ISIFUNDO 19
Ukusetshenziswa KweBhayibheli Kukhuthaziwe
ISIFISO sethu siwukudonsela bonke abantu eZwini likaNkulunkulu, iBhayibheli. Le ncwadi engcwele iyisisekelo sesigijimi esisishumayelayo, futhi sifuna ukuba abantu babone ukuthi esikushoyo akusuki kithi, kodwa kuvela kuNkulunkulu. Abantu kudingeka bafunde ukulethemba iBhayibheli.
Enkonzweni Yasensimini. Lapho ulungiselela inkonzo yasensimini, njalo nje khetha umbhalo owodwa noma ngaphezulu ongayihlanganyela nabantu abathanda ukulalela. Ngisho noma uhlela ukunikeza intshumayelo emfushane yokuhambisa incwadi yeBhayibheli, ngokuvamile kuyasiza ukufunda umbhalo weBhayibheli ofanelekayo. IBhayibheli linamandla amakhulu okuqondisa abantu abanjengezimvu kunanoma yini thina esingase siyisho. Uma kungenakwenzeka ukulifunda ngokoqobo iBhayibheli, ungase ulicaphune. Ekhulwini lokuqala leminyaka, amakhophi emiqulu yemiBhalo ayeyindlala. Noma kunjalo, uJesu nabafundi bakhe bayicaphuna kaningi imiBhalo. Nathi kumelwe senze umzamo wokuyibamba ngekhanda imibhalo bese siyisebenzisa ngendlela efanele enkonzweni yethu, ngezinye izikhathi simane nje siyicaphune.
Uma livela ithuba lokufunda iBhayibheli, libambe ngendlela yokuthi umninikhaya akwazi ukufunda nawe njengoba ufunda. Uma umninikhaya naye efunda kwelakhe iBhayibheli, ukusabela kwakhe kulokho akufundayo kungase kube kuhle nakakhulu.
Nokho, kumelwe uqaphele ukuthi abanye abahumushi beBhayibheli baye bazenzela umathanda ngeZwi likaNkulunkulu. Ukuhumusha kwabo kungase kungavumelani ngazo zonke izindlela nalokho okusezilimini zeBhayibheli zokuqala. Izinguqulo eziningi zanamuhla zilisusile igama likaNkulunkulu, zasonta okushiwo imibhalo yezilimi zokuqala ngesimo sabafileyo, futhi zafihla okushiwo iBhayibheli ngenjongo kaNkulunkulu ngomhlaba. Ukuze umbonise umuntu lokho, kungase kudingeke uqhathanise imibhalo eyinhloko emaBhayibhelini ahlukahlukene noma ezinguqulweni zokuqala zolimi olufanayo. Ukubonisana NgemiBhalo kuqhathanisa izindlela izinguqulo eziningi ezihumusha ngayo amagama athile emavesini avame ukusetshenziswa. Noma ubani othanda iqiniso uyokujabulela ukwazi amaqiniso anjalo.
Emihlanganweni Yebandla. Kumelwe kukhuthazwe bonke ukuba basebenzise amaBhayibheli abo emihlanganweni yobuKristu. Lokhu kuwusizo ngezindlela eziningi. Kusiza ekugcineni izilaleli zilalele lokho okuxoxwa ngakho. Kwenza iziqondiso ezinikezwa yisikhulumi zibe nethonya. Futhi kugcizelela ezingqondweni zabathakazelayo ukuthi iBhayibheli ngempela liwumthombo wezinkolelo zethu.
Ukuthi izilaleli zihambisana ngempela yini nawe emaBhayibhelini azo njengoba ufunda imiBhalo, kuyoxhomeka kakhulu esikhuthazweni osinikezayo. Ukuzicela ngokuqondile kungenye yezindlela ezingcono kakhulu.
Kukuwe njengesikhulumi ukunquma ukuthi yimiphi imibhalo ofuna ukuyigcizelela ngokucela izilaleli ukuba ziyivule. Kuhle ukufunda imibhalo eyokusiza ukuba ucacise amaphuzu akho ayinhloko. Khona-ke, uma isikhathi sivuma, nezela neminye esekela lokho okushoyo.
Yiqiniso, akwanele ukumane ubize umbhalo noma ucele izilaleli ukuba ziwuvule. Uma ufunda umbhalo bese uya kolandelayo izilaleli zakho zingakawutholi nakuwuthola owokuqala, ngokushesha ziyodumazeka futhi ziyeke ukuzama ukuhambisana nawe emaBhayibhelini azo. Yiba ngoqaphelayo. Uma abaningi sebewutholile umbhalo, usungawufunda.
Cabanga kusengaphambili. Yisho umbhalo ngaphambi kokuba uwufunde. Lokhu kuyonciphisa ukudleka kwesikhathi okubangelwa ukulinda izilaleli zize ziwuthole umbhalo. Nakuba kuyoyinciphisa kancane indaba yakho uma ubuye unikeze izilaleli isikhathi sokuvula imibhalo, izinzuzo zalokho ziyokwenza kufaneleke ukukwenza.