ISIFUNDO 11
Imfudumalo Nomuzwa
UMZWELO uyingxenye ebalulekile yokuphila komuntu. Lapho umuntu eveza imizwelo yakhe, usuke eveza lokho okusenhliziyweni yakhe, uhlobo lomuntu ayilo ngaphakathi, indlela azizwa ngayo ngezimo nangabantu. Ngenxa yezehlakalo ezibuhlungu ekuphileni kwabo—futhi kwezinye izimo ngenxa yethonya lamasiko—abantu abaningi bayayifihla imizwelo yabo. Kodwa uJehova usikhuthaza ukuba sihlakulele izimfanelo ezinhle zomuntu wangaphakathi bese sikuveza ngendlela efanele okungaphakathi.—Roma 12:10; 1 Thes. 2:7, 8.
Lapho sikhuluma, amagama esiwasebenzisayo angase ayichaze kahle imizwelo ethile. Kodwa uma amagama singawasho neze ngomuzwa ofanayo, labo abasilalele bangabungabaza ubuqotho bethu. Ngakolunye uhlangothi, uma amagama eshiwo ngomuzwa ofanele, esikushoyo kungaba mnandi, kuzwakale kahle kuze kuthinte izinhliziyo zabalalele.
Ukubonakalisa Imfudumalo. Ngokuvamile sizizwa sijabula lapho sicabanga ngabantu. Ngakho-ke, lapho sikhuluma ngezimfanelo zikaJehova ezisenza simthande, nalapho sikhuluma ngokwazisa kwethu ubuhle bukaJehova, izwi lethu kufanele lizwakale linemfudumalo. (Isaya 63:7-9) Uma sikhuluma nabanye abantu, indlela esikhuluma ngayo nayo kufanele idlulisele imfudumalo ekhangayo.
Onochoko uza kuJesu amncenge ukuba amphulukise. Cabanga ngesimo sezwi likaJesu lapho ethi: “Ngiyathanda. Hlanzeka.” (Marku 1:40, 41) Mbone ngeso lengqondo owesifazane oseneminyaka engu-12 enomopho eya kuJesu emqhamukela ngemuva ngokunyenya futhi ethinta umphetho wengubo yakhe yangaphandle. Lapho eqaphela ukuthi uboniwe, owesifazane uyasondela eqhaqhazela, uwela ezinyaweni zikaJesu, udalula phambi kwabantu ukuthi kungani ethinte ingubo kaJesu nokuthi uphulukiswe kanjani. Cabanga indlela uJesu akhuluma ngayo naye lapho ethi: “Ndodakazi, ukholo lwakho lukuphilisile; hamba ngokuthula.” (Luka 8:42b-48) Imfudumalo eyaboniswa uJesu kulezo zenzakalo isithinta izinhliziyo kuze kube namuhla.
NjengoJesu, lapho sibazwela abantu futhi sifuna ngempela ukubasiza, kuye kuzwakale lokho endleleni esikhuluma ngayo nabo. Ukubonisa imfudumalo kanjalo kuqotho futhi akweqisi. Imfudumalo yethu ingaba nethonya kakhulu endleleni abantu abasabela ngayo. Izinto eziningi esizisho enkonzweni yasensimini zidinga sikhulume ngemfudumalo, ikakhulukazi lapho sibonisana nabantu, sibakhuthaza, sibanxusa nalapho sizwelana nabo.
Uma unomuzwa wemfudumalo ngabanye, kubonise ebusweni bakho lokho. Lapho ubonakalisa imfudumalo, izilaleli zakho zidonseleka kuwe njengoba nje zingadonseleka emlilweni ebusuku obubandayo. Uma ingekho imfudumalo ebusweni bakho, izilaleli zingase zingaqiniseki ukuthi uyazikhathalela ngempela. Imfudumalo ayinakugqokwa nje njengesifihla-buso—kufanele ibe ngeyoqobo.
Imfudumalo kufanele futhi izwakale nasezwini lakho. Uma unezwi elikhulu nelidledlezelayo, kungase kube nzima ukuveza imfudumalo lapho ukhuluma. Kodwa ngokuhamba kwesikhathi nangomzamo oqotho, ungakwazi. Okunye okungakusiza ukukhumbula ukuthi imisindo emifushane ehlabayo yenza izwi lizwakale kabi. Funda ukudonsa imisindo ethambile emagameni. Lokhu kuyosiza ekufakeni imfudumalo enkulumweni yakho.
Nokho, okubaluleke nakakhulu ukuthi isithakazelo sakho sigxilephi. Uma imicabango yakho igxile ngobuqotho kulabo okhuluma nabo futhi unesifiso esiqotho sokudlulisela okuthile okungabazuzisa, lowo muzwa uyozwakala endleleni okhuluma ngayo.
Ukukhuluma ngendlela ephilayo kuyashukumisa, kodwa umuzwa ofudumele nawo uyadingeka. Akwanele ngaso sonke isikhathi ukuba sithonye ingqondo; kumelwe sishukumise nenhliziyo.
Ukubonakalisa Eminye Imizwa. Umuntu ohluphekile angase abonise imizwelo enjengokukhathazeka, ukwesaba nokucindezeleka. Injabulo kufanele igqame ekuphileni kwethu futhi siyibonise ngokukhululekile lapho sikhuluma nabanye. Ngakolunye uhlangothi, kudingeka siyithibe eminye imizwelo. Ayihambisani nobuntu bobuKristu. (Efe. 4:31, 32; Fil. 4:4) Zonke izinhlobo zemizwelo zingavezwa ngamagama esiwakhethayo, iphimbo lethu, umfutho esikhuluma ngawo, ubuso bethu nokushukuma komzimba.
IBhayibheli lilandisa ngemizwelo yabantu ehlukahlukene. Ngezinye izikhathi limane liyigagule leyo mizwelo. Ngezinye, lilandisa ngezenzakalo noma licaphune izinkulumo eziveza imizwelo. Uma ufunda indaba enjalo ngokuzwakalayo, futhi izwi lakho liyiveza leyo mizwelo, wena nabakulalele niyozuza kakhulu. Ukuze ukwenze lokhu kumelwe uzibeke esimweni salabo ofunda ngabo. Nokho, inkulumo ayiwona umdlalo weshashalazi, ngakho qaphela ungeqisi. Yenza indaba iphile ezingqondweni zalabo abalalele.
Ifanele Indaba. Njengentshiseko, imfudumalo oba nayo lapho ukhuluma, neminye imizwelo oyibonisayo incike ngezinga elikhulu kulokho okushoyo.
Vula uMathewu 11:28-30, uphawule akushoyo. Yibe usufunda ngokulahla kukaJesu ababhali nabaFarisi, njengoba kubhalwe kuMathewu isahluko 23. Asikwazi ukumbona ngeso lengqondo ewasho ngendlela ebhocobele nengenampilo la mazwi ahlabayo okubalahla.
Ucabanga ukuthi yiluphi uhlobo lomzwelo oludingeka ekulandiseni okufana nalokho okukuGenesise isahluko 44 mayelana nokuncengela kukaJuda umfowabo uBenjamini? Phawula umzwelo ovezwe evesini 13, nalokho okuvezwa evesini 16 ngendlela uJuda azizwa ngayo ngembangela yosizi lwabo, nendlela uJosefa ngokwakhe asabela ngayo, njengoba kuboniswe kuGenesise 45:1.
Khona-ke, kungakhathaliseki ukuthi siyafunda noma siyakhuluma, ukuze siphumelele kukho, kumelwe singacabangi ngamagama namaphuzu nje kuphela kodwa nomuzwa okufanele uhambisane nawo.