Qhubeka Uthuthuka
INGABE ususebenzelile kuwo wonke amaphuzu eseluleko akulesi simiso sesikole? Uzenzile zonke izivivinyo ezisikiselwe? Lapho unikeza izinkulumo, uyalisebenzisa yini iphuzu ngalinye, kungaba sesikoleni noma kweminye imihlangano, nalapho usenkonzweni yasensimini?
Qhubeka uzuza emfundweni yeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini. Kungakhathaliseki ukuthi kukangaki unikeza izinkulumo, kunezici osengathuthuka kuzo.