ISIFUNDO 18
Ukuphendula NgeBhayibheli
LAPHO sibuzwa ngezinkolelo zethu, ngendlela yethu yokuphila, ngombono wethu ngezenzakalo ezisematheni, nangethemba lethu lekusasa, sizama ukusebenzisa iBhayibheli lapho siphendula. Ngani? Ngoba liyiZwi likaNkulunkulu. Izinkolelo zethu sizithatha eBhayibhelini. Sisekela ukuphila kwethu eBhayibhelini. Lilolonga imibono yethu ngezenzakalo zomhlaba. Ithemba lethu ngekusasa lisekelwe ngokuqinile ezithembisweni zeBhayibheli eziphefumulelwe.—2 Thim. 3:16, 17.
Siwazi kahle umthwalo wemfanelo ohambisana negama lethu. SingoFakazi BakaJehova. (Isaya 43:12) Ngakho imibuzo siyiphendula ngokusekelwe kulokho uJehova akushoyo eZwini lakhe eliphefumulelwe, hhayi ngokusekelwe kumafilosofi abantu. Yiqiniso, njengabantu, sinemibono yethu siqu ngezinto, kodwa sivumela iZwi likaNkulunkulu lilolonge imibono yethu ngoba siqiniseka ngokuphelele ukuthi liyiqiniso. Yiqiniso, iBhayibheli lisinikeza inkululeko yokuzikhethela ezindabeni eziningi. Kunokuphoqelela imibono yethu kwabanye, sifisa ukufundisa izimiso ezisemiBhalweni, ngaleyo ndlela sivumele izilaleli zethu ukuba nazo zisebenzise inkululeko yokuzikhethela efana naleyo esinayo. Njengomphostoli uPawulu, sifuna ‘ukukhuthaza ukulalela ngokholo.’—Roma 16:26.
UJesu Kristu uchazwa kusAmbulo 3:14 ‘njengofakazi othembekileyo noqinisileyo.’ Wayeyiphendula kanjani imibuzo futhi ebhekana kanjani nezimo ayezithola ekuzo? Ngezinye izikhathi wayesebenzisa imifanekiso eyayenza abantu bacabange. Ngezinye izikhathi wayebuza lowo obuzayo ukuthi uyiqonda kanjani yena imibhalo. Ngokuvamile ngokucaphuna imibhalo, ayichaze, noma agudlisele kuyo. (Math. 4:3-10; 12:1-8; Luka 10:25-28; 17:32) Ekhulwini lokuqala, imiqulu yemiBhalo yayivame ukugcinwa emasinagogeni. Abukho ubufakazi bokuthi uJesu wayeneqoqo lakhe siqu lale miqulu, kodwa wayeyazi kahle imiBhalo futhi evame ukubhekisela kuyo lapho efundisa abanye. (Luka 24:27, 44-47) Wayengasho eqinisile ukuthi lokho ayekufundisa kwakungasuki kuye. Wayekhuluma lokho ayekuzwe kuYise.—Joh. 8:26.
Isifiso sethu siwukulandela isibonelo sikaJesu. Asikaze simuzwe thina uNkulunkulu ekhuluma, njengoba uJesu amuzwa. Kodwa iBhayibheli liyiZwi likaNkulunkulu. Uma sisekela kulo izimpendulo zethu, sigwema ukuziqhakambisa thina. Sibonisa ukuthi sizimisele ngobuqotho ukuvumela uNkulunkulu asho ukuthi liyini iqiniso, kunokuveza umbono womuntu ongaphelele.—Joh. 7:18; Roma 3:4.
Yebo, isifiso sethu akukhona nje ukumane sisebenzise iBhayibheli, kodwa sifisa ukulisebenzisa ngendlela eyomzuzisa kakhulu olalele. Sifuna alalele ngomqondo ovulekile. Ucabangela isimo sengqondo yomuntu, ungase uqale ingxoxo yeBhayibheli ngokuthi: “Awuvumelani yini nokuthi okubaluleke kakhulu yilokho uNkulunkulu akushoyo?” Noma ungase uthi: “Bewazi yini ukuthi iBhayibheli liyawuphendula lowo mbuzo?” Uma ukhuluma nomuntu ongalihloniphi iBhayibheli, kungase kudingeke usebenzise isethulo esithé ukwehluka. Ungase uthi: “Ake ngikubonise lesi siprofetho sasendulo.” Noma ungase uthi: “Incwadi esakazwa kakhulu kunazo zonke emlandweni wesintu ithi . . . ”
Kwezinye izimo, ungase ukhethe ukumane uwuchaze umbhalo. Nokho, lapho kungenzeka khona, kungcono ukulivula ngokoqobo iBhayibheli, ufunde lokho elikushoyo. Mbonise umbhalo eBhayibhelini lakhe noma nini uma kungenzeka. Ukulisebenzisa ngokuqondile kanjena iBhayibheli ngokuvamile kunethonya elinamandla kubantu.—Heb. 4:12.
Abadala abangamaKristu banomthwalo wemfanelo okhethekile wokusebenzisa iBhayibheli lapho bephendula imibuzo. Enye yezimfanelo zokukhonza njengomdala ukuthi umzalwane kumelwe abe “obambelele ngokuqinile ezwini elithembekile ngokuqondene nobuciko bakhe bokufundisa.” (Thithu 1:9) Ilungu lebandla lingenza isinqumo esingathi sína ekuphileni ngemva kokuba umdala elinike iseluleko. Yeka ukuthi kubaluleke kanjani ukuba leso seluleko sisekelwe emiBhalweni! Isibonelo somdala sokwenza lokhu singathonya abanye abaningi endleleni yabo yokufundisa.