Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • bt isahl. 14 kk. 108-115
  • “Sinqume Ngazwi-linye”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Sinqume Ngazwi-linye”
  • ‘Ukunikeza Ubufakazi Obuphelele’ NgoMbuso KaNkulunkulu
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • “Amazwi AbaProfethi Ayavumelana Nalokhu” (IzEnzo 15:13-21)
  • ‘Kuthunywa Amadoda Akhethiwe’ (IzEnzo 15:22-29)
  • ‘Bajabula Ngaleso Sikhuthazo’ (IzEnzo 15:30-35)
  • INdikimba Ebusayo Isebenza Kanjani Namuhla?
    Obani Abenza Intando KaJehova Namuhla?
  • Imibuzo Evela Kubafundi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
  • Ubani Ohola Abantu BakaNkulunkulu Namuhla?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2017 (Efundwayo)
  • Ukubambisana NeNdikimba Ebusayo Namuhla
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
Bheka Okunye
‘Ukunikeza Ubufakazi Obuphelele’ NgoMbuso KaNkulunkulu
bt isahl. 14 kk. 108-115

ISAHLUKO 14

“Sinqume Ngazwi-linye”

Indlela indikimba ebusayo eyafinyelela ngayo esinqumweni nomphumela wobunye esaba nawo emabandleni

Isekelwe encwadini yezEnzo 15:13-35

1, 2. (a) Yimiphi imibuzo ebalulekile indikimba ebusayo yekhulu lokuqala yebandla lobuKristu ebhekene nayo? (b) Yiluphi usizo laba bazalwane abalutholayo ukuze bafinyelele esinqumweni esifanele?

ISIMO sishubile. Abaphostoli namadoda amadala abahlangene kuleli gumbi eliseJerusalema babhekene, banomuzwa wokuthi sebefike emvuthwandaba. Indaba yokusoka isiphakamise imibuzo ebalulekile. Ingabe amaKristu angaphansi koMthetho KaMose? Ingabe kufanele kube nomehluko phakathi kwamaKristu angamaJuda nangawabeZizwe?

2 La madoda aholayo asebuhlole bonke ubufakazi. Anobufakazi beZwi likaNkulunkulu lesiprofetho nobufakazi obuqand’ ikhanda babantu abathile obubonisa isibusiso sikaJehova. Sebekhulume bageqa amagula ngale ndaba. Ubufakazi obuningi ababutholile ngayo bunamandla kakhulu. Ngokusobala, baqondiswa umoya kaJehova. Ingabe la madoda azosilalela lesi siqondiso?

3. Singazuza kanjani ngokuhlola ukulandisa kwezEnzo isahluko 15?

3 Kuzodingeka babe nokholo nesibindi sangempela ukuze bamukele isiqondiso somoya kule ndaba. Bazifaka engozini yokuzondwa nakakhulu abaholi benkolo abangamaJuda. Babhekene nanokuphikiswa amadoda angaphakathi ebandleni azimisele ukubuyisela abantu bakaNkulunkulu eMthethweni KaMose. Izokwenzenjani indikimba ebusayo? Ake sibone. Njengoba siqhubeka, sizobona indlela la madoda ayibekela ngayo isibonelo iNdikimba Ebusayo yoFakazi BakaJehova namuhla. Yisibonelo okudingeka sisilingise nathi njengoba sibhekene nokwenza izinqumo nezinselele ekuphileni kwethu njengamaKristu.

“Amazwi AbaProfethi Ayavumelana Nalokhu” (IzEnzo 15:13-21)

4, 5. Yikuphi ukukhanyiselwa kweZwi likaNkulunkulu lesiprofetho uJakobe akusebenzisa?

4 Umfundi uJakobe, umfowabo kaJesu ngamzali munye, wakhuluma.a Kubonakala sengathi wayengusihlalo walo mhlangano. Amazwi akhe acacisa isinqumo sendikimba iyonke. UJakobe wathi emadodeni ayehlangene: “USimeyoni useyilandise ngokuphelele indlela manje uNkulunkulu asenaka ngayo izizwe ukuze athathe kuzo isizwe segama lakhe. Amazwi abaProfethi ayavumelana nalokhu.”—IzE. 15:14, 15.

5 Kungenzeka ukuthi inkulumo kaSimeyoni, noma uSimoni Petru, nobufakazi obanikezwa uPawulu noBarnaba bakhumbuza uJakobe imiBhalo efanelekayo eyalukhanyisa kahle udaba olwalusezithebeni. (Joh. 14:26) Ngemva kokuba ethe “amazwi abaProfethi ayavumelana nalokhu,” uJakobe wacaphuna amazwi ka-Amose 9:11, 12. Le ncwadi yayiyingxenye yemiBhalo YesiHebheru evame ukubizwa ngokuthi “abaProfethi.” (Math. 22:40; IzE. 15:16-18) Uzoqaphela ukuthi amazwi acashunwa uJakobe athé ukwehluka kulawo asencwadini ka-Amose namuhla. Kungenzeka ukuthi uJakobe wayewacaphuna kuyi-Septuagint, inguqulo yesiGreki yemiBhalo YesiHebheru.

6. ImiBhalo yayikhanyisa kanjani le ndaba?

6 Ngomprofethi u-Amose, uJehova wabikezela ukuthi kuzofika isikhathi ayovusa ngaso “idokodo likaDavide,” uhlu lozalo lwasebukhosini olwaluzoholela eMbusweni KaMesiya. (Hez. 21:26, 27) Ingabe uJehova wayeyophinde asebenzelane namaJuda emvelo ngokukhethekile njengesizwe? Cha. Lesi siprofetho sinezela ukuthi ‘abantu bazo zonke izizwe’ babeyohlanganiswa babe “abantu ababizwa ngegama [likaNkulunkulu].” Khumbula, uPetru wayesanda kufakaza ukuthi uNkulunkulu “akenzanga mahluko nhlobo phakathi kwethu [maKristu angamaJuda] nabo [amakholwa angawabeZizwe], kodwa wahlanza izinhliziyo zabo ngokholo.” (IzE. 15:9) Ngamanye amazwi, kuyintando kaNkulunkulu ukuba amaJuda nabeZizwe bangeniswe eMbusweni njengezindlalifa. (Roma 8:17; Efe. 2:17-19) Akukho lapho iziprofetho eziphefumulelwe zisikisela khona ukuthi amakholwa angawabeZizwe kumelwe asokwe enyameni kuqala noma abe ngamaproselithe.

7, 8. (a) UJakobe wasikisela ukuthini? (b) Kufanele siwaqonde kanjani amazwi kaJakobe?

7 Eshukunyiswe yilobo bufakazi obungokomBhalo nobufakazi obunamandla ayebuzwile, uJakobe wasikisela lokhu: “Ngakho isinqumo sami siwukuthi singabakhathazi labo abavela ezizweni abaphendukela kuNkulunkulu, kodwa sibabhalele ngenjongo yokuba badede ezintweni ezingcoliswe izithixo, ekuziphatheni kabi ngokocansi, ezintweni eziklinyiwe nasegazini. Ngoba kusukela ezikhathini zasendulo, bekulokhu kunabantu abashumayela ngoMose idolobha nedolobha, befunda ngokuzwakalayo izincwadi zakhe emasinagogeni ngawo wonke amasabatha.”—IzE. 15:19-21.

8 Lapho uJakobe ethi “ngakho isinqumo sami siwukuthi,” ingabe wayephoqelela igunya lakhe—mhlawumbe njengosihlalo womhlangano—kwabanye abazalwane futhi ezinqumela yena lokho okwakufanele kwenziwe? Lutho neze! Inkulumo yesiGreki ehunyushwe ngokuthi “isinqumo sami siwukuthi” ingaphinde isho ukuthi “ngibona sengathi” noma “ngicabanga ukuthi.” Kunokuba abe nguzwi-lakhe phezu kwayo yonke indikimba, uJakobe wayesikisela ukuba bacabangele inkambo esekelwe ebufakazini ababuzwile nakulokho okushiwo imiBhalo ngale ndaba.

9. Ukusikisela kukaJakobe kwaba naziphi izinzuzo?

9 Ingabe ukusikisela kukaJakobe kwakukuhle? Kuyacaca, ngoba abaphostoli namadoda amadala bakwamukela kamuva. Kwaba naziphi izinzuzo? Lokho okwakusikiselwe kwakungeke ‘kuwakhathaze’ amaKristu angawabeZizwe ngokuwaphoqa ukuba alandele izimfuneko zoMthetho KaMose. (IzE. 15:19) Ngakolunye uhlangothi, lesi sinqumo sasiyobonisa inhlonipho ngonembeza bamaKristu angamaJuda, okwase kuyiminyaka ezwa ‘kufundwa ngokuzwakalayo izincwadi zakhe emasinagogeni ngawo wonke amasabatha.’b (IzE. 15:21) Inkambo eyayisikiselwe yayizosiqinisa nakanjani isibopho phakathi kwamaKristu angamaJuda nangawabeZizwe. Ngaphezu kwakho konke, yayizojabulisa uJehova uNkulunkulu ngoba yayihambisana nenjongo yakhe. Yeka indlela enhle yokuxazulula inkinga eyayisongela ubunye nenhlalakahle yalo lonke ibandla labantu bakaNkulunkulu! Futhi yeka isibonelo esihle kakhulu esibekelwa ibandla lobuKristu namuhla!

U-Albert Schroeder ubeka inkulumo emhlanganweni wezizwe wango-1998

10. INdikimba Ebusayo yanamuhla isilingisa kanjani isibonelo sabafowabo bekhulu lokuqala?

10 Njengoba kuphawuliwe esahlukweni esandulele, njengozakwabo bekhulu lokuqala, iNdikimba Ebusayo yoFakazi BakaJehova namuhla ibheka kuJehova, uMbusi Wendawo Yonke nakuJesu Kristu, iNhloko yebandla, ukuze ithole isiqondiso kuzo zonke izinto.c (1 Kor. 11:3) Ikwenza kanjani lokhu? U-Albert D. Schroeder, owakhonza njengelungu leNdikimba Ebusayo kusukela ngo-1974 kwaze kwaba yilapho eqeda inkambo yakhe yasemhlabeni ngoMashi 2006, wachaza: “INdikimba Ebusayo ihlangana ngoLwesithathu, ivule umhlangano ngomthandazo icele isiqondiso somoya kaJehova. Kwenziwa umzamo wangempela wokubheka ukuthi zonke izindaba okukhulunywa ngazo nazo zonke izinqumo ezenziwayo zivumelana neZwi likaNkulunkulu iBhayibheli.” Ngokufanayo, uMilton G. Henschel, ilungu leNdikimba Ebusayo elingumakad’ ebona elaqeda inkambo yalo yasemhlabeni ngoMashi 2003, wabuza abafundi ababezothweswa iziqu bekilasi le-101 le-Watchtower Bible School of Gilead umbuzo osemqoka. Wathi: “Ingabe ikhona enye inhlangano emhlabeni eNdikimba yayo Ebusayo ihlola iZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli, ngaphambi kokuba yenze izinqumo ezibalulekile?” Impendulo isobala.

‘Kuthunywa Amadoda Akhethiwe’ (IzEnzo 15:22-29)

11. Isinqumo sendikimba ebusayo sadluliselwa kanjani emabandleni?

11 Indikimba ebusayo eJerusalema yayisivumelene ngazwi-linye endabeni yokusoka. Nokho, ukuze abazalwane emabandleni benze ngobunye, leso sinqumo kwakudingeka sidluliselwe kubo ngendlela ecacile, eyakhayo nezobakhuthaza. Kwakungenziwa kanjani lokhu kangcono? Ukulandisa kuyachaza: “Abaphostoli namadoda amadala kanye nalo lonke ibandla, banquma ukuthumela amadoda akhethiwe phakathi kwabo ukuba aye e-Antiyokiya, kanye noPawulu noBarnaba; bathuma uJuda owayebizwa ngokuthi uBarsaba noSila, ababengamadoda aholayo phakathi kwabazalwane.” Ngaphezu kwalokho, kwabhalwa incwadi yayisiphathiswa la madoda ukuze ifundwe kuwo wonke amabandla e-Antiyokiya, eSiriya naseKhilikhiya.—IzE. 15:22-26.

12, 13. Yibuphi ubuhle obafezwa ngokuthumela (a) uJuda noSila? (b) incwadi evela endikimbeni ebusayo?

12 UJuda noSila, ‘njengamadoda aholayo phakathi kwabazalwane,’ babekufanelekela ngokugcwele ukumelela indikimba ebusayo. Ukuthunyelwa kwamadoda amane kwakuzokwenza kucace ukuthi umyalezo ayewulethile wawungeyona nje impendulo yombuzo ababewubuzile kodwa wawuyisiqondiso esiqondile sendikimba ebusayo. Ukuba khona kwalawa ‘madoda akhethiwe’ kwakuzokwakha isibopho esiqinile phakathi kwamaKristu angamaJuda eJerusalema namaKristu angaweZizwe ensimini. Yeka ilungiselelo elihlakaniphile nelothando! Akungabazeki ukuthi lakhuthaza ubunye nokuzwana kubantu bakaNkulunkulu.

INDLELA INDIKIMBA EBUSAYO EHLELWE NGAYO NAMUHLA

NjengamaKristu ekhulu lokuqala, oFakazi BakaJehova namuhla baqondiswa iNdikimba Ebusayo yamadoda azinikezele nagcotshwe ngomoya. INdikimba Ebusayo iba nemihlangano masonto onke njengeqembu. Amalungu ayo ahlelwe aba amakomiti ayisithupha alandelayo futhi ngayinye inomsebenzi ewabelwe okufanele iwenze.

  • IKomiti Yabaxhumanisi iqondisa izindaba zomthetho nokusebenzelana nabezindaba lapho kudingeka kucaciswe kahle izinkolelo zethu. Inikeza usizo lapho kuvela izinhlekelele, ushushiso nezinye izimo eziphuthumayo ezithinta oFakazi BakaJehova nomaphi emhlabeni.

  • IKomiti Yezisebenzi inakekela izidingo ezingokomoya nezingokwenyama zamalungu omndeni waseBethel, akhonza emahhovisi egatsha oFakazi BakaJehova emhlabeni wonke. Ngaphezu kwalokho, le komiti iqondisa nokubizwa kwamalungu amasha engeziwe ukuba azokhonza kula mahhovisi.

  • IKomiti Yokunyathelisa yengamela umsebenzi wokunyathelisa nokuthunyelwa kwezincwadi zeBhayibheli. Iqondisa izindawo zokunyathelisa nezimpahla zezinhlangano ezisetshenziswa oFakazi BakaJehova nokwakhiwa kwezakhiwo zamagatsha kanye namaHholo OMbuso nawoMhlangano. Le komiti yengamela nokusetshenziswa kweminikelo.

  • IKomiti YeNkonzo iqondisa umsebenzi wokushumayela nezindaba ezithinta abadala bebandla, ababonisi besigodi nezikhonzi zesikhathi esigcwele. Iphinde ibize futhi yabele abafundi beSikole SaseGileyadi ngenjongo yokuqinisa umsebenzi owenziwa emhlabeni wonke.

  • IKomiti Yokufundisa ihlela imfundo etholakala emihlanganweni yebandla, emincane nemikhulu nokwenziwa kwezinto ezilalelwayo nezibukelwayo. Ilungiselela izifundo ezizofundwa eSikoleni SaseGileyadi, eSikoleni Senkonzo Samaphayona nakwezinye futhi ihlela nezimiso ezingokomoya zezikhonzi zasemahhovisi egatsha.

  • IKomiti Yokubhala yengamela ukukhiqizwa kokudla okungokomoya okuyiswa emabandleni nasemphakathini. Iphendula nemibuzo yeBhayibheli, iqondise umsebenzi wokuhumusha owenziwa emhlabeni wonke futhi igunyaze ama-drama nezinhlaka zezinkulumo.

INdikimba Ebusayo incike ekuqondisweni umoya ongcwele kaNkulunkulu. Amalungu ayo awazibheki njengabaholi babantu bakaJehova. Kunalokho, njengawo wonke amaKristu agcotshiwe emhlabeni, ‘aqhubeka elandela iWundlu [uJesu Kristu] kungakhathaliseki ukuthi liyaphi.’—IsAm. 14:4.

13 Le ncwadi yanikeza isiqondiso esicacile kumaKristu angawabeZizwe, hhayi nje ngokuphathelene nokusoka kuphela kodwa nangalokho okumelwe akwenze ukuze athole umusa nesibusiso sikaJehova. Ingxenye eyinhloko yayo yayithi: “Ngosizo lomoya ongcwele sikubone kukuhle ukunganezeli omunye umthwalo osindayo kini, ngaphandle kwalezi zinto ezidingekile: ukuba niqhubeke nideda ezintweni ezihlatshelwe izithixo, egazini, ezintweni eziklinyiwe nasekuziphatheni kabi ngokocansi. Uma niqhubeka nideda kulezi zinto niyochuma. Mpilonhle!”—IzE. 15:28, 29.

14. Kwenzeka kanjani ukuba abantu bakaJehova basebenze ngobunye kuleli zwe lanamuhla elinezici ezihlukanisayo?

14 Namuhla, oFakazi BakaJehova abangaphezu kwezigidi ezingu-8 emabandleni angaphezu kuka-100 000 emhlabeni wonke bayavumelana ngezinkolelo futhi basebenza ngobunye. Kwenzeka kanjani lokhu, ikakhulu njengoba zivame kangaka namuhla izinxushunxushu nemibono ehlukanisayo kuleli zwe? Ngokuyinhloko, ubunye bubangelwa isiqondiso esicacile nesingagunci uJesu Kristu, iNhloko yebandla, asinikeza ‘ngenceku ethembekile neqondayo,’ okuyiNdikimba Ebusayo. (Math. 24:45-47) Ubunye bubangelwa nayindlela abazalwane emhlabeni wonke ababambisana ngayo ngokuzithandela nesiqondiso seNdikimba Ebusayo.

‘Bajabula Ngaleso Sikhuthazo’ (IzEnzo 15:30-35)

15, 16. Waba yini umphumela wenkinga yokusoka futhi yini eyabangela lokho?

15 Ukulandisa kwezEnzo kusitshela ukuthi lapho abazalwane ababethunyiwe bevela eJerusalema befika e-Antiyokiya, ‘baqoqela ndawonye lonke iqembu, balinikeza le ncwadi.’ Basabela kanjani abazalwane kuleso siqondiso sendikimba ebusayo? ‘Ngemva kokuyifunda [incwadi], bajabula ngaleso sikhuthazo.’ (IzE. 15:30, 31) Ngaphezu kwalokho, uJuda noSila “bakhuthaza abazalwane ngezinkulumo eziningi, babaqinisa.” Ngalowo mqondo, la madoda amabili ‘ayengabaprofethi,’ njengoba nje uPawulu noBarnaba nabanye babebizwa ngokuthi abaprofethi—igama elibhekisela kulabo ababememezela intando kaNkulunkulu noma bayenze yaziwe.—IzE. 13:1; 15:32; Eks. 7:1, 2.

16 Kuyacaca ukuthi isibusiso sikaJehova sasiphezu kwalo lonke leli lungiselelo futhi saletha isixazululo esijabulisayo. Yini eyabangela ukuba kube nomphumela omuhle? Ngokungangabazeki kwakuyisiqondiso sendikimba ebusayo esicacile nesasifike ngesikhathi, esasisekelwe eZwini likaNkulunkulu nasekuqondiseni komoya ongcwele. Ngaphezu kwalokho, kwakuyindlela yothando neqondile isinqumo esadluliselwa ngayo emabandleni.

17. Ababonisi besigodi osukwini lwethu básibekelwa kanjani isibonelo kwezinye zezici zokuhambela kwabo?

17 Ilandela leso sibonelo, iNdikimba Ebusayo yoFakazi BakaJehova namuhla inikeza isiqondiso esifike ngesikhathi kubazalwane emhlabeni wonke. Lapho izinqumo sezenziwe, zidluliselwa emabandleni ngendlela ecacile neqondile. Enye indlela iwukuhanjelwa ababonisi besigodi. Laba bazalwane abazidelayo bahambela amabandla ahlukahlukene, banikeze isiqondiso esicacile nesikhuthazo esifudumele. NjengoPawulu noBarnaba, bachitha isikhathi esiningi enkonzweni “befundisa futhi bememezela izindaba ezinhle zezwi likaJehova, kanye nabanye abaningi.” (IzE. 15:35) NjengoJuda noSila, bakhuthaza “abazalwane ngezinkulumo eziningi,” babaqinise.

18. Abantu bakaNkulunkulu bangaqiniseka kanjani ukuthi bayaqhubeka bethola isibusiso sikaJehova?

18 Kuthiwani ngamabandla? Yini eyosiza amabandla emhlabeni wonke ukuba aqhubeke ejabulela ukuthula nobunye ezweni lanamuhla elinezici ezihlukanisayo? Khumbula ukuthi kwakungumfundi uJakobe kamuva owabhala: “Ukuhlakanipha kwaphezulu okokuqala kumsulwa, kunokuthula, kuyacabangela, kuyashesha ukulalela . . . Ngaphezu kwalokho, isithelo sokulunga sihlwanyelwa ngaphansi kwezimo ezinokuthula ukuze kuzuze labo abenza ukuthula.” (Jak. 3:17, 18) Asazi ukuthi uJakobe wayebhala la mazwi ecabanga ngomhlangano owawuseJerusalema yini noma cha. Kodwa ngemva kokucabangela izenzakalo ezisesahlukweni 15 sencwadi yezEnzo, asingabazi ukuthi isibusiso sikaJehova siba khona kuphela uma kunobunye nokubambisana.

19, 20. (a) Kwabonakala kanjani ukuthi ukuthula nobunye kwakukhona ebandleni lase-Antiyokiya? (b) Yini manje uPawulu noBarnaba abase bekwazi ukuyenza?

19 Manje kwase kusobala ukuthi sekunokuthula nobunye ebandleni lase-Antiyokiya. Kunokuba baphikisane nabazalwane ababevela eJerusalema, abazalwane base-Antiyokiya bakwazisa ukuhanjelwa uJuda noSila. Umbhalo uthi: “Ngemva kokuchitha isikhathi esithile lapho, abazalwane babahambisa ngokuthula babuyela kulabo ababebathumile,” okungukuthi eJerusalema.d (IzE. 15:33) Singaqiniseka ukuthi abazalwane eJerusalema nabo bajabula lapho bezwa la madoda amabili exoxa ngohambo lwawo. Ngenxa yomusa kaJehova ongafanelwe, umgomo wabo bawufeza ngenjabulo!

20 UPawulu noBarnaba, abasala e-Antiyokiya, manje base bengagxila ekuholeni emsebenzini wokushumayela, njengoba kwenza ababonisi besigodi namuhla lapho behambela amabandla abawanakekelayo. (IzE. 13:2, 3) Yeka isibusiso abayiso kubantu bakaJehova! Nokho, uJehova waqhubeka ebasebenzisa futhi ebabusisa kanjani laba bashumayeli ababili abashisekayo? Sizobona esahlukweni esilandelayo.

Umama nendodakazi basemhlanganweni, babuka uMqulu 2 wencwadi ethi “Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, UMqulu 2”

AmaKristu anamuhla ayazuza emalungiselelweni angokomoya enziwa iNdikimba Ebusayo nabameleli bayo

UJAKOBE—“UMFOWABO WENKOSI”

UJakobe, indodana kaJosefa noMariya, ubalwa abe ngowokuqala kubafowabo bakaJesu ngamzali munye. (Math. 13:54, 55) Kungenzeka-ke ukuthi wayeyingane yesibili kaMariya. UJakobe wakhula noJesu, wabona inkonzo yakhe futhi okungenani wayazi ‘ngemisebenzi yamandla’ kaJesu kungakhathaliseki ukuthi wayibona ngamehlo yini noma cha. Nokho, phakathi nenkonzo kaJesu, uJakobe nabafowabo “eqinisweni, . . . babengenalo ukholo kuye,” umfowabo omdala. (Joh. 7:5) Kungenzeka nokuthi uJakobe wake waba nomuzwa ofana nowezinye zezihlobo zikaJesu, ezathi ngaye: “Useyahlanya.”—Marku 3:21.

UJakobe ufunda umqulu.

Konke lokho kwashintsha ngokufa nokuvuswa kukaJesu. Nakuba kunabanye oJakobe abathathu okukhulunywa ngabo emiBhalweni YesiGreki, cishe kwakunguJakobe umfowabo ngamzali munye uJesu avela kuye ngokuqondile phakathi nezinsuku ezingu-40 ngemva kokuvuswa kwaKhe. (1 Kor. 15:7) Kungenzeka ukuthi lokhu kwaholela uJakobe esiphethweni esifanele ngokuthi wayengubani ngempela umfowabo. Kunoma yikuphi, ezinsukwini ezingaphansi kweziyishumi uJesu enyukele ezulwini, uJakobe, unina nabafowabo babehlangene nabaphostoli ekamelweni eliphezulu ukuze bathandaze.—IzE. 1:13, 14.

Ekugcineni uJakobe waba ilungu elihlonishwa kakhulu lebandla laseJerusalema, kubonakala sengathi wayebhekwa njengomphostoli, noma “othunyiwe,” kulelo bandla. (Gal. 1:18, 19) Ukuvelela kukaJakobe kwabonakala lapho, ngemva kokukhululwa ngokuyisimangaliso kukamphostoli uPetru etilongweni, uPetru etshela abafundi: “Bikelani uJakobe nabafowethu lezi zinto.” (IzE. 12:12, 17) Lapho indaba yokusoka ilethwa phambi ‘kwabaphostoli namadoda amadala’ eJerusalema, kubonakala sengathi uJakobe owayengamele leyo ngxoxo. (IzE. 15:6-21) Umphostoli uPawulu waphawula ukuthi uJakobe, uKhefase (uPetru) kanye nomphostoli uJohane ‘babebonakala beyizinsika’ ebandleni laseJerusalema. (Gal. 2:9) Ngisho nangemva kweminyaka lapho uPawulu ebuyela eJerusalema evela ohambweni lwakhe lwesithathu lwezithunywa zevangeli, wabika kuJakobe “wonke amadoda amadala ayekhona.”—IzE. 21:17-19.

Kusobala ukuthi lo Jakobe, uPawulu ambiza ‘ngomfowabo weNkosi,’ uyena owabhala incwadi yeBhayibheli ebizwa ngegama lakhe. (Gal. 1:19) Kuleyo ncwadi, uJakobe ngokuthobeka akazibizi ngomphostoli noma ngomfowabo kaJesu kodwa uzibiza ‘ngenceku kaNkulunkulu neyeNkosi uJesu Kristu.’ (Jak. 1:1) Incwadi kaJakobe ibonisa ukuthi njengoJesu, uJakobe wayewubukisisa umhlaba nendlela abantu abaziphatha ngayo. Ukuze afanekise amaqiniso angokomoya, uJakobe wabhekisela ezintweni zemvelo, kuhlanganise ulwandle oluqhutshwa umoya, isibhakabhaka esigcwele izinkanyezi, ilanga elishisa bhé, izimbali ezibunile, imililo yequbula nezilwane ezinokuthula. (Jak. 1:6, 11, 17; 3:5, 7) UNkulunkulu wamenza waqonda indlela abantu abacabanga ngayo nabenza ngayo izinto futhi ukuhlakanipha nezeluleko okutholakala encwadini kaJakobe kusisiza sibe nobudlelwane obuhle nabanye.—Jak. 1:19, 20; 3:2, 8-18.

Amazwi kaPawulu akweyoku-1 Korinte 9:5 asikisela ukuthi uJakobe wayeshadile. IBhayibheli alisho ukuthi uJakobe wafa nini noma wafa kwenzenjani. Noma kunjalo, isazimlando esingumJuda uJosephus sabhala ukuthi ngokushesha ngemva kokufa koMbusi WaseRoma uPorkiyu Festu, cishe ngo-62 C.E., ngaphambi kokuba u-Albinus owamlandela athathe izintambo, u-Ananus (u-Ananiya) umpristi ophakeme “wahlanganisa abahluleli beSanhedrini futhi waletha phambi kwabo indoda egama layo nguJakobe, umfowabo kaJesu owayebizwa ngoKristu nabanye abathile.” Ngokusho kukaJosephus, u-Ananus “wabasola ngokweqa umthetho futhi wayesethi abakhandwe ngamatshe.”

a Bheka ibhokisi elithi “UJakobe—‘Umfowabo WeNkosi,’” ekhasini 112.

b Ngokuhlakanipha, uJakobe wabhekisela emibhalweni kaMose eyayingahlanganisi nje kuphela isimiso soMthetho kodwa nomlando wemisebenzi kaNkulunkulu nokubonakaliswa kwentando yaKhe ngaphambi koMthetho. Ngokwesibonelo, umbono kaNkulunkulu ngegazi, ubufebe nokukhonza izithombe ubonakala ngokucacile kuGenesise. (Gen. 9:3, 4; 20:2-9; 35:2, 4) Ngakho uJehova wembula izimiso ezisebenza kuwo wonke umuntu, kungakhathaliseki ukuthi ungumJuda noma ungoweZizwe.

c Bheka ibhokisi elithi “Indlela INdikimba Ebusayo Ehlelwe Ngayo Namuhla,” ekhasini 110.

d Evesini 34, ezinye izinguqulo zeBhayibheli zifake amagama abonisa ukuthi uSila wakhetha ukusala e-Antiyokiya. (IBhayibheli lesiZulu elivamile) Nokho, kubonakala sengathi lawo magama afakelwa kamuva.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela