhayibheli lithi: “Njengoba behamba bedabula amadolobha, babedlulisela kubazalwane lokho okwakunqunywe abaphostoli namadoda amadala eJerusalema ukuze bakugcine.” (IzE. 16:4) Kusobala ukuthi amabandla asilalela isiqondiso esivela kubaphostoli nakubadala eJerusalema. Ngenxa yalokho, “amabandla aqhubeka eqiniswa okholweni futhi anda ngesibalo usuku nosuku.”—IzE. 16:5.

19, 20. Kungani amaKristu kufanele alalele “abaholayo”?

19 Ngokufanayo, oFakazi BakaJehova namuhla bathola izibusiso ngokulalela isiqondiso esivela kulabo “abaholayo” phakathi kwabo. (Heb. 13:17) Ngenxa yokuthi isimo sezwe sishintsha njalo, kusemqoka ngamaKristu ukuba azondle ngokudla okungokomoya okulungiselelwa ‘yinceku ethembekile neqondayo.’ (Math. 24:45; 1 Kor. 7:29-31) Ukwenza kanjalo kungasivikela singakhukhuleki ngokomoya futhi kusisize sizigcine singenabala ezweni.—Jak. 1:27.

20 Yiqiniso, ababonisi abangamaKristu namuhla, kuhlanganise namalungu eNdikimba Ebusayo, banesono njengoba kwakunjalo ngoPawulu, uBarnaba, uMarku nabanye abadala abagcotshiwe bekhulu lokuqala. (Roma 5:12; Jak. 3:2) Kodwa ngenxa yokuthi iNdikimba Ebusayo ililalela ngokucophelela iZwi likaNkulunkulu futhi inamathele esibonelweni sabaphostoli, izibonakalisa inokwethenjelwa. (2 Thim. 1:13, 14) Ngenxa yalokho, amabandla ayakhuthazwa futhi aqiniswe okholweni.

UTHIMOTHEWU UYAZIGQILAZA “EKUSAKAZENI IZINDABA EZINHLE”

UThimothewu wayewusizo olukhulu kumphostoli uPawulu. Ngemva kokuba la madoda esebenze ndawonye cishe iminyaka engu-11, uPawulu wayengabhala ngokuphathelene noThimothewu: “Anginaye onjengoThimothewu ozoninakekela ngobuqotho. . . . Niyabazi ubufakazi abunikeza ngaye ngokwakhe, ukuthi njengomntwana osebenza noyise wazigqilaza kanye nami ekusakazeni izindaba ezinhle.” (Fil. 2:20, 22) UThimothewu wazinikela ngokuzithandela ukuze athuthukise umsebenzi wokushumayela, ngenxa yalokho uPawulu wamthanda futhi wasishiyela isibonelo esihle.

UThimothewu.

Uyise wayengumGreki unina engumJuda, futhi kubonakala sengathi uThimothewu wakhulela eListra. Kusukela uThimothewu ewusana, wafundiswa imiBhalo ngunina u-Evnike noninakhulu uLowisi. (IzE. 16:1, 3; 2 Thim. 1:5; 3:14, 15) Kungenzeka ukuthi umndeni wakubo kaThimothewu wamukela ubuKristu phakathi nokuhambela kokuqala kukaPawulu emzini wakubo kaThimothewu.

Lapho uPawulu ebuya eminyakeni eyalandela, uThimothewu, ngaleso sikhathi cishe owayesecela eminyakeni engamashumi amabili noma esevile, “abazalwane baseListra nase-Ikoniyu babekhuluma kahle ngaye.” (IzE. 16:2) Umoya kaNkulunkulu ‘wawuprofethile’ ngale nsizwa, futhi ngokuvumelana nawo, uPawulu nabadala bebandla batusa ukuba uThimothewu angenele lolu hlobo olukhethekile lwenkonzo. (1 Thim. 1:18; 4:14; 2 Thim. 1:6) Wayezohamba noPawulu ohambweni lwezithunywa zevangeli. UThimothewu kwakuzomelwe ashiye umndeni wakubo futhi kwadingeka avume ukusokwa ukuze aqede izinkinga ezazingase ziphakame kumaJuda ayezowahambela.—IzE. 16:3.

UThimothewu wahamba izindawo eziningi. Washumayela noPawulu noSila eFilipi, washumayela noSila eBhereya, ngemva kwalokho waba yedwa eThesalonika. Lapho uThimothewu ephinde ehlangana noPawulu eKorinte, wamxoxela izindaba ezinhle ngothando nokwethembeka okwaboniswa abaseThesalonika naphezu kosizi ababebhekene nalo. (IzE. 16:6–17:14; 1 Thes. 3:2-6). Ngesikhathi ese-Efesu, uPawulu wathola izindaba ezingezinhle ngabaseKorinte, wacabanga ukuthumela uThimothewu ukuba aphindele eKorinte. (1 Kor. 4:17) Ngemva kwesikhathi, esase-Efesu, uPawulu wathumela uThimothewu no-Erastu eMakedoniya. Kodwa lapho uPawulu ebhalela abaseRoma, wayesekanye noThimothewu eKorinte. (IzE. 19:22; Roma 16:21) Lezi kumane kungezinye zezindawo uThimothewu aya kuzo ngenxa yezindaba ezinhle.

Kungenzeka ukuthi uThimothewu wayengabaza ukusebenzisa igunya lakhe, lokhu kubonakala esikhuthazweni uPawulu amnika sona: “Ungalokothi uvumele noma ubani abukele phansi ubusha bakho.” (1 Thim. 4:12) Kodwa uPawulu wayemethemba ngokugcwele uThimothewu kangangokuba wayengamthumela ebandleni elinezinkinga nalezi ziqondiso: “Uyale abathile ukuba bangafundisi imfundiso ehlukile.” (1 Thim. 1:3) UPawulu waphinde wanikeza uThimothewu igunya lokuba amise ababonisi nezinceku ezikhonzayo emabandleni.—1 Thim. 5:22.

Izimfanelo ezinhle zikaThimothewu zenza uPawulu wamthanda kakhulu. ImiBhalo yembula ukuthi le nsizwa yayingumngane oseduze, othembekile nothandekayo kuye, efana nendodana. UPawulu wayengabhala ukuthi ukhumbula izinyembezi zikaThimothewu, ulangazelela ukumbona nokuthi uyamthandazela. Kuhle kukababa okhathalelayo, uPawulu waluleka uThimothewu ngokuphathelene ‘nokugula kwakhe kaningi’—okubonakala kwakuyinkinga yesisu.—1 Thim. 5:23; 2 Thim. 1:3, 4.

Ngesikhathi uPawulu eboshwe okokuqala eRoma, uThimothewu wayenaye. Okwesikhathi esithile, uThimothewu naye wakhuthazelela ukuboshwa. (Filem. 1; Heb. 13:23) Ukujula kothando ayethandana ngalo la madoda kubonakala ngesikhathi uPawulu ebona ukuthi usezokufa, wabiza uThimothewu: “Yenza konke okusemandleni akho ukuba uze kimi ngokushesha.” (2 Thim. 4:6-9) ImiBhalo ayisitsheli ukuthi uThimothewu wamfica esaphila yini umeluleki wakhe othandekayo.

UMARKU UTHOLA AMALUNGELO AMANINGI

IVangeli likaMarku lilandisa ukuthi labo ababopha uJesu bazama nokubamba “insizwa ethile” eyaphunyuka “yabaleka inqunu.” (Marku 14:51, 52) Njengoba uMarku, owaziwa nangokuthi uJohane Marku, kunguye kuphela owaloba le ndaba, kungenzeka ukuthi le nsizwa kwakunguye ngokwakhe. Uma kunjalo, uMarku wasebenzelana noJesu.

UMarku ulalele futhi ubhala amaphuzu njengoba indoda endala ikhuluma.

Eminyakeni engaba ngu-11 kamuva, ngesikhathi uHerode Agripha eshushisa amaKristu, amalungu ‘amaningana’ ebandla laseJerusalema ahlangana endlini kaMariya, unina kaMarku, ezothandaza. Kwakuyiyo le ndlu umphostoli uPetru aya kuyo lapho ekhululwa ngokuyisimangaliso ejele. (IzE. 12:12) Ngakho, kungenzeka ukuthi uMarku wakhulela endlini eyasetshenziselwa imihlangano yobuKristu kamuva. Ngokungangabazeki, wayebazi abafundi bakaJesu bokuqala futhi baba ithonya elihle kuye.

UMarku wakhonza eduze nababonisi abaningi bamabandla obuKristu okuqala. Esikwaziyo ukuthi ilungelo lakhe lokuqala lenkonzo kwaba elokusebenza nomzala wakhe uBarnaba nomphostoli uPawulu esabelweni sabo e-Antiyokiya yaseSiriya. (IzE. 12:25) Lapho uPawulu noBarnaba beqala uhambo lwabo lokuqala lwezithunywa zevangeli, uMarku wahamba nabo, baqala eKhupro base beya e-Asia Minor. Sebelapho, uMarku wabuyela eJerusalema ngezizathu ezithile ezingachaziwe. (IzE. 13:4, 13) Ngemva kokuphikisana kukaPawulu noBarnaba mayelana noMarku, njengoba kuchazwe encwadini yezEnzo isahluko 15, uMarku noBarnaba baqhubeka nenkonzo yabo yezithunywa zevangeli eKhupro.—IzE. 15:36-39.

Kumelwe ukuba zonke izinkumbulo zalokho kungezwani zase zilibalekile ngonyaka ka-60 kuya ku-61 C.E. ngesikhathi uMarku esesebenza noPawulu futhi eRoma. UPawulu, owayeyisiboshwa kulelo dolobha, wabhalela ibandla laseKolose: “U-Aristarku, isiboshwa esikanye nami uyakhonza kini, kanjalo noMarku umzala kaBarnaba (enathola iziqondiso zokuba nimamukele uma efika kini).” (Kol. 4:10) Ngakho uPawulu wayecabanga ukuthumela uJohane Marku eKolose evela eRoma njengommeleli wakhe.

Esikhathini esithile phakathi kuka-62 no-64 C.E., uMarku wasebenza nomphostoli uPetru eBhabhiloni. Njengoba kuphawuliwe eSahlukweni 10 sale ncwadi, basondelana kakhulu, ngoba uPetru wabiza le nsizwa ngokuthi ‘uMarku indodana yami.’—1 Pet. 5:13.

Ekugcineni, cishe ngo-65 C.E., lapho umphostoli uPawulu eboshwa okwesibili eRoma, wabhalela isisebenzi esikanye naye esasise-Efesu, uThimothewu: “Uze noMarku ngoba uwusizo kimi enkonzweni.” (2 Thim. 4:11) Akungabazeki ukuthi uMarku wasukumela phezulu uma ethola leso simemo, wasuka e-Efesu wabuyela eRoma. Shono nje uPawulu, uBarnaba noPetru babeyithanda kangaka le ndoda!

Ilungelo elikhulu kunawo wonke elatholwa uMarku kwakungukuphefumulelwa uJehova ukuba abhale iVangeli. Kukholelwa ukuthi ukwaziswa okuningi uMarku akubhala wakuthola kumphostoli uPetru. Amaqiniso ayakufakazela lokhu ngoba ukulandisa kukaMarku kuqukethe imininingwane eyayiyokwaziwa ufakazi wokuzibonela njengoPetru. Nokho, kubonakala sengathi uMarku walibhala eseRoma iVangeli lakhe hhayi eBhabhiloni ngesikhathi enoPetru. Kungenzeka ukuthi uMarku wayebhalela ngokuyinhloko abafundi abangabeZizwe ngoba usebenzisa amagama amaningi esiLatini futhi uhumusha amagama esiHebheru okwakungase kube nzima ngabangewona amaJuda ukuba bawaqonde.

a Bheka ibhokisi elithi “UMarku Uthola Amalungelo Amaningi,” ekhasini 118.

b Bheka ibhokisi elithi “UThimothewu Uyazigqilaza ‘Ekusakazeni Izindaba Ezinhle,’” ekhasini 121.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela