Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • bh k. 199-k. 201 isig. 4
  • UJesu Kristu—UMesiya Othenjisiwe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • UJesu Kristu—UMesiya Othenjisiwe
  • Lifundisani Ngempela IBhayibheli?
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe Iziprofetho Ezabikezelwa NgoMesiya Zifakazela Ukuthi UJesu WayenguMesiya?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Ukubikezela NgoMesiya
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
  • Balinda Ukufika KukaMesiya
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • UJesu Kristu—Isihluthulelo Solwazi NgoNkulunkulu
    Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade
Bheka Okunye
Lifundisani Ngempela IBhayibheli?
bh k. 199-k. 201 isig. 4

ISITHASISELO

UJesu Kristu—UMesiya Othenjisiwe

UKUZE asisize sibone ukuthi uMesiya ungubani, uJehova uNkulunkulu waphefumulela abaprofethi beBhayibheli abaningi ukuba banikeze imininingwane ngokuzalwa, ngenkonzo, kanye nokufa kwalo Mkhululi othenjisiwe. Zonke lezi ziprofetho zeBhayibheli zagcwaliseka kuJesu Kristu. Zinembile futhi ziningiliza ngendlela emangalisayo. Ukuze sibonise lokhu, ake sifunde ngeziprofetho ezimbalwa ezabikezela izenzakalo eziphathelene nokuzalwa nokukhula kukaMesiya.

Umprofethi u-Isaya wabikezela ukuthi uMesiya wayeyoba inzalo yeNkosi uDavide. (Isaya 9:7) Ngempela uJesu wazalwa ohlwini lozalo lukaDavide.—Mathewu 1:1, 6-17.

UMika, omunye umprofethi kaNkulunkulu, wabikezela ukuthi lo mntwana ekugcineni wayezoba umbusi nokuthi wayeyozalelwa ‘eBhetlehema-Efratha.’ (Mika 5:2) Ngenkathi kuzalwa uJesu, kwakunemizi emibili kwa-Israyeli eyayibizwa ngokuthi iBhetlehema. Omunye wawuseduze kwaseNazaretha esifundeni esisenyakatho yezwe, omunye useduze neJerusalema kwaJuda. IBhetlehema eseduze kwaseJerusalema ngaphambili yayibizwa ngokuthi i-Efratha. UJesu wazalelwa kulo muzi, njengoba nje isiprofetho sasibikezele!—Mathewu 2:1.

Esinye isiprofetho seBhayibheli sabikezela ukuthi iNdodana kaNkulunkulu ‘yayiyobizwa iphume eGibhithe.’ Umntwana onguJesu wayiswa eGibhithe. Wabuyiswa ngemva kokufa kukaHerode, ngaleyo ndlela kwagcwaliseka isiprofetho.—Hoseya 11:1; Mathewu 2:15.

Eshadini elisekhasini 200, imibhalo engaphansi kwesihloko esithi “Isiprofetho” inemininingwane mayelana noMesiya. Siza uqhathanise le mibhalo kanye naleyo engaphansi kwesihloko esithi “Ukugcwaliseka.” Ukwenza kanjalo kuyoluqinisa ngokwengeziwe ukholo lwakho ekutheni iZwi likaNkulunkulu liyiqiniso.

Njengoba uhlola le miBhalo, khumbula ukuthi leyo eyisiprofetho yabhalwa kusasele amakhulu eminyaka ngaphambi kokuzalwa kukaJesu. UJesu wathi: “Zonke izinto ezilotshwe ngami emthethweni kaMose nakubaProfethi nakumaHubo kumelwe zigcwaliseke.” (Luka 24:44) Njengoba ungazibonela eBhayibhelini lakho, zagcwaliseka isibili—konke okwakubikezelwe!

IZIPROFETHO EZIMAYELANA NOMESIYA

ISENZAKALO ISIPROFETHO

UKUGCWALISEKA

Uyozalwa esizweni sakwaJuda

Genesise 49:10

Luka 3:23-33

Uyozalwa intombi

Isaya 7:14

Mathewu 1:18-25

Uyovela ozalweni lweNkosi uDavide

Isaya 9:7

Mathewu 1:1, 6-17

UJehova uyombiza ngeNdodana yakhe

IHubo 2:7

Mathewu 3:17

Ngeke bamkholwe

Isaya 53:1

Johane 12:37, 38

Uyongena eJerusalema egibele imbongolo

Zakariya 9:9

Mathewu 21:1-9

Uyokhashelwa umngane wakhe oseduze

IHubo 41:9

Johane 13:18, 21-30

Uyokhashelwa ngezinhlamvu zesiliva ezingu-30

Zakariya 11:12

Mathewu 26:14-16

Uyothula phambi kwabamsolayo

Isaya 53:7

Mathewu 27:11-14

Bayokwenza inkatho ngezingubo zakhe

IHubo 22:18

Mathewu 27:35

Bayomedelela esigxotsheni

IHubo 22:7, 8

Mathewu 27:39-43

Amathambo akhe ngeke aphulwe

IHubo 34:20

Johane 19:33, 36

Uyongcwatshwa nezicebi

Isaya 53:9

Mathewu 27:57-60

Uyovuswa engakaboli

IHubo 16:10

IzEnzo 2:24, 27

Uyophakanyiselwa esandleni sokunene sikaNkulunkulu

IHubo 110:1

IzEnzo 7:56

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela