ISIFUNDO 3
Ukuphimisela Kahle Amagama
AKUWONA wonke amaKristu aye achitha iminyaka eminingi efunda imfundo yezwe. Ngisho nomphostoli uPetru noJohane bachazwa ‘njengemifunda nje nabavamile.’ (IzE. 4:13) Noma kunjalo, kubalulekile ukugwema ukululaza isigijimi sakho seqiniso leBhayibheli ngokubiza kabi amagama.
Izici Zokucatshangelwa. Ulimi ngalunye lunemithetho yalo ehlukahlukene yokubiza amagama. Izilimi eziningi zibhalwa ngezinhlamvu zama-alfabhethi. Ngaphandle kwama-alfabhethi esiLatini, kunamanye esi-Arabhu, isiCyrillic, isiGreki nesiHeberu. Esikhundleni sezinhlamvu zama-alfabhethi, isiShayina esibhalwayo sisebenzisa izinhlamvu ezingase zakhiwe izakhi eziningi. Lezi zinhlamvu ngokuvamile zimelela igama noma ingxenye yegama. Nakuba isiJapane nesiKorea siboleka amagama athile esiShayineni, lezi zinhlamvu zingase zisetshenziselwe ukumelela imisindo ehluke kakhulu futhi zingase zingasho into efanayo.
Ezilimini ezisebenzisa izinhlamvu zama-alfabhethi, ukubiza amagama kahle kudinga ukuba ukhiphe umsindo ofanele wohlamvu ngalunye noma wezinhlamvu ezihlangene. Uma ulimi olunjalo lulandela imithetho engashintshi, njengoba kunjalo ngesiGreki, iSpanishi nesiZulu, akunzima neze ukuwabiza kahle amagama. Nokho, ithonya lezinye izilimi lingase lenze ukuba amagama aphinyiselwe ngendlela eveza umsuka walawo magama. Ngenxa yalokho, uhlamvu oluthile noma iqoqo lezinhlamvu lingase libizwe ngezindlela eziningi, noma ngezinye izikhathi, lingabizwa nhlobo. Kungase kudingeke ukhumbule izibonelo ezithé ukuhluka bese uzisebenzisa njalo enkulumweni yakho. EsiShayineni, ukubiza amagama ngendlela efanele kudinga ukuba ukhumbule izinkulungwane zezinhlamvu. Kwezinye izilimi, incazelo yegama iyashintsha lapho izwi liguqulwa. Ukungasinaki lesi sici solimi kungase kuholele ekudluliseni imiqondo eyiphutha.
Uma amagama olimi akhiwe amaqoqo ezinhlamvu, kubalulekile ukugcizelela ingxenye efanele yegama. Izilimi eziningi ezakheke kanjena zinendlela evamile yokugcizelela lapho ukhuluma. Lapho kunokwehlukile kuleyo ndlela, uphawana phezu kohlamvu lungase lube ingxenye yegama elibhaliwe. Lokhu kuyasiza ekwenzeni kube lula ukubiza lelo gama. Nokho, uma indlela yokulibiza ishintshashintsha, inkinga iba nzima nakakhulu. Ukubhekana nayo ngokuphumelelayo kudinga ukuba ubambe ngekhanda izinto eziningi.
Kwezinye izilimi, izimpawana eziba phezu kwezinhlamvu zonkamisa ziyizici ezinkulu zokucatshangelwa. Zihlanganisa izimpawana eziba ngaphezulu noma ngaphansi kwezinhlamvu ezithile zama-alfabhethi, njengalezi: è, é, ô, ñ, ō, ŭ, č, ö, ç. Lezi zimpawana zingase zibhalwe, noma kungase kudingeke ukuba umfundi azifakele yena ngomongo wendaba igama elisetshenziswa kuwo. Uma kunjalo, ukulungiselela kahle kusengaphambili nakanjani kuyodingeka uma wabelwe ukufunda eningini.
Ngokuqondene nokuphimisela amagama, kunezihibe okumelwe zigwenywe. Ukugcizelela ngokweqile kungase kunikeze umuzwa wokungabi ngokwemvelo ngisho nowokuqhosha ngolwazi. Kungase kushiwo okufanayo nangokuphimisela amagama ngendlela engasasetshensizwa enkulumweni evamile. Lokhu kungamane kudonsele ukunaka esikhulumini. Ngakolunye uhlangothi, kuhle ukugwema ukukhuluma nokubiza amagama ngokunganaki. Ezinye zalezi zici seziye zadingidwa ngaphansi kwesithi “Amagama Aphinyiselwa Ngokucacile.”
Ukuphimisela amagama ngendlela eyamukelekayo kungase kuhluke emazweni ahlukene, ngisho nasezingxenyeni ezihlukene zezwe elilodwa. Umuntu wakwelinye izwe angase akhulume ulimi lwendawo ngendlela ehlukile. Izichazamazwi zingase zinikeze izindlela ezingaphezu kweyodwa zokuphimisela igama. Ikakhulukazi uma umuntu engayitholanga imfundo yezwe eyanele noma uma ulimi alukhulumayo kungelona aluncela ebeleni, uyozuza kakhulu ngokulalelisisa labo abalukhuluma kahle ulimi lwendawo abese elingisa indlela ababiza ngayo amagama. NjengoFakazi BakaJehova, sifuna ukukhuluma ngendlela ehloniphisa isigijimi esisishumayelayo naleyo eyoqondwa kalula abantu bendawo.
Enkulumweni yansuku zonke, ngokuvamile kuba ngcono kakhulu ukusebenzisa amagama owajwayele. Ukubiza amagama ngeke kube inkinga ekukhulumeni kwansuku zonke. Nokho, uma ufunda ngokuzwakalayo, ungase uhlangabezane namagama ongahlangani nawo enkulumweni yansuku zonke. Futhi ziningi izinto oFakazi BakaJehova abazifunda ngokuzwakalayo. Sifundela abantu iBhayibheli lapho sibashumayeza. Abanye abazalwane babelwa ukuba bafunde izigaba eSifundweni Se-Nqabayokulinda noma eSifundweni Sencwadi Sebandla. Kubalulekile ukuba sifunde ngokunembile futhi singasilulazi isigijimi ngokuphimisela kabi amagama.
Ingabe uye ukuthole kunzima ukubiza amabizoqho (amagama abantu nawezindawo) athile aseBhayibhelini? EsiNgisini, uphawana lokugcizelela lulandela uhlamvu lwegama okufanele lugcizelelwe. Uma uhlamvu olunophawana phezulu lugcina ngonkamisa, khona-ke unkamisa uyadonswa. Uma iqoqo lezihlamvu zegama ligcina ngongwaqa, khona-ke unkamisa kulelo qoqo uba mfushane lapho umphimisa. Uma onkamisa ababili u-a no-i belumbaniswa njengaku-Morʹde·cai no-Siʹnai, u-ai uphinyiswa nje njengo-i odonsiwe. Ngaphandle kwegama elithi Rachel, iqoqo lezinhlamvu u-ch linomsindo oqinile ka-kh, njengaku-Mel·chizʹe·dek.
Izindlela Zokuthuthuka. Abaningi abanenkinga yokubiza amagama abazi ukuthi banayo. Uma umbonisi wesikole ekuqaphelisa izinto okufanele uziqaphele lapho uphimisela amagama, wazise umusa wakhe. Lapho usuyazi inkinga, ungayilungisa kanjani?
Okukuqala nje, uma unenkulumo yokufunda ngokuzwakalayo, zinike isikhathi sokubheka isichazamazwi. Bheka amagama ongawazi. Uma ungenakho okuhlangenwe nakho ekusebenziseni isichazamazwi, vula emakhasini okuqala ukuze uthole incazelo yezimpawu ezisetshenzisiwe noma, uma kudingeka, cela othile ukuba akuchazele zona. Isichazamazwi siyokubonisa ukuthi kukuphi lapho kumelwe ugcizelele khona igama elakhiwe amaqoqo ezinhlamvu nokuthi kukuphi lapho kumelwe ugcizelele khona igama elide. Kwezinye izimo, igama lingase liphinyiselwe ngezindlela eziningi, kuye ngokuthi lisetshenziswe kusiphi isimo. Kungakhathaliseki ukuthi iliphi igama oye walibheka, libize ngokuzwakalayo izikhathi eziningana ngaphambi kokuba uvale isichazamazwi.
Indlela yesibili yokuthuthukisa ukuphimisela amagama iwukufundela othile—umuntu owaphimisela kahle amagama— futhi umcele ukuba akulungise lapho wenza amaphutha.
Indlela yesithathu yokuthuthukisa ukubiza amagama ukulalelisisa izilaleli ezinekhono. Uma ekhona amakhasethi e-New World Translation noma omagazini INqabayokulinda ne-Phaphama!, wasebenzise. Njengoba ulalela, phawula amagama abizwa ngokuhlukile endleleni obungawabiza ngayo. Wabhale phansi bese uwaprakthiza. Ngokuhamba kwesikhathi, uma ukhuluma ngeke wenze amaphutha okuphimisa kabi amagama futhi lokhu kuyoyithuthukisa kakhulu indlela okhuluma ngayo.