INGXENYE 5
Izindaba Zemali
Ibaluleke kangakanani imali enjabulweni yakho?
□ Ayibalulekile
□ Inokubaluleka okuthile
□ Ibaluleke kakhulu
Ukhuluma kangaki ngemali noma ngezinto engazithenga?
□ Angivamile
□ Ngezikhathi ezithile
□ Njalo nje
Cishe njengoba abazali bakho beye bakutshela izikhathi eziningi, imali ayicoshwa phansi. Baqinisile. Yingakho kubalulekile ukuba uyisebenzise ngokucophelela. Nakuba imali ifeza injongo ebalulekile, ingabangela ukucindezeleka, ilimaze ubungane futhi iqede ubuhlobo bakho noNkulunkulu. Yiqiniso, isimo sakho sengqondo ngemali singaba nethonya elikhulu kuwe. Izahluko 18-20 zizokubonisa indlela yokuba nombono olinganiselayo.
[Isithombe esigcwele ikhasi ekhasini 148, 149]