‘Abanakanga’
UKUZIBA izixwayiso kungadala inhlekelele.
Idolobha laseDarwin, e-Australia, laliphezu kokulungiselela imikhosi yamaholide ngo-1974 lapho kuhlatshwa umkhosi wokuthi kukhona isishingishane esizayo. Kodwa kwase kuphele iminyaka engu-30 isishingishane singahlaseli eDarwin. Sase sizohlaselelani-ke manje? Izakhamuzi eziningi aziyishayanga mkhuba le ngozi kwaze kwaba yilapho kufika umoya omkhulu uphephula uphahla udiliza nezindlu abantu abase beqoqene kuzo. Ngakusasa ekuseni, yayisiphelile indaba yaleli dolobha.
EColombia ngo-November 1985 kwaqhuma intaba-mlilo. Iqhwa elalincibilika lenza kwaba nodaka olugelezayo olwagqiba izakhamuzi zedolobha lase-Armero ezingaphezu kuka-20 000. Zazingaxwayiswanga yini kusengaphambili? Kwase kuyizinyanga le ntaba indindizela. Nokho, ngenxa yokuthi base bekujwayele ukuhlala eduze kwentaba-mlilo, abantu abaningi e-Armero babengazi nokuthi lidumephi. Iziphathimandla zaxwayiswa ukuthi ingozi ingagadla noma nini, kodwa azizange zizihluphe ngokuxwayisa umphakathi. Zenza izimemezelo emsakazweni zokumisa abantu isibindi. Kwakumenyezwa ngemibhobho yasemasontweni kuthiwa abantu abehlise umoya. Kwathi ebusuku, yaqhuma kakhulu izihlandla ezimbili. Wena wawuyozishiya yini izimpahla zakho ubaleke? Bambalwa abantu abazama ukwenza kanjalo kwaze kwaba yilapho sekwephuze kakhulu.
Ngokuvamile izazi zokuma komhlaba zibikezela ngokunembile impela ukuthi ukuzamazama komhlaba kuzokwenzeka kuphi. Kodwa azivamile ukubikezela ukuthi kuzokwenzeka nini ngempela. Ngo-1999, ukuzamazama komhlaba kwabulala abantu ababalelwa ku-20 000 emhlabeni jikelele. Abaningi balabo abafa babecabange ukuthi awusoze wazamazama lapho behlala khona.
Usabela Kanjani Ezixwayisweni Ezivela KuNkulunkulu Uqobo Lwakhe?
IBhayibheli kade lazichaza ngokucacile izenzakalo eziwuphawu lwezinsuku zokugcina. Ngokuvumelana nalokho, lisinxusa ukuba sicabange ‘ngezinsuku zikaNowa.’ “Ngalezo zinsuku zangaphambi kukazamcolo,” abantu babematasa ngemisebenzi evamile yokuphila, yize ngokungangabazeki babekhathazeka ngokwanda kobudlova. Isixwayiso uNkulunkulu asikhipha ngenceku yakhe uNowa, ‘abasinakanga kwaze kwafika uzamcolo wabakhukhula bonke.’ (Mathewu 24:37-39) Wena wawuyosilalela yini isixwayiso? Uyasilalela yini manje?
Kuthiwani ukube wawuhlala eSodoma, eduze noLwandle Olufile, ngezinsuku zendoda okwakuthiwa uLoti, umshana ka-Abrahama? Indawo yakhona yayinjengepharadesi. Idolobha lalichuma. Abantu babenethezekile. Ezinsukwini zikaLoti, “babedla, bephuza, bethenga, bethengisa, betshala, bakha.” Umphakathi wawungenaso nhlobo isimilo. Wena wawuyosilalela yini isixwayiso lapho uLoti ethi akuyekwe imikhuba emibi? Wawuyolalela yini lapho ekutshela ukuthi uNkulunkulu uzimisele ukubhubhisa umuzi waseSodoma? Noma nawe wawuyocabanga ukuthi uyantela, njengabakhwenyana bakhe? Kungenzeka yini ukuthi wawuyoqala ukubaleka kodwa bese ubheka emuva, njengomkaLoti? Yize abanye bengazange basishaye mkhuba lesi sixwayiso, ngosuku uLoti aphuma ngalo eSodoma, “kwana umlilo nesibabule kuvela ezulwini kwababhubhisa bonke.”—Luka 17:28, 29.
Abaningi osukwini lwethu abanaki. Kodwa lezi zibonelo zigcinwe eZwini likaNkulunkulu ukuze zixwayise thina, zisikhuthaze ukuba SIHLALE SILINDILE!
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 22]
Ingabe Waba Khona Ngempela Uzamcolo Womhlaba Wonke?
Abagxeki abaningi bathi Cha. Kodwa iBhayibheli lithi Yebo.
UJesu Kristu uqobo lwakhe wakhuluma ngawo, futhi wayephila ngesikhathi wenzeka, ebuka esezulwini.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 23]
Ingabe ISodoma NeGomora Labhujiswa Ngempela?
Imivubukulo iyakufakazela lokhu.
Umlando wezwe uyakhuluma ngako.
UJesu Kristu wavuma ukuthi lesi senzakalo siyiqiniso, futhi lokho okwenzeka kuyakhulunywa ngako ezincwadini zeBhayibheli ezingu-14 ezihlukahlukene.