ISIFUNDO 10
Intshiseko
INTSHISEKO isiza ekwenzeni inkulumo iphile. Nakuba kubalulekile ukuba nendaba efundisayo, ukukhuluma ngendlela ephilayo nenentshiseko yikona okuyokusiza ukuba izilaleli zikunake. Kungakhathaliseki ukuthi uphuma kusiphi isizinda noma unobuntu obunjani, ungaba nentshiseko.
Khuluma Ngomuzwa. Lapho uJesu ekhuluma nowesifazane waseSamariya, wathi abakhulekela uJehova kumelwe bamkhulekele “ngomoya nangeqiniso.” (Joh. 4:24) Ukukhulekela kwabo kumelwe kushukunyiswe izinhliziyo ezinokwazisa futhi kuvumelane neqiniso elitholakala eZwini likaNkulunkulu. Uma umuntu enokwazisa okujule kangako, kuyobonakala endleleni akhuluma ngayo. Uyoba magange ukutshela abanye ngamalungiselelo kaJehova othando. Isimo sobuso bakhe, ukushukuma komzimba kanye nezwi kuyobonisa indlela azizwa ngayo ngempela.
Kungani-ke pho isikhulumi esithanda uJehova nesikukholelwayo esikushoyo singase singabi nentshiseko lapho sikhuluma? Akwanele ukumane silungiselele lokho esiyokusho. Kumelwe siyizwe egazini indaba. Ake sithi wabelwe ukukhuluma ngomhlatshelo wesihlengo sikaJesu Kristu. Lapho isikhulumi sinikeza inkulumo yaso, kumelwe amaphuzu aso angagxili nje kuphela emininingwaneni ephathelene nesihlengo, kodwa nasekwaziseni lokho isihlengo sikaJesu esikushoyo esikhulumini nasezilalelini. Kumelwe sivuselele imizwa yaso yokubonga kuJehova uNkulunkulu noKristu Jesu ngaleli lungiselelo elimangalisa kangaka. Kumelwe sicabange ngethuba elikhulu lokuphila okuhle okuvulekele isintu—ukuphila okuphakade nempilo ephelele epharadesi elibuyiselwe emhlabeni! Ngakho-ke kumelwe nenhliziyo yaso ithinteke.
IBhayibheli likhuluma ngombhali u-Ezra, umfundisi wakwa-Israyeli, lithi “[“wayelungise inhliziyo,” NW] ukufuna umthetho kaJehova, nokwenza nokufundisa izimiso nezahlulelo kwa-Israyeli.” (Ezra 7:10) Uma senza okufanayo—singalungiseleli nje kuphela indaba kodwa silungise nezinhliziyo zethu—siyokhuluma ngokusuka enhliziyweni. Ukukhuluma iqiniso ngokusuka enhliziyweni kanjalo kungenza lukhulu ekusizeni labo esikhuluma nabo ukuba bakhe uthando lwangempela ngeqiniso.
Cabanga Ngezilaleli Zakho. Esinye isici esibalulekile ekuboniseni intshiseko siwukuqiniseka ukuthi izilaleli zakho ziyakudinga ozokusho. Lokhu kusho ukuthi lapho ulungiselela inkulumo yakho, akumelwe nje uqoqe ukwaziswa okufanelekayo kuphela, kodwa kumelwe uthandazele nesiqondiso sikaJehova ukuze ukusebenzisele ukuzuzisa labo oyobe ukhuluma nabo. (IHu. 32:8; Math. 7:7, 8) Hlaziya ukuthi kungani izilaleli zakho zidinga ukuzwa le ndaba, ukuthi iyozizuzisa kanjani, nokuthi ungayinikeza kanjani ngendlela eyozenza zikuqonde ukubaluleka kwayo.
Lungiselela indaba yakho kuze kube yilapho sekunokuthile okukujabulisayo kuyo. Akudingeki ukuba kube ukwaziswa okusha, kodwa indlela oyibeka ngayo indaba ingase ithakazelise. Uma ulungiselela okuthile okuyosiza izilaleli zakho ukuba zibuqinise ngempela ubuhlobo bazo noJehova, zazise amalungiselelo akhe, zibhekane ngokuphumelelayo nezingcindezi zokuphila kulesi simiso esidala noma ukuba ziphumelele enkonzweni yazo, khona-ke kumelwe ube nentshiseko ngenkulumo yakho.
Kuthiwani uma isabelo sakho siwukufundela iningi? Ukuze ufunde ngentshiseko, kudingeka okungaphezu kokumane ubize amagama ngendlela efanele nokuwabiza ngamaqoqo akahle. Tadisha indaba. Uma uzofunda ingxenye yeBhayibheli, cwaninga ngayo. Qiniseka ukuthi uyakuqonda okushiwoyo. Cabangela ukuthi kukuzuzisa kanjani wena nezilaleli zakho, bese ufunda unesifiso sokudlulisela lokho kwabakulalele.
Ingabe ulungiselela inkonzo yasensimini? Bukeza indaba ozoxoxa ngayo nemibhalo ohlela ukuyisebenzisa. Cabangela nalokho okusezingqondweni zabantu. Yiziphi ezisematheni? Yiziphi izinkinga ababhekana nazo? Lapho ukuhlomele ukubonisa abantu ukuthi iZwi likaNkulunkulu liqukethe izisombululo zazo zonke izinkinga ezibakhathazayo, uzizwa umagange ukubatshela futhi intshiseko ivele izakhekele.
Bonisa Intshiseko Ngokukhuluma Ngendlela Ephilayo. Intshiseko ibonakala kahle kakhulu lapho ukhuluma ngendlela ephilayo. Lokhu kumelwe kubonakale esimweni sobuso bakho. Kumelwe uzwakale uqiniseka, hhayi uqhosha.
Kuyadingeka ukulinganisela. Abanye bangase bathambekele ekujatshulisweni yiyo yonke into. Kungase kudingeke ukuba basizwe babone ukuthi lapho umuntu eshiseka kakhulu noma eshukunyiswa imizwelo ngokweqile, izilaleli ziyocabanga ngaye kunangalokho akushoyo. Ngakolunye uhlangothi, labo abanamahloni badinga isikhuthazo sokuba bakhulume bazwakale.
Intshiseko iyathelelwana. Uma unekhono elihle lokubheka izilaleli futhi unentshiseko ngenkulumo yakho, izilaleli zakho ziyoyizwa leyo ntshiseko. U-Apholo wayekhuluma ngendlela enempilo futhi wachazwa njengesikhulumi esiqephuzayo. Uma uvutha emoyeni kaNkulunkulu, ukukhuluma kwakho ngendlela ephilayo kuyobashukumisela esenzweni abakulalele.—IzE. 18:24, 25; Roma 12:11.
Intshiseko Ifanelana Nendaba. Qaphela ukuba ungashiseki ngokweqile kuyo yonke inkulumo yakho izilaleli zize zikhathale. Noma yisiphi isikhuthazo osinikezayo sokwenza lokho okushoyo ngeke sizwakale. Lokhu kugcizelela isidingo sokulungiselela indaba eyokwenza ukwazi ukushintshashintsha indlela okhuluma ngayo. Zama ukungaweli endleleni yokukhuluma ebonisa ukungabi nandaba. Uma ukhetha amaphuzu ngokucophelela, uyoba nesithakazelo esikhulu kuwo. Kodwa lapho ukhuluma, amanye amaphuzu afuna ukuba ubonise intshiseko kakhudlwana kunamanye, futhi amaphuzu anjalo kumelwe uwahlanganise ngokuhlakanipha nayo yonke inkulumo yakho.
Amaphuzu ayinhloko kumelwe anikezwe ngentshiseko ngokukhethekile. Inkulumo yakho kumelwe ibe nomvuthwandaba ofuna ukufika kuwo. Njengoba lawa kungamaphuzu ayinhloko enkulumo yakho, ngokuvamile ayoba amaphuzu enzelwe ukukhuthaza izilaleli. Lapho usuzikholisile izilaleli, kumelwe uzishukumise, uzibonise izinzuzo zokusebenzisa lokho obekuxoxwa ngakho. Intshiseko yakho iyokusiza ukuba ufinyelele izinhliziyo zezilaleli. Akufanele uziphoqe ukuba ukhulume ngendlela enempilo. Kumelwe kube nesizathu sokukwenza, futhi indaba yakho iyokunika leso sizathu.