ISAHLUKO 25
Ngingajabula Yini Emkhayeni Onomzali Ongayedwa?
“Izingane ezinabazali ababili zingaba namakamelo azo futhi zithenge izingubo ezintsha. Kodwa mina anginalo ikamelo elithi mina; futhi kuyaqabukela ngithole izingubo engizithandayo. Umama uthi akanayo imali. Ngizizwa njengesisebenzi njengoba kufanele ngenze yonke imisebenzi yasendlini lapho yena esemsebenzini—kuba njengokungathi ngiphucwe ithuba lokuba ingane.”—UShalonda, oneminyaka engu-13.
AKUNGABAZEKI ukuthi liyafiseleka ikhaya elinabazali ababili abanothando. Uma ubaba nomama bendawonye ngokuvamile bayakwazi ukunikeza iseluleko, isivikelo nokusekela okuthé xaxa. IBhayibheli lithi: “Ababili bangcono kunoyedwa ngoba bangasebenza ndawonye ngokuphumelelayo.”—UmShumayeli 4:9, Today’s English Version.
Noma kunjalo, imikhaya enabazali ababili isengozini yokuba igcine ingasekho. Ngokwesibonelo, izingane ezingaphezu kwesigamu e-United States ziyohlala isikhathi esithile nomzali ongayedwa ngaphambi kokuba zibe neminyaka engu-18.
Naphezu kwalokho, enye intsha ehlala emkhayeni onomzali ongayedwa izizwa inamahloni ngesimo sayo. Enye izizwa isindwa izingcindezi nezinkinga enqwamana nazo ekuphileni. Uma uhlala ekhaya elinomzali ongayedwa, yiziphi izingcindezi obhekana nazo? Emgqeni ongezansi, bhala inkinga ekukhathaza kakhulu.
․․․․․
Ngenxa yokuthi uthola uthando nokunakekelwa umzali oyedwa, ingabe kusho ukuthi ngeke usajabula ekuphileni? Lutho neze! Okuningi kuxhomeke endleleni osibheka ngayo isimo. IzAga 15:15 zithi: “Zonke izinsuku zohluphekile zimbi; kodwa onenhliziyo enhle unedili njalo.” Njengoba lesi saga sibonisa, indlela umuntu azizwa ngayo ngokuvamile ixhomeke esimweni sakhe sengqondo kunasezimweni abhekene nazo. Yini ongayenza ukuze uhlakulele ‘inhliziyo enhle’ naphezu kwezimo okuzo?
Yilwa Nemicabango Emibi
Okokuqala, zama ukungazivumeli izinto ezimbi ezishiwo abanye ziveze ububi kuwe. Ngokwesibonelo, abanye othisha baye babonisa ukungabi naluzwela okukhulu kubafundi abanomzali oyedwa. Abanye baye bazitshela ukuthi noma yikuphi ukuganga kwalezi zingane kubangelwa yisimo sasekhaya esingesihle. Kodwa zibuze: ‘Ingabe abantu abasho lezi zinto bayangazi ngempela mina nomkhaya wakithi? Noma ingabe bamane baphinda abakuzwile ngemikhaya enomzali oyedwa?’
Kuyaphawuleka ukuthi inkulumo ethi “intandane” ivela kaningi emiBhalweni. Akukho lapho leli gama lisetshenziswa khona ngendlela ejivazayo. Empeleni, cishe kuzo zonke izindawo elivela kuzo, uJehova ubonisa ukuthi uzikhathalela ngokukhethekile izingane ezikhuliswa abazali abangabodwa.a
Ngakolunye uhlangothi, abanye abantu abangahlose bubi bangase babe nozwela ngokweqile lapho bekhuluma nawe. Ngokwesibonelo, bangase bangathandisisi ukusebenzisa amagama anjengokuthi “baba,” “umshado,” “isehlukaniso,” noma “ukufa,” besaba ukuthi amagama anjalo angase akuphathe kabi noma akwenze ube namahloni. Ingabe kuyakucasula lokho? Uma kunjalo, babonise ngesu ukuthi asikho isidingo sokuba bakhathazeke. UTony, oneminyaka engu-14, akamazi uyise wangempela. Uthi abanye abantu bayangingiza uma kufanele babize amagama athile. Kodwa uTony uvele awabize lawo magama lapho ekhuluma nabo. Uthi, “Ngifuna bazi ukuthi anginamahloni ngesimo engikuso.”
Gwema Ukuthi, “Ukube Nje”
Kuyavunywa, kungokwemvelo ukudabuka kanye nokuba nomuzwa wokulahlekelwa uma abazali behlukanisile noma kushone umzali omthandayo. Noma kunjalo, ekugcineni kuyodingeka usamukele isimo. IBhayibheli linika lesi seluleko: “Ungasho ukuthi: ‘Kungani izinsuku zangaphambili ziye zaba ngcono kunalezi?’” (UmShumayeli 7:10) Mayelana nalokhu, uSarah oneminyaka engu-13, obazali bakhe bahlukanisa lapho eneminyaka eyishumi, uthi: “Musa ukubalisa ngesimo okuso, ulokhu uthi “ukube nje,” noma ube nomuzwa wokuthi izinkinga onazo zibangelwa ukuba semkhayeni onomzali oyedwa, noma ukuthi izingane ezinabazali ababili ziphila ntofontofo.” Yiseluleko esihle lesi. Phela, ngisho nemikhaya “efiselekayo” inazo izinkinga.
Kungani ungacabangi ngomkhaya wakini njengoyisikebhe esinabagwedli? Ngaphansi kwezimo ezikahle, isikebhe siba nenani eliphelele labagwedli. Ekhaya elinomzali ongayedwa, kunomgwedli ongekho futhi abagwedli abasele kufanele basebenze kanzinyana. Ingabe lokhu kusho ukuthi lo mkhaya ngeke uphumelele? Cha! Uma nje abagwedli abasele bebambisene, isikebhe siyohamba size sifike lapho siya khona.
Ingabe Uyayifeza INGXENYE Yakho?
Yini ongayenza ukuze uqiniseke ukuthi wena, nawo wonke umkhaya wakini niyayifeza ingxenye yenu? Cabangela ukusikisela okuthathu okulandelayo:
Funda ukonga. Imali iyinkinga enkulu emikhayeni eminingi enomzali oyedwa. Yini ongayenza ukuze usize? UTony okukhulunywe ngaye ngaphambili, uthi: “Izingane engifunda nazo ziphoqa abazali bazo ukuba bazithengele amateki nezingubo ezisefeshinini. Ziyenqaba ukuya esikoleni uma zingenazo. Anginazo izingubo ezisefeshinini, kodwa ngiyazithanda futhi ngihlanzekile, ngiziphatha kahle lezi enginazo. Umama wenza konke okusemandleni akhe; angifuni ukumthwesa ubunzima.” Ngomzamo omncane nje, ungalingisa umphostoli uPawulu, owathi: “Ngiye ngafunda ukwaneliseka ngenginakho . . . , ukuze kuthi noma kuphi, noma nini, nganeliswe.”—Filipi 4:11, 12, TEV.
Enye indlela yokonga iwukugwema ukusaphaza. (Johane 6:12) URodney osemusha uthi: “Ekhaya, ngizama ukuqikelela ukuthi angiphuli lutho futhi angilahli lutho ngoba kuyabiza ukulungisa izinto noma ukuzithenga. Ngizama ukucisha izinto zikagesi noma izibani esingazisebenzisi. Kuyasiza ekunciphiseni izindleko zikagesi.”
Thatha isinyathelo. Abazali abaningi abangabodwa bayesaba ukubeka imithetho yasekhaya noma ukucela abantababo ukuba basize ngemisebenzi yasendlini. Kungani? Abanye banomuzwa wokuthi kudingeka bavale isikhala somzali ongekho ngokuthi benze ukuphila kwezingane zabo kube lula. Bangase bathi, ‘Angifuni izingane zami zincisheke injabulo.’
Ungase ulingeke ukuba usizakale ngemizwa yecala yomzali wakho. Kodwa ukwenza kanjalo kuyomane kwenezele emthwalweni womzali wakho, kunokuba kuwunciphise. Kunalokho, kungani ungamsizi engakucelanga? Cabanga ngalokho uTony ayezimisele ukukwenza. Uthi: “Umama usebenza esibhedlela futhi iyunifomu yakhe idinga uku-ayinwa. Ngakho ngiyam-ayinela.” Akuwona yini umsebenzi wabesifazane lowo? UTony uyaphendula: “Abanye bacabanga kanjalo. Kodwa kuyamsiza umama, ngakho ngiyakwenza.”
Bonisa ukwazisa. Ngaphandle kokumsiza ngokoqobo, ungenza lukhulu ukuze umkhuthaze ngokumane ubonise ukwazisa. Omunye umzali ongayedwa wabhala: “Ngivame ukuthola ukuthi mhla ngiphansi ngempela noma ngicasulwe usuku obelunzima emsebenzini, ngithi uma ngifika ekhaya—ngithole ukuthi yilo kanye usuku indodakazi yami ekhethe ukuba ideke itafula futhi yapheka nokudla kwakusihlwa.” Uyanezela: “Indodana yami iyangigaxa bese iyanganga.” Zimthinta kanjani lezi zenzo zokucabangela? Uthi: “Ngivele ngizizwe sengingcono.”
Bhala lapha ukuthi yimaphi kula maphuzu amathathu angenhla okufanele usebenzele kuwo kakhudlwana. ․․․․․
Ukuhlala emkhayeni onomzali oyedwa kukunikeza ithuba lokuthuthukisa izimfanelo ezinjengozwela, ukungabi nabugovu nokuzimela. Ngaphezu kwalokho, uJesu wathi: “Kukhona injabulo eyengeziwe ekupheni kunasekwamukeleni.” (IzEnzo 20:35) Futhi uyothola injabulo enkulu uma uzinikela ekusizeni umzali wakho ongayedwa.
Yiqiniso, ngezikhathi ezithile uyofisa sengathi ubunomzali wesibili ekhaya. Kepha ungafunda ukwenza ukuphila kube mnandi naphezu kwesimo obhekene naso. Yilokho okwatholwa yintombazane okuthiwa uNia. Ithi: “Ngemva kokushona kukababa, othile wangitshela ukuthi, ‘ukuphila kwakho kuyilokho okwenza kube yikho,’ futhi lawo mazwi ahlala engqondweni yami. Angikhumbuza ukuthi akudingeki ngibe isisulu sezimo engibhekana nazo.” Nawe ungenza okufanayo. Khumbula, akuzona izimo obhekene nazo okufanele zinqume ukuthi uyajabula yini noma cha. Yindlela ozibheka ngayo—nalokho okwenzayo ngazo.
FUNDA OKWENGEZIWE NGALESI SIHLOKO EMQULWINI 1, ISAHLUKO 4
[Umbhalo waphansi]
a Ngokwesibonelo, bheka uDuteronomi 24:19-21 neHubo 68:5.
UMBHALO OYINHLOKO
“Ningakhathaleli nje kuphela izindaba zenu siqu, kodwa futhi nikhathalele nezabanye.”—Filipi 2:4.
ICEBISO
Uma unomuzwa wokuthi imithwalo yakho yemfanelo isingaphezu kwama-ndla akho, ngokuhlakanipha sikisela kumzali wakho ukuba azame lokhu okulandelayo:
● Yenza uhlu olubonisa yonke imisebenzi okufanele yenziwe ilungu ngalinye lomkhaya.
● Uma kudingeka, eminye imisebenzi yabele amanye amalungu omkhaya azokwazi ukuyenza.
UBUWAZI . . . ?
Ukwamukela imithwalo yemfanelo ekhaya kungakusiza ukuba usheshe uvuthwe kunentsha esemikhayeni enabazali ababili, ngokuvamile engenayo imithwalo yemfanelo eminingi.
ENGIZOKWENZA!
Ngizokulwa nemicabango yami emibi ngoku- ․․․․․
Uma abantu bengizwela ngokweqile lapho benami, ngizothi ․․․․․
Engingathanda ukukubuza umzali (abazali) wami ngale ndaba ․․․․․
UCABANGANI?
● Kungani abanye abantu bezicwasa izingane ezinomzali ongayedwa?
● Kungani umzali wakho engase abe madolonzima ukukucela ukuba umsize ngemisebenzi yasendlini?
● Ungakubonisa kanjani ukwazisa ngomzali wakho?
[Amazwi ahambisana nesithombe esisekhasini 211]
‘‘Kusukela abazali bami bahlukana, mina nomama sesikwazi ukuxoxa ngempela; sesingamathe nolimi.”—UMelanie
[Isithombe ekhasini 210, 211]
Umkhaya onomzali ongayedwa ufana nesikebhe esinabagwedli abangaphelele—abagwedli abasele kuzodingeka basebenze kanzinyana, kodwa bangaphumelela uma bebambisana