Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • kp kk. 3-5
  • Liphikelelephi Leli Zwe?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Liphikelelephi Leli Zwe?
  • Hlalani Nilindile!
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukubhujiswa Kwezwe Okwabikezelwa Kuyofika Nini?
    Ukuthula Kweqiniso Nokulondeka—Ungakuthola Kanjani?
  • Abantu Bangakuletha Yini Ukuthula Nokulondeka Okungapheli?
    Ukuthula Kweqiniso Nokulondeka—Ungakuthola Kanjani?
  • Kungenzeka Yini Ukuthi Isiphelo Sezwe Siseduze?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
  • Isiprofetho SeBhayibheli Oye Wasibona Sigcwaliseka
    IBhayibheli—Izwi LikaNkulunkulu Noma Elomuntu?
Bheka Okunye
Hlalani Nilindile!
kp kk. 3-5

Liphikelelephi Leli Zwe?

Izinkinga ezibucayi nezenzakalo ezishaqisayo seziyinsakavukela emhlabeni jikelele! Zisho ukuthini?

UKULONDEKA KWAKHO SIQU: Kuqhuma amabhomu ezimakethe. Othisha nezingane bayadutshulwa esikoleni. Kuntshontshwa izinsana ngesikhathi abazali besabheke lé. Omame namadoda asekhulile bagetshengwa emini bebade.

KWEZENKOLO: Amasonto asekela amaqembu alwayo. Abefundisi babekwa amacala okubulala abantu ngobuningi. Abapristi banukubeza izingane ngokobulili; amasonto bese eyathalalisa. Bayancipha abaya emasontweni; amasonto ayadayiswa.

INDAWO ESIPHILA KUYO: Amahlathi ayaphundlwa ukuze kutholakale imali. Abampofu bagawula imithi befuna izinkuni. Amanzi asemhlabathini ayangcoliswa, awakulungele ukuphuzwa. Udoti ophuma ezimbonini kanye nezindlela ezithile zokudoba zesimanje kuphazamisa umsebenzi wokudoba. Umoya ongcolile uyasigulisa.

INDLELA YOKUZIPHILISA: Kubikwa ukuthi abantu base-Afrika eseningizimu yeSahara bathola imali engaba amaRandi angu-3 500 ngonyaka. Ubugovu bezikhulu zamabhizinisi buwisa amabhizinisi, bese izinkulungwane zabantu zisale zingasebenzi. Ukukhwabanisa kulahlekisela abantu imali abebeziqongelele yona ukuphila kwabo konke.

UKUNTULEKA KOKUDLA: Abantu ababalelwa ku-800- 000 000 emhlabeni balala bengadlile zonke izinsuku.

IMPI: Abantu abangaphezu kuka-100 000 000 bafa ngenxa yempi phakathi nekhulu lama-20. Kunezikhali zenuzi ezanele ukuba zibulale bonke abantu ngokuphindwe izikhathi eziningi. Kunezimpi zombango. Ubuphekula sebuthé chithi saka.

IZIFO EZIWUMSHAYABHUQE NEZINYE: Kusukela ngo-1918, umkhuhlane waseSpain wabulala abantu abangu-21 000 000. Ingculaza iyona “esiwumqedazwe emlandweni wesintu.” Isifo somdlavuza nesenhliziyo ziletha usizi kuwo wonke umhlaba.

Bheka ngalé kwezindaba ozizwa ngaleso sikhathi. Ingabe azihlobene nalutho? Noma ziyingxenye yezimpawu zembulunga yonke ezisho okuthile?

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 5]

Ingabe UNkulunkulu Uyasikhathalela Ngempela?

Becindezelwe izigigaba ezishaqisayo noma ukulahlekelwa othile noma okuthile, abantu abaningi bayazibuza ukuthi kungani uNkulunkulu engangeneli ukuze azivimbe lezi zinto.

UNkulunkulu yena uyasikhathalela. Kwamanje usinikeza isiqondiso esingasethemba nempumuzo yangempela. (Mathewu 11:28-30; 2 Thimothewu 3:16, 17) Ubeke isisekelo sokuqeda ubudlova, ukugula, nokufa kungaphinde kube khona. Amalungiselelo akhe abonisa ukuthi akakhathaleli nje kuphela abantu besizwe esisodwa kodwa ukhathalela abantu bazo zonke izizwe, izinhlanga, nezilimi.—IzEnzo 10:34, 35.

Thina simkhathalela kangakanani? Ingabe uyazi ukuthi ubani uMdali wezulu nomhlaba? Igama lakhe lingubani? Iyini injongo yakhe? Uyayiphendula le mibuzo eBhayibhelini. Uyasitshela kulo ukuthi yini ayenzayo ukuze aqede ubudlova kanye nokugula nokufa. Ukuze sizuze, yini edingekile kithina? Kudingeka sifunde ngaye nangenjongo yakhe. Singalindela kanjani ukuzuza emalungiselelweni akhe uma singenalo ukholo kuye? (Johane 3:16; Hebheru 11:6) Kuyadingeka nokulalela izimfuneko zakhe. (1 Johane 5:3) Ingabe wena umkhathalela ngokwanele ukuba ukwenze lokho?

Ukuze siqonde izizathu zokuba uNkulunkulu avumele lezi zimo ezikhona manje, kumelwe siqonde impikiswano ebalulekile. IBhayibheli liyayichaza. Ekhasini 15 kule ncwadi, kukhulunywa ngale mpikiswano.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela