Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • yp2 k. 227
  • Isibonelo Esihle—UPawulu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Isibonelo Esihle—UPawulu
  • Intsha Iyabuza Izimpendulo Ezisebenzayo—Umqulu 2
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Imibuzo Evela Kubafundi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka (Efundwayo)—2021
  • Imibuzo Evela Kubafundi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • Ingabe UJesuWafela Mina Ngempela?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2019 (Efundwayo)
  • AbaseRoma Bathola Izindaba Ezinhle Kunazo Zonke
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
Bheka Okunye
Intsha Iyabuza Izimpendulo Ezisebenzayo—Umqulu 2
yp2 k. 227

Isibonelo Esihle—UPawulu

Umphostoli uPawulu uyazi kahle imizwa yakhe. Ngobuqotho uyavuma: “Lapho ngifisa ukwenza okuhle, kukhona okubi kimi.” UPawulu ungumuntu olungile. Uyabhala: “Ngiyajabula ngempela ngomthetho kaNkulunkulu ngokomuntu enginguye ngaphakathi.” Pho, inkinga iyini? UPawulu uthi: “Ngibona . . . omunye umthetho olwa nomthetho wengqondo yami futhi ongithumbela emthethweni wesono osemalungwini ami.” Amaphutha kaPawulu awamthokozisi. Uyababaza: “Yeka mina muntu wosizi!”—Roma 7:21-24.

Ingabe amaphutha akho akubangela usizi? Uma kunjalo, khumbula ukuthi ngisho noPawulu wayezizwa ngaleyo ndlela ngezinye izikhathi. Kodwa uPawulu wayazi nokuthi uKristu wafela abantu abanjengaye, okwamenza wababaza: “Makabongwe uNkulunkulu ngoJesu Kristu iNkosi yethu!” (Roma 7:25) UPawulu wayebheka isihlengo njengesipho somuntu siqu. Wabhala: ‘INdodana kaNkulunkulu yangithanda futhi yazinikela ngenxa yami.’ (Galathiya 2:20) Lapho uzizwa udangele, zindla ngesihlengo. Futhi uma amaphutha akho ekudikibalisa, ungalokothi ukhohlwe ukuthi uKristu wafela izoni, hhayi abantu abaphelele.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela